ImiBhalo eNgcwele
Mosiya 12


Isahluko 12

U-Abinadi uboshelwa ukuphrofetha ngokubhujiswa kwabantu kanye nokufa kweNkosi uNowa—Abaphristi bamanga bacaphuna imibhalo engcwele futhi benza sengathi bagcina imiyalelo kaMose—U-Abinadi uqala ukubafundisa imithetho eyishumi. Cishe ngonyaka we 148 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi kwenzeka ukuthi emva kwesikhathi esiyiminyaka emibili u-Abinadi wafika phakathi kwabo ezifihlile, kangangoba abazange bamazi, futhi waqala ukuphrofetha phakathi kwabo, ethi: INkosi ingiyale kanje, ithi—Abinadi, hamba uphrofethe kulaba bantu bami, ngokuba bazenze lukhuni izinhliziyo zabo ngokumelene namazwi ami; abaphendukanga ezenzweni zabo ezimbi; ngakho-ke, angizobahambela ngentukuthelo yami, yebo, entukuthelweni yolaka lwami ngizobahambela ebubini kanye nasezinengisweni zabo.

2 Yebo, maye kulesi sizukulwane! Futhi iNkosi yathi kimi: Yelula isandla sakho uphrofethe, uthi: Isho kanje iNkosi, kuyokwenzeka ukuthi lesi sizukulwane, ngenxa yobubi baso obukhulu, siyolethwa aekuthunjweni, futhi siyoshaywa besihlathini; yebo, futhi siyobalekiswa ngabantu, futhi siyobulawa; futhi amanqe ezulu, nezinja, yebo, kanye nezilwane zasendle, ziyoyishwabadela inyama yabo.

3 Futhi kuyokwenzeka ukuthi aimpilo yenkosi uNowa iyoba yize ngisho njengengubo besithandweni somlilo esishisayo; ngokuba uyokwazi ukuthi mina ngiyiNkosi.

4 Futhi kuyokwenzeka ukuthi ngizobashaya laba bantu bami ngezinkathazo ezibuhlungu, yebo, ngendlala kanye anomashayabhuqe wesifo; futhi ngizokwenza ukuthi bbahhewule imini yonke.

5 Yebo, futhi ngiyokwenza ukuthi babe anemithwalo eboshelwe emihlane yabo; futhi bayoqhutshelwa phambili njengembongolo eyisimungulu.

6 Futhi kuyokwenzeka ukuthi ngizothumela isichotho phakathi kwabo, futhi siyobashaya; futhi phezu kwalokho bayoshaywa angomoya wasempumalanga; bizinambuzane ziyokhathaza izwe labo futhi, futhi zishwabadele okusanhlamvu kwabo.

7 Futhi bayoshaywa ngomashayabhuqe wesifo esikhulu—futhi konke lokhu ngizokwenza ngenxa ayobubi kanye nezinengiso zabo.

8 Futhi kuyokwenzeka ukuthi ngaphandle kokuthi baphenduke angizobabhubhisa nya ebusweni bomhlaba; nokho bayoshiya bumbhalo ngemuva kwabo, futhi ngizowugcinela ezinye izizwe eziyothola lelizwe; yebo, ngisho nalokhu ngizokwenza ukuze ngiveze izinengiso zalaba bantu kwezinye izizwe. Futhi ziningi izinto u-Abinadi aziphrofetha ngokumelene nalaba bantu.

9 Futhi kwenzeka ukuthi bamthukuthelela; futhi bamthatha bamthwala bembophile bamyisa phambi kwenkosi, bathi enkosini: Bheka, silethe indoda phambi kwakho ephrofethe ububi mayelana nabantu bakho, yathi uNkulunkulu uzobabhubhisa.

10 Futhi phezu kwalokho iphrofethe ububi mayelana nempilo yakho, yathi impilo yakho iyoba njengengubo esithandweni somlilo.

11 Futhi phezu kwalokho, ithe wena uyoba njengohlanga, ngisho nanjengohlanga olomileyo lwensimu, okugijima izilwane phezu kwalo futhi lunyathelwe phansi kwezinyawo.

12 Futhi phezu kwalokho, ithi wena uyoba njengembali yekhakhasi, okuthi uma seyivuthwe ngokupheleleyo, uma umoya uvunguza, ipheshulelwe phezu kobuso bezwe. Futhi wenza sengathi yiNkosi ekukhulumile lokho. Futhi uthi konke lokhu kuyoza kuwe ngaphandle kokuthi uphenduke, futhi lokhu kungenxa yobubi bakho.

13 Manje, O nkosi, bubi buni obukhulu obenzile, noma zono zini ezinkulu ezenziwe ngabantu bakho, ukuthi thina sijeziswe nguNkulunkulu noma sehlulelwe yilendoda na?

14 Manje, O nkosi, bheka, thina asinacala, futhi nawe, O nkosi, awuzange wone; ngakho-ke, lendoda iqambe amanga mayelana nawe, futhi iphrofethe ngeze.

15 Futhi bheka, thina siqinile, ngeke sithunjwe, noma sithathwe sigqilazwe yizitha zethu; yebo, futhi wena uphumelele kulelizwe, futhi phezu kwalokho usazophumelela.

16 Bheka, nansi lendoda, siyiletha kwezakho izandla; ungenza noma yini kuyo lokho okubonakala kukuhle kuwe.

17 Futhi kwenzeka ukuthi inkosi uNowa wenza ukuthi u-Abinadi aphonswe etilongweni; futhi wayala ukuthi aabaphristi babuthane ndawonye ukuze abambe umhlangano nabo ukuthi enzeni ngaye.

18 Futhi kwenzeka ukuthi bathi enkosini: Mlethe lapha ukuze simbuze; futhi inkosi yayala ukuthi makalethwe phambi kwabo.

19 Futhi baqala ukumbuza, ukuze bamphice, ukuze ngalokho babe nalokho abangambeka icala ngakho; kodwa wabaphendula ngesibindi, futhi wayimela yonke imibuzo yabo, yebo, baze bamangala nabo; ngokuba nempela awamelana nabo kuyo yonke imibuzo yabo, futhi nempela wabanqoba ngenkulumo kuwo wonke amazwi abo.

20 Futhi kwenzeka ukuthi omunye wabo wathi kuye: Asho ukuthini amazwi abhaliwe, afundiswa ngobaba bethu, bethi:

21 aZinhle kangakanani phezu kwezintaba izinyawo zalowo oletha izindaba ezinhle; omemezela ukuthula; oletha izindaba ezinhle zobuhle; omemezela insindiso; othi kwiSiyoni, UNkulunkulu wakho uyabusa;

22 Abalindi bakho bayophakamisa izwi; ngezwi elilodwa bayohlabelela; ngokuba bayobona iso neso lapho iNkosi iphinda iletha iSiyoni;

23 Qhumuka ngokujabula; hlabelelani kanyekanye nina zindawo ezichithiweyo zaseJerusalema; ngokuba iNkosi ibaduduzile abantu bayo, iyihlengile iJerusalema;

24 INkosi yembule aingalo yayo engcwele emehlweni azo zonke izizwe, futhi yonke imikhawulo yomhlaba iyoyibona insindiso kaNkulunkulu wethu na?

25 Manje u-Abinadi wathi kubo: Ngabe aningabaphristi na, futhi nishaya sengathi nifundisa laba bantu, futhi nokuthi niyaqonda ngomoya wokuphrofetha, kodwa nifisa ukwazi kimi ukuthi lezi zinto zisho ukuthini na?

26 Ngithi kini, maye kini ngokuba niphendukezela izindlela zeNkosi! Ngokuba uma niziqonda lezi zinto anizange nizifundise; ngakho-ke, niphendukezela izindlela zeNkosi.

27 Anizange nifise ezinhliziyweni zenu aukuqonda; ngakho-ke, anibanga nakho ukuhlakanipha. Ngakho-ke, nibafundisani laba bantu na?

28 Futhi bathi: Sifundisa umthetho kaMose.

29 Futhi wathi kubo: Uma nifundisa aumthetho kaMose pho kungani ningawugcini na? Kungani nibeka izinhliziyo zenu engcebweni na? Kungani nenza bubufebe futhi nichitha amandla enu nezifebe, yebo, futhi nenze labantu ukuthi benze isono, kangangokuthi iNkosi ibe nesizathu sokungithumela ukuthi ngiphrofethe ngokumelene nalaba bantu, yebo, ngisho nangobubi obukhulu ngokumelene nalaba bantu na?

30 Anazi yini ukuthi ngikhuluma iqiniso na? Yebo, niyazi ukuthi ngikhuluma iqiniso; futhi nifanele ukuthuthumela phambi kukaNkulunkulu.

31 Futhi kuyokwenzeka ukuthi niyoshaywa ngobubi benu, ngokuba nithe nifundisa umthetho kaMose. Futhi nazini mayelana nomthetho kaMose na? aNgabe insindiso iza ngomthetho kaMose na? Nithini na?

32 Futhi baphendula futhi bathi insindiso nempela yayiza ngomthetho kaMose.

33 Kodwa manje u-Abinadi wathi kubo: Ngiyazi uma nigcina imiyalelo kaNkulunkulu niyosindiswa; yebo, uma nigcina imiyalelo iNkosi eyayiletha kuMose entabeni ayaseSinayi, ethi:

34 aNgiyiNkosi uNkulunkulu wakho, bokukhiphe ezweni laseGibithe, wakukhipha emzini wobugqili.

35 Awuyikuba anomunye uNkulunkulu ngaphandle kwami.

36 Ungazenzeli nasithombe esibaziweyo, noma umfanekiso wanoma yini esezulwini phezulu, noma izinto ezisemhlabeni ngaphansi.

37 Manje u-Abinadi wathi kubo, Ngabe nikwenzile konke lokhu na? Ngithi kini, Cha, anikwenzanga. Futhi ngabe anibafundisile yini laba bantu ukuthi kumele benze zonke lezi zinto na? Ngithi kini, Cha, anizange.