ImiBhalo eNgcwele
Helamani 8


Isahluko 8

Abehluleli abakhohlakele bafuna ukuqhatha uNefi nabantu—U-Abrahama, uMose, uZenoshe, uZenoki, u-Eziya, u-Isaya, uJeremiya, uLehi kanye noNefi bonke bafakaza ngoKristu—Ngokuholwa ngumoya uNefi umemezela ukubulawa komehluleli omkhulu. Cishe ngonyaka wama 23 kuya kowama 21 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi uNefi esewakhulumile lamazwi, bheka, kwakukhona amadoda ayengabehluleli, futhi okwakungaweqembu eliyimfihlo likaGadiyantoni, futhi ayethukuthele, futhi amemeza ephikisana naye, ethi kubantu: Kungani ningayibambi lendoda futhi niyilethe phambili, ukuze ijeziswe njengokwecala elenzile na?

2 Kungani niyibuka lendoda, futhi niyilalela ithuka labantu kanye nomthetho wethu na?

3 Ngokuba bheka, uNefi wayekhulume nabo mayelana nenkohlakalo yomthetho wabo; yebo, ziningi izinto uNefi azikhuluma ezingenakubhalwa; futhi akukho akukhuluma okwakuphikisana nemiyalelo kaNkulunkulu.

4 Futhi labo behluleli bamthukuthelela ngenxa yokuthi awakhuluma ngokusobala kubo mayelana nemisebenzi yabo yobumnyama eyimfihlo; nokho, abazange balokothe bambambe, ngokuba babesaba abantu hleze bamemeze ngokuphikisene nabo.

5 Ngakho-ke bakhala ebantwini, bethi: Kungani nivumela lendoda ukuthi isithuke na? Ngokuba bhekani ibasola bonke labantu, ngisho kangangoba bezobhujiswa; yebo, futhi phezu kwalokho nokuthi lamadolobha ethu amakhulu ayothathwa kithi, nokuthi ngeke sisaba nandawo kuwo.

6 Manje siyazi ukuthi lokhu akunakwenzeka, ngokuba bhekani, sinamandla, futhi amadolobha ethu makhulu, ngakho-ke izitha zethu ngeke zibe namandla phezu kwethu.

7 Futhi kwenzeka ukuthi babaphehla ngalendlela abantu ukuthi bamthukuthelele uNefi, futhi badala imibango phakathi kwabo; ngokuba kwakukhona abathile ababekhala bethi: Iyekeni lendoda, ngokuba ingumuntu olungile, futhi lezo zinto ezikhulumile zizofezeka ngempela ngaphandle kokuthi siphenduke;

8 Yebo, bhekani, zonke izahlulelo zizoza kithi afakaze ngazo kithi; ngokuba siyazi ukuthi ufakaze ngokuyikho kithi mayelana nobubi bethu. Futhi bhekani buningi, futhi auyazazi futhi zonke izinto ezizosehlela njengoba azi ngobubi bethu;

9 Yebo, futhi bhekani, ukube ubengeyena umphrofethi ubengenakufakaza mayelana nalezo zinto.

10 Futhi kwenzeka ukuthi labo bantu ababefuna ukumbulala uNefi baphoqeleka ngenxa yokwesaba kwabo, ukuthi bangambambi; ngakho-ke waqala futhi ukukhuluma kubo, ebona ukuthi wayesethole ukwesekwa emehlweni abanye, kangangokuthi ababesele babo besaba nokwesaba.

11 Ngakho-ke waphoqelelwa ukuthi akhulume okunye kubo ethi: Bhekani, bafowethu, ngabe anifundanga yini ukuthi uNkulunkulu wanikeza amandla kumuntu oyedwa, ngisho kuMose, ukuthi ashaye amanzi aoLwandle oluBomvu, futhi ahlukana aya ngapha nangapha, kangangokuthi ama-Israyeli, ayengobaba bethu, anqamula phakathi emhlabathini owomileyo, futhi amanzi awamukisa amabutho amaGibithe awagwinya onke na?

12 Manje bhekani, uma uNkulunkulu anika lendoda amandla angaka, pho kungani ninokuphikisana phakathi kwenu, futhi nithi akazange anginikeze amandla engingakwazi ukwazi ngawo mayelana nezahlulelo ezizoza kini ngaphandle kokuthi niphenduke na?

13 Kodwa, bhekani, aniphikisi nje amazwi ami kuphela, kodwa futhi niphikisa wonke amazwi akhulunywa ngobaba bethu, futhi kanjalo namazwi akhulunywa yilendoda, uMose, owayenamandla amakhulu kangaka aye nikezwe wona, yebo, amazwi awakhulumayo mayelana nokuza kukaMesiya.

14 Yebo, akazange afakaze yini ngokuthi iNdodana kaNkulunkulu kufanele ize na? Futhi njengoba aaphakamisa inyoka yethusi ehlane, ngisho nakanjalo uyophakanyiswa lowo okufanele eze.

15 Futhi ngobuningi balabo ababeyoyibuka leyo nyoka ababeyophila, futhi kanjalo ngobuningi balabo abayobuka eNdodaneni kaNkulunkulu ngokholo, benomoya wokudabuka, bbayophila, ngisho ngokwanele ukuba baphile ingunaphakade.

16 Manje bhekani, uMose akuyena nje kuphela owafakaza ngalezi zinto, kodwa futhi abonke abaphrofethi abangcwele, kusukela ezinsukwini zakhe ngisho kuze kuya nasezinsukwini zika-Abrahama.

17 Yebo, futhi bhekani, u-aAbrahama wakubona ukuza kwayo, futhi wagcwala injabulo futhi wathokoza.

18 Yebo, futhi bhekani ngithi kini, akusiye u-Abrahama kuphela owazi ngalezi zinto, kepha kwakukhona aabaningi ngaphambi kwezinsuku zika-Abrahama ababebizwe bngokohlelo lukaNkulunkulu; yebo, ngisho nangokohlelo lweNdodana yakhe; futhi lokhu ukuze kukhonjiswe kubantu, iminyaka engamakhulu eyizinkulungwane eziningi phambi kokufika kwayo, ukuthi ukukhululwa kuyoza ngisho nakubo.

19 Manje ngifuna ukuthi nazi, ukuthi ngisho kusukela nasezinsukwini zika-Abrahama kwakukhona abaningi abaphrofethi abazifakazela lezi zinto; yebo, bhekani, umphrofethi auZenoshe wafakaza ngesibindi; ngalokho wabulawa.

20 Futhi bhekani, ngokunjalo no aZenoki, futhi ngokunjalo no-Eziya, futhi kanjalo no-bIsaya kanye no cJeremiya, (uJeremiya enguye kanye lowo mphrofethi owafakaza ngokubhujiswa kwe dJerusalema) manje siyazi ukuthi iJerusalema yabhujiswa njengokwamazwi kaJeremiya. Pho ke kungani ukuthi iNdodana kaNkulunkulu ingezi, njengokwesiphrofetho sakhe na?

21 Manje nizokuphika yini ukuthi aiJerusalema yabhujiswa na? Ningasho yini ukuthi bamadodana kaSedekiya awazange abulawe, wonke ngaphandle kuka cMuleki na? Yebo, futhi aniboni yini ukuthi inzalo kaSedekiya inathi na, futhi yaqhutshwa yakhishwa ezweni laseJerusalema na? Kepha bhekani, lokhu akusikho kuphela—

22 Ubaba uLehi waqhutshwa wakhishwa eJerusalema ngenxa yokuthi wafakaza ngalezi zinto. UNefi ngokunjalo naye wafakaza ngalezi zinto, futhi phezu kwalokho cishe bonke obaba bethu, ngisho kwehle kuze kube yilesi sikhathi; yebo, bafakaza angokuza kukaKristu, futhi babheka phambili, futhi baluthokozela usuku lwakhe oluzoza.

23 Futhi bhekani, unguNkulunkulu, futhi unabo, futhi wazibonakalisa kubo, ukuthi wayebakhululile; futhi bamnika udumo, ngenxa yalokho okuzoza.

24 Manje, ngokubona ukuthi niyazazi lezi zinto futhi aninakuziphika ngaphandle kokuthi niqambe amanga, ngakho-ke ngalokhu nonile, ngokuba niziphikile zonke lezi zinto, naphezu kobufakazi obuningi kangaka enibutholile; yebo, nizitholile azonke izinto, izinto ezisezulwini, kanye nazo zonke izinto ezisemhlabeni, njengobufakazi bokuthi ziyiqiniso.

25 Kodwa bhekani, niliphikile iqiniso, futhi anavukela uNkulunkulu wenu ongcwele; futhi ngisho nangalesi sikhathi, esikhundleni sokuthi nizibekele bingcebo ezulwini, lapho kungekho lutho olubolisayo, futhi lapho kungekho nto engcolile engangena khona, niziqokelele intukuthelo ngosuku clokwahlulelwa.

26 Yebo, ngisho nangalesi sikhathi niyavuthwa, ngenxa yokubulala anokuhlobonga kanye nenkohlakalo yenu, ukuthi nonakaliswe inguphakade; yebo, futhi ngaphandle kokuthi niphenduke kuzofika kini masinyane.

27 Yebo, bhekani manje sekuseminyango yenu; yebo, hambani niye esihlalweni sokwahlulela, futhi nifune; futhi bhekani, umahluleli wenu ubulewe, futhi auselele egazini lakhe; futhi ubulewe bngumfowabo; ofuna ukuhlala esihlalweni sokwahlulela.

28 Futhi bhekani, bobabili bangabeqembu lenu eliyimfihlo, aumqambi walo okunguGadiyantoni kanye nomubi ofuna ukubulala abantu.