ImiBhalo eNgcwele
Mormoni 2


Isahluko 2

UMormoni uhola amabutho amaNefi—Igazi kanye nokufa kwabantu abaningi kushanela izwe—AmaNefi ayalila futhi akhaliswa wusizi lokulahlwa—Usuku lwabo lomusa seludlulile—UMormoni uthola izingcwephe zikaNefi—Izimpi ziyaqhubeka. Cishe ngonyaka weNkosi wama 327 kuya kowama 350.

1 Futhi kwenzeka ngawo lowo nyaka kwaqala ukuthi kube khona impi futhi phakathi kwamaNefi kanye namaLamani. Futhi naphezu kokuthi ngimncane, ngangimkhulu ngomzimba; ngakho-ke abantu baNefi bangibeka ukuthi ngibe ngumholi wabo, noma umholi wamabutho abo.

2 Ngakho-ke kwenzeka ukuthi ngonyaka wami weshumi nesithupha ngalwa namaLamani, ngihola amaNefi; ngakho-ke iminyaka engamakhulu amathathu neminyaka engamashumi amabili nesithupha yabe isidlule.

3 Futhi kwenzeka ukuthi ngonyaka wamakhulu amathathu neminyaka engamashumi amabili nesikhombisa amaLamani eza kithi ngamandla amakhulu kakhulu, kangangokuthi awesabisa amabutho ami; ngakho-ke awazange alwe, futhi aqala abalekela ngasemazweni ayengasenyakatho.

4 Futhi kwenzeka ukuthi saze safika edolobheni lase-Angola, futhi salithatha lelo dolobha, futhi senza amalungiselelo okuthi sizivikele kumaLamani. Futhi kwenzeka ukuthi saliqinisa lelo dolobha ngamandla ethu onke; kepha naphezu kwakho konke ukuliqinisa kwethu amaLamani atheleka phezu kwethu futhi asiphoqa ukuba sibaleke siphumele ngaphandle kwalelo dolobha.

5 Futhi baphinde basiphoqa ukuba sibaleke siphume nasezweni lakwaDavide.

6 Futhi sahamba saze safika ezweni lakwaJoshuwa, elalisemngceleni entshonalanga ngasogwini lolwandle.

7 Futhi kwenzeka ukuthi sabaqoqa abantu bethu ngokushesha okukhulu, ukuze sibaqoqele ndawonye babe yiqembu elilodwa.

8 Kepha bheka, izwe laligcwele abaphangi kanye namaLamani; futhi naphezu kokubhujiswa okukhulu okwakulengela abantu bami, abazange baphenduke ekwenzeni kwabo ububi; ngakho-ke kwaba khona igazi nokufa kwabantu abaningi kakhulu kubo bonke ubuso bezwe, nhlangothi zombili kumaNefi futhi kanjalo nakumaLamani; futhi kwaba khona ukuhlubuka okukhulu kubo bonke ubuso bezwe.

9 Manje, amaLamani ayenenkosi, igama layo okwakuwu-Aroni; futhi weza ezolwa nathi nebutho lezinkulungwane ezingamashumi amane nane. Futhi bheka, ngamelana naye ngabayizinkulungwane ezingamashumi amane nambili. Futhi kwenzeka ukuthi ngamehlula nempi yami kangangokuthi wangibalekela. Futhi bheka, konke lokhu kwenzeka, futhi kwase kudlule iminyaka engamakhulu amathathu neminyaka engamashumi amathathu.

10 Futhi kwenzeka ukuthi amaNefi aqala aphenduka ebubini bawo, futhi aqala ukukhala njengoba kwakuphrofethe uSamuweli umphrofethi; ngokuba bheka kwakungekho namunye umuntu owayekwazi ukugcina lokho okwakungokwakhe, ngenxa yamasela, kanye nabaphangi, kanye nababulali, kanye nobuciko bemilingo, kanye nobuthakathi obabukhona ezweni.

11 Ngakho-ke kwaqala ukuthi kube khona ukukhala kanye nokulila kulo lonke izwe ngenxa yalezi zinto, futhi ikakhulukazi phakathi kwabantu baNefi.

12 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi mina, Mormoni, ngibona ukulila kanye nokukhala kwabo kanye nosizi lwabo phambi kweNkosi, inhliziyo yami yaqala ukuthokoza ngaphakathi kimi, ngokwazi isihawu kanye nenhliziyo ende yeNkosi, ngakho-ke nginokucabanga ukuthi yayizoba nesihawu kubo ukuze baphinde futhi babe ngabantu abalungile.

13 Kepha bheka lokuthokoza kwami kwakuyize, ngokuba aukudabuka kwabo kwakungekona okokuphenduka, ngenxa yobuhle bukaNkulunkulu; kepha esikhundleni salokho kwakuwukudabuka bkokulahlwa, ngenxa yokuthi iNkosi yayingenakuvuma njalo ukuthi bajabule cbesesonweni.

14 Futhi abazange beze kuJesu angezinhliziyo ezidabukileyo kanye nangomphefumulo okhathazekileyo, kepha bbamqalekisa uNkulunkulu, futhi bafisa ukufa. Nokho bazabalaza ngenkemba ukuze basindise izimpilo zabo.

15 Futhi kwenzeka ukuthi ukudabuka kwami kwabuyela kimi futhi, futhi ngabona ukuthi ausuku blomusa clwase lwedlulile kubo, ngokwasemhlabeni kanye nangokukamoya; ngokuba ngazibona izinkulungwane zabo zigawulelwa phansi ngokuvukela uNkulunkulu wabo ngokusobala, futhi banqwabelana ndawonye njengamalongwe ebusweni bezwe. Futhi waphela ngalendlela-ke unyaka wamakhulu amathathu neminyaka engamashumi amane nane.

16 Futhi kwenzeka ukuthi ngonyaka wamakhulu amathathu neminyaka engamashumi amane nanhlanu amaNefi aqala ukubalekela amaLamani; futhi alandelwa kwaze kwaba afika ezweni lakwaJashiyoni, phambi kokuthi aze anqandwe ukuba angene ezindaweni zawo zokucasha.

17 Manje, idolobha lakwaJashiyoni laliseduze anezwe lapho u-Amaroni ayebeke khona imibhalo yeNkosi, ukuze ingashatshalaliswa. Futhi bheka ngase ngihambe njengokwezwi lika-Amaroni, futhi ngazithatha izingcwephe zikaNefi, futhi ngenza umbhalo njengokwamazwi ka-Amaroni.

18 Futhi kuzo izingcwephe zikaNefi ngenze indaba egcwele ngabo bonke ububi kanye nezinengiso; kepha kulezi azingcwephe ngikugwemile ukuthi ngenze indaba egcwele ngobubi kanye nangezinengiso zabo, ngokuba bheka, izigameko eziningi ezilandelanayo zobubi kanye nezinengiso bezilokhu ziphambi kwamehlo ami selokhu ngaba mdala ngokwanele ukuthi ngiqonde izindlela zomuntu.

19 Futhi maye kimi ngenxa yobubi babo; ngokuba inhliziyo yami igcwaliswe ngosizi ngenxa yobubi babo, izinsuku zonke zami; nokho, ngiyazi ukuthi angiyophakanyiswa ngosuku lokugcina.

20 Futhi kwenzeka ukuthi ngalonyaka abantu baNefi baphinda futhi bazingelwa futhi baphoqwa ukuthi babaleke. Futhi kwenzeka ukuthi saphoqwa ukuthi sibaleke saze safika ngasenyakatho ezweni elalibizwa ngokuthi yiShemi.

21 Futhi kwenzeka ukuthi saliqinisa idolobha iShemi, futhi sabaqoqa abantu bethu kangangoba sasingakwenza, ukuze mhlawumbe sibasindise ekufeni.

22 Futhi kwenzeka ngonyaka wamakhulu amathathu namashumi amane nesithupha aqala ukutheleka phezu kwethu futhi.

23 Futhi kwenzeka ukuthi ngakhuluma kubantu bami, futhi ngabanxusa ngamandla amakhulu, ukuthi bame ngesibindi phambi kwamaLamani futhi abalwele abafazi babo, kanye nabantwana babo, kanye nemizi yabo, kanye namakhaya abo.

24 Futhi amazwi ami ndlela thize abavuselela ukuthi baqine, kangangokuthi abazange besawabalekela amaLamani, kepha bema ngesibindi ngokumelene nawo.

25 Futhi kwenzeka ukuthi salwa ngempi yezinkulungwane ezingamashumi amathathu sibhekene nempi yezinkulungwane ezingamashumi amahlanu. Futhi kwenzeka ukuthi sema phambi kwawo ngokuqina okukhulu kangangokuthi asibakelela.

26 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi esebalekile sawalandela ngamabutho ethu, futhi saphinda sahlangabezana nawo, futhi sawashaya; nokho amandla eNkosi ayengasenathi; yebo, sase sishiywe ukuthi sizilwele ngokwethu, kangangokuthi uMoya weNkosi awuzange uhlale kithi; ngakho-ke sase sibuthakathaka njengabafowethu.

27 Futhi inhliziyo yami yaba nosizi ngenxa yalesi sehlakalo esikhulu senkathazo sabantu bakithi, ngenxa yobubi kanye nezinengiso zabo. Kepha bheka, salwa namaLamani kanye nabaphangi baGadiyantoni, kwaze kwaba siyaphinda siyawathatha amazwe angamafa ethu.

28 Futhi unyaka wamakhulu amathathu neminyaka engamashumi amane nesishiyagalolunye wabe sewudlulile. Futhi ngonyaka wamakhulu amathathu neminyaka engamashumi amahlanu senza isivumelwano namaLamani kanye nabaphangi baGadiyantoni, ngaso esahlukanisa amazwe angamafa ethu.

29 Futhi amaLamani asinika izwe elingasenyakatho, yebo, ngisho kuze kuya aemhubheni omncane owawuholela ezweni elingaseningizimu. Thina sawanika amaLamani lonke izwe elingaseningizimu.