ImiBhalo eNgcwele
1 Nefi 3


Isahluko 3

Amadodana kaLehi abuyela eJerusalema ukuyolanda izingcwephe zethusi—ULabani wenqaba ukuzidela izingcwephe—UNefi uyabayala futhi uyabakhuthaza abafowabo—ULabani untshontsha impahla yabo futhi uzama ukubabulala—ULamani noLemuweli bashaya uNefi noSamu futhi basolwa yingelosi—Cishe ngonyaka wama 600 kuya kowama 592 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi kwenzeka ukuthi mina, Nefi, ngabuya ekukhulumeni neNkosi, ngaya etendeni likababa.

2 Futhi kwenzeka ukuthi wakhuluma kimi, ethi: Bheka ngiphuphe aiphupho, okuthe kulo iNkosi yangiyala ngokuthi wena kanye nabafowenu niyobuyela eJerusalema.

3 Ngokuba bheka, uLabani unombhalo wamaJuda futhi ngokunjalo anomlando wesizukulwane sokhokho bami, futhi lokho kuqoshwe ezingcwepheni zethusi.

4 Ngalokho-ke, iNkosi ingiyalile ngokuthi wena nabafowenu kufanele niye endlini kaLabani, niyofuna lemibhalo, futhi nehle nayo niyilethe lapha ehlane.

5 Manje, bheka abafowenu bayavungama, bathi kuyinto elukhuni lena mina engiyifune kubo; kodwa bheka angiyifunanga mina kubo, kodwa kungumyalelo weNkosi.

6 Ngakho-ke hamba, ndodana yami, futhi uyothandwa yiNkosi, ngoba wena aawuzange uvungame.

7 Futhi kwenzeka ukuthi mina, Nefi, ngathi kubaba: aNgizohamba ngizenze izinto iNkosi eyale ngazo, ngokuba ngiyazi ukuthi iNkosi ayiniki bmiyalelo kubantwana babantu, ngaphandle kokuthi ciyobalungiselela indlela ukuze bakwazi ukufeza leyonto ebayale ngayo.

8 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi ubaba esezwe lamazwi wajabula kakhulu, ngokuba wayazi ukuthi ngase ngibusiswe yiNkosi.

9 Futhi mina, Nefi, kanye nabafowethu sathatha uhambo lwethu lwasehlane, namatende ethu, sakhuphukela ezweni laseJerusalema.

10 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi sesihambile sakhuphukela ezweni laseJerusalema, mina nabafowethu sabonisana omunye nomunye.

11 Futhi asenza inkatho—ukuthi ngubani phakathi kwethu owayezongena emzini kaLabani. Futhi kwenzeka ukuthi inkatho yawela kuLamani; futhi uLamani wahamba wangena emzini kaLabani, futhi wakhuluma naye ngesikhathi ehlezi endlini yakhe.

12 Futhi wacela kuLabani imibhalo leyo eyayiqoshwe ezingcwepheni zethusi, eyayiqukethe aumlando wesizukulwane sikababa.

13 Futhi bheka, kwenzeka ukuthi uLabani wathukuthela, futhi wamxosha phambi kwakhe; futhi akafunanga ukumnikeza imibhalo. Ngalokho-ke, wathi kuye: Bheka ungumphangi, futhi ngizokubulala.

14 Kodwa uLamani wabaleka phambi kwakhe, futhi wazositshela izinto uLabani ayezenzile. Futhi saqala ukudabuka kakhulu, futhi abafowethu base bezobuyela kubaba ehlane.

15 Kodwa bheka mina ngathi kubo: Njengoba iNkosi iphila, futhi nathi siphila, asizukuya ezansi kubaba ehlane ngaphambi kokuba siyifeze leyonto iNkosi esiyale ngayo.

16 Ngalokho-ke, masethembeke ekugcineni imiyalelo yeNkosi; ngakho-ke masehlele ezweni aeliyifa likababa, ngokuba bheka washiya igolide kanye nesiliva, kanye nayo yonke inhlobo yengcebo. Futhi konke lokhu ukwenze ngenxa byemiyalelo yeNkosi.

17 Ngokuba wayazi ukuthi iJerusalema kwakufanele aibhujiswe, ngenxa yobubi babantu.

18 Ngokuba bheka, abawenqabile amazwi abaphrofethi. Ngalokho-ke, uma ubaba wayengahlala kulelizwe emuva kokuthi beseyaliwe ukuthi abaleke aphume aphele kulo, bheka, naye ngokunjalo wayezobhubha. Ngalokho-ke, kufanele ukuthi abaleke aphume aphele kulelizwe.

19 Futhi bheka, kungukuhlakanipha kukaNkulunkulu ukuthi thina siyithole alemibhalo, ukuze sigcinele abantwana bethu ulimi lobaba bethu;

20 Futhi ngokunjalo ukuze asibagcinele amazwi akhulunywa ngemilomo yabo bonke abaphrofethi abangcwele, athunyelwa kubo ngoMoya kanye nangamandla kaNkulunkulu, kusukela ekudabukeni komhlaba, kwehle kuze kufike esikhathini samanje.

21 Futhi kwenzeka ukuthi ngabavumisa abafowethu ngalendlela yokukhuluma, ukuze bathembeke ekugcineni imiyalelo kaNkulunkulu.

22 Futhi kwenzeka ukuthi sehlela ezansi ezweni eliyifa lethu, futhi saqoqela ndawonye aigolide lethu, kanye nesiliva lethu, kanye nezinto zethu ezingamagugu.

23 Futhi emuva kokuthi sesiziqoqele ndawonye lezi zinto, sahamba futhi sakhuphukela emzini kaLabani.

24 Futhi kwenzeka ukuthi sangena saya kuLabani, futhi samcela ukuthi asinikeze imibhalo leyo eyayiqoshwe aezingcwepheni zethusi, ngayo thina esasiyomnika igolide lethu, kanye nesiliva lethu, kanye nazo zonke izinto zethu ezaziyigugu.

25 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi uLabani ebona impahla yethu, nokuthi yayiningi kakhulu, awayikhanukela, kangangokuthi wasixosha, futhi wathumela izinceku zakhe ukuthi zisibulale, ukuze athole impahla yethu.

26 Futhi kwenzeka ukuthi sabaleka ngaphambi kwezinceku zikaLabani, futhi saphoqeleka ukuthi siyishiye ngemuva impahla yethu, futhi yawela ezandleni zikaLabani.

27 Futhi kwenzeka ukuthi sabalekela ehlane, futhi izinceku zikaLabani azizange zisifice, futhi sacasha emgedeni wedwala.

28 Futhi kwenzeka ukuthi uLamani wangithukuthelela, futhi wathukuthelela nobaba; futhi ngokunjalo noLemuweli, ngokuba yena wayelalela amazwi kaLamani. Ngalokho-ke uLamani noLemuweli bakhuluma aamazwi amaningi anzima kithi, abafowabo abancane, futhi basishaya ngisho nangenduku.

29 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi besishaya ngenduku, bheka, aingelosi yeNkosi yeza futhi yema phambi kwabo, futhi yakhuluma kubo, ithi: Nimshayelani umfowenu omncane ngenduku na? Anazi yini ukuthi iNkosi imkhethile ukuthi abe bngumbusi phezu kwenu, futhi lokhu ngenxa yobubi benu na? Bhekani nizokhuphuka niye eJerusalema futhi, futhi iNkosi izomnikela ezandleni zenu uLabani.

30 Futhi emva kokuthi aingelosi isikhulumile kithi, yemuka.

31 Futhi emva kokuthi ingelosi isihambile, uLamani noLemuweli baqala futhi abavungama, bethi: Kungenzeka kanjani ukuthi iNkosi inikele uLabani ezandleni zethu na? Bheka, uyindoda enamandla, futhi angakhuza amashumi amahlanu, yebo, angabulala ngisho amashumi amahlanu; pho angekwenze ngani lokho kithi na?