ImiBhalo eNgcwele
Mormoni 4


Isahluko 4

Impi kanye nokubulawa kwabantu abaningi kuyaqhubeka—Ababi bajezisa ababi—Ububi obukhulu buyadlanga ngendlela engazange ibonwe ngaphambili kulo lonke elakwa-Israyeli—Abesifazane kanye nezingane baba yiminikelo yezithombe—AmaLamani aqala ukuwashanela amaNefi phambi kwawo. Cishe ngonyaka weNkosi wama 363 kuya kowama 375.

1 Manje kwenzeka ukuthi ngonyaka wamakhulu amathathu namashumi ayisithupha nantathu amaNefi enyuka namabutho awo ukuze ayokulwa namaLamani, ngaphandle kwezwe iNcithakalo.

2 Futhi kwenzeka ukuthi amabutho amaNefi aphoqwa ukuba abuyele emuva futhi ezweni leNcithakalo. Futhi ngesikhathi besacobekile, ibutho elisha lamaLamani latheleka phezu kwabo; futhi baba nempi enzima kakhulu, kangangokuthi amaLamani alithatha idolobha iNcithakalo, futhi abulala abaningi bamaNefi, futhi athatha eziningi iziboshwa.

3 Futhi insalela yabaleka futhi yayohlangana nabahlali basedolobheni iTeyankumi. Manje idolobha iTeyankumi lalingasemngceleni eduze nogu lolwandle; futhi phezu kwalokho laliseduze nedolobha iNcithakalo.

4 Futhi akwakungenxa yokuthi amabutho amaNefi akhuphuka aya kumaLamani ukuthi aze ashayeke; ngokuba ukuba kwakungenjalo, amaLamani ayengeke abe namandla phezu kwabo.

5 Kepha, bhekani, izahlulelo zikaNkulunkulu zizoza kwababi; futhi ababi abajeziswa ngababi; ngokuba ababi baphehla izinhliziyo zabantwana babantu ukuba bachithe igazi.

6 Futhi kwenzeka ukuthi amaLamani enza amalungiselelo okuthi ayohlasela idolobha iTeyankumi.

7 Futhi kwenzeka ngonyaka wamakhulu amathathu namashumi ayisithupha nane amaLamani alihlasela idolobha iTeyankumi, ukuze aphinde alithathe lelo dolobha.

8 Futhi kwenzeka ukuthi akhalinywa futhi abuyiselwa emuva ngamaNefi. Futhi ngesikhathi amaNefi ebona ukuthi ayesewabuyisele emuva amaLamani aphinda futhi aziqhayisa ngamandla awo; futhi ahamba ngamandla awo, futhi aphinda alithatha idolobha iNcithakalo.

9 Manje zonke lezi zinto zase zenzekile, futhi kwase kubulewe izinkulungwane nhlangothi zombili, kumaNefi kanye nakumaLamani.

10 Futhi kwenzeka ukuthi kwase kudlule unyaka wamakhulu amathathu namashumi ayisithupha nesithupha, futhi amaLamani aphinda abuya futhi ukuzohlasela amaNefi ukuze alwe nawo; nokho amaNefi awaphendukanga ebubini ayebenzile, kepha aphikelela ebubini bawo njalonjalo.

11 Futhi ngeke lukwazi ulimi ukuchaza, noma umuntu abhale incazelo ephelele ngesehlakalo esinyantisayo segazi kanye nokufa kwabantu abaningi okwaba phakathi kwalabantu, amaNefi kanye namaLamani; futhi zonke izinhliziyo zaba lukhuni, kangangoba bakujabulela ukuchitha igazi njalonjalo.

12 Futhi kwakungakaze kube khona aububi obukhulu kangaka phakathi kwabantwana bonke baLehi, noma ngisho phakathi kwawo wonke umuzi ka-Israyeli, ngokwamazwi eNkosi, njengoba baba khona phakathi kwalabantu.

13 Futhi kwenzeka ukuthi amaLamani alithatha idolobha iNcithakalo, futhi lokhu kwakungenxa yokuthi aisibalo sawo sasisedlula leso samaNefi.

14 Futhi aphinda ahamba ayohlasela idolobha iTeyankumi, futhi abakhipha abahlali bakhona kulo, futhi athatha eziningi iziboshwa zabesifazane kanye nabantwana, futhi anikela ngabo njengeminikelo akonkulunkulu bawo abayizithombe.

15 Futhi kwenzeka ukuthi ngonyaka wamakhulu amathathu namashumi ayisithupha nesikhombisa, amaNefi ethukuthele ngenxa yokuthi amaLamani ayenikele ngabesifazane bawo kanye nabantwana bawo, kangangokuthi awahlasela amaLamani ngentukuthelo enkulu kakhulu, kangangokuthi aphinda awahlula amaLamani, futhi awaphoqa ukuthi abaleke emazweni awo.

16 Futhi amaLamani awabange esabuya futhi ukuzohlasela amaNefi kwaze kwaba ngunyaka wamakhulu amathathu namashumi ayisikhombisa nanhlanu.

17 Futhi ngalonyaka ehla azohlasela amaNefi ngamandla awo wonke; futhi ayengabaleki ngenxa yobuningi besibalo sawo.

18 Futhi akusukela ngalesi sikhathi kuya phambili amaNefi awabange esaba namandla phezu kwamaLamani, kepha aqala ashanelwa yiwo ngisho nanjengamazolo phambi kwelanga.

19 Futhi kwenzeka ukuthi amaLamani ehla alihlasela idolobha iNcithakalo; futhi kwaba nempi enzima kakhulu eyaliwa ezweni iNcithakalo, lapho amaNefi ehlulwa khona.

20 Futhi aphinda awabalekela, futhi aze ayofika edolobheni iBowazi; futhi lapho ema alwa namaLamani ngesibindi esikhulu, kangangokuthi amaLamani awawehlulanga kwaze kwaba abuyela okwesibili futhi.

21 Futhi ngesikhathi esebuyela okwesibili, amaNefi axoshwa futhi abulawa kakhulu; abesifazane bawo kanye nabantwana bawo baphinda benziwa umhlatshelo wezithombe.

22 Futhi kwenzeka ukuthi amaNefi aphinda futhi awabalekela, ehamba nabo bonke ababehlala emadolobheni kanye nasezigodini.

23 Manje mina, Mormoni, ngokubona ukuthi amaLamani ayesezolibhubhisa izwe, ngakho-ke ngaya egqumeni aiShimi, futhi ngathatha yonke imibhalo u-Amaroni ayeyifihlele eNkosini.