ImiBhalo eNgcwele
1 Nefi 6


Isahluko 6

UNefi ubhala ngezinto zikaNkulunkulu—Injongo kaNefi wukuvumisa abantu ukuthi beze kuNkulunkulu ka-Abrahama futhi basindiswe. Cishe ngonyaka wama 600 kuya kowama 592 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje mina, Nefi, anginiki umlando wobaba bami akulengxenye yombhalo wami; futhi angizukuwunikeza nanoma yingasiphi esinye isikhathi kulezi bzingcwephe engibhala kuzo; ngokuba unikeziwe embhalweni ogcinwe cngubaba; ngakho-ke, angizukuwubhala kulomsebenzi.

2 Ngokuba kuyanganelisa ukusho ukuthi thina singabenzalo akaJosefa.

3 Futhi akubalulekile ukuthi ngicophelele ukunikeza indaba egcwele ngazo zonke izinto zikababa, ngokuba azinakulotshwa akulezi zingcwephe, ngokuba ngifuna isikhala ukuze ngibhale ngezinto zikaNkulunkulu.

4 Ngokuba inhloso yami ephelele kungukuthi angivumise abantu ukuthi bbeze kuNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, kanye noNkulunkulu kaJakobe, futhi basindiswe.

5 Ngalokho-ke, izinto aezithokozisa umhlaba angizibhali, kodwa izinto lezo ezithokozisayo kuNkulunkulu kanye nakulabo okungesibo abezwe.

6 Ngalokho-ke, ngiyonikeza umyalelo enzalweni yami, wokuthi ayiyikugcwalisa lezi zingcwephe ngezinto ezingabalulekile kubantwana babantu.