ImiBhalo eNgcwele
Moroni 3


Isahluko 3

Amagosa abeka abaphristi kanye nabafundisi ngokubabeka izandla. Cishe ngonyaka weNkosi wama 401 kuya kowama 421.

1 Indlela abafundi, ababebizwa angamagosa ebandla, bababebeka ngayo abaphristi kanye nabafundisi—

2 Emva kokuthi sebekhulekile kuBaba egameni likaKristu, babeka izandla zabo phezu kwabo, base bethi:

3 Egameni likaJesu Kristu ngikubeka ukuthi ube ngumphristi (noma uma engumfundisi, ngikubeka ukuthi ube ngumfundisi) ukuthi ushumayele ukuphenduka kanye noku athethelelwa kwezono ngoJesu Kristu, ngokubekezela ngokholo egameni lakhe kuze kube sekugcineni. Amen.

4 Futhi abababeka ngalendlela abaphristi kanye nabafundisi, ngokwe bzipho kanye nokubizwa kwabantu nguNkulunkulu; futhi bababeka cngamandla kaMoya oyiNgcwele, owawukubo.