ImiBhalo eNgcwele
Moroni 7


Isahluko 7

Kwaziswa ngesimemo sokungena ekuphumuleni kweNkosi—Khuleka ngenhloso eyiyo—UMoya kaKristu wenza ukuthi abantu bazi okuhle kokubi—USathane uvumisa abantu ukuthi bamphike uKristu futhi benze ububi—Abaphrofethi babonakalisa ukuza kukaKristu—Ngokholo, izimangaliso ziyenzeka futhi izingelosi ziyasebenzela—Abantu kufanele bethembele ekuphileni kwaphakade futhi banamathele kuso isihe. Cishe ngonyaka weNkosi wama 401 kuya kowama 421.

1 Manje mina, Moroni, sengibhala ambalwa amazwi kababa uMormoni, awakhuluma mayelana anokholo, ithemba, kanye nesihe; ngokuba wakhuluma ngalendlela kubantu, ngesikhathi ebafundisa esinagogeni ababelakhele ukuthi kube yindawo yokukhonza.

2 Manje mina, Mormoni, ngikhuluma kini, bafowethu abathandekayo; futhi kungomusa kaNkulunkulu uBaba, kanye neNkosi yethu uJesu Kristu, kanye nentando yakhe engcwele, ngenxa yesipho asobizo lwakhe kimi, ukuthi ngivunyelwe ukuba ngikhulume kini ngalesi sikhathi.

3 Ngalokho-ke, ngizokhuluma kini nina eningabebandla, nina eningabalandeli abanokuthula baKristu, futhi enithole ithemba elanele ngalo eningangena aekuphumuleni kweNkosi, kusukela kulesi sikhathi kuya phambili kuze kube niphumula naye ezulwini.

4 Manje bafowethu, ngibona lezi zinto ngani ngenxa ayokuhamba kwenu okunokuthula nabantwana babantu.

5 Ngokuba ngiyalikhumbula izwi likaNkulunkulu elithi ngemisebenzi yabo aniyobazi; ngokuba uma imisebenzi yabo imihle, kanjalo nabo bahle futhi.

6 Ngokuba bhekani, uNkulunkulu wathi umuntu uma aemubi ngeke akwenze lokho okuhle; ngokuba uma epha isipho, noma bekhuleka kuNkulunkulu, ngaphandle kokuthi akwenze ngenhloso okuyiyo akumsizi ngalutho.

7 Ngokuba bhekani, akuthathwa njengokulunga kwakhe.

8 Ngokuba bhekani, uma umuntu aomubi enika isipho, ukwenza lokho bengathandi; ngalokho-ke kuthathwa ngokufanayo nokuthi usibambile isipho; ngalokho-ke uthathwa njengomubi phambi kukaNkulunkulu.

9 Futhi ngokufanayo kuthathwa njengobubi kumuntu, uma eyokhuleka kepha ebe engena anhloso okuyiyo yenhliziyo; yebo, futhi akumsizi ngalutho, ngokuba uNkulunkulu akabemukeli abanjalo.

10 Ngalokho-ke, umuntu uma emubi akanakukwazi ukwenza lokho okuhle; noma aphe isipho esihle.

11 Ngokuba bhekani, aumthombo obabayo awunakukwazi ukuthi ukhiphe amanzi amahle; noma umthombo omuhle ukhiphe amanzi ababayo; ngalokho-ke, umuntu uma eyinceku kadeveli akanakukwazi ukulandela uKristu; futhi uma belandela uKristu akanakukwazi ukuthi abe yinceku kadeveli.

12 Ngalokho-ke, zonke izinto aezinhle zivela kuNkulunkulu; futhi lokho bokubi kuvela kudeveli; ngokuba udeveli uyisitha kuNkulunkulu, futhi ulwa naye njalo, futhi umema futhi ayenge abantu ukuthi cbone, futhi nokuthi benze lokho okubi njalo.

13 Kepha bhekani, lokho okungokuka Nkulunkulu kumema futhi kuyengela ekwenzeni okuhle njalo; ngalokho-ke, yonke into aemema futhi iyenge ukuthi wenze okuhle, futhi uthande uNkulunkulu, futhi umsebenzele, bishisekeliswa nguNkulunkulu.

14 Ngalokho-ke, qaphelani, bafowethu abathandekayo, ukuthi ningakuboni lokho aokubi ukuthi ngokuka Nkulunkulu, noma lokho okuhle futhi okungokuka Nkulunkulu ukuthi ngokukadeveli.

15 Ngokuba bhekani, bafowethu, ninikiwe ukuthi nikwazi aukwahlulela, ukuze nazi okuhle kokubi; futhi indlela yokwahlulela icacile, ukuze nazi ngolwazi olupheleleyo, njengoba nazi ukukhanya kwemini uma nibuqhathanisa nobumnyama bobusuku.

16 Ngokuba bhekani, auMoya kaKristu unikwe kuwo wonke umuntu, ukuthi bazi okuhle kokubi; ngalokho-ke, nginikhombisa indlela yokwahlulela; ngokuba yonke into ekumema ukuthi wenze okuhle, futhi ekuvumisa ukuthi ukholwe kuKristu, ithunyelwe ngamandla kanye nangesipho sikaKristu; ngalokho-ke ningazi ngolwazi olupheleleyo ukuthi kungokukaNkulunkulu.

17 Kepha noma ngabe yini evumisa umuntu ukuthi enze aokubi, futhi angakholwa kuKristu, futhi amphike, futhi angamsebenzeli uNkulunkulu, uma kunjalo ningazi ngolwazi olupheleleyo ukuthi lokho kungokukadeveli; ngokuba udeveli usebenza ngalendlela, ngokuba yena akavumisi muntu ukuthi enze okuhle, cha, namuye; futhi kanjalo nezingelosi zakhe; futhi kanjalo nalabo abazibeka phansi kwakhe.

18 Manje, bafowethu, ngokubona ukuthi niyakwazi ukukhanya eningahlulela ngakho, okungu akukhanya kukaKristu, bonani ukuthi anihluleli ngokungeyikho; ngokuba ngalokho bkwahlulela enihlulela ngakho nani futhi niyokwehlulelwa ngakho.

19 Ngalokho-ke, ngiyanincenga, bafowethu, ukuthi nicwaninge ngokukhuthala kukho aukukhanya kukaKristu ukuze nazi okuhle kokubi; futhi uma ningabambelela kuyo yonke into enhle, futhi ningayilahli, ngempela niyoba bngabantwana baKristu.

20 Manje, bafowethu, kungenzeka kanjani ukuthi nibambelele kuyo yonke into enhle na?

21 Manje sengiza kulolo kholo, engithe ngizokhuluma ngalo; futhi ngizonitshela indlela eningabambelela ngayo kuyo yonke into enhle.

22 Ngokuba bhekani, uNkulunkulu awazi zonke izinto, kusukela phakade kuze kube phakade, bhekani, wathumela bizingelosi ukuba zisebenzele abantwana babantu, ukuze zambule izinto mayelana nokuza kukaKristu; futhi nokuthi kuKristu kuyovela yonke into enhle.

23 Futhi uNkulunkulu phezu kwalokho washo kubaphrofethi, ngomlomo wakhe uqobo, ukuthi uKristu kufanele eze.

24 Futhi bhekani, kwakukhona izinhlobonhlobo zezindlela ambula ngazo izinto kubantwana babantu, ezazizinhle; futhi zonke izinto ezinhle zivela kuKristu; kungenjalo abantu ababewile, futhi kwakungeke kube khona nto enhle eza kubo.

25 Ngalokho-ke, ngokusetshenzelwa ayizingelosi, futhi nangamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu, abantu baqala ukusebenzisa ukholo kuKristu; ngakho-ke ngokholo, babambelela kuzo zonke izinto ezinhle; futhi kwabanjalo kwaze kwaba wukufika kukaKristu.

26 Futhi emva kokuthi esefikile abantu nabo basindiswa ngokholo egameni lakhe; futhi ngokholo, baba ngamadodana kaNkulunkulu. Futhi njengoba ngempela uKristu ephila wakhuluma lamazwi kobaba bethu, ethi: aNoma ngabe yini eniyoyicela kuBaba egameni lami, enhle, ngokholo nikholwa ukuthi niyoyithola, bhekani, niyokwenzelwa yona.

27 Ngalokho-ke, bafowethu abathandekayo, ngabe aizimangaliso sezaphela yini ngenxa yokuthi uKristu usenyukela ezulwini, futhi wahlala phansi esandleni sokunene sikaNkulunkulu, ukuze bafune kuBaba amalungelo omusa wakhe abe nawo kubantwana babantu na?

28 Ngokuba uzanelisile izimfuno zomthetho, futhi ufuna bonke labo abanokholo kuye; futhi labo abanokholo kuye abazonamathela kuzo zonke izinto ezinhle; ngalokho-ke bumele isimo sabantwana babantu; futhi uhlala phakade emazulwini.

29 Futhi ngenxa yokuthi usekwenzile lokhu, bafowethu abathandekayo, ngabe izimangaliso sezaphela na? Bhekani ngithi kini, Cha; futhi nezingelosi aziyekile ukusebenzela abantwana babantu.

30 Ngokuba bhekani, zingaphansi kwakhe, ukuthi zisebenze ngokwezwi lokuyala kwakhe, zizibonakalisa kulabo abanokholo oluqinile kanye nengqondo egxilile kulo lonke uhlobo lobunkulunkulu.

31 Futhi umsebenzi wazo wukubizela abantu ekuphendukeni, kanye nokugcwalisa kanye nokwenza umsebenzi wezivumelwano zikaBaba, azenza kubantwana babantu, ukuze alungise indlela phakathi kwabantwana babantu, ngokumemezela izwi likaKristu ezitsheni ezikhethiweyo zeNkosi, ukuze zifakaze ngaye.

32 Futhi ngokwenze njalo, iNkosi uNkulunkulu ilungisa indlela yokuthi insalela yabantu ibe anokholo kuKristu, ukuze uMoya oyiNgcwele ube nendawo ezinhliziyweni zabo, ngokwamandla awo; futhi ngalendlela uBaba ugcwalisa izivumelwano azenza kubantwana babantu.

33 Futhi uKristu wathi: aUma ningaba nokholo kimi niyoba namandla okwenza noma yini into befanele kimi.

34 Futhi uthe: aPhendukani nonke nina mikhawulo yomhlaba, futhi nize kimi, futhi nibhabhadiswe egameni lami, futhi nikholwe kimi, ukuze nisindiswe.

35 Manje, bafowethu abathandekayo, uma kuwukuthi lezi zinto ziyiqiniso engizikhulume kini, futhi uNkulunkulu uzonikhombisa, angamandla kanye nangenkazimulo enkulu bngosuku lokugcina, ukuthi ziyiqiniso, futhi uma ziyiqiniso ngabe usuku lwezimangaliso luphelile na?

36 Noma izingelosi seziyekile yini ukuvela kubantwana babantu na? Noma auwagodlile yini amandla kaMoya oyiNgcwele kubo na? Noma uzowagodla yini, uma nje isikhathi sisaqhubeka, noma umhlaba usamile, noma nje kuse khona umuntu oyedwa ebusweni bawo ukuthi asindiswe na?

37 Bhekani ngithi kini, Cha; ngokuba kungokholo ukuthi kwenzeke aizimangaliso; futhi kungokholo ukuthi izingelosi zivele futhi zisebenzele abantu; ngalokho-ke, uma lezi zinto seziyekile maye kubantwana babantu, ngokuba kungenxa byokungakholwa, futhi konke kuyize.

38 Ngokuba akukho muntu ongasindiswa, ngokwamazwi kaKristu, ngaphandle kokuthi akholwe egameni lakhe; ngalokho-ke, uma lezi zinto seziyekile, kanjalo nokholo alusekho futhi; futhi siyesabeka isimo somuntu, ngokuba kuba sengathi akuzange kube khona kukhululwa okwenziwayo.

39 Kepha bhekani, bafowethu abathandekayo, ngibona izinto ezingcono kini, ngokuba ngibona ukuthi ninalo ukholo kuKristu ngenxa yokuthoba kwenu; ngokuba uma ningenalo ukholo kuye aanifanele ukuthi nibalwe nabantu bebandla lakhe.

40 Futhi phezu kwalokho, bafowethu abathandekayo, sengizokhuluma kini mayelana anethemba. Kungenzeka kanjani ukuthi nibe nokholo, ngaphandle kokuthi nibe nethemba na?

41 Futhi yini lena aenizoyethemba na? Bhekani ngithi kini niyoba bnethemba ngenhlawulo kaKristu kanye nangamandla okuvuka kwakhe, ukuthi nivuselwe cekuphileni okuphakade, futhi lokhu kuyoba ngenxa yokholo lwenu kuye njengokwesethembiso.

42 Ngalokho-ke, uma umuntu aenokholo bkufanele ukuthi abe nethemba; ngokuba ngaphandle kokholo ngeke libe khona ithemba.

43 Futhi phezu kwalokho, bhekani ngithi kini ngeke abe nokholo kanye nethemba, ngaphandle kokuthi eyoba amnene, futhi athobe ngenhliziyo.

44 Uma kungenjalo, aukholo lwakhe nethemba lakhe kuyize, ngokuba akekho namunye omukelekile phambi kukaNkulunkulu, ngaphandle kwabamnene nabathobile ngenhliziyo; futhi uma umuntu emnene futhi ethobile ngenhliziyo, futhi bevuma ngamandla kaMoya oyiNgcwele ukuthi uJesu unguKristu, kufanele ukuthi abe nesihe; ngokuba uma engenaso isihe akalutho; ngalokho-ke kufanele ukuthi abe nesihe.

45 Futhi aisihe sinenhliziyo ende, sinomusa, futhi basinamhawu, asizikhukhumezi, asizifuneli okwaso, asicasuki kalula, asicabangi okubi, futhi asithokozi kokubi kepha sithokozela iqiniso, sibekezelela izinto zonke, sikholwa yizinto zonke, sethemba izinto zonke, sibekezelela izinto zonke.

46 Ngalokho-ke, bafowethu abathandekayo, uma ningenaso isihe, anilutho, ngokuba isihe asehluleki nanini. Ngalokho-ke, namathelani kuso isihe, esikhulu kunakho konke, ngokuba zonke izinto zizokwehluleka—

47 Kepha aisihe bwuthando olumsulwa lukaKristu, futhi lubekezela ingunaphakade; futhi noma ngubani otholwa enaso ngosuku lokugcina, kuyoba kuhle kuye.

48 Ngalokho-ke, bafowethu abathandekayo, akhulekani kuBaba ngamandla onke enhliziyo, ukuze nigcwaliswe ngaloluthando, alunika bonke labo babangabalandeli beqiniso beNdodana yakhe, uJesu Kristu; ukuze nibe ngamadodana kaNkulunkulu; ukuze kuthi nxa esebonakala csibenjengaye, ngokuba siyombona njengoba enjalo; ukuze sibe nalelithemba; ukuze senziwe dmsulwa njengoba naye emsulwa. Amen.