ImiBhalo eNgcwele
Mormoni 8


Isahluko 8

AmaLamani athungatha amaNefi futhi ayawabulala—INcwadi kaMormoni iyovela ngamandla kaNkulunkulu—Ubumaye buyaqiniswa kulabo abakhuluma ngolaka kanye nangokulwa ngokumelene nomsebenzi weNkosi—Umbhalo wamaNefi uyovela ngosuku lobubi, lokonakala, kanye nelokuhlubuka. Cishe ngonyaka weNkosi wama 400 kuya kowama 421.

1 Bheka mina, aMoroni, ngiyawuqedela bumbhalo kababa, uMormoni. Bheka, nginezinto ezimbalwa nje engizozibhala, engiyalwe ngazo ngubaba.

2 Manje kwenzeka ukuthi emva akwempi enkulu neyesabekayo eyayiseKumora, bheka, lawomaNefi ayebalekele ezweni elingaseningizimu azingelwa bngamaLamani, kwaze kwaba wonke ayabulawa.

3 Futhi nobaba naye ngokunjalo wabulawa yiwo, futhi sengisele angedwa ukuze ngibhale indaba edabukisayo yokubhujiswa kwabantu bakithi. Kepha bheka, abasekho, futhi ngiyawufeza umyalelo kababa. Futhi noma bazongibulala nami, angazi.

4 Ngakho-ke ngizobhala futhi ngiyifihle lemibhalo phansi; futhi noma ngabe ngiya kuphi akusho lutho.

5 Bheka, ngubaba owenze alombhalo, futhi uyibhalile nenhloso yawo. Futhi bheka, bengizoyibhala nami futhi ukuba benginendawo bezingcwepheni, kepha anginayo; futhi nensimbi anginayo, ngokuba ngingedwa. Ubaba ubulewe empini, kanye nabo bonke abomndeni wami, futhi anginabo nabangani angazi nokuthi ngizoyaphi; futhi ukuthi iNkosi izongivumela ngihlale isikhathi esingakanani angazi.

6 Bheka, iminyaka aengamakhulu amane isidlulile kusukela ekuzeni kweNkosi nomSindisi wethu.

7 Futhi bheka, amaLamani abazingele abantu bami, amaNefi, idolobha nedolobha futhi indawo nendawo, kwaze kwaba bayaphela nya; futhi kube kukhulu aukubhujiswa kwabo; yebo, kukhulu futhi kuyamangalisa ukubhujiswa kwabantu bami, amaNefi.

8 Futhi bheka, yisandla seNkosi esikwenzile lokhu. Futhi bheka phezu kwalokho, namaLamani aasempini omunye nomunye; futhi bonke ubuso balelizwe bugcwele ukubulala okuqhubekayo kanye nokuchitheka kwegazi; futhi akekho osaziyo isiphetho salempi.

9 Manje, bheka, angisasho lutho mayelana nabo, ngokuba akusekho namunye ngaphandle kwamaLamani kanye anabaphangi abasekhona ebusweni balelizwe.

10 Futhi akukho namunye omaziyo uNkulunkulu weqiniso ngaphandle akwabafundi baJesu, labo abasala ezweni kwaze kwaba ububi babantu buba bukhulu kakhulu kangangoba iNkosi ayibange isabavumela ukuthi bbahlale nabantu; futhi noma basebusweni balelizwe akukho muntu owaziyo.

11 Kepha bheka, aubaba kanye nami sibabonile, futhi basisebenzele.

12 Futhi lowo othola lombhalo, futhi angawusoli ngenxa yamaphutha akuwo, nguye uyokwazi angezinto ezinkulu kunalezi. Bheka, nginguMoroni; futhi ukuba bekungenzeka, bengizonambulela zonke izinto.

13 Bheka, sengenza isiphetho senkulumo mayelana nalabantu. Ngiyindodana kaMormoni, futhi ubaba wayengowo azalo lukaNefi.

14 Futhi nginguye lowo aowafihlela lombhalo eNkosini; izingcwephe zawo azibalulekile, ngenxa yomyalelo weNkosi. Ngokuba ngempela yathi akukho namunye oyozithola ukuze bathole inzuzo; kepha umbhalo okuzo uyigugu elikhulu; futhi lowo oyowuveza, iNkosi iyombusisa.

15 Ngokuba akekho namunye ongaba namandla okuwuveza ngaphandle kokuthi ekunikwe nguNkulunkulu; ngokuba uNkulunkulu ufuna ukuthi kwenziwe angeso elizinikele lokuletha udumo lwakhe, noma ngeso elizinikele ukuze kuzuze abantu basendulo kanye nalabo bantu besivumelwano seNkosi abahlakazwa kudala.

16 Futhi ubusisiwe alowo oyoveza lento; ngokuba biyokhishwa ebumnyameni ilethwe ekukhanyeni, ngokwezwi likaNkulunkulu; yebo, iyokhishwa phansi, futhi iyokhazimula iphume ebumnyameni, futhi yaziwe ngabantu; futhi lokhu kuyokwenziwa ngamandla kaNkulunkulu.

17 Futhi uma ngabe akunamaphutha kuyoba ngamaphutha omuntu. Kepha bheka, thina asazi phutha; nokho uNkulunkulu wazi zonke izinto; ngakho-ke, lowo bosolayo, makaqaphele hleze abe sengozini yomlilo wesihogo.

18 Futhi nalowo othi: Ngitshengise, noma kungenjalo uzoshaywa—makaqaphele hleze ayale ngalokho okungavunyelwe yiNkosi.

19 Ngokuba bheka, lowo aowehlulela ngokushesha naye uyokwehlulelwa ngokushesha futhi; ngokuba inkokhelo yakhe iyoba njengokwemisebenzi yakhe; ngakho-ke, lowo oshayayo naye uyoshaywa futhi, yiNkosi.

20 Bheka ukuthi umbhalo ongcwele uthini—umuntu makangashayi, noma ehlulele; ngokuba ukwahlulela kungokwami, kusho iNkosi, futhi nempindiselo ingeyami, futhi yimi engizobuyisela.

21 Futhi lowo oyokhuluma ngolaka kanye nangokulwa ngokumelene nomsebenzi weNkosi, futhi nangokumelene nabantu besivumelwano beNkosi abayindlu ka-Israyeli, futhi noyothi: Sizowubhubhisa umsebenzi weNkosi, futhi iNkosi ngeke isikhumbule isivumelwano sayo eyasenza kuyo indlu ka-Israyeli—nguye lowo osengozini yokuthi agawulelwe phansi futhi aphonswe emlilweni;

22 Ngokuba aizinjongo zaphakade zeNkosi ziyoqhubeka njalo, kuze kube zonke izethembiso zayo ziyagcwaliseka.

23 Zicwaningeni iziphrofetho zika-aIsaya. Bhekani ngeke ngikwazi ukuzibhala. Yebo, bhekani ngithi kini, labo bangcwele asebahamba phambi kwami, ababengabanikazi balelizwe, bbayokhala, yebo, ngisho besothulini bayokhala eNkosini; futhi njengoba iNkosi iphila iyosikhumbula isivumelwano esenze nabo.

24 Futhi iyayazi aimikhuleko yabo, ukuthi yayenzelwe abafowabo. Futhi iyalwazi ukholo lwabo, ngokuba ngegama layo babengasusa bizintaba; futhi ngegama layo babengenza phansi kuzamazame; futhi ngamandla ezwi layo benza camatilongo ukuthi adilikele phansi; yebo, abatholanga myocu ngisho nasesithandweni somlilo esesabekayo, ngisho nezilwane zasendle nezinyoka ezinobuthi, ngenxa yamandla ezwi lakhe.

25 Futhi bhekani, aimikhuleko yabo futhi yayenzelwe lowo iNkosi eyomvumela ukuthi aveze lezi zinto.

26 Futhi akukho namunye okufanele athi ngeke kwenzeke, ngokuba ngempela kuyokwenzeka, ngokuba iNkosi ikukhulumile lokhu, ngokuba ziyovela aphansi, ngesandla seNkosi, futhi akukho namunye oyokuvimba; futhi kuyokwenzeka ngosuku lapho kuyobe sekuthiwa bizimangaliso azisenzeki; futhi kuyokwenzeka kube sengathi kukhona okhuluma cesekufeni.

27 Futhi kuyokwenzeka ngosuku lapho aigazi labangcwele liyokhala eNkosini, ngenxa byamaqembu ayimfihlo kanye nemisebenzi yobumnyama.

28 Yebo, kuyokwenzeka ngosuku lapho amandla kaNkulunkulu esephikwa, futhi aamabandla esenenkohlakalo futhi benokuziqhenya ezinhliziyweni zabo; yebo, ngisho nangosuku lapho abaholi bamabandla kanye nabefundisi beyophakama ngenxa yokuziqhenya okusezinhliziyweni zabo, babe nomona ngisho namalungu amabandla abo.

29 Yebo, kuyokwenzeka ngosuku lapho aabantu beyozwa ngemililo, kanye nangeziphepho, kanye bnangezinkungu zentuthu emazweni angaphandle;

30 Futhi phezu kwalokho abantu bayozwa angezimpi, amahemuhemu ezimpi, kanye nangokuzamazama komhlaba ezindaweni ngezindawo.

31 Yebo, kuyokwenzeka ngosuku lapho kuyobe kukhona ukungcola okukhulu ebusweni bomhlaba; kuyoba khona ukubulalana, kanye nokuphanga, kanye nokuqamba amanga, kanye nenkohliso, kanye nobufebe, kanye nazo zonke izinhlobo zezinengiso; lapho beyoba baningi abayothi, Yenza lokhu, noma yenza lokhuya, futhi aakusho lutho, ngokuba iNkosi biyobasekela abanjalo ngosuku lokugcina. Kepha maye kulabo, ngokuba cbasenyongweni ebabayo futhi basezibophweni zobubi.

32 Yebo, kuyokwenzeka ngosuku lapho kuyoba khona amabandla akhiweyo ayokuthi: Woza kimi, futhi ngemali yakho uzothethelelwa izono zakho.

33 O nina bantu enibabi futhi eniphambene futhi neningontamo lukhuni, kungani nizakhele amabandla ukuze nithole ainzuzo na? Kungani bseniguqule izwi elingcwele likaNkulunkulu, ukuze nilethe cusizi emiphefumulweni yenu na? Bhekani, thembelani ezambulweni zikaNkulunkulu; ngokuba bhekani, isikhathi siyeza ngalolo suku lapho zonke lezi zinto kuyofanela zigcwaliseke.

34 Bhekani, iNkosi ingitshengisile izinto ezinkulu futhi nezimangalisayo mayelana nalokho okufanele kwenzeke masinyane, ngalolo suku lapho lezi zinto ziyovela phakathi kwenu.

35 Bhekani, ngikhuluma kini sengathi nanikhona, kanti anikho. Kepha bhekani, uJesu Kristu ungitshengisile nina, futhi ngiyazazi izenzo zenu.

36 Futhi ngiyazi ukuthi anihamba ngokuziqhenya okusezinhliziyweni zenu; futhi akukho namunye ngaphandle nje kwabambalwa kuphela babangaziphakamisi ngokuziqhenya okusezinhliziyweni zabo, okubangela ukuba bagqoke cizingubo ezinhle kakhulu, okubangela umona, nengxabano, nenzondo, nokuhlupha, kanye nayo yonke inhlobo yobubi; futhi amabandla enu, yebo, ngisho wonke, angcolile ngenxa yokuziqhenya kwezinhliziyo zenu.

37 Ngokuba bhekani, nithanda aimali, kanye nezinto zenu, kanye nezingubo zenu ezinhle kakhulu, kanye nokuhlotshiswa kwamabandla enu, ngaphezu kokuthi nithande abampofu, kanye nabantulayo, abagulayo kanye nabahluphekile.

38 O nina eningcolile, nina bazenzisi, nina bafundisi, eniziyekelela kulokho okuyogqwala, kungani nilingcolisile ibandla elingcwele likaNkulunkulu na? Kungani aninamahloni okuthi nibizwe ngegama likaKristu na? Kungani ningacabangi ukuthi inkulu leyo ntokozo engapheliyo bkunosizi olungasoze lwaphela—ngenxa cyodumo lwezwe na?

39 Kungani nizihlobisa ngalokho okungenampilo, kepha nibe nivumela abalambile, kanye nabantulayo, kanye nabanqunu, kanye nabagulayo kanye nabahluphekayo ukuthi badlule kini, futhi ningabanaki na?

40 Yebo, kungani nakha aizinengiso zenu zangasese ukuze nithole inzuzo, futhi nenze ukuthi abafelokazi balile phambi kweNkosi, futhi ngokunjalo nezintandane ukuthi zilile phambi kweNkosi, futhi ngokunjalo negazi loyise kanye nabayeni babo ukuthi likhale eNkosini lisuka phansi, ukuthi kube khona impindiselo phezu kwamakhanda enu na?

41 Bhekani, inkemba yempindiselo ilengela phezu kwenu; futhi isikhathi siyeza masinyane lapho aiyoliphindiselela igazi labangcwele kini, ngokuba ngeke isakuvumela ukukhala kwabo nanini.