ImiBhalo eNgcwele
Mormoni 7


Isahluko 7

UMormoni umema amaLamani ezinsuku zokugcina ukuthi akholwe kuKristu, emukele ivangeli Lakhe, futhi asindiswe—Bonke abakholwa yibhayibheli bayoyikholwa futhi neNcwadi kaMormoni. Cishe ngonyaka weNkosi wama 385.

1 Manje, bheka, sengizokhuluma okuthile kuyo ainsali yalabantu abasindisiwe, uma kuwukuthi uNkulunkulu angabanika amazwi ami, ukuze bazi ngezinto zoyise; yebo, ngikhuluma kini, nina nsali yendlu ka-Israyeli; futhi yilawa amazwi engiwakhulumayo:

2 Yazini ukuthi ninga abendlu ka-Israyeli.

3 Yazini ukuthi kufanele nize ekuphendukeni, noma ngeke nisindiswe.

4 Yazini ukuthi kufanele nizibeke phansi izikhali zenu zempi, futhi ningabe nisaphinde nithokoze ekuchitheni igazi, futhi ningaphinde nizithathe, ngaphandle uma uNkulunkulu eyoniyala ukuthi nizithathe izikhali zempi.

5 Yazini ukuthi kufanele nithole aulwazi loyihlo, futhi niphenduke ezonweni kanye nasebubini benu bonke, futhi bnikholwe kuJesu Kristu, ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu, futhi nokuthi wabulawa ngamaJuda, futhi ngamandla kaBaba uvukile futhi, ngalokho uzuze cukunqoba phezu kwethuna; futhi nokuthi kuye udosi lokufa lugwinyiwe.

6 Futhi ufeze aukuvuka kwabafileyo, ngakho umuntu okufanele avuswe ukuba ame phambi bkwesihlalo sokwahlulelwa.

7 Futhi ufeze anokukhululwa komhlaba, ngakho lowo oyotholakala bengenacala phambi kwakhe ngosuku lokwahlulela uyonikwa ukuthi cahlale noNkulunkulu embusweni wakhe, ukuze ahlabelele indumiso engapheliyo dnamakhwaya aphezulu, kuBaba, kanye nakuyo iNdodana, kanye nakuwo uMoya oyiNgcwele, eabanguNkulunkulu emunye, esesimweni fsenjabulo engenasiphelo.

8 Ngakho-ke phendukani, futhi nibhabhadiswe egameni likaJesu, futhi nibambelele aevangelini likaKristu, eniyokwaziswa ngalo, hhayi kulombhalo kuphela kepha futhi bnasembhalweni oyoza kwabeZizwe cuvela kuwo amaJuda, okungumbhalo oyovela kwabeZizwe duza kini.

9 Ngokuba bhekani, alokhu kubhalwe ngenhloso yokuthi bnikholwe yilokho; futhi uma nikholwa yilokho niyokholwa nayilokhu futhi; futhi uma nikholwa yilokhu, niyokwazi mayelana noyihlo, futhi kanjalo nangemisebenzi emangalisayo eyenziwa ngamandla kaNkulunkulu phakathi kwabo.

10 Futhi phezu kwalokho niyokwazi ukuthi niyinsali yenzalo kaJakobe; ngakho-ke nibalwa nabantu besivumelwano sokuqala; futhi uma kuwukuthi niyakholwa kuKristu, futhi nibhabhadiswe, okokuqala ngamanzi, bese kuba ngomlilo kanye nangoMoya oyiNgcwele, nilandela aisibonelo somSindisi wethu, ngokwalokho asiyala ngakho, kuyoba kuhle kini ngosuku lokwahlulelwa. Amen.