ImiBhalo eNgcwele
1 Nefi 21


Isahluko 21

UMesiya uzokuba wukukhanya kwabeZizwe futhi uzokhulula iziboshwa—U-Israyeli uzoqoqwa ngamandla ngezinsuku zokugcina—Amakhosi azokuba ngoyise ababondlayo—Qhathanisa no-Isaya 49. Cishe ngonyaka wama 588 kuya kowama 570 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Phezu kwalokho futhi: Lalela, O wena ndlu ka-Israyeli, nonke nina enihlukanisiwe futhi nabalekiswa nakhishwa ngenxa yobubi babelusi babantu bami; yebo, nonke nina enahlukanisiwe, nasakazwa ndawozonke, nina eningabantu bami, O ndlu ka-Israyeli. Ngilaleleni, O aziqhingi, futhi lalelani nina bantu benikude; iNkosi ingibize esizalweni; ezibilini zikamama yenza ukuba igama lami likhunjulwe.

2 Futhi yenze umlomo wami waba njengenkemba ebukhali; ethunzini lesandla sayo ingithukusile, futhi yangenza umcibisholo ophucuziweyo; emgodleni wayo ingithukusile.

3 Futhi yathi kimi: aUyinceku yami, O Israyeli, ngawe ngiyodunyiswa.

4 Emva kwalokho ngathi, ngikhandlekele ize, ngichithe amandla ami ngokuyize nokungelutho; ngempela ukwahlulelwa kwami kuseNkosini, futhi nomsebenzi wami ukuNkulunkulu wami.

5 Manje, ithi iNkosi—aeyangibumba kwasesizalweni ukuthi ngibe yinceku yayo, ukuze ngibuyisele uJakobe futhi kuyo—nakuba u-Israyeli engakaqoqwa, nokho ngiyokuba nenkazimulo enkulu emehlweni eNkosi, futhi uNkulunkulu wami uyokuba ngamandla ami.

6 Futhi yathi: Kuyinto elula ukuthi ube yinceku yami ukuze uvuse aizizwana zikaJakobe, futhi ubuyisele abaseleyo bakwa-Israyeli. Phezu kwalokho ngizokubeka ube bngukukhanya ckwabeZizwe, ukuze ube yinsindiso yami kuze kube semikhawulweni yomhlaba.

7 Isho kanje iNkosi, uMkhululi ka-Israyeli, oNgcwele wakhe, odelelwa ngumuntu, oyisinengiso ezizweni, kuyo inceku yababusi: Amakhosi ayobona futhi aphakame, nababusi nabo bayokhothama, ngenxa yeNkosi ethembekileyo.

8 Isho kanje iNkosi: Ngesikhathi esivumelekile nginizwile, O ziqhingi zolwandle, futhi ngosuku lwensidiso nginisizile futhi ngiyonilondoloza, futhi ngininike ainceku yami njengesivumelwano sabantu, ukumisa umhlaba, ukubenza badle amafa achithekileyo.

9 Ukuze uthi akwababoshiweyo: Phumani; nakubo labo abahlezi bebumnyameni: Zivezeni. Bayozondla besezindleleni, futhi camadlelo abo ayokuba kuzo zonke izindawo eziphakemeyo.

10 Abayikulamba noma bome, futhi ukushisa nelanga akuyikuba shaya; ngokuba lowo onomusa kubo uyobahola, uyobaqondisa ngisho nasemithonjeni yamanzi.

11 Futhi ngiyozenza zonke izintaba zami zibe yizindlela, futhi anezindlela zami ziyophakanyiswa.

12 Futhi emva kwalokho, O ndlu ka-Israyeli, bheka, alaba bayoza bevela kude; futhi bheka, laba bephuma enyakatho kanye nasentshonalanga; futhi laba bephuma ezweni laseSinimi.

13 aHlabelelani, O mazulu; futhi uthokoze, O mhlaba; ngokuba izinyawo zalabo abasempumalanga ziyomiswa; futhi niqhumuke ngokuhlabelela, O zintaba; ngokuba abaseyikushaywa nanini; ngokuba iNkosi ibaduduzile abantu bayo, futhi iyokuba nomusa kwabahluphekile bayo.

14 Kepha, bheka, iSiyoni yathi: iNkosi ingishiyile, futhi iNkosi yami ingikhohliwe—kepha iyokhombisa ukuthi ayikhohlwanga.

15 Ngokuba aowesifazane angakhohlwa yini wumntwana wakhe oncelayo, ukuthi angabi nabubele kuyo indodana yesizalo sakhe na? Yebo, bbangakhohlwa, kodwa mina anginakukhohlwa nguwe, O ndlu ka-Israyeli.

16 Bheka, ngikuqophile aentendeni yezandla zami; izindonga zakho ziphambi kwami njalo.

17 Abantwana bakho bayoshesha ngokumelene nalabo abakuchithayo; futhi nalabo abakwenza aize bayophuma kuwe.

18 Phakamisa amehlo akho nxazonke futhi ubheke; bonke laba aba aqoqene ndawonye, futhi bayokuza kuwe. Futhi njengoba ngiphila, kusho iNkosi, impela uyobembatha bonke, njengemvunulo, futhi uzibhincise ngabo njengomakoti.

19 Ngokuba izindawo zakho ezichithekileyo neziyihlane, kanye nezwe lakho lembubhiso, liyokuba lincane kakhulu manje ngenxa yesizathu sabakhile kulo; futhi nalabo abakugwinyayo bayokuba kude.

20 Abantwana oyokuba nabo, emva kokuba usulahlekelwe ngabokuqala, bayophinda bathi ezindlebeni zakho: Lendawo aingumngcingo kakhulu kimi; ngiphe indawo ukuze ngihlale.

21 Ngaleso sikhathi auyothi enhliziyweni yakho: Ngubani ongizalele laba, lokhu mina ngiphuciwe abantwana bami, futhi banginanzalo, ngingumthunjwa, futhi ngingozulazulayo na? Futhi ngubani okhulise laba na? Bheka, mina ngasala ngedwa; laba, bebekuphi na?

22 Isho kanje iNkosi uNkulunkulu ithi: Bheka, ngiyokuphakamisa isandla sami kubo aabeZizwe, futhi ngimise bisibonakaliso sami kubantu; futhi bayoletha amadodana akho cezingalweni zabo, futhi amadodakazi akho bayowathwala emahlombe abo.

23 Futhi aamakhosi ayokuba bngoyihlo abakondlayo, futhi nezindlovukazi zabo ngomama bakho abakondlayo; bayokukhothamela ubuso babo bubheke phansi, futhi bakhothe uthuli lwezinyawo zakho; futhi uyokwazi ukuthi mina ngiyiNkosi; ngokuba abayikujabha cabangilindayo.

24 Ngokuba iyosuswa yini impango kubo abanamandla, noma aabathunjwe ngokomthetho bakhululwe na?

25 Kodwa isho kanje iNkosi, ngisho abathunjwa balabo abanamandla bayosuswa, futhi nempango yalabo abesabekayo iyokhululwa; ngokuba ngiyophikisana naye lowo ophikisana nawe, futhi ngiyobasindisa abantwana bakho.

26 Futhi angiyobadlisa ngenyama yabo labo abakucindezelayo; bayodakwa yigazi labo uqobo njengewayini elimtoti; futhi yonke inyama biyokwazi ukuthi mina, Nkosi, ngingumSindisi wakho kanye noMkhululi wakho, conaMandla kaJakobe.