ImiBhalo eNgcwele
Mosiya 7


Isahluko 7

U-Amoni uthola izwe lakwaLehi-Nefi, lapho uLimihi eyinkosi khona—Abantu baLimihi basekuthunjweni kumaLamani—ULimihi ulanda ngomlando wabo—Umphrofethi (u-Abinadi) wayefakazile ukuthi uKristu unguNkulunkulu noBaba wazo zonke izinto—Labo abahlwanyela ukungcola bavuna isivunguvungu, futhi labo ababeka ithemba labo eNkosini bazokhululwa. Cishe ngonyaka we 121 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje, kwenzeka ukuthi emva kokuthi inkosi uMosiya isibe nokuthula njalo isikhathi esingangeminyaka emithathu, yaba nesifiso sokwazi mayelana nabantu aabahamba bayohlala ezweni lakwaLehi-Nefi, noma edolobheni lakwaLehi-Nefi; ngokuba abantu bakhe babengakezwa lutho ngabo kusukela ngesikhathi behamba ezweni blakwaZarahemla; ngakho-ke, bamkhathaza bembelesela ngabo.

2 Futhi kwenzeka ukuthi inkosi uMosiya yavuma ukuthi amadoda aqinile ayishumi nesithupha akhuphukele ezweni lakwaLehi-Nefi, ukuyobuza mayelana nabafowabo.

3 Futhi kwenzeka ukuthi ngakusasa aqala akhuphuka, kuwo kwakukhona omunye ongu-Amoni, owayeyindoda eqinile futhi enamandla, futhi wayengowozalo lukaZarahemla; futhi phezu kwalokho wayengumholi wabo.

4 Manje, babengayazi indlela okwakumele bahambe ngayo ehlane ukukhuphukela ezweni lakwaLehi-Nefi; ngakho-ke bazulazula izinsuku eziningi ehlane, ngisho izinsuku ezingamashumi amane bezulazula.

5 Futhi ngesikhathi sebezulazule izinsuku ezingamashumi amane bafika egqumeni, elisenyakatho yezwe alakwa-Shilomu, futhi lapho bagxumeka amatende abo.

6 Futhi u-Amoni wathatha abathathu babafowabo, amagama abo kwakungo-Amaleki, Helemi, kanye noHemi, behlela ezansi ezweni alakwaNefi.

7 Futhi bheka, bahlangana nenkosi yabantu ababesezweni likaNefi, kanye nasezweni likaShilomu; babezungezwe ngabalindi benkosi, futhi bathathwa, baboshwa, bafakwa etilongweni.

8 Futhi kwenzeka emva kokuthi kade besetilongweni izinsuku ezimbili baphinda balethwa phambi kwenkosi, izintambo zabo zaxegiswa; futhi bamiswa phambi kwenkosi, futhi bavunyelwa, noma-ke ngokuyikho bayalwa, ukuthi baphendule imibuzo eyayizoyibuza kubo.

9 Futhi yathi kubo: Bhekani, mina nginguaLimihi, indodana kaNowa, owayeyindodana kaZenifi, owakhuphuka waphuma ezweni lakwaZarahemla ukuze athole lelizwe njengefa, okwakuyizwe loyise, owenziwa inkosi ngezwi labantu.

10 Manje, ngifisa ukwazi isizathu sokuthi nibe nesibindi esingaka sokusondela eduze nezindonga zalelidolobha, ngesikhathi mina, uqobolwami, benginabalindi bami ngaphandle kwesango?

11 Manje, ngalesi sizathu ngenze ukuthi nilondolozwe, ukuze ngibuze ngani, kungenjalo ngabe ngenze ukuthi abalindi bami baniyise kwagoqanyawo. Nivumelekile ukuthi nikhulume.

12 Manje, ngesikhathi u-Amoni ebona ukuthi wayevumelekile ukukhuluma, waya phambili wakhothama phambi kwenkosi; futhi waphinda waphakama wabe esethi: O nkosi, ngiyabonga kakhulu phambi kukaNkulunkulu ngalolu suku ukuthi ngisaphila, futhi ngisavunyelwe ukuthi ngikhulume; futhi ngizozama ukukhuluma ngesibindi;

13 Ngokuba ngiqinisekile ukuthi ukuba bewungazi bewungenakuvuma ukuthi ngifakwe lezi zintambo. Ngokuba mina ngingu-Amoni, futhi ngingowozalo alukaZarahemla, futhi ngikhuphukile ngaphuma ezweni lakwaZarahemla ukuthi ngizobuza mayelana nabafowethu, uZenifi akhuphuka nabo waphuma kulelozwe.

14 Manje, kwenzeka ukuthi emva kokuthi uLimihi esewazwile amazwi ka-Amoni, wajabula kakhulu, futhi wathi: Manje, sengiyazi ngeqiniso ukuthi abafowethu ababesezweni lakwaZarahemla basaphila. Manje, ngizothokoza; futhi kusasa ngizokwenza ukuthi abantu bami bathokoze nabo futhi.

15 Ngokuba bheka, sithunjwe ngamaLamani, futhi asitheliswa ngentela okunzima ukuyimela. Manje, bheka, abafowethu bazosikhulula ekuthunjweni kwethu, noma basikhiphe ezandleni zamaLamani, futhi sizoba yizigqila zabo; ngokuba kungcono ukuthi sibe yizigqila kumaNefi kunokuthi sikhokhe intela enkosini yamaLamani.

16 Manje, inkosi uLimihi yayala abalindi bayo ukuthi bangabe basambopha u-Amoni noma abafowabo, kodwa yenza ukuthi bahambe baye egqumeni elalingase nyakatho yeShilomu, balethe abafowabo edolobheni, ukuze ngalokho badle, baphuze, futhi baziphumuze emisebenzini yohambo lwabo; ngokuba babehlushwe yizinto eziningi; babehlushwe yindlala, wukoma, kanye nokucobeka.

17 Manje, kwenzeka ngakusasa ukuthi inkosi uLimihi yathumela isimemezelo phakathi kwabo bonke abantu bayo, ukuthi babuthane ndawonye aethempelini, ukuzozwa amazwi ayezowakhuluma kubo.

18 Futhi kwenzeka ukuthi emva kokuthi sebebuthene ndawonye yakhuluma kubo ngalendlela, ithi: O nina, bantu bami, phakamisani amakhanda enu futhi niduduzeke; ngokuba bhekani, isikhathi sesifikile, noma asisekho kude kakhulu, lapho singasezukuba ngaphansi kwezitha zethu, naphezu kokuba imishikashika yethu eminingi, ibe yize; nokho ngiyethemba usasele umshikashika onempumelelo osazokwenziwa.

19 Ngakho-ke, phakamisani amakhanda enu, nithokoze, futhi nibeke ithemba lenu akuNkulunkulu, kulowo Nkulunkulu owayenguNkulunkulu ka-Abrahama, no-Isaka, kanye noJakobe; futhi phezu kwalokho, lowo Nkulunkulu bowakhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, futhi wenza ukuthi bahambe badabule uLwandle oluBomvu emhlabathini owomileyo, futhi wabondla cngemana ukuze bangabhubhi ehlane; futhi ziningi ezinye izinto abenzela zona.

20 Futhi phezu kwalokho, yena kanye lowo Nkulunkulu awakhipha obaba bethu ezweni laseJerusalema, futhi wabagcina wabalondoloza abantu bakhe ngisho kuze kube manje; futhi bhekani, kungenxa yokungalungi kanye nezinengiso zethu ukuthi usilethe ekuthunjweni.

21 Futhi nina nonke ningofakazi ngalolu suku, ukuthi uZenifi, owenziwa inkosi phezu kwalaba bantu, awayenentshisekelo enkulu ukuthi athole izwe loyise, ngakho-ke wakhohliswa ngobuqili kanye nangamacebo enkosi uLamani, isingene esivumelwaneni nenkosi uZenifi, futhi isiyekelele ezandleni zakhe ukuphathwa kwenxenye yalelizwe, noma ngisho idolobha lakwa Lehi-Nefi, nedolobha likaShilomu; kanye nezwe elizungezile—

22 Futhi konke lokhu yakwenza, ngenhloso eyodwa ayokuletha laba bantu ebugqilini noma ngaphansi kwayo. Futhi bhekani, thina ngalesi sikhathi sikhokha intela enkosini yamaLamani, eyinani eliyinxenye eyodwa yommbila wethu, kanye nobhali wethu, futhi ngisho nakho konke kwethu okusanhlamvu kwalo lonke uhlobo, kanye nenxenye eyodwa yokwenzalo yezimvu kanye nemihlambi yethu; futhi ngisho nenxenye eyodwa yakho konke esinakho noma esikuphethe inkosi yamaLamani iyakufuna kithi, noma izimpilo zethu.

23 Manje, ngabe lokhu akunzima yini ukukuthwala na? Futhi ngabe lokhu, akuyiyo yini, inkathazo, enkulu kithi na? Manje bhekani, ngabe sikhulu kangakanani isizathu sokuthi sikhale na?

24 Yebo, ngithi kini, zinkulu izizathu ezenza sikhale; ngokuba bhekani bangaki abafowethu ababulawayo, futhi igazi labo lachitheka ngeze, futhi konke ngenxa yobubi.

25 Ngokuba ukuba laba bantu babengawelanga esiphambekweni iNkosi yayingenakuvuma ukuthi lobu bubi obukhulu kangaka behlele phezu kwabo. Kodwa bhekani, abawalalelanga amazwi ayo; kodwa kwavuka imibango phakathi kwabo, ngisho kangangokuthi bachitha igazi phakathi kwabo uqobo.

26 Futhi aumphrofethi weNkosi bambulele; yebo, indoda ekhethiweyo kaNkulunkulu, eyabatshela ngobubi babo kanye nezinengiso, futhi yaphrofetha ngeziningi izinto ezazizokwenzeka, yebo, ngisho nangokuza kukaKristu.

27 Futhi ngenxa yokuthi wathi kubo uKristu awayenguNkulunkulu, uBaba wazo zonke izinto, futhi yasho nokuthi uyothatha umfanekiso womuntu, futhi kuyokuba bngumfanekiso umuntu ayedalwe ngawo ekuqaleni; noma ngamanye amazwi, wathi umuntu wayedalwe ngomfanekiso ckaNkulunkulu, futhi nokuthi uNkulunkulu uyokwehlela phakathi kwabantwana babantu, athathe inyama kanye negazi, futhi ahambe phezu kobuso bomhlaba—

28 Manje, ngenxa yokuthi washo lokhu, bambulala; futhi ziningi kakhulu izinto abazenzayo ezehlisela ulaka lukaNkulunkulu phezu kwabo. Ngakho-ke, ngubani omangalayo ukuthi basekuthunjweni, kanye nokuthi bashaywa ngezinkathazo ezibuhlungu na?

29 Ngokuba bhekani, iNkosi ithe: aAngizukubasiza abantu bami ngosuku lwesiphambeko sabo; kodwa ngizozibiyela izindlela zabo ukuze bangaphumeleli; futhi izenzo zabo ziyokuba yisikhubekiso phambi kwabo.

30 Futhi phezu kwalokho, ithi: Uma abantu bami beyohlwanyela aukungcola bbayovuna amakhoba akho kuso isivunguvungu; futhi umphumela walokho wubuthi.

31 Futhi phezu kwalokho ithi: Uma abantu bami beyohlwanyela ukungcola bayovuna aumoya wasempumalanga, oletha imbubhiso ngokushesha.

32 Manje, bhekani, isethembiso seNkosi sigcwalisekile, futhi nishayiwe futhi nisenkathazweni.

33 Kodwa uma anizophendukela eNkosini ngenhloso egcwele yenhliziyo, nibeke ithemba lenu kuyo, niyisebenzele ngakho konke ukukhuthala kwengqondo, uma nizokwenza lokhu, ngokwentando nangokwesifiso sayo, izonikhipha ekuthunjweni.