ImiBhalo eNgcwele
Mosiya 15


Isahluko 15

UKristu uyikho kanjani kokubili uBaba kanye neNdodana—uyobancengela futhi athwale iziphambeko zabantu Bakhe—Bona kanye nabo bonke abaphrofethi abangcwele bayinzalo Yakhe—Ufeza uVuko—Abantwana abancane banokuphila okuphakade. Cishe ngonyaka we 148 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje u-Abinadi wathi kubo: Ngifuna ukuthi niqonde ukuthi auNkulunkulu uqobo lwakhe uyokuza phansi phakathi kwabantwana babantu, futhi buyokhulula abantu bakhe.

2 Futhi ngenxa yokuthi aesenyameni uyobizwa ngokuthi uyiNdodana kaNkulunkulu, futhi esenze inyama yaba ngaphansi kwentando bkaBaba, enguBaba futhi eyiNdodana—

3 EnguBaba, angenxa yokuthi bwazalwa ngamandla kaNkulunkulu; futhi eyiNdodana ngenxa yenyama; ngaleyondlela eba nguBaba kanye neNdodana—

4 Futhi abanguNkulunkulu munye, yebo, yena kanye buBaba cwaPhakade wasezulwini kanye nasemhlabeni.

5 Ngakho-ke inyama iba ngaphansi koMoya, noma iNdodana iba ngaphansi kukaBaba, benguNkulunkulu munye, aowahlushwa wukulingwa, futhi wangayengeka ekulingweni, kodwa wavumela ukuthi ahlekwe usulu, babhaxabulwe, axoshwe, futhi cenqatshwe ngabantu bakhe.

6 Futhi emva kwakho konke lokhu, emva kokwenza eziningi nezinkulu izimangaliso phakathi kwabantwana babantu, uyoholwa, yebo, ngisho anjengoba u-Isaya athi, njengemvu phambi kwabagundi iyisimunguli, njengoba kushiwo bakawuvulanga umlomo wakhe.

7 Yebo, ngisho njengoba kushiwo naye uyoholwa, aabethelwe, futhi abulawe, inyama ibe ngaphansi ngisho kokufa, bintando yeNdodana igwinywe yintando kaBaba.

8 Futhi ngaleyo ndlela uNkulunkulu uzingqabulile aizibopho zokufa, esethole bukunqoba phezu kokufa; enikeza iNdodana amandla ukuthi cincengele abantwana babantu—

9 Esenyukele ezulwini, enesihawu ezibilini; egcwele ububele kubantwana babantu; emi phakathi kwabo kanye nokulunga; esezigqabulile izibopho zokufa, aesethwale ububi babo kanye neziphambeko zabo, esebakhululile, futhi bwenelisa izimfuno zokulunga.

10 Manje ngithi kini, ngubani oyomemezela isizukulwane sakhe na? Bheka, ngithi kini, uma umphefumulo wakhe sewenziwe umnikelo wesono uyoyibona ainzalo yakhe. Manje nithini na? Futhi ngubani oyokuba yinzalo yakhe na?

11 Bheka ngithi kini, lowo owazwile amazwi aabaphrofethi, yebo, bonke abaphrofethi abangcwele abaphrofethayo mayelana nokuza kweNkosi—Ngithi kini, bonke labo abawalalela amazwi abo, futhi bakholwa ukuthi iNkosi iyobakhulula abantu bayo, futhi balindela lolo suku lokuthethelelwa kwezono zabo, ngithi kini, yilaba abayinzalo yakhe, noma abayizindlalifa bzombuso kaNkulunkulu.

12 Ngokuba yibo laba izono zabo aazithwala; yibo laba abafelayo, ukubakhulula eziphambekweni zabo. Manje, ngabe abasiyo yini inzalo yakhe na?

13 Yebo, futhi ngabe akubona yini abaphrofethi, wonke umuntu ovule umlomo wakhe ukuphrofetha, ongawelanga esiphambekweni, ngisho bonke abaphrofethi abangcwele kusukela ekuqaleni komhlaba na? Ngithi kini bayinzalo yakhe.

14 Futhi yibo laba aabamemezele ukuthula, abalethe izindaba ezinhle, abamemezele insindiso; futhi bathi kuyo iSiyoni: UNkulunkulu wakho uyabusa!

15 Futhi O zazizinhle kangakanani phezu kwezintaba izinyawo zabo!

16 Futhi phezu kwalokho, zinhle kangakanani phezu kwezintaba izinyawo zalabo namanje abasamemezela ukuthula!

17 Futhi phezu kwalokho, zinhle kangakanani phezu kwezintaba izinyawo zalabo okuyothi emva kwalokhu bamemezele ukuthula, yebo, kusukela ngalesi sikhathi kuqhubeka futhi ingunaphakade!

18 Futhi bhekani, ngithi kini, akukuphela kwakho lokhu. Ngokuba O zinhle kangakanani phezu kwezintaba aizinyawo zalowo oletha izindaba ezinhle, lowo ongumsunguli bwokuthula, yebo, ngisho iNkosi, ekhulule abantu bayo; yebo, elethe insindiso kubantu bayo;

19 Ngokuba ukuba kwakungave kungenxa yokukhululwa eyakwenzela abantu bayo, okwalungiswa kusukela aekusekelweni komhlaba, ngithi kini, uma kwakungave kungenxa yalokhu, bonke abantu kwakufanele bbabhubhe.

20 Kodwa bhekani, izibopho zokufa ziyogqashulwa, iNdodana iyabusa, futhi inamandla phezu kwabafileyo; ngakho-ke, ifeza ukuvuka kwabafileyo.

21 Futhi kuza uvuko, ngisho auvuko lokuqala; yebo, ngisho uvuko lwalabo ababekhona, kanye nalabo abakhona, kanye nalabo abayoba khona, ngisho kuze kube wuvuko lukaKristu—ngokuba uyobizwa kanjalo.

22 Manje, uvuko lwabo bonke abaphrofethi, kanye nabo bonke labo abakholelwa emazwini abo, noma bonke labo abagcine imiyalelo kaNkulunkulu, bayophuma ngovuko lokuqala; ngakho-ke, banguvuko lokuqala.

23 Bavuselwa ukuthi abahlale noNkulunkulu obakhululile; ngalendlela banokuphila okuphakade ngoKristu, bogqabule izibopho zokufa.

24 Futhi yibo laba abanesabelo ovukweni lokuqala; futhi yibo laba abafa ngaphambi kokufika kukaKristu, besekungazini, bengatholanga ukuthi ainsindiso imenyezelwe kubo. Futhi ngalendlela iNkosi ifeza ukubuyiselwa kwalaba; futhi banesabelo ovukweni lokuqala, noma banokuphila okuphakade, besindiswe yiNkosi.

25 Futhi anabantwana abancane nabo banokuphila okuphakade.

26 Kodwa bheka, ayesaba, futhi uthuthumele phambi kukaNkulunkulu, ngokuba umele ukuthuthumela; ngokuba iNkosi ayisindisi namunye onjenga labo babamhlubukayo futhi cnabafa besezonweni zabo; yebo, ngisho bonke labo ababhubha besezonweni zabo kusukela selokhu kwadabuka umhlaba, abahlubuka ngamabomu kuNkulunkulu, ababeyazi imiyalelo kaNkulunkulu, kepha bangayigcina; dyibo laba eabangenasabelo ovukweni lokuqala.

27 Ngakho-ke akumele yini nithuthumele na? Ngokuba insindiso ayizi nakoyedwa onjalo; ngokuba iNkosi ayisindisanga namunye onjalo; yebo, futhi ngeke iNkosi imsindise onjalo; ngokuba ayinakuziphikisa; ngokuba ayinakukwenqabela aukulunga uma sekuthatha indawo yakho.

28 Manje ngithi kini isikhathi siyofika lapho insindiso yeNkosi aiyomenyezelwa kuzo zonke izizwe, imindeni, izilimi, kanye nakubantu.

29 Yebo, Nkosi, aabalindi bakho bayophakamisa amazwi abo; ngezwi kanye kanye bayohlabelela; ngokuba bayobona iso neso, ngesikhathi iNkosi isibuyisa iSiyoni futhi.

30 Qhumukani ngenjabulo, hlabelelani kanyekanye, nina mazwe achithiweyo aseJerusalema; ngokuba iNkosi ibaduduzile abantu bayo, iyisindisile iJerusalema.

31 INkosi iyembulile ingalo yayo engcwele emehlweni azo zonke izizwe; futhi yonke imikhawulo yomhlaba iyoyibona insindiso kaNkulunkulu wethu.