ImiBhalo eNgcwele
1 Nefi 16


Isahluko 16

Ababi bathatha iqiniso njengento enzima—Amadodana kaLehi ashada amadodakazi ka-Ishmayeli—ILiyahona iyabaqondisa endleleni yabo ehlane—Imibiko evela eNkosini ibhalwa kuyo iLiyahona izikhathi-ngezikhathi—U-Ishmayeli uyafa; umndeni wakhe uyavungama ngenxa yezinhlupheko. Cishe ngonyaka wama 600 kuya kowama 592 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwenzeka ukuthi emva kokuthi mina, Nefi, sengiqedile ukukhuluma nabafowethu, bheka bathi kimi: Usitshele izinto ezinzima, ngaphezulu kokuthi thina singakwazi ukuzibekezelela.

2 Futhi kwenzeka ukuthi ngathi kubo ngangazi ukuthi ngangikhulume izinto ezinzima ngokumelene nababi, ngokweqiniso; futhi abalungile angibabekanga cala, futhi ngafakaza ngokuthi bayophakanyiswa ngosuku lokugcina; ngalokho-ke, aabanecala bathatha biqiniso ngokuthi linzima, ngokuba clidabula izibilini zabo ngqo.

3 Manje bafowethu, ukuba benilungile futhi nizimisele ukulalela iqiniso, futhi nilinake, ukuze anihambe ngobuqotho phambi kukaNkulunkulu, uma kunjalo beningenakuvungama ngenxa yeqiniso, nithi: Ukhuluma izinto ezilukhuni ngokumelene nathi.

4 Futhi kwenzeka ukuthi mina, Nefi, ngabanxusa abafowethu, ngayo yonke inkuthalo, ukuthi bagcine imiyalelo yeNkosi.

5 Futhi kwenzeka ukuthi nempela abazithoba phambi kweNkosi; kangangokuthi ngaba nokujabula kanye nethemba elikhulu ngabo, ukuthi bazohamba ezindleleni zokulunga.

6 Manje, zonke lezi zinto zashiwo futhi zenzeka ngesikhathi ubaba ehlala etendeni esigodini asibiza ngokuthi iLemuweli.

7 Futhi kwenzeka ukuthi mina, Nefi, ngathatha enye ayamadodakazi ka-Ishmayeli bngayenza umfazi wami; futhi ngokunjalo, nabafowethu bathatha phakathi kwamadodakazi ka-Ishmayeli bawenza abafazi babo; futhi ngokunjalo cnoZoramu wathatha indodakazi endala ka-Ishmayeli wayenza umfazi wakhe.

8 Futhi ngaleyondlela ubaba wabe eseyigcwalisile yonke imiyalelo yeNkosi ayenikezwe yona. Futhi phezu kwalokho, mina, Nefi, ngase ngibusisiwe kakhulu yiNkosi.

9 Futhi kwenzeka ukuthi izwi leNkosi lakhuluma kubaba ngobusuku, futhi lamyala ukuthi ngakusasa kwakufanele aqhubeke nohambo lwakhe oluya ehlane.

10 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi ubaba evuka ekuseni, futhi eya emnyango wetende, wamangala kakhulu ukubona phansi aibhola eliyindilinga elakhiwe ngobuciko; futhi lalakhiwe ngethusi elicolekile. Ngaphakathi kulo ibhola kwakukhona izinti ezimbili; olunye lwalukhomba indlela lapho kwakufanele thina siye ngakhona ehlane.

11 Futhi kwenzeka ukuthi saqoqela ndawonye zonke izinto okwakufanele sizithwale siya ehlane, kanye nayo yonke insalela yomphako wethu iNkosi eyayisinike wona; futhi sathatha imbewu enhlobonhlobo ukuze siyithwale siye ehlane.

12 Futhi kwenzeka ukuthi sathatha amatende ethu futhi semuka saya ehlane, ngaphesheya komfula uLamani.

13 Futhi kwenzeka ukuthi sahamba ibanga lezinsuku ezine, saqonda ngase ningizimu engasempumalanga, saphinda samisa amatende ethu futhi; futhi sayibiza lendawo ngegama elithi iShazeri.

14 Futhi kwenzeka ukuthi sathatha iminsalo kanye nemicibisholo yethu, sahamba saqhubekela ehlane ukuyozingelela imindeni yethu ukudla; futhi emva kokuthi sesiyizingelele imindeni yethu ukudla saphinda sabuyela kuyo imindeni yethu ehlane, endaweni yaseShazeri. Saphinda futhi sahamba saqhubeka ehlane, silandela yona leyo ndlela, sizigcina kulezozinxenye ezazivundile kakhulu zehlane, ezazisogwini maduzane anoLwandle oluBomvu.

15 Futhi kwenzeka ukuthi sahamba ibanga lezinsuku eziningi, sizingela ukudla endleleni, ngeminsalo nangemicibisholo yethu futhi nangamatshe ethu kanye nezihlilingi zethu.

16 Futhi salandela indlela angokuyalelwa yibhola, elasiholela kuleyo nxenye yehlane eyayivunde kakhulu.

17 Futhi emva kokuthi sesihambe ibanga lezinsuku eziningi, samisa amatende ethu okwesikhashana, ukuze sithole ukuphumula futhi siphinde sithole ukudla kwemindeni yethu.

18 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi mina, Nefi, ngiqhubekela phambili ngiyozingela ukudla, bheka, ngawephula umnsalo wami, owawakhiwe angensimbi ecolekile; futhi emva kokuthi sengiwephulile umnsalo wami, bheka, abafowethu bangithukuthelela ngenxa yokulahlekelwa wumnsalo wami, ngokuba asitholanga kudla.

19 Futhi kwenzeka ukuthi sabuyela emuva emindenini yethu ngaphandle kokudla, futhi becobekile kakhulu, ngenxa yohambo lwabo, bahlupheka kakhulu ngokweswela ukudla.

20 Futhi kwenzeka ukuthi uLamani noLemuweli kanye namadodana ka-Ishmayeli baqala ukuvungama kakhulu, ngenxa yezinhlupheko zabo kanye nezinkathazo ehlane; futhi ngokunjalo nobaba waqala ukuyivungamela iNkosi uNkulunkulu wakhe; yebo, futhi bonke babedabukile kakhulu, kangangokuthi bayivungamela iNkosi.

21 Manje kwenzeka ukuthi mina, Nefi, sengihlushwe ngabafowethu ngenxa yokulahlekelwa wumnsalo wami, futhi eyabo iminsalo ilahlekelwe wukunwebeka kwayo, kwaqala ukuthi kube nzima kakhulu, yebo, kangangoba asikwazanga ukuthola ukudla.

22 Futhi kwenzeka ukuthi mina, Nefi, ngakhuluma kakhulu nabafowethu, ngoba base bezenze lukhuni izinhliziyo zabo futhi, ngisho anokuyisola iNkosi uNkulunkulu wabo.

23 Futhi kwenzeka ukuthi mina, Nefi, ngenza umnsalo ngokhuni, kanye nomcibisholo ngenduku eqondile; ngalokho-ke, ngahloma ngomnsalo kanye nangomcibisholo, ngesihlilingi kanye nangamatshe. Futhi ngase ngithi akubaba: Ngizoya ngakuphi ukuze ngithole ukudla na?

24 Futhi kwenzeka ukuthi awabuza eNkosini, ngokuba base bezithobile ngenxa yamazwi ami; ngokuba ngakhuluma eziningi izinto kubo ngamandla ami onke.

25 Futhi kwenzeka ukuthi izwi leNkosi lafika kubaba; futhi ngempela awathotshiswa ngenxa yokuyivungamela iNkosi, kangangokuthi wehliswa kakhulu ngisho nangokudabuka okukhulu.

26 Futhi kwenzeka ukuthi izwi leNkosi lathi kuye: Buka kulo ibhola, bese ubheka izinto ezibhaliwe.

27 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi ubaba ebona izinto ezazibhalwe kulo ibhola, waba nokwesaba kanye nokuthuthumela okukhulu, futhi ngokunjalo nabafowethu namadodana ka-Ishmayeli kanye nabafazi bethu.

28 Futhi kwenzeka ukuthi mina, Nefi, ngabona izinkomba lezo ezazisebholeni, ukuthi zazisebenza angokokholo nenkuthalo kanye nangokuzinaka esasikunikeza kuzo.

29 Futhi phezu kwalokho kwakubhalwe kuzo umbhalo omusha, okwakulula ukuwufunda, owawusinika aukuqonda maqondana nezindlela zeNkosi; futhi wawubhalwa futhi ushintshwe izikhathi ngezikhathi, ngokokholo kanye nenkuthalo esasiyinikeza wona. Futhi ngalendlela siyabona ukuthi bngezinto ezincane iNkosi ingaletha izinto ezinkulu.

30 Futhi kwenzeka ukuthi mina, Nefi, ngahamba ngaya phezulu esicongweni sentaba, njengokuyalelwa okwakunikezwe kulo ibhola.

31 Futhi kwenzeka ukuthi ngabulala izilwane zasendle, kangangokuthi nempela ngakuthola ukudla kwemindeni yethu.

32 Futhi kwenzeka ukuthi ngabuyela ematendeni ethu, ngithwele izilwane lezo engangizibulele; manje ngesikhathi bebona ukuthi ngase ngikutholile ukudla, yaba nkulu kangakanani injabulo yabo! Futhi kwenzeka ukuthi bazithoba phambi kweNkosi, futhi bayibonga.

33 Futhi kwenzeka ukuthi saphinda futhi sathatha uhambo lwethu, sihamba cishe ngayo leyondlela efanayo njengasekuqaleni; futhi emva kokuthi sesihambe ibanga lezinsuku eziningi samisa amatende ethu futhi, ukuze sithi ukuhlala isikhashana.

34 Futhi kwenzeka ukuthi au-Ishmayeli wafa, futhi wangcwatshwa endaweni eyayibizwa ngokuthi iNahomu.

35 Futhi kwenzeka ukuthi amadodakazi ka-Ishmayeli akhala kakhulu, ngenxa yokulahlekelwa nguyise, futhi nangenxa ayezinkathazo zabo ehlane; futhi bamvungamela ubaba, ngoba wayebakhiphe ezweni laseJerusalema, bethi: Ubaba usefile; yebo, futhi sesidwanguze kakhulu ehlane, futhi sesihlushwe yizinkathazo eziningi, yindlala, wukoma, kanye nokucobeka; futhi emva kwakho konke lokhu kuhlupheka kufanele sibhubhe lapha ehlane yindlala.

36 Futhi bavungama ngalendlela kubaba, futhi ngokujalo nakimi; futhi babefuna ukubuyela eJerusalema futhi.

37 Futhi uLamani wathi kuLemuweli ngokunjalo nakuwo amadodana ka-Ishmayeli: Bhekani, amasimbulale ubaba, futhi ngokunjalo nomfowethu uNefi, osezithathele ukuthi abe bwumbusi kanye nomfundisi wethu, esingabafowabo abadala.

38 Manje, uthi iNkosi ikhulume naye, futhi phezu kwalokho uthi aizingelosi zimfundisile. Kodwa bhekani, siyazi ukuthi uqamba amanga kithi; futhi usitshela lezi zinto, futhi wenza eziningi izinto ngobuqili bakhe obunamacebo, ukuze akhohlise amehlo ethu, ecabanga, mhlawumbe, ukuthi angasiholela kude ehlane elithize elingejwayelekile; futhi emva kokuthi esesiholele kude, usecabange ukuthi azenze inkosi kanye nombusi phezu kwethu, ukuze enze kithi ngokwentando nangokwesifiso sakhe. Futhi umfowethu uLamani waziphehla ngalendlela izinhliziyo zabo ukuze bathukuthele.

39 Futhi kwenzeka ukuthi iNkosi yayinathi, yebo, ngisho izwi leNkosi lafika futhi lakhuluma amaningi amazwi kubo, futhi alabajezisa kakhulu; futhi emva kokuthotshiswa ngezwi leNkosi nempela bakuyeka ukuthukuthela kwabo, futhi baphenduka ezonweni zabo, kangangokuthi iNkosi yasibusisa futhi ngokudla, ukuze singabhubhi.