ImiBhalo eNgcwele
1 Nefi 9


Isahluko 9

UNefi wenza amaqoqo amabili emibhalo—Ngalinye libizwa ngokuthi yizingcwephe zikaNefi—Izingcwephe ezinkulu ziqukethe umlando wezwe; ezincane zona ziphathelene ikakhulukazi nezinto ezingcwele. Cishe ngonyaka wama 600 kuya kowama 592 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi zonke lezi zinto ubaba wazibona, futhi wazizwa, futhi wazikhuluma, ngesikhathi ehlezi etendeni, aesigodini sikaLemuweli, futhi ngokunjalo nezinye izinto eziningi kakhulu, ezingenakubhalwa kulezi zingcwephe.

2 Manje, njengoba sengikhulumile maqondana nalezi zingcwephe, bheka akusizona izingcwephe engibhale kuzona indaba egcwele ngomlando wabantu bami; ngokuba aizingcwephe engibhale kuzo ngendaba egcwele yabantu bami zona ngizinike igama likaNefi; ngalokho-ke, zibizwa ngokuthi yizingcwephe zikaNefi, ngegama lami; futhi lezi zingcwephe nazo zibizwa ngokuthi yizingcwephe zikaNefi.

3 Nokho, ngithole umyalelo eNkosini wokuthi kufanele ngizenze lezi zingcwephe, ngizenzele aisizathu esibalulekile ukuze kube khona indaba eqoshiwe bngobufundisi babantu bami.

4 Kwezinye izingcwephe kufanele kuqoshwe indaba ngokubusa kwamakhosi, kanye nezimpi nemibango yabantu bami; ngalokho-ke lezi zingcwephe ziphathelene nenxenye enkulu yobufundisi; futhi aezinye izingcwephe ziphathelene nenxenye enkulu yokubusa kwamakhosi kanye nezimpi kanye nemibango yabantu bami.

5 Ngalokho-ke, iNkosi ingiyalile ukuthi ngenze lezi zingcwephe ngokwe anhloso yayo enokuhlakanipha, inhloso leyo engingayazi.

6 Kepha iNkosi ayazi izinto zonke kusukela ekuqaleni; ngalokho-ke, ilungisa indlela ukuze kufezeke yonke imisebenzi yayo phakathi kwabantwana babantu; ngokuba bheka, inawo wonke bamandla ngokwanele ukuba igcwalise wonke amazwi ayo. Futhi kunjalo-nje. Amen.