ImiBhalo eNgcwele
1 Nefi 10


Isahluko 10

ULehi ubikezela ukuthi amaJuda azothunjwa ngabaseBabiloni—Wazisa ngokufika phakathi kwamaJuda kukaMesiya, umSindisi, uMkhululi—ULehi wazisa futhi ngokuza kwalowo okuzofanele abhabhadise iMvana kaNkulunkulu—ULehi wazisa ngokufa kanye nokuvuka kukaMesiya—Uqhathanisa ukuhlakazeka kanye nokuqoqwa kuka-Israyeli nesihlahla somnqumo—UNefi ukhuluma ngeNdodana kaNkulunkulu, ngesipho sikaMoya oyiNgcwele, kanye nangesidingo sokulunga. Cishe ngonyaka wama 600 kuya kowama 592 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje mina, Nefi, ngiyaqhubeka nokunikeza indaba akulezi zingcwephe ngezenzo zami, kanye nokubusa nobufundisi bami; ngalokho-ke, ukuqhubeka nendaba yami, kufanele ngikhulume okuthize ngezinto zikababa, futhi ngokunjalo nangezabafowethu.

2 Ngokuba bheka, kwenzeka ukuthi emuva kokuba ubaba eseqedile ukukhuluma amazwi aephupho lakhe, futhi ngokunjalo nokubanxusa ukuba bakhuthale kakhulu, wakhuluma nabo ngokuphathelene namaJuda—

3 Ukuthi emuva kokuthi esebhujisiwe, ngisho nalelodolobha elikhulu aiJerusalema, futhi amaningi besethathiwe athunjelwa ceBabiloni, ngokwesikhathi seNkosi esifanele, ayophinda dabuye futhi, yebo, ngisho abuyiselwe emuva aphume ekuthunjweni; futhi emuva kokuthi esebuyiselwe emuva aphuma ekuthunjweni ayophinda futhi athole izwe eliyifa lawo.

4 Yebo, ngisho aeminyakeni engamakhulu ayisithupha kusukela ngesikhathi ubaba ashiya eJerusalema, iNkosi uNkulunkulu iyovusa bumphrofethi phakathi kwamaJuda—ngisho cuMesiya, noma, ngamanye amazwi, umSindisi womhlaba.

5 Futhi waphinda wakhuluma ngokuphathelene nabaphrofethi, nokuthi babebaningi kangakanani aababefakaze ngazo lezi zinto, ngokuphathelene nalo Mesiya, ayekhuluma ngaye noma lo Mkhululi womhlaba.

6 Ngalokho-ke, bonke abantu ababesesimweni sokulahleka kanye nesokuwa, futhi bayokuba kuso njalo ngaphandle kokuthi bathembele kuye lo Mkhululi.

7 Futhi waphinde wakhuluma ngokuphathelene anomphrofethi owayezofika ngaphambi kukaMesiya, ukuzolungisa indlela yeNkosi—

8 Yebo, ngisho nokuthi uyohamba futhi amemeze ehlane athi: aLungisani indlela yeNkosi, futhi nenze imikhondo yayo iqonde; ngokuba kukhona omile phakathi kwenu eningamazi; futhi yena unamandla kunami, umchilo wesicathulo sakhe engingafanele ukuwuthukulula. Futhi kuningi okwakhulunywa wubaba ngokuphathelene nalento.

9 Futhi ubaba wathi yena uyobhabhadisa aeBathabara, ngaphesheya kweJordani; futhi waphinde wathi buyobhabhadisa ngamanzi; ngisho nokuthi uyobhabhadisa uMesiya ngamanzi.

10 Futhi emuva kokuthi esebhabhadise uMesiya ngamanzi, uyobona futhi afakaze ukuthi ubhabhadise aiMvana kaNkulunkulu, ezosusa izono zomhlaba.

11 Futhi kwenzeka emuva kokuthi ubaba esewashilo lamazwi wakhuluma kubafowethu ngokuphathelene nevangeli eliyoshunyayelwa phakathi kwamaJuda, futhi ngokunjalo ngokuphathelene anokuncishelwa wukukholwa kwamaJuda. Emuva kokuthi besembulele uMesiya, lowo oyokuza, futhi emuva kokuthi esebulewe cuyovuka kwabafileyo, futhi uyozibonakalisa, dngoMoya oyiNgcwele, kwabeZizwe.

12 Yebo, ngisho ubaba wakhuluma kakhulu mayelana nabeZizwe, futhi ngokunjalo nangendlu ka-Israyeli, ukuthi kufanele iqhathaniswe anesihlahla somnqumo, amagatsha aso okufanele anqunywe bese behlakazwa ebusweni bonke bomhlaba.

13 Ngalokho-ke, wathi kufanele ukuthi thina siholwe nganhliziyonye ukuya aezweni lesethembiso, ukugcwalisa izwi leNkosi, lokuthi kufanele sihlakazeke ebusweni bonke bomhlaba.

14 Futhi emuva kokuthi indlu ka-Israyeli isihlakaziwe iyophinda aibuthelwe ndawonye futhi; noma-ke, ukuphetha, emuva kokuthi babeZizwe sebelitholile iVangeli elipheleleyo, amagatsha emvelo cesihlahla somnqumo, noma insalela yendlu ka-Israyeli, iyoxhumelelwa, noma yazi ngoMesiya weqiniso, iNkosi yabo kanye noMkhululi wabo.

15 Futhi nempela ubaba waphrofetha futhi wakhuluma kubafowethu ngalendlela yokukhuluma, futhi ngokunjalo nangezinye eziningi izinto engingazibhali kulencwadi; ngokuba ngizibhalile eziningi zazo njengokuba kwakufanele kimi akwenye incwadi yami.

16 Futhi zonke lezi zinto, esengikhulume ngazo, zenzeka ngesikhathi ubaba ehlezi etendeni, esigodini sikaLemuweli.

17 Futhi kwenzeka ukuthi emuva kokuthi mina, Nefi, sengiwazwile wonke aamazwi kababa, mayelana nezinto azibona bembonweni, futhi ngokunjalo nezinto azikhuluma ngamandla kaMoya oyiNgcwele, amandla lawo awathola ngokholo kuyo iNdodana kaNkulunkulu—futhi iNdodana kaNkulunkulu ckwakunguMesiya lowo owayezofika—mina, Nefi, nganginesifiso nami sokuthi ngibone, futhi ngizwe, futhi ngazi ngalezi zinto, ngamandla dkaMoya oyiNgcwele, oyisipho sikaNkulunkulu kubo bonke labo eabamfuna ngokukhuthala, fezikhathini zasemandulo njengasesikhathini lapho ayoziveza ngaso kubantwana babantu.

18 Ngokuba auyefana izolo, namuhla, naphakade; futhi indlela ilungiselelwe bonke abantu selokhu kwasekelwa umhlaba, uma nje kungukuthi bayaphenduka futhi beza kuye.

19 Ngokuba lowo ofuna ngokukhuthala uyozuza; futhi aizimfihlakalo zikaNkulunkulu ziyokwambulwa kubo, ngamandla bkaMoya oyiNgcwele, ezikhathini zamanje njengasezikhathini zasemandulo; ezikhathini zasemandulo njengasezikhathini ezizayo; ngalokho-ke, cindlela yeNkosi yinye naphakade.

20 Ngakho-ke khumbula, O muntu, ngokuba ngazo zonke izenzo zakho uyolethwa aekwahlulelweni.

21 Ngalokho-ke, uma ufune ukwenza ububi ezinsukwini azokuvivinywa kwakho, emuva kwalokho utholakala bungahlanzekile phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaNkulunkulu; futhi akukho nto engcolile engahlala noNkulunkulu; ngalokho-ke, kufanele ulahlwe ingunaphakade.

22 Futhi uMoya oyiNgcwele unginika igunya lokuthi ngizikhulume lezi zinto futhi ngingazigodli.