ImiBhalo eNgcwele
Mosiya 17


Isahluko 17

U-Alima uyawakholwa futhi uyawabhala amazwi ka-Abinadi—U-Abinadi uzwa ubuhlungu bokufa ngomlilo—Uphrofetha isifo kanye nokufa ngomlilo kubabulali bakhe. Cishe ngonyaka we 148 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi u-Abinadi eseqede lezi zinkulumo, inkosi yayala ukuthi aabaphristi bamthathe futhi benze ukuthi abulawe.

2 Kodwa kwakukhona oyedwa phakathi kwabo ogama lakhe kwakungu-aAlima, naye futhi engowozalo lukaNefi. Futhi wayeyinsizwa, futhi bwawakholwa amazwi u-Abinadi ayewakhulumile, ngokuba wayazi mayelana nobubi u-Abinadi ayefakaze ngabo ngokumelene nabo; ngakho-ke waqala ukuncenga enkosini ukuthi ingamthukutheleli u-Abinadi, kodwa imvumele ukuthi ahambe ngokuthula.

3 Kodwa inkosi yathukuthela kakhulu, futhi yenza ukuthi u-Alima axoshwe phakathi kwabo, futhi yathumela izinceku zayo emva kwakhe ukuze zimbulale.

4 Kodwa wabaleka phambi kwazo futhi wacasha kangangoba azimtholanga. Futhi ngesikhathi ezishwathekile izinsuku eziningi awawabhala wonke amazwi u-Abinadi ayewakhulumile.

5 Futhi kwenzeka ukuthi inkosi yenza abalindi bayo ukuthi bamzungeze u-Abinadi bambambe; futhi bambopha bamphonsa etilongweni.

6 Futhi emva kwezinsuku ezintathu, isibonisene nabaphristi bayo, yenza ukuthi aphinde alethwe phambi kwayo.

7 Futhi yathi kuye: Abinadi, sikuthola unecala, futhi ufanelwe wukufa.

8 Ngokuba uthe auNkulunkulu uqobo lwakhe kufanele ehlele phansi phakathi kwabantwana babantu; manje, ngenxa yalokhu uzobulawa ngaphandle kokuthi uwahoxise wonke amazwi owakhulumile obubi mayelana nami kanye nabantu bami.

9 Manje u-Abinadi wathi kuyo: Ngithi kuwe, ngeke ngiwahoxise amazwi engiwakhulumile kuwe mayelana nalaba bantu, ngokuba ayiqiniso; futhi ukuze nazi ngobuqiniso bawo ngizivumele ukuthi ngiwele ezandleni zenu.

10 Yebo, futhi ngizohlupheka ngisho kuze kube sekufeni, futhi angeke ngiwahoxise amazwi ami, futhi ayokuma njengobufakazi ngokumelene nani. Futhi uma ningibulala nizobe nichitha aigazi elingenacala, futhi lokhu nakho ngokunjalo kuyokuma njengobufakazi ngokumelene nani ngosuku lokugcina.

11 Manje inkosi uNowa yayisizomkhulula, ngokuba yalesaba izwi lakhe; ngokuba yayesaba ukuthi izahlulelo zikaNkulunkulu zazizokuza phezu kwayo.

12 Kodwa abaphristi baphakamisa amazwi abo ngokumelene naye, futhi baqala ukumbeka icala, bethi: Uyithukile inkosi. Ngakho-ke inkosi bayiphehla ukuze ithukuthele ngokumelene naye, futhi yamnikela ukuthi abulawe.

13 Futhi kwenzeka ukuthi bamthatha bambopha, futhi basishaya isikhumba sakhe ngenyanda yezinkuni, yebo, waze wafa.

14 Manje ngesikhathi amalangabi eqala ukumhangula, wakhala kubo, ethi:

15 Bhekani, ngisho njengoba nenzile kimi, ngokunjalo kuyokwenzeka ukuthi inzalo yenu iyokwenza ukuthi abaningi bezwe izinhlungu engizizwayo, ngisho nezinhlungu azokufa ngomlilo; futhi lokhu ngenxa yokuthi ikholelwa ensindisweni yeNkosi uNkulunkulu wabo.

16 Futhi kuyokwenzeka ukuthi niyohlushwa ngazo zonke izinhlobo zezifo ngenxa yobubi benu.

17 Yebo, futhi aniyoshaywa zonke izindawo, futhi niyoxoshwa futhi nihlakazwe niye emuva naphambili, ngisho njengomhlambi wasendle uxoshwa yizilwane zasendle ezesabekayo.

18 Futhi ngalolo suku niyozingelwa, futhi niyothathwa ngesandla sezitha zenu, futhi emva kwalokho niyokuzwa ubuhlungu, njengoba nami ngizwa, izinhlungu azokufa ngomlilo.

19 Ngalendlela uNkulunkulu wenza aimpindiselo phezu kwalabo ababulala abantu bakhe. O Nkulunkulu, yemukela umphefumulo wami.

20 Manje, ngesikhathi u-Abinadi esewashilo lamazwi, wawa, ezwe ubuhlungu bokufa ngomlilo; yebo, ebulewe ngenxa yokuthi engenakuyiphika imiyalelo kaNkulunkulu, elifungele iqiniso lamazwi akhe ngokufa kwakhe.