ImiBhalo eNgcwele
Helamani 3


Isahluko 3

AmaNefi amaningi athuthela ezweni elingasenyakatho—Akha izindlu zikasemende futhi agcina imibhalo eminingi—Amashumi ezinkulungwane ayaphenduka futhi ayabhabhadiswa—Izwi likaNkulunkulu liholela abantu ekusindisweni—UNefi indodana kaHelamani uthatha isihlalo sokwahlulela. Cishe ngonyaka wama 49 kuya kowama 39 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwenzeka ngonyaka wamashumi amane nantathu wokubusa kwabehluleli, akuzange kube khona mbango phakathi kwabantu baNefi ngaphandle nje kokuziqhenya okuncane okwakusebandleni, okwabangela ukuhlubuka okuncane phakathi kwabantu, futhi lezi zindaba zasombululeka ekupheleni konyaka wamashumi amane nantathu.

2 Futhi akuzange kube khona mbango phakathi kwabantu ngonyaka wamashumi amane nane; futhi akubanga khona mbango omkhulu ngonyaka wamashumi amane nanhlanu.

3 Futhi kwenzeka ngonyaka wamashumi amane nesithupha, yebo, kwaba khona umbango omkhulu kanye nokuhlubuka okuningi; okwaba yimbangela yokuthi abaningi kakhulu bemuka baphuma ezweni lakwaZarahemla, futhi bahamba baya ezweni aelingasenyakatho ukuyolithola njengefa.

4 Futhi bahamba indlela ende kakhulu, kangangokuthi baze bafika aemachibini amakhulu amanzi kanye nasemifuleni eminingi.

5 Yebo, futhi basakazeka kuzo zonke izinxenye zezwe, kuzo zonke izinxenye ezazingenziwanga zaba yincithakalo futhi ezazingenamahlathi, ngenxa yabahlali abaningi ababehlala kulo phambilini.

6 Manje kwakungekho nxenye yezwe eyayi yincithakalo, ngaphandle nje kokuthi kwakungekho mahlathi; kodwa ngenxa ayokubhujiswa okukhulu kwabantu ababehlala kulo phambilini labizwa ngokuthi byincithakalo.

7 Futhi ngenxa yokuthi kwakukhona amahlathi amancane nje ebusweni bezwe, nokho abantu abaya lapho baba yizingcweti ekusebenziseni usimende; ngakho-ke nempela bakha izindlu zikasimende, abahlala kuzo.

8 Futhi kwenzeka ukuthi nempela bazalana banda futhi basakazeka, futhi bahamba besuka ezweni elalingase ningizimu beya ezweni elingase nyakatho, futhi basakazeka kangangokuthi baqala ukumboza ubuso bezwe lonke, kusukela olwandle oluseningizimu kuya olwandle olusenyakatho, kusukela aolwandle olusentshonalanga kuya olwandle olusempumalanga.

9 Futhi abantu ababesezweni elingasenyakatho babehlala ematendeni, kanye nasezindlini zikasimende, futhi bayekela nanoma yisiphi isihlahla esasivela ebusweni bezwe ukuthi sikhule, ukuze ngokuhamba kwesikhathi babe nezingodo zokwakha izindlu zabo, yebo, amadolobha abo, kanye namathempeli abo, kanye namasinagoge abo, kanye nezindlu zabo ezingcwele, kanye nazo zonke izinhlobo zezakhiwo zabo.

10 Futhi kwenzeka njengoba izingodo zaziyindlala kakhulu ezweni elingasenyakatho, bathumela eziningi angomkhumbi.

11 Futhi ngaleyondlela basiza abantu ababesezweni elingasenyakatho ukuthi bakhe amaningi amadolobha amakhulu ngezingodo kanye nangosimende.

12 Futhi kwenzeka ukuthi kwakukhona abaningi ababantu ba-Amoni, ababengamaLamani ngokuzalwa, nabo ngokunjalo abahamba baya kulelizwe.

13 Manje kukhona imibhalo eminingi egciniwe yezenzo zalabantu, ngabaningi balabantu, enemininingwane futhi eminingi kakhulu, mayelana nabo.

14 Kepha bheka, inxenye eyodwa ekhulwini yezenzo zalabantu, yebo, indaba yamaLamani kanye neyamaNefi, kanye nezimpi zabo, kanye nemibango, kanye nokuhlubuka, kanye nokushumayela kwabo, kanye neziphrofetho zabo, kanye nokuthumela kwabo izinto ngemikhumbi kanye nokwakha kwabo imikhumbi, kanye nokwakha kwabo aamathempeli, namasinagoge kanye nezindlu zabo ezingcwele, kanye nokulunga kwabo, kanye nobubi babo, kanye nokubulala kwabo, kanye nokuphanga kwabo, kanye nobugebengu babo, kanye nazo zonke izinhlobo zezinengiso zabo kanye nobufebe babo, akunakukwazi ukuthi kufakwe kulomsebenzi.

15 Kepha bheka, kukhona eziningi izincwadi kanye neminingi imibhalo enhlobo nhlobo, futhi selokhu yagcinwa esikhathini esiningi ngamaNefi.

16 Futhi selokhu ayadluliswa ngamaNefi kusukela esizukulwaneni kuya kwesinye, kwaze kwaba awela esiphambekweni futhi abulawa, aphangwa, futhi azingelwa, futhi axoshwa, futhi asakazwa ebusweni bomhlaba, futhi axubana namaLamani aze bangabe esabizwa ngamaNefi, esenobubi, futhi eseyizinhlangunhlangu, futhi esenobudlova, yebo, ngisho esengamaLamani.

17 Manje sengibuyela futhi endabeni yami; ngakho-ke, lokho engikukhulumile kwenzeka emva kokuthi sekubekhona imibango, kanye nokuphazamiseka, kanye nezimpi, kanye nokuhlubuka, phakathi kwabantu baNefi.

18 Unyaka wamashumi amane nesithupha wokubusa kwabehluleli waphela;

19 Futhi kwenzeka ukuthi wawusekhona umbango omkhulu ezweni, yebo, ngisho nangonyaka wamashumi amane nesikhombisa, futhi kanjalo nangonyaka wamashumi amane nesishiyagalombili.

20 Nokho uHelamani wasithatha isihlalo sokwahlulela ngokulunga kanye nangobuqotho; yebo, nempela waqaphela ukugcina imithetho, kanye nezahlulelo, kanye nemiyalelo kaNkulunkulu; futhi nempela wenza lokho okwakulungile emehlweni kaNkulunkulu njalonjalo; futhi wahamba ezindleleni zikayise, kangangokuthi waphumelela ezweni.

21 Futhi kwenzeka ukuthi wayenamadodana amabili. Omdala wamnikeza igama lika aNefi, kwathi omncane, igama lika bLehi. Futhi aqala akhulela eNkosini.

22 Futhi kwenzeka ukuthi izimpi kanye nemibango kwaqala kwaya ngokuphela, kancane nje, phakathi kwabantu bamaNefi, ngasekupheleni konyaka wamashumi amane nesishiyagalombili wokubusa kwabehluleli kubantu baNefi.

23 Futhi kwenzeka ngonyaka wamashumi amane nesishiyagalolunye wokubusa kwabehluleli, kwabakhona ukuthula njalonjalo ezweni, ngaphandle nje kwamaqembu ayimfihlo auGadiyantoni umphangi ayewamisile ezinxenyeni eziningi zezindawo ezazithule, ngaleso sikhathi ayengaziwa yilabo ababesezihlalweni eziphezulu zomkhandlu ophetheyo; ngakho-ke awazange aqedwe aphele ezweni.

24 Futhi kwenzeka ukuthi ngawo kanye lonyaka kwaba khona impumelelo enkulu kakhulu ebandleni, kangangokuthi kwaba khona izinkulungwane ezangena ebandleni futhi zabhabhadiselwa ekuphendukeni.

25 Futhi kwaba kukhulu kakhulu ukuphumelela ebandleni, futhi nezibusiso zaba ziningi kakhulu ezathelwa kubantu, kangangokuthi ngisho abaphristi abakhulu kanye nabafundisi bamangala kakhulu.

26 Futhi kwenzeka ukuthi umsebenzi weNkosi nempela waphumelela kangangoba kwabhabhadiswa futhi kwahlanganiswa ibandla likaNkulunkulu, abantu abaningi, yebo, ngisho amashumi ezinkulungwane.

27 Ngaleyondlela singabona ukuthi iNkosi inomusa kubo bonke abathandayo, ngobuqotho bezinhliziyo zabo, ukubiza igama layo elingcwele.

28 Yebo, ngaleyondlela siyabona ukuthi aisango lasezulwini livulelwe bbonke, ngisho nalabo abayokholwa egameni likaJesu Kristu, oyiNdodana kaNkulunkulu.

29 Yebo, siyabona ukuthi lowo othandayo angabambelela aezwini likaNkulunkulu, beliphilayo futhi elinamandla, eliyohlukanisa phakathi naphakathi bonke ubuqili nezithiyo kanye neziyengo zikadeveli, futhi liholele umlandeli kaKristu endleleni engumngcingo cnencane awele kulowo dmhosha waphakade wokuhlupheka olungiselwe ukuthi ugwinye ababi—

30 Futhi libeke imiphefumulo yabo, yebo, imiphefumulo yabo engafiyo, aesandleni sokunene sikaNkulunkulu embusweni wasezulwini, ukuthi ihlale phansi no-Abrahama, no-Isaka, kanye no-Jakobe, kanye nabo bonke obaba bethu abangcwele, ingaphindi nanini iphumele ngaphandle.

31 Futhi ngalonyaka kwabakhona ukujabula okuqhubekayo ezweni lakwaZarahemla, kanye nakuzo zonke izifunda ezizungezile, ngisho nakulo lonke izwe elalingelamaNefi.

32 Futhi kwenzeka ukuthi kwabakhona ukuthula kanye nokujabula okukhulu esikhathini esasisasele sonyaka wamashumi amane nesishiyagalolunye; yebo, futhi kanjalo kwaba khona ukuthula okuqhubekayo kanye nokuthokoza okukhulu ngonyaka wamashumi amahlanu wokubusa kwabehluleli.

33 Futhi ngonyaka wamashumi amahlanu nanye wokubusa kwabehluleli kwaba khona ukuthula futhi, ngaphandle nje kokuziqhenya okwaqala kwangena ebandleni—hhayi ebandleni likaNkulunkulu, kodwa ezinhliziyweni zabantu ababezibiza ngokuthi bangabebandla likaNkulunkulu—

34 Futhi ababeziqhenya, kwaze kwaba bahlupha abaningi babazalwane babo. Manje lokhu kwakuwububi obukhulu, obenza inxenye yabantu abathobe kakhulu ukuthi izwe ukuhlushwa okukhulu, futhi idlule enkathazweni enkulu.

35 Nokho nempela abazila ukudla futhi bbakhuleka njalo, futhi nempela bakhula beya ngokuqina cekuzithobeni kwabo, futhi beya ngokugxila okholweni lukaKristu, yaze imiphefumulo yabo yagcwala intokozo kanye nenduduzo, yebo, ngisho kwaze kwaba izinhliziyo zabo dziyahlanjwa futhi eziyangcweliswa, ukungcweliswa lokho okuza ngenxa fyokunikela izinhliziyo zabo kuNkulunkulu.

36 Futhi kwenzeka ukuthi unyaka wamashumi amahlanu nambili waphela nawo ngokuthula, ngaphandle kokuziqhenya okukhulu kakhulu okwasekungene ezinhliziyweni zabantu; futhi kwakungenxa ayengcebo yabo enkulu kakhulu kanye nokuphumelela kwabo ezweni; futhi nempela kwakukhula kubo usuku nosuku.

37 Futhi kwenzeka ngonyaka wamashumi amahlanu nantathu wokubusa kwabehluleli uHelamani wafa, kwase kuthi indodana yakhe endala uNefi yaqala ukubusa esikhundleni sakhe. Futhi kwenzeka ukuthi nempela yasithatha isihlalo sokwahlulela ngokulunga nangobuqotho; yebo, yayigcina imiyalelo kaNkulunkulu, futhi nempela yahamba ezindleleni zikayise.