ImiBhalo eNgcwele
1 Nefi 20


Isahluko 20

INkosi yembula izinhloso Zayo ku-Israyeli—U-Israyeli ukhethiwe esithandweni sezinkathazo futhi uzophuma eBabiloni—Qhathanisa no-Isaya 48. Cishe ngonyaka wama 588 kuya kowama 570 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Lalela futhi uzwe lokhu, O ndlu kaJakobe, obizwa ngegama lika-Israyeli, futhi ophuma emanzini akwaJuda, noma emanzini ombhabhadiso, ofunga ngegama leNkosi, futhi ubize uNkulunkulu ka-Israyeli, kodwa abafungi ngeqiniso nangokulunga.

2 Nokho, bazibiza ngomuzi ongcwele, kodwa abahlali kuye uNkulunkulu ka-Israyeli, oyiNkosi yamaBandla; yebo, iNkosi yamaBandla yigama lakhe lelo.

3 Bheka, ngizimemezele izinto zokuqala kusukela ekuqaleni; futhi zaphuma emlonyeni wami, futhi ngazibonakalisa. Nempela ngazibonakalisa ngokushesha.

4 Futhi ngakwenza lokhu ngoba ngangazi ukuthi unenkani, futhi nentamo yakho ingumsipha wensimbi, futhi ibunzi lakho liyithusi;

5 Futhi ngisho kusukela ekuqaleni ngamemezela kuwe; ngaphambi kokuthi zenzeke lezi zinto ngazibonakalisa kuwe; futhi ngazibonakalisa ngokwesaba hleze uthi—Isithixo sami sizenzile lezi zinto, kanye nesithombe sami esibaziweyo, futhi nesithombe sami esibunjiweyo sibayalile.

6 Ukubonile futhi wakuzwa konke lokhu; futhi ngabe awuzukukumemezela na? Futhi nokuthi ngikubonisile izinto ezintsha kusukela kulesi sikhathi, ngisho nezinto ezifihlekile, futhi awuzazanga.

7 Zidaliwe manje, futhi hhayi kusukela ekuqaleni, ngisho nangaphambi kosuku ongazizwanga ngalo zamenyezelwa kuwe, hleze uthi—Bheka bengizazi.

8 Yebo, futhi awuzizwanga; yebo, awazanga; yebo, kusukela kuleso sikhathi indlebe yakho yayingavulwanga; ngokuba bengazi ukuthi uzoziphatha ngenkohliso, futhi wabizwa ngophambukayo kwasesizalweni.

9 Nokho, ngenxa yegama lami ngizoyilibazisa intukuthelo yami, futhi ngenxa yodumo lwami ngizozibamba ukuza kuwe, ukuze ngingakubulali.

10 Ngokuba, bheka, ngikucwengisisile, ngikukhethile esithandweni sezinkathazo.

11 Ngenxa yami, yebo, ngenxa yami ngizokwenza lokhu, ngokuba angiyikuvuma ukuthi igama lami lingcoliswe, futhi angiyikuyinika omunye inkazimulo yami.

12 Lalela mina, O Jakobe, futhi nawe Israyeli obiziweyo wami, ngokuba nginguye; ngingowokuqala, futhi phezu kwalokho ngingowokugcina.

13 Isandla sami phezu kwalokho sisibekile isisekelo somhlaba, futhi nesandla sami sokunene siwenekile amazulu. Ngiyakubiza futhi kume ndawonye.

14 Nina nonke, buthanani, futhi nizwe; ngubani phakathi kwabo omemezela lezi zinto kubo na? INkosi imthandile; yebo, futhi izolifeza izwi layo elimemezele ngabo; futhi iyokwenza intando yayo ngeBabiloni, futhi ingalo yayo iyokuba phezu kwamaKaledi.

15 Phezu kwalokho, kusho iNkosi; mina Nkosi, yebo, ngikhulumile; yebo, ngimbizile ukuthi amemezele, ngimlethile, futhi uyokwenza indlela yakhe ichume.

16 Sondelani eduze nami; angikhulumanga ekusithekeni; kusukela ekuqaleni, kusukela esikhathini lapho kwamenyezelwa ukuthi ngikhulumile; futhi iNkosi uNkulunkulu, kanye noMoya wayo, ingithumile.

17 Futhi isho kanje iNkosi, uMkhululi wakho, oNgcwele ka-Israyeli; ngimthumile, iNkosi uNkulunkulu wakho okufundisa ukuthi usizakale, okuhola endleleni okumele uhambe ngayo, ngikwenzile lokho.

18 O ukuba wawuyilalelile imiyalelo yami—ukuba bekunjalo ukuthula kwakho bekuyokuba njengomfula, futhi nokulunga kwakho njengamagagasi olwandle.

19 Nenzalo yakho phezu kwalokho beyiyokuba njengesihlabathi; nabantwana bezibilini zakho njengamatshana olwandle; igama lakhe ngabe alicishwanga noma lisuswe phambi kwami.

20 Phumani eBabiloni, balekelani amaKaledi, ngezwi lokuhlabelela kumemezeleni, shonini lokhu, kukhulumeni nasemikhawulweni yomhlaba; shonini nithi: INkosi iyihlengile inceku yayo uJakobe.

21 Futhi kabomanga; wabahola ogwaduleni; wenza amanzi ukuthi abagobhozele ephuma edwaleni; phezu kwalokho waqhekeza idwala futhi amanzi ampompoza ephuma kulo.

22 Futhi naphezu kokuthi esekwenzile konke lokhu, kanye nokukhulu futhi, akukho ukuthula kwababi, kusho iNkosi.