ImiBhalo eNgcwele
Mosiya 24


Isahluko 24

U-Amuloni uhlupha u-Alima kanye nabantu bakhe—Bazobulawa uma bekhuleka—INkosi yenza imithwalo yabo ibukeke ilula—Iyabakhulula ebugqilini, futhi babuyela eZarahemla. Cishe ngonyaka we 145 kuya kowe 120 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi kwenzeka ukuthi u-Amuloni nempela wathola ukuthandeka emehlweni enkosi yamaLamani; ngakho-ke, inkosi yamaLamani yamnika yena kanye nabafowabo ukuthi babe ngabafundisi abakhethiweyo phezu kwabantu bayo, yebo, ngisho naphezu kwabantu ababesezweni lakwaShemiloni, nababesezweni lakwaShilomu, kanye nababesezweni lakwa-Amuloni.

2 Ngokuba amaLamani ayesewathathile wonke lamazwe; ngakho-ke, inkosi yamaLamani yabeka amakhosi phezu kwawo wonke lamazwe.

3 Manje igama lenkosi yamaLamani kwakunguLamani, iqanjwe ngegama likayise; ngakho-ke yabizwa ngokuthi yinkosi uLamani. Futhi yayiyinkosi phezu kwabantu abaningi.

4 Futhi yakhetha abafundisi kubafowabo ba-Amuloni kulo lonke izwe okwakungelabantu bakhe; futhi ngaleyondlela ulimi lukaNefi lwaqala ukufundiswa phakathi kwabo bonke abantu bamaLamani.

5 Futhi babengabantu abanobungani omunye komunye; nokho babengamazi uNkulunkulu; futhi abafowabo ba-Amuloni ababafundisanga lutho mayelana neNkosi uNkulunkulu wabo, noma ngomthetho kaMose; noma babafundise ngamazwi ka-Abinadi;

6 Kodwa babafundisa ukuthi bagcine imibhalo yabo, futhi nokuthi babhalelane omunye nomunye.

7 Futhi ngaleyondlela amaLamani aqala ukukhula engcebweni, futhi aqala ukuhwebelana omunye nomunye futhi anda kakhulu, futhi aqala ukuba nobuqili futhi aba ngabantu abahlakaniphile, ngokuhlakanipha kwezwe, yebo, aba ngabantu abanobuqili obukhulu, ethokoza ngayo yonke indlela yobubi kanye neyokugcweleza, ngaphandle kokuthi kube ngaphakathi kwabafowabo.

8 Manje kwenzeka ukuthi u-Amuloni waqala ukuthi asebenzise aigunya phezu kuka-Alima kanye nabafowabo, futhi waqala ukumhlupha, futhi wenza ukuthi abantwana bakhe bahluphe abantwana babo.

9 Ngokuba u-Amuloni wayemazi u-Alima, ukuthi waye kade aengomunye wabaphristi benkosi, futhi nokuthi kwakunguye owawakholwa amazwi ka-Abinadi futhi wabalekiswa wakhishwa phambi kwenkosi, ngakho-ke wayemthukuthelele; ngokuba wayengaphansi kwenkosi uLamani, nokho walisebenzisa igunya phezu kwabo, futhi wababekela bimisebenzi, futhi wabeka izinduna zomsebenzi phezu kwabo.

10 Futhi kwenzeka ukuthi zazinkulu kakhulu izinkathazo zabo kangangokuthi baqala bakhala kakhulu kuNkulunkulu.

11 Futhi u-Amuloni wabayala ukuthi bakuyeke ukukhala kwabo; futhi wabeka abalindi phezu kwabo ukuthi bababheke, ukuze kuthi lowo otholakala ebiza uNkulunkulu abulawe.

12 Futhi u-Alima kanye nabantu bakhe abawaphakamiselanga amazwi abo eNkosini uNkulunkulu wabo, kepha nempela abazithulula izinhliziyo zabo kuyo; futhi nempela yayiyazi imicabango yezinhliziyo zabo.

13 Futhi kwenzeka ukuthi izwi leNkosi lafika kubo besezinkathazweni zabo, lithi: Phakamisani amakhanda enu futhi niduduzeke, ngokuba ngiyasazi isivumelwano enasenza kimi; futhi ngizovumelana nabantu bami futhi ngibakhulule baphume ebugqilini.

14 Futhi phezu kwalokho ngizoyenza ibe lula imithwalo ebekwe phezu kwamahlombe enu, ngendlela yokuthi ngisho nani ngeke niyizwe emihlane yenu, ngisho nangesikhathi nisesekuthunjweni; futhi lokhu ngizokwenza ukuze nime anjengofakazi bami emva kwalokhu, futhi nokuthi nazi ngeqiniso ukuthi mina, iNkosi uNkulunkulu, ngiyabahambela abantu bami bezinkathazweni zabo.

15 Manje kwenzeka ukuthi imithwalo eyayibekwe phezu kuka-Alima nabafowabo yenziwa yabalula; yebo, iNkosi nempela ayabaqinisa ukuze bakwazi ukuyithwala bimithwalo yabo kalula, futhi nempela bazinikela ngokuthokoza kanye cnangokubekezela kuyo yonke intando yeNkosi.

16 Futhi kwenzeka ukuthi lwalulukhulu ukholo lwabo kanye nokubekezela kwabo kangangokuthi izwi leNkosi leza kubo futhi, lithi: Duduzekani, ngokuba kusasa ngizonikhulula niphume ebugqilini.

17 Futhi yathi ku-Alima: Uzohamba phambi kwalaba bantu, futhi ngizohamba nawe futhi ngikhulule laba bantu baphume aebugqilini.

18 Manje kwenzeka ukuthi u-Alima kanye nabantu bakhe ngesikhathi sasebusuku baqoqela imihlambi yabo ndawonye, futhi ngokunjalo nokusanhlamvu kwabo; yebo, ngisho isikhathi sonke sasebusuku babeqoqela ndawonye imihlambi yabo.

19 Futhi ekuseni iNkosi yenza ukuthi kufike aubuthongo obunzulu kumaLamani, yebo, futhi nazo zonke izinduna zabo zomsebenzi zazisebuthongweni obukhulu.

20 U-Alima kanye nabantu bakhe bemuka baya ehlane; ngesikhathi sebehambe ilanga lonke bagxumeka amatende abo esigodini, basibiza ngokuthi yisigodi sika-Alima, ngokuba wabahola endleleni yabo eya ehlane.

21 Yebo, futhi kuso isigodi sika-Alima bathandaza angokubonga kakhulu kuNkulunkulu ngokuba wayebe nesihawu kubo, futhi wenza lula imithwalo yabo, futhi wabakhulula baphuma ebugqilini; ngokuba babesebugqilini, futhi kwakungekho namunye owayengabakhulula ngaphandle kokuthi kube yiNkosi uNkulunkulu wabo.

22 Futhi bambonga uNkulunkulu, yebo, bonke abesilisa babo nabo bonke abesifazane babo kanye nabo bonke abantwana babo ababekwazi ukukhuluma baphakamisa amazwi abo bedumisa uNkulunkulu wabo.

23 Manje iNkosi yathi ku-Alima: Sheshisa uphume kanye nalaba bantu kulelizwe, ngokuba amaLamani asevukile futhi ayakulandela; ngakho-ke phuma kulelizwe futhi ngizowamisa amaLamani kuso lesi sigodi ukuze angasondeli ekuxosheni laba bantu.

24 Futhi kwenzeka ukuthi bemuka baphuma esigodini, futhi bathatha uhambo lwabo baya ehlane.

25 Futhi emva kokuthi kade besehlane izinsuku eziyishumi nambili bafika ezweni lakwaZarahemla; futhi inkosi uMosiya nempela nayo yabemukela ngenjabulo.