ImiBhalo eNgcwele
Helamani 1


INcwadi kaHelamani

Indaba yamaNefi. Izimpi kanye nemibango yawo, kanye nokungezwani kwawo. Futhi phezu kwalokho neziphrofetho zabaphrofethi abaningi abangcwele, ngaphambi kokuza kukaKristu, ngokwemibhalo kaHelamani, owayeyindodana kaHelamani, futhi kanjalo nangokwemibhalo yamadodana akhe, ngisho kwehla njalo kuze kufike ekuzeni kukaKristu. Futhi phezu kwalokho amaningi amaLamani ayaphenduka. Indaba yokuphenduka kwawo. Indaba yokulunga kwamaLamani, kanye nobubi nezinengiso zamaNefi, ngokombhalo kaHelamani kanye namadodana akhe, kwehla njalo kuze kufike ekuzeni kukaKristu, ebizwa ngokuthi yincwadi kaHelamani, kanye nokunye.

Isahluko 1

UPahorani wesibili uba wumahluleli omkhulu futhi ubulawa nguKishkumeni—UPakumeni ungena esihlalweni sokwahlulela—UKoriyantuma uhola amabutho amaLamani, uthatha iZarahemla, futhi ubulala uPakumeni—UMoroniha unqoba amaLamani futhi uphinda uyayithatha iZarahemla, futhi uKoriyantuma uyabulawa. Cishe ngonyaka wama 52 kuya kowama 50 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje bheka, kwenzeka ekuqaleni konyaka wamashumi amane wokubusa kwabehluleli ebantwini baNefi, kwaqala kwaba khona inkinga enkulu phakathi kwabantu bamaNefi.

2 Ngokuba bheka, auPahorani wayesefile, futhi esehambe indlela yomhlaba wonke; ngakho-ke kwaqala kwabakhona umbango omkhulu mayelana nokuthi ngubani okwakufanele athathe isihlalo sokwahlulela phakathi kwababezalwa nguye, ababe ngamadodana kaPahorani.

3 Manje lawa ngamagama alabo ababebanga isihlalo sokwahlulela, futhi abenza abantu ukuthi babange: UPahorani, uPanki, kanye noPakumeni.

4 Manje lawa akusiwo wonke amadodana kaPahorani (ngokuba wayenamaningi), kodwa lawa yiwo ayebanga isihlalo sokwahlulela; ngakho-ke, nempela enza ukuthi kube khona ukwehlukana kathathu phakathi kwabantu.

5 Nokho, kwenzeka ukuthi uPahorani wakhethwa angezwi labantu ukuthi abe ngumahlaleli omkhulu kanye nombusi phezu kwabantu baNefi.

6 Futhi kwenzeka ukuthi uPakumeni, ngesikhathi ebona ukuthi wayengenakukwazi ukusithola isihlalo sokwahlulela, wahlangana nezwi labantu.

7 Kepha bheka, uPanki, kanye naleyo nxenye yabantu eyayinesifiso sokuthi abe ngumbusi wabo, bathukuthela kakhulu; ngakho-ke, waye sezobalutha labo bantu ukuthi basukume bavukele abafowabo.

8 Futhi kwenzeka ngesikhathi esezokwenza lokhu, bheka, wathathwa, wayoquliswa icala ngokwezwi labantu, futhi wagwetshwa ngokufa; ngokuba wayehlubukile futhi wafuna ukuqeda ainkululeko yabantu.

9 Manje ngesikhathi labo bantu ababenesifiso sokuthi abe ngumbusi wabo bebona ukuthi wayesegwetshwe ngokufa, ngakho-ke bathukuthela, futhi bheka, bathumela uKishikumeni, ukuthi aye esihlalweni sokwahlulela sikaPahorani, futhi wambulala uPahorani ngesikhathi ehleli esihlalweni sokwahlulela.

10 Futhi waxoshwa yizinceku zikaPahorani; kepha bheka, lalilikhulu ijubane likaKishikumeni kangangokuthi kwakungekho namunye umuntu owayengamfica.

11 Futhi waya kulabo ababemthumile, futhi bonke bangena esivumelwaneni, yebo, befunga ngoMenzi wabo waphakade, ukuthi babengeke batshele namunye umuntu ukuthi uKishikumeni wayebulele uPahorani.

12 Ngakho-ke, uKishikumeni akazange aziwe phakathi kwabantu baNefi, ngokuba wayezifihlile ngesikhathi ebulala uPahorani. Futhi uKishikumeni kanye neqembu lakhe, elalenze isivumelwano naye, nempela lahlangana nabantu, ngendlela yokuthi abazange batholwe bonke; kepha ngobuningi balabo abatholakala bagwetshwa angokufa.

13 Manje bheka, uPakumeni wabekwa, ngokwezwi labantu, ukuthi abe ngumahluleli omkhulu kanye nombusi phezu kwabantu, ukuze abuse esikhundleni somfowabo uPahorani; futhi kwakunjengokwelungelo lakhe. Futhi konke lokhu kwenzeka onyakeni wamashumi amane wokubusa kwabehluleli; futhi kwaba sekuba wukuphela kwawo.

14 Futhi kwenzeka ngonyaka wamashumi amane nanye wokubusa kwabehluleli, ukuthi amaLamani ayeseqoqele ndawonye amabutho amadoda amaningi angabaleki, futhi awahlomisa ngezinkemba, kanye nangocelemba kanye nangeminsalo, kanye nangemicibisholo, kanye nangokokuvikela ikhanda, kanye nangezivikelo zesifuba, kanye nangazo zonke izinhlobo zezihlangu ezinhlobonhlobo.

15 Futhi aphinda ehlela ezansi ukuze aqhube impi namaNefi. Futhi ayeholwa yindoda igama layo okwakunguKoriyantuma; futhi yayingowozalo lukaZarahemla; futhi yayiyimbuka elivela kumaNefi; futhi yayiyindoda enkulu futhi enamandla.

16 Ngakho-ke, inkosi yamaLamani, igama layo okwakunguTubaloti, owayeyindodana ka-aAmoroni, ngokucabanga ukuthi uKoriyantuma, ngoba wayeyindoda enamandla, wayengakwazi ukumelana namaNefi, ngamandla akhe futhi kanjalo nangokuhlakanipha kwakhe okukhulu, kangangokuthi ngokumthumela kwakhe phambili wayezothola amandla phezu kwamaNefi—

17 Ngakho-ke nempela wawaphehla ukuthi athukuthele, futhi wawaqoqela ndawonye amabutho akhe, futhi wabeka uKoriyantuma ukuthi abe ngumholi wabo, futhi wenza ukuthi bahambe behlele ezweni lakwaZarahemla ukuthi bayolwa namaNefi.

18 Futhi kwenzeka ukuthi ngenxa yombango omkhulu kakhulu kanye nobunzima obukhulu kangaka kumkhandlu ophetheyo, abazange babeke abaqaphi abenele ezweni lakwaZarahemla; ngokuba babecabanga ukuthi amaLamani ayengenakulokotha eze enkabeni yamazwe abo ukuthi azohlasela lelo dolobha elikhulu iZarahemla.

19 Kodwa kwenzeka ukuthi uKoriyantuma nempela wahamba phambili ehola impi yakhe eningi, futhi waze wafika kubahlali bedolobha, futhi ukuhamba kwabo kwakunejubane elikhulu kakhulu kangangokuthi akuzange kubekhona isikhathi sokuba amaNefi aqoqele ndawonye amabutho awo.

20 Ngakho-ke uKoriyantuma nempela wababulala abaqaphi ababesekungeneni kwedolobha, futhi wahamba waya phambili nempi yakhe yonke wayongena edolobheni, futhi bababulala bonke ababephikisana nabo, kangangokuthi balithatha idolobha lonke.

21 Futhi kwenzeka ukuthi uPakumeni, owayengumahluleli omkhulu, wabaleka phambi kukaKoriyantuma, waze wafika ngasezindongeni zedolobha. Futhi kwenzeka ukuthi uKoriyantuma wamshaya wamhlanganisa nodonga, kangangokuthi waze wafa. Futhi zaphela kanjalo-ke izinsuku zikaPakumeni.

22 Manje ngesikhathi uKoriyantuma esebona ukuthi wayeselitholile idolobha lakwaZarahemla, futhi esebona ukuthi amaNefi ayeseba balekele, futhi abulawa, athathwa, aphonswa etilongweni, nokuthi wayesebutholile ubunini bezinqaba eziqine kakhulu ezweni lonke, inhliziyo yakhe yama isibindi kangangokuthi wabe esezohamba ayolwa kulo lonke izwe.

23 Manje akahlalanga ezweni lakwaZarahemla, kodwa waqhubeka nebutho elikhulu, waqonda ngasedolobheni iNala; ngokuba kwaku yinhloso yakhe ukuthi ahambe futhi avule indlela yakhe ngenkemba, ukuze athole izinxenye ezisenyakatho zezwe.

24 Futhi, ecabanga ukuthi amandla abo amakhulu kakhulu ayephakathi naphakathi nezwe, ngakho-ke waqhubeka, engabaniki thuba lokuthi babuthane ndawonye ngaphandle nje kwamaqoqwana amancane; futhi ngalendlela nempela bawela phezu kwawo bawathela phansi othulini.

25 Kodwa bheka, lokhu kuhamba kukaKoriyantuma eya phakathi naphakathi nezwe kwanika uMoroniha ithuba elikhulu phezu kwawo, nakuba sasisikhulu isibalo samaNefi ayebulewe.

26 Ngokuba bheka, uMoroniha wayecabanga ukuthi amaLamani ayengeke alokothe eze phakathi naphakathi nezwe, kodwa ukuthi ayezohlasela amadolobha ayezungeze eminceleni njengoba ayekade nakuqala enzile; ngakho-ke uMoroniha wayenze ukuthi amabutho abo aqinile aqaphe lezo zinxenye ezazingasemingceleni.

27 Kodwa bheka, amaLamani ayengesabi njengokwesifiso sakhe, kodwa ayesengene phakathi naphakathi nezwe, futhi ayeseyithathile inhloko dolobha owakuyidolobha lakwaZarahemla, futhi ayehamba edabula eqonde ezinxenyeni ezibalulekile zezwe, ebulala abantu abaningi kakhulu, abesilisa, nabesifazane, kanye nezingane, ethatha amadolobha amaningi kanye nezinqaba eziningi.

28 Kodwa ngesikhathi uMoroniha esekubonile lokhu, wathumela uLehi ngokushesha kanye nebutho ukuthi ahambe ndawo zonke awanqande ngaphambi kokuthi afike ezweni iNala.

29 Futhi wenza kanjalo; futhi wawanqanda ngaphambi kokuthi afike ezweni iNala, futhi wawahlasela, kangangokuthi aqala ahlehlela emuva aya ngasezweni lakwaZarahemla.

30 Futhi kwenzeka ukuthi uMoroniha nempela wawanqanda ekuhlehleleni kwawo emuva, futhi wawahlasela, kangangokuthi kwaba yimpi yegazi eliningi kakhulu; yebo, abaningi babulawa, futhi phakathi kwesibalo salabo ababe bulewe auKoriyantuma naye ngokunjalo watholakala lapho.

31 Manje, bheka, amaLamani ayengasakwazi ukuhlehla noma kuphi, noma ukuya enyakatho, noma ukuya eningizimu, noma empumalanga, noma entshonalanga, ngokuba ayesezungezwe ndawo zonke ngamaNefi.

32 Futhi uKoriyantuma wawafaka ngalendlela amaLamani phakathi naphakathi kwamaNefi, kangangokuthi ayesesemandleni amaNefi, futhi naye qobo lwakhe wayesebulewe, futhi amaLamani nempela azinikela ezandleni zamaNefi.

33 Futhi kwenzeka ukuthi uMoroniha waphinda wabuthatha ubunini bezwe lakwaZarahemla, futhi wenza ukuthi amaLamani ayekade eboshiwe ahambe aphume ezweni ngokuthula.

34 Futhi waphela kanjalo-ke unyaka wamashumi amane nanye wokubusa kwabehluleli.