ImiBhalo eNgcwele
Helamani 6


Isahluko 6

AmaLamani alungile ashumayela kumaNefi amabi—Womabili amaqembu abantu ayaphumelela ngesikhathi sokuthula nenala—ULusifa, umqambi wesono, uphehla izinhliziyo zababi kanye nabaphangi baGadiyantoni ngokuphathelene nokubulala nobubi—Abaphangi bathatha umkhandlu ophetheyo wamaNefi. Cishe ngonyaka wama 29 kuya kowama 23 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi unyaka wamashumi ayisithupha nambili wokubusa kwabehluleli sewuphelile, zonke lezi zinto zase zenzekile futhi amaLamani, inxenye enkulu yawo, yabe isingabantu abalungile, kangangokuthi aukulunga kwawo nempela kwakwedlula lokho kwamaNefi, ngenxa yokugxila kanye nokuqina kwawo okholweni.

2 Ngokuba bheka, kwakukhona abaningi bamaNefi aabasebelukhuni futhi bengenakuphenduka futhi sebebabi kakhulu, kangangokuthi nempela baliphika izwi likaNkulunkulu kanye nazo zonke izintshumayelo kanye neziphrofetho ezeza phakathi kwabo.

3 Nokho, abantu bebandla baba nenjabulo enkulu ngenxa yokuphenduka kwamaLamani, yebo, ngenxa yebandla likaNkulunkulu, elase limiswe phakathi kwawo. Futhi nempela baba angabangani omunye nomunye, futhi nempela bathokoza omunye nomunye, futhi nempela baba nokuthokoza okukhulu.

4 Futhi kwenzeka ukuthi abaningi bamaLamani nempela beza behlela ezweni lakwaZarahemla, futhi bamemezela kubantu bamaNefi indlela aabaphenduka ngayo, futhi bawanxusa ukuba akholwe futhi nokuba aphenduke.

5 Yebo, futhi amaningi ashumayela ngamandla amakhulu kakhulu kanye nangegunya, kangangoba abaningi babo behlela phansi ekujuleni kokuzithoba, ukuthi babe ngabalandeli abathobileyo baNkulunkulu kanye neMvana.

6 Futhi kwenzeka ukuthi abaningi bamaLamani bahamba baya ezweni elingasenyakatho; futhi kanjalo uNefi kanye noLehi bahamba baya aezweni elingasenyakatho, ukuyoshumayela kubantu. Futhi waphela kanjalo-ke unyaka wamashumi ayisithupha nantathu.

7 Futhi bheka, kwabakhona ukuthula kulo lonke izwe, kangangokuthi amaNefi nempela ahamba kunanoma iyiphi inxenye yezwe ababefuna ukuhamba kuyo, noma phakathi kwamaNefi noma kumaLamani.

8 Futhi kwenzeka ukuthi amaLamani nawo ngokunjalo ahamba noma kuphi lapho ayefuna ukuhamba khona, noma kwakuphakathi kwamaLamani noma kwakuphakathi kwamaNefi; futhi ngalendlela baba nokuhlangana okukhululekile omunye nomunye, ukuthenga kanye nokuthengisa, kanye nokuthola inzuzo, njengokufisa kwabo.

9 Futhi kwenzeka ukuthi banotha kakhulu, amaLamani kanye namaNefi; futhi babanegolide eliningi kakhulu, kanye nesiliva, kanye nayo yonke inhlobo yensimbi eyigugu, ezweni eliseningizimu nasezweni elisenyakatho.

10 Manje izwe eliseningizimu lalibizwa ngoLehi, izwe elisenyakatho libizwa ngo aMuleki, elaliqanjwe ngendodana kaSedekiya; ngokuba iNkosi uMuleki yamletha ezweni elisenyakatho, uLehi ezweni eliseningizimu.

11 Futhi bheka, kwakukhona yonke inhlobo yegolide kuwo womabili lamazwe, kanye nesiliva, kanye nayo yonke inhlobo yensimbi eyigugu; futhi phezu kwalokho kwakukhona amaciko ayeqaphela, ayesebenza zonke izinhlobo zensimbi futhi eyicwengisisa; futhi ngaleyondlela nempela banotha.

12 Batshala okusanhlamvu ngobuningi bakho, enyakatho kanye naseningizimu; futhi baphumelela kakhulu, enyakatho naseningizimu. Futhi bazalana banda futhi bakhula baqina kakhulu ezweni. Futhi bakhulisa imihlambi yezinkomo kanye nemihlambi yezimvu eziningi, yebo, eziningi ezikhuluphalisiweyo.

13 Bheka abafazi babo basebenza beluka, futhi benza yonke inhlobo yendwangu, yelineni elilukiwe elicolekile kanye nendwangu yalo lonke uhlobo, ukwembathisa ubunqunu babo. Futhi wedlula ngalendlela-ke unyaka wamashumi ayisithupha nane kunokuthula.

14 Futhi onyakeni wamashumi ayisithupha nanhlanu baphinda baba nokuthokoza okukhulu kanye nokuthula, yebo, ukushumayela okukhulu kanye neziphrofetho eziningi mayelana nalokho okwakuzoza. Futhi wedlula ngalendlela-ke unyaka wamashumi ayisithupha nanhlanu.

15 Futhi kwenzeka ukuthi ngonyaka wamashumi ayisithupha nesithupha wokubusa kwabehluleli, bheka, auSezoramu wabulawa ngesandla esasingaziwa ngesikhathi ehlezi esihlalweni sokwahlulela. Futhi kwenzeka ukuthi ngawo lowo nyaka, ukuthi indodana yakhe, eyayibekwe ngabantu esikhundleni sakhe, nayo ngokunjalo yabulawa. Futhi waphela kanjalo-ke unyaka wamashumi ayisithupha nesithupha.

16 Futhi ekuqaleni konyaka wamashumi ayisithupha nesikhombisa abantu baqala ukukhula kakhulu ebubini futhi.

17 Ngokuba bheka, iNkosi yayibabusisile kuso sonke lesi sikhathi ngengcebo yezwe kangangoba abazange baphehlelwe entukuthelweni, ezimpini, noma ekuchitheni igazi; ngakho-ke baqala ukubeka izinhliziyo zabo engcebweni yabo; yebo, baqala bafuna ukuthola inzuzo ukuze baphakame omunye ngaphezu komunye; ngakho-ke baqala aukubulala ngasese, kanye nokweba kanye nokuphanga, ukuze bathole inzuzo.

18 Manje bheka, labo babulali kanye nabaphangi babeyiqembu elaliqanjwe nguKishikumeni kanye no aGadiyantoni. Manje base bebaningi, ngisho naphakathi kwamaNefi, abeqembu likaGadiyantoni. Kodwa bheka, babebaningi kakhulu phakathi kwaleyo nxenye yamaLamani eyayinobubi kakhulu. Futhi babebizwa ngokuthi ngabaphangi nababulali baGadiyantoni.

19 Futhi kwakuyibo ababulala umahluleli omkhulu uSezoramu, kanye nendodana yakhe, ngesikhathi besesihlalweni sokwahlulela; futhi bheka, abazange batholwe.

20 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi amaLamani ethola ukuthi kwakukhona abaphangi phakathi kwawo adabuka kakhulu; futhi enza konke okusemandleni awo ukuthi ababulale baphele ebusweni bomhlaba.

21 Kepha bheka, uSathane waziphehla izinhliziyo enxenyeni enkulu yamaNefi, kangangokuthi ahlangana nalawo maqembu abaphangi, angena esivumelwaneni nasezifungweni zabo, ukuthi bayovikelana futhi balondolozane omunye nomunye kunanoma yiziphi izimo ezinzima ababeyoba kuzo, ukuze bangezwa ubuhlungu ngenxa yokubulala kwabo, kanye nokuphanga kwabo kanye nokweba kwabo.

22 Futhi kwenzeka ukuthi baba nezimpawu zabo, yebo, aizimpawu zabo eziyimfihlo, kanye namagama abo ayimfihlo; ukuze ngalokhu bakwazi ukwahlukanisa umfowabo ongene esivumelwaneni, ukuze kuthi noma ngabe yibuphi ububi umfowabo abenzayo angalinyazwa ngumfowabo, noma yilabo okwakungabe qembu lakhe, ababengene kulesi sivumelwano.

23 Futhi ngalendlela babengabulala, baphange, bebe, futhi benze ubufebe kanye nayo yonke inhlobo yobubi, ngokuphambene nomthetho wezwe labo futhi kanjalo nemithetho kaNkulunkulu wabo.

24 Futhi lowo owayengoweqembu labo owayengavezela umhlaba angobubi babo kanye nangezinengiso zabo, wayebekwa icala, hhayi ngokwemithetho yezwe labo, kepha ngokwemithetho yobubi babo, eyayinikezwe nguGadiyantoni kanye noKishikumeni.

25 Manje bheka, yilezi azifungo eziyimfihlo kanye nezivumelwano u-Alima ayala ngazo indodana yakhe ukuthi zingaphumeli ezweni, hleze zibe yindlela yokwehlisela abantu phansi ekonakalisweni.

26 Manje bheka, lezo azifungo eziyimfihlo kanye nezivumelwano azilethwanga kuGadiyantoni ziphuma emibhalweni eyayinikezwe uHelamani; kepha bheka, zazifakwe enhliziyweni kaGadiyantoni nguye kanye blowo muntu owayenga abazali bethu bokuqala ukuthi badle isithelo esasingavunyelwe—

27 Yebo, yena kanye lowo muntu owenza isu no aKayini, ukuthi uma engabulala umfowabo u-Abela akuyikwaziwa emhlabeni. Futhi nempela wenza isu noKayini kanye nabalandeli bakhe kusukela ngaleso sikhathi kuya phambili.

28 Futhi phezu kwalokho nguye kanye lowo muntu owakufaka ezinhliziyweni zabantu ukuthi abakhe umbhoshongo ophakeme ngokwaneleyo ukuze bafinyelele ezulwini. Futhi kwakuwuye kanye lowo muntu owahola abantu ababevela kulombhoshongo beza kulelizwe; owandisa imisebenzi yobumnyama kanye nezinengiso kubo bonke ubuso bezwe, kwaze kwaba ubahudulela phansi abantu bekubhujisweni nya, kanye nasesihogweni esingapheliyo.

29 Yebo, nguye kanye lowo muntu owakufaka enhliziyweni ka aGadiyantoni ukuthi aqhubeke njalo nomsebenzi wobumnyama, kanye nowokubulala ngasese; futhi ukusekelile lokho kusukela ekuqaleni komuntu ngisho kwehle kuze kube yilesi sikhathi samanje.

30 Futhi bheka, nguye lowo aongumqambi waso sonke isono. Futhi bheka, usaqhubeka nomsebenzi wakhe wobumnyama kanye nowokubulala ngasese, futhi udlulisa amacebo abo, nezifungo zabo, nezivumelwano zabo, kanye namasu abo obubi obukhulu, izizukulwane ngezizukulwane kangangoba engathola ukubambelela ezinhliziyweni zabantwana babantu.

31 Manje bheka, wayesethole ukubambelela okukhulu ezinhliziyweni zamaNefi; yebo, kangangokuthi ayesemabi kakhulu; yebo, inxenye enkulu yawo isiphendukile yasuka endleleni yokulunga, futhi ayanyathela imiyalelo kaNkulunkulu phansi kwezinyawo zawo, futhi aphendukela ezindleleni zawo, futhi azakhela izithixo zegolide lawo kanye nesiliva lawo.

32 Futhi kwenzeka ukuthi bonke lobu bubi beza kubo ngesikhashana nje aesingeminyaka mingaki, kangangokuthi inxenye enkulu yabo yeza kubo ngonyaka wamashumi ayisithupha nesikhombisa wokubusa kwabehluleli kubantu baNefi.

33 Futhi akhula ebubini bawo ngonyaka wamashumi ayisithupha nesishiyangalombili futhi, okwabangela usizi nesililo esikhulu kwabalungile.

34 Futhi ngalendlela siyabona ukuthi amaNefi aqala alahlekelwa wukholo, futhi akhula ebubini nasezinengisweni, ngesikhathi amaLamani wona eqala ukukhula kakhulu olwazini lukaNkulunkulu wawo; yebo, aqala ukuyigcina imithetho kanye nemiyalelo yakhe, kanye nokuhamba eqinisweni kanye nangobuqotho phambi kwakhe.

35 Futhi ngalendlela siyabona ukuthi uMoya weNkosi waqala ukuthi auhosheke kumaNefi, ngenxa yobubi kanye nobulukhuni bezinhliziyo zawo.

36 Futhi ngalendlela siyabona ukuthi iNkosi yaqala ukuthela uMoya wayo phezu kwamaLamani, ngenxa yokuthanda kwawo kanye nokufuna ukuthi akholwe emazwini ayo.

37 Futhi kwenzeka ukuthi amaLamani nempela alizingela leliqembu labaphangi baGadiyantoni; futhi alishumayela izwi likaNkulunkulu phakathi kwenxenye yawo eyayinobubi kakhulu, kangangokuthi leliqembu labaphangi lasuswa laphela nya phakathi kwamaLamani.

38 Futhi kwenzeka ukuthi ngakolunye uhlangothi, amaNefi alakha futhi alisekela, eqala kuleyo nxenye eyayinobubi kakhulu, kwaze kwaba lisabalala kulo lonke izwe lamaNefi, futhi layenga inxenye enkulu yabalungile kwaze kwaba babuyela phansi ekukholweni emisebenzini yabo futhi bacazelana ngempango yabo, futhi bahlangana nabo ekubulaleni ngasese kanye nasemaqenjini abo angasese.

39 Futhi ngalendlela bathola ukuwuphatha ngokuphelele umkhandlu ophetheyo, kangangokuthi banyathela ngaphansi kwezinyawo zabo futhi bashaya bahlupha futhi bafulathela aabampofu kanye nabamnene, kanye nabalandeli abathobile baNkulunkulu.

40 Futhi ngalendlela siyabona ukuthi base besesimweni esibi kakhulu, futhi asebevuthelwa ukonakaliswa okungapheliyo.

41 Futhi kwenzeka ukuthi unyaka wamashumi ayisithupha nesishiyangalombili waphela ngalendlela wokubusa kwabehluleli kubantu baNefi.