ImiBhalo eNgcwele
1 Nefi 8


Isahluko 8

ULehi ubona umbono womuthi wokuphila—Udla isithelo sawo futhi ufisa umndeni wakhe ukuthi nawo wenze njalo—Ubona induku yensimbi, indlela eminyene nengumcingo, kanye nenkungu yobumnyama egubuzela abantu—USariya, uNefi, kanye noSamu badla isithelo, kodwa uLamani noLemuweli bayenqaba. Cishe ngonyaka wama 600 kuya kowama 592 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi kwenzeka ukuthi sasesiqoqele ndawonye zonke izimbewu ezinhlobo-nhlobo, okwezinhlamvu ezinhlobo-nhlobo, kanye nokwembewu yezithelo ezinhlobo-nhlobo.

2 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi ubaba ehlezi ehlane wakhuluma kithi ethi: Bhekani, angiphuphe iphupho; noma, ngamanye amazwi, ngibone bumbono.

3 Futhi bhekani, ngenxa yento engiyibonile, nginesizathu sokuthokoza eNkosini ngenxa akaNefi futhi ngokunjalo noSamu; ngokuba nginesizathu sokucabanga ukuthi bona, futhi ngokunjalo nabaningi benzalo yabo, bayosindiswa.

4 Kepha bhekani, aLamani nawe Lemuweli, ngiyesaba kakhulu ngenxa yenu; ngokuba bhekani, sengathi ngibone ephusheni lami, ihlane elimnyama nelithule.

5 Futhi kwenzeka ukuthi ngabona indoda, futhi yayembethe aingubo emhlophe; futhi yeza kimi yema phambi kwami.

6 Futhi kwenzeka ukuthi yakhuluma kimi, futhi yangiyala ukuthi ngiyilandele.

7 Futhi kwenzeka ukuthi ngisayilandela ngazibona ukuthi ngisendaweni emnyama nethule lapho kungekho lutho oluphilayo.

8 Futhi ngemuva kokuthi sengihambe isikhathi eside ebumnyameni, ngaqala ukuthandaza eNkosini ukuthi ibe anomusa kimi, ngobukhulu besihawu sayo esimnene.

9 Futhi kwenzeka ukuthi emva kokuba sengithandazile eNkosini ngabona ainsimu enkulu futhi evulekile.

10 Futhi kwenzeka ukuthi ngabona aisihlahla, bisithelo saso esasithandeka kakhulu ukwenza umuntu ajabule.

11 Futhi kwenzeka ukuthi nempela ngaqhubekela phambili ngasidla aisithelo leso; futhi ngabona ukuthi sasimnandi kakhulu, ngaphezu kwazo zonke engake ngazinambitha ngaphambili. Yebo, futhi ngabona ukuthi isithelo leso sasimhlophe, ukwedlula bonke bubumhlophe engake ngabubona.

12 Futhi ngesikhathi ngisidla lesi sithelo sawugcwalisa umphefumulo wami angentokozo enkulu kakhulu; ngalokho-ke, ngaqala bukufisa ukuthi sengathi umndeni wami ungasidla nawo futhi; ngokuba ngangazi ukuthi csasithandeka ngaphezu kwazo zonke ezinye izithelo.

13 Futhi ngesikhathi ngiphonsa amehlo ami ngiqalaza ngapha nangapha, ukuze mhlawumbe ngibone umndeni wami futhi, ngabona aumfula wamanzi; futhi ugobhoza, futhi useduzane nesihlahla leso engangidla isithelo kuso.

14 Futhi ngabheka ukuze ngithole ukuthi uqhamuka kuphi; futhi ngayibona inhloko yawo buqamamana; futhi khona lapho enhlokweni yawo ngabona umama wenu uSariya, kanye noSamu, kanye noNefi; futhi babemi sengathi abazi ukuthi kufanele baye ngakuphi.

15 Futhi kwenzeka ukuthi ngabaqhweba; futhi ngaphinda ngasho kubo ngezwi elikhulu ukuthi beze kimi, futhi bazodla isithelo, leso esasithandeka ngaphezu kwazo zonke ezinye izithelo.

16 Futhi kwenzeka ukuthi nempela beza kimi futhi nabo basidla isithelo.

17 Futhi kwenzeka ukuthi ngaba nesifiso sokuthi uLamani noLemuweli beze nabo bazodla isithelo leso; ngalokho-ke, ngaphonsa amehlo ami ngasenhlokweni yomfula, ngicabanga ukuthi mhlawumbe ngizobabona nabo.

18 Futhi kwenzeka ukuthi ngababona, kodwa bona aabavumanga ukuza kimi futhi bazodla isithelo.

19 Futhi ngabona ainduku yensimbi, futhi yayiqhubeka ngokulinganisene nosebe lomfula, futhi iholeleka esihlahleni leso engangimi ngakuso.

20 Futhi ngaphinde ngabona aindlela eminyene engumcingo, eyayiza ngokulinganisana nenduku yensimbi, ngisho nasesihlahleni leso engangimi ngakuso; futhi phezu kalokho yaholeleka yaze yafika enhlokweni yomthombo, nakuleyo bnsimu enkulu nevulekile, okungathi wumhlaba.

21 Futhi ngabona izixuku ezingabaleki zabantu, abaningi babo bephikelele phambili, ukuze bathole aindlela leyo eholeleka esihlahleni leso engangimi ngakuso.

22 Futhi kwenzeka ukuthi baqhubekela phambili, futhi baqala bangena endleleni leyo eyayiholeleka esihlahleni.

23 Futhi kwenzeka ukuthi kwabe sekuvuka ainkungu yobumnyama; yebo, ngisho enkulu kakhulu inkungu yobumnyama, kangangokuthi labo abase beyiqalile indlela yabadukela indlela yabo, kangangokuthi badwanguza futhi balahleka.

24 Futhi kwenzeka ukuthi ngabona abanye bephikelela phambili, futhi beza phambili baze balibamba ichopho lenduku yensimbi; futhi baphikelela phambili kuyo inkungu yobumnyama, bebambelele kuyo induku yensimbi, kwaze kwaba nempela beza ngaphambili bazodla aisithelo sesihlahla leso.

25 Futhi emuva kokuthi sebesidlile isithelo sesihlahla baqalaza ngapha nangapha kungathi abanamahloni.

26 Futhi ngaphinde ngaqalaza ngapha nangapha, futhi ngabona, ngaphesheya komfula wamanzi, aisakhiwo esikhulu nesivulekile; futhi simi sengathi sisemoyeni, siphakeme ngaphezulu komhlaba.

27 Futhi sasigcwele abantu, abadala kanye nabancane, abesilisa nabesifazane; futhi indlela yabo yokugqoka yayisezingeni eliphezulu; futhi ababesesimweni sokubhinqa futhi bekhomba ngeminwe yabo kulabo abase bezile esihlahleni futhi sebesidla isithelo.

28 Futhi emuva kokuthi asebesinambithile isithelo baba bnamahloni, ngenxa yalabo ababe baklolodela; futhi cbawela ezindleleni ezingavunyelwe futhi balahleka.

29 Manje mina, Nefi, angiwakhulumi awonke amazwi kababa.

30 Kodwa, ukufingqa ekubhaleni, bheka, wabona ezinye izixuku ziphikelela phambili; zafika zalibamba ichopho alenduku yensimbi; futhi nempela zaphikelela nendlela yazo yokuya phambili, njalo-njalo zibambe ziqinisile endukwini yensimbi, zaze zafika zawa phansi zasidla isithelo sesihlahla.

31 Futhi waphinde wabona ezinye aizixuku ziphumputha indlela yazo eya lapho kuleso sakhiwo esikhulu futhi esivulekile.

32 Futhi kwenzeka ukuthi abaningi baminza ekujuleni akomfula wamanzi; futhi abaningi balahleka emehlweni akhe, bedwanguza emigwaqweni engaziwa.

33 Futhi sasisikhulu isixuku esangena kuleso sakhiwo esingejwayelekile. Futhi emuva kokuthi sesingene kuleso sakhiwo sangikhomba ngomunwe awokungiklolodela kanye nalabo ababedla isithelo futhi; kodwa thina asibanakanga.

34 Lawa ngamazwi kababa: Ngokuba ngobuningi balabo aababanakayo, bawa.

35 Futhi auLamani noLemuweli abasidlanga isithelo, kwasho ubaba.

36 Futhi kwenzeka ukuthi emuva kokuthi ubaba esewakhulumile wonke amazwi ephupho lakhe noma umbono, ayemaningi, wathi kithi, ngenxa yalezi zinto azibona embonweni, wesaba kakhulu ngoLamani noLemuweli; yebo, wesaba hleze baxoshwe phambi kweNkosi.

37 Futhi wabanxusa ngaleso sikhathi ngemizwa yonke ayomzali omnene, ukuthi bawezwe amazwi akhe, nokuthi mhlawumbe iNkosi yayiyoba nesihawu kubo, futhi ingaze yabaxosha; yebo, ubaba nempela wabashumayeza.

38 Futhi emuva kokuthi esebashumayezile, futhi phezu kwalokho esephrofethile kubo ngezinto eziningi, wabayala ukuthi bagcine imiyalelo yeNkosi; futhi wabe eseyeka ukukhuluma nabo.