ImiBhalo eNgcwele
1 Nefi 5


Isahluko 5

USariya ukhononda kuLehi—Bobabili bajabulela ukubuya kwamadodana abo—Benza iminikelo—Izingcwephe zethusi ziqukethe imibhalo kaMose nabaphrofethi—Izingcwephe zikhomba ukuthi uLehi uwuzalo lukaJosefa—ULehi uphrofetha mayelana nenzalo yakhe kanye nokulondolozwa kwezingcwephe. Cishe ngonyaka wama 600 kuya kowama 592 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi kwenzeka ukuthi emva kokuthi sesibuyele ezansi ehlane kubaba, bheka, wagcwala injabulo, futhi ngokunjalo nomama, auSariya, wathokoza kakhulu, ngokuba ngempela wayesekhale kakhulu ngenxa yethu.

2 Ngokuba wayecabange ukuthi sasesabhubha ehlane; futhi phezu kwalokho wayekhonondile kubaba, emtshela ukuthi wayeyindoda yemibono; ethi: Bheka usiholile usisusa ezweni eliyifa lethu, futhi amadodana ami awasekho, futhi nathi siyabhubha ehlane.

3 Futhi umama wayemsole ngalendlela yokukhuluma ubaba.

4 Futhi kwakwenzekile ukuthi ubaba wayekhulume naye, ethi: Ngiyazi ukuthi angiyindoda yemibono; ngokuba uma ngabe ngangingazibonanga izinto zikaNkulunkulu bembonweni ngangingeke ngibazi ubuhle bukaNkulunkulu, kodwa ngangizohlala eJerusalema, futhi ngishabalale kanye nabafowethu.

5 Kodwa bheka, sengithole aizwe lesethembiso, okuyizinto engithokozayo ngazo; yebo, futhi bngiyazi ukuthi iNkosi izowakhulula amadodana ami ezandleni zikaLabani, futhi iphinde iwabuyise lapha ezansi kithina ehlane.

6 Futhi ubaba, uLehi, wamduduza ngalendlela yokukhuluma umama, uSariya, mayelana nathi, ngesikhathi thina sihamba ehlane sikhuphukela ezweni laseJerusalema, ukuyolanda umbhalo wamaJuda.

7 Futhi ngesikhathi sesibuyele etendeni likababa, bheka injabulo yabo yagcwala, futhi umama waduduzeka.

8 Futhi wakhuluma, ethi: Manje sengiyazi ngeqiniso ukuthi iNkosi aimyalile umyeni wami ukuthi abalekele ehlane; yebo, futhi phezu kwalokho ngiyazi ngeqiniso ukuthi iNkosi iwavikele amadodana ami, futhi yawakhulula ezandleni zikaLabani, futhi yawanika amandla okuthi akwazi bukufeza leyonto iNkosi ewayale ngayo. Futhi nempela wakhuluma ngalendlela.

9 Futhi kwenzeka ukuthi bathokoza kakhulu, futhi banikela angeminikelo nangemihlatshelo yokushiswa eNkosini; futhi bbabonga kuNkulunkulu ka-Israyeli.

10 Futhi emva kokuthi sebebongile kuNkulunkulu ka-Israyeli, ubaba, uLehi, wathatha imibhalo eyayiqoshwe aezingcwepheni zethusi, futhi wayicwaninga kusukela ekuqaleni.

11 Futhi wabona ukuthi yayiqukethe aizincwadi ezinhlanu zikaMose, ezazikhuluma ngendaba yokudalwa komhlaba, futhi ngokunjalo nango-Adamu no-Eva, ababengabazali bethu bokuqala;

12 Futhi ngokunjalo anombhalo wamaJuda kusukela ekuqaleni, kwehle njalo kuze kufike ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya, inkosi yakwaJuda;

13 Futhi ngokunjalo neziphrofetho zabaphrofethi abangcwele, kusukela ekuqaleni, kwehle njalo kuze kufike ekuqaleni kokubusa akukaSedekiya; futhi ngokunjalo neziningi iziphrofetho ezazikhulunywe ngomlomo bkaJeremiya.

14 Futhi kwenzeka ukuthi ubaba, uLehi, phezu kwalokho wathola kuzo aizingcwephe zethusi umlando ngesizukulwane sawoyise; ngalokho-ke wabe esazi-ke ukuthi yena wayengowenzalo bkaJosefa; yebo, ngisho lowo Josefa owayeyindodana ckaJakobe, dowathengiselwa eGibithe, futhi eowagcinwa ngesandla seNkosi, ukuze yena akwazi ukugcina uyise, uJakobe, kanye nabo bonke abomuzi wakhe ekushabalalisweni yindlala.

15 Futhi phezu kwalokho abaholwa baphuma ebugqilini kanye nasezweni laseGibithe, nguye lowo Nkulunkulu owayebagcinile.

16 Futhi kungalendlela ubaba, uLehi, athola ngayo umlando ngesizukulwane sawoyise. Futhi uLabani naye wayengowenzalo akaJosefa, ngalokho-ke yena kanye noyise babeyigcinile imibhalo.

17 Manje ngesikhathi ubaba ebona zonke lezi zinto, wagcwaliswa ngoMoya, futhi waqala ukuphrofetha mayelana nenzalo yakhe—

18 Ukuthi lezi zingcwephe zethusi kufanele ziqhubekele phambili kuzo zonke izizwe, imindeni, izilimi, kanye nakubantu ababengabenzalo yakhe.

19 Ngalokho-ke, wathi lezi zingcwephe zethusi akufanele nakancane azishabalale; noma zifiphazwe futhi nayisikhathi. Futhi waphrofetha eziningi izinto eziphathelene nenzalo yakhe.

20 Futhi kwenzeka ukuthi kuze kube manje mina nobaba sasiyigcinile imiyalelo leyo iNkosi eyayisiyale ngayo.

21 Futhi sasiyitholile imibhalo leyo iNkosi eyayisiyale ngayo, futhi sayicwaninga futhi sathola ukuthi yayingethandekayo kakhulu; yebo, ngisho aingeyegugu elikhulu kithina, kangangokuthi sasingakwazi bukugcinela abantwana bethu imiyalelo yeNkosi.

22 Ngalokho-ke, kwakungukuhlakanipha eNkosini ukuthi siyithwale kanye nathi, ngesikhathi sihamba ehlane siya ezweni lesethembiso.