ImiBhalo eNgcwele
Mosiya 10


Isahluko 10

Inkosi uLamani iyafa—Abantu bakhe bayizidlova futhi baba nolaka futhi bakholelwa emasikweni angalungile—UZenifi kanye nabantu bakhe bayabehlula. Cishe ngonyaka we 187 kuya kowe 160 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi kwenzeka ukuthi saphinda saqala ukwakha umbuso futhi saphinda sahlala ezweni ngokuthula. Futhi ngenza ukuthi kube khona izikhali zempi zalo lonke uhlobo ezenziwayo, ukuze ngalokho ngibe nezikhali zabantu bami ngesikhathi amaLamani eza futhi ukuzolwa nabantu bami.

2 Futhi ngabeka abaqaphi bazungeza izwe, ukuze amaLamani angaphindi atheleke phezu kwethu singazelele bese esibhubhisa; futhi ngaleyondlela nempela ngabavikela abantu bami kanye nemihlambi yami, futhi ngabagcina ekuweleni ezandleni zezitha zethu.

3 Futhi kwenzeka ukuthi nempela salithatha izwe lobaba bethu iminyaka eminingi, yebo, isikhathi esiyiminyaka engamashumi amabili neminyaka emibili.

4 Futhi ngenza ukuthi amadoda alime umhlabathi, futhi akhulise zonke izinhlobo azokusanhlamvu kanye nazo zonke izithelo ezinhlobonhlobo.

5 Futhi ngenza ukuthi abesifazane baphothe, futhi bazikhandle, basebenze, benze zonke izinhlobo zelineni elicolekile, yebo, kanye anendwangu enhlobonhlobo, ukuze sembathise ubunqunu bethu; futhi ngaleyomdlela nempela saphumelela kulelizwe—ngaleyondlela nempela saba nokuthula njalo kulelizwe isikhathi esiyiminyaka engamashumi amabili neminyaka emibili.

6 Futhi kwenzeka ukuthi inkosi auLamani yafa, futhi indodana yayo yaqala ukubusa esikhundleni sayo. Futhi yaqala ukuphehla abantu bayo ukuba bavukele abantu bami; ngakho-ke baqala ukulungiselela impi, kanye nokuzohlasela abantu bami.

7 Kodwa ngase ngizithumelile izinhloli zami zazungeza izwe alakwaShemiloni, ukuze ngithole ngokuzilungiselela kwabo, ukuze ngibaqaphele, ukuze bangatheleki phezu kwabantu bami bababhubhise.

8 Futhi kwenzeka ukuthi bakhuphukela enyakatho yezwe lakwaShilomu, kanye namabutho abo amaningi, amadoda aehlome bngeminsalo, nangemicibisholo, nangezinkemba, nangocelemba, nangamatshe, kanye nangezihlilingi; futhi babephucile emakhanda abo; futhi babebhince amabhande ezikhumba ezungeze ezinkalweni zabo.

9 Futhi kwenzeka ukuthi ngenza ukuthi abesifazane kanye nabantwana babantu bami bacashiswe ehlane; futhi phezu kwalokho ngenza ukuthi wonke amadoda amadala ami ayengakwazi ukuphatha izikhali, futhi ngokunjalo nazo zonke izinsizwa zami ezazikwazi ukuphatha izikhali, zibuthane ndawonye ukuze zihambe ziyolwa namaLamani; futhi nempela ngababeka ngokwezigaba zabo, wonke umuntu ngokweminyaka yakhe.

10 Futhi kwenzeka ukuthi nempela sahamba sakhuphuka ukuthi siyolwa namaLamani; futhi, ngisho nami, eminyakeni yami yobudala, ngahamba ngakhuphuka ngayolwa namaLamani. Futhi kwenzeka ukuthi nempela sahamba sakhuphuka angamandla eNkosi sayolwa.

11 Manje, amaLamani ayengazi lutho mayelana neNkosi, noma amandla eNkosi, ngakho-ke ayencike emandleni awo uqobo. Nokho ayengabantu abanamandla, ngokwamandla abantu.

12 aAyeyizidlova, futhi enolaka, futhi engabantu abomele igazi, ekholelwa bemasikweni okhokho bawo, ayengukuthi—Ekholelwa ukuthi wona ayebalekisiwe akhishwa ezweni laseJerusalema ngenxa yobubi boyise, futhi nokuthi wona aphathwa kabi ehlane ngabafowabo, futhi phezu kwalokho aphathwa kabi ngesikhathi edabula olwandle;

13 Futhi phezu kwalokho, nokuthi wona aphathwa kabi ngesikhathi esezweni alokuqala elaliyifa lawo, emva kokuthi sebedabule ulwandle, futhi konke lokhu ngenxa yokuthi uNefi wayenokuthembeka okukhulu ekugcineni imiyalelo yeNkosi—ngakho-ke bwayethandwa yiNkosi, ngokuba iNkosi yayizwa imithandazo yakhe futhi yayiphendula, futhi wahamba phambili ohambweni lwabo ehlane.

14 Futhi abafowabo bamthukuthelela ngenxa yokuthi ababengaqondi ngezenzo zeNkosi; phezu kwalokho bbamthukuthelela emanzini ngenxa yokuthi bazenza lukhuni izinhliziyo zabo ngokumelene neNkosi.

15 Futhi phezu kwalokho, bamthukuthelela ngesikhathi sebefike ezweni lesethembiso, ngenxa yokuthi bathi yena uthathe aukuphathwa kwabantu ezandleni zabo; futhi babefuna ukumbulala.

16 Futhi phezu kwalokho, bamthukuthelela ngenxa yokuthi wemuka waya ehlane njengoba iNkosi yayimyalile, futhi wathatha aimibhalo eyayiqoshwe ezingcwepheni zethusi, ngokuba bathi bwabaphanga.

17 Futhi ngalokho afundisa abantwana bawo ukuthi babazonde, futhi nokuthi bababulale, nokuthi babaqhwage futhi babaphange, futhi benze konke ababengakwenza ukuthi bababhubhise; ngakho-ke banenzondo yaphakade kubantwana baNefi.

18 Ngokuba ngaso lesi sizathu inkosi uLamani, ngamacebo akhe, kanye nobuqili bamanga akhe, kanye nezethembiso zakhe ezinhle, wangikhohlisa, ukuthi ngize ngilethe laba bantu bami kulelizwe, ukuze bababhubhise; yebo, futhi sihluphekile leminyaka eminingi sikulelizwe.

19 Manje mina, Zenifi, emva kokuthi sengizishilo zonke lezi zinto kubantu bami mayelana namaLamani, nempela ngabavuselela ukuthi bahambe bayokulwa ngamandla abo, babeke ithemba labo eNkosini; ngakho-ke, nempela salwa nawo, ubuso nobuso.

20 Futhi kwenzeka ukuthi nempela sawabalekisa futhi aphuma ezweni lethu; futhi sawabulala ngokubulala okukhulu, ngisho amaningi ngendlela yokuthi asiwabalanga.

21 Futhi kwenzeka ukuthi sabuyela futhi ezweni lethu, futhi abantu bami baqala futhi ukwelusa imihlambi yabo, kanye nokulima umhlabathi wabo.

22 Manje mina, sengimdala, nempela ngawunikeza umbuso komunye wamadodana ami; ngakho-ke, angisasho lutho. Futhi sengathi iNkosi ingababusisa abantu bami. Amen.