ImiBhalo eNgcwele
Helamani 9


Isahluko 9

Izithunywa zithola umahluleli omkhulu efile esihlalweni sokwahlulela—Ziyaboshwa kamuva ziyakhululwa—Ngokuholwa ngumoya uNefi ukhomba uSiyentami njengombulali—UNefi wemukelwa ngabanye njengomphrofethi. Cishe ngonyaka wama 23 kuya kowama 21 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Bheka, manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi uNefi esewakhulumile lamazwi, amanye amadoda ayephakathi kwabo agijima aya esihlalweni sokwahlulela; yebo, ayemahlanu ahambayo, futhi athi omunye komunye, ngesikhathi ehamba:

2 Bhekani, manje sizokwazi ngeqiniso ukuthi ngabe lendoda inguye yini umphrofethi futhi nokuthi uNkulunkulu uyiyalile yini ukuthi iphrofethe izinto ezimangalisa kangaka kithi. Bhekani, asikholwa ukuthi uyiyalile; yebo, asikholwa ukuthi ingumphrofethi; nokho, uma lento eyishilo mayelana nomahluleli omkhulu iyiqiniso, ukuthi ufile, uma kunjalo sizokholwa ukuthi amanye amazwi ewakhulumileyo ayiqiniso.

3 Futhi kwenzeka ukuthi agijima ngamandla, aze afika esihlalweni sokwahlulela; futhi bheka, umahluleli omkhulu wayesewele phansi, futhi nempela awayelele kulo igazi lakhe.

4 Manje bheka, ngesikhathi esekubona lokhu ethuka kakhulu, kangangokuthi awela phansi; ngokuba ayengazange awakholwe amazwi uNefi ayewakhulumile mayelana nomahluleli omkhulu.

5 Kepha manje, ngesikhathi esebona akholwa, futhi afikelwa wukwesaba hleze zonke izahlulelo uNefi ayezikhulumile zenzeke kubantu; ngakho-ke athuthumela, futhi awela phansi.

6 Manje, khona manjalo ngesikhathi umehleluli esebulewe—egwazwe ngumfowabo owayegqoke izingubo zokuzifihla, futhi wabaleka, izinceku zagijima zayotshela abantu, zikhala isikhalo sokubulala phakathi kwabo;

7 Futhi bheka abantu nempela babuthana ndawonye endaweni yesihlalo sokwahlulela—futhi bheka, bethukile bawabona lawo madoda amahlanu ayesewele phansi.

8 Manje bheka, labantu babengazi lutho mayelana nesixuku esasibuthene ndawonye aensimini kaNefi; ngakho-ke bathi omunye komunye: Lamadoda yiwo abulele umahluleli, futhi uNkulunkulu usewashayile ukuze angabe esakwazi ukusibalekela.

9 Futhi kwenzeka ukuthi bawabamba, futhi bawabopha bawaphosa etilongweni. Futhi kwaba khona isimemezelo esathunyelwa kuzo zonke izindawo ukuthi umahluleli wayesebulewe, futhi nokuthi ababulali base bethathiwe baphoswa etilongweni.

10 Futhi kwenzeka ukuthi ngakusasa abantu babuthana ndawonye ukuthi bazokhala futhi abazile, emngcwabeni womahluleli omkhulu kakhulu owayebulewe.

11 Futhi ngalesi sizathu nalabo behluleli ababesensimini kaNefi, futhi sebewazwile amazwi akhe, nabo ngokunjalo babuthelana ndawonye emngcwabeni.

12 Futhi kwenzeka ukuthi babuza kubantu bethi: Baphi labo abahlanu abebethunywe ukuyozwa mayelana nomahluleli omkhulu ukuthi ngabe ufile na? Futhi baphendula bathi: Mayelana nalabo abahlanu enithi nibathumile, thina asazi; kodwa kukhona abahlanu abangababulali, esibaphonse etilongweni.

13 Futhi kwenzeka ukuthi abehluleli bafuna ukuthi labo balethwe; futhi balethwa, futhi bheka kwakuyilabo abahlanu ababethunyiwe; futhi bheka abehluleli bababuza ukuze bazi mayelana naloludaba, futhi babatshela konke lokho ababekwenzile, bethi:

14 Sigijime seza endaweni yesihlalo sokwahlulela, futhi ngesikhathi sesibona zonke izinto zinjengoba uNefi kade efakazile, sethuka kangangokuthi sawela phansi; futhi ngesikhathi siphaphama ekwethukeni kwethu, bheka basiphonsa etilongweni.

15 Manje, ngokubulawa kwalendoda, asazi ukuthi ngubani okwenzile lokhu; futhi yilokhu kuphela esikwaziyo, sigijime seza lapha njengokufisa kwenu, futhi bheka ubesefile, njengokwamazwi kaNefi.

16 Manje kwenzeka ukuthi abehluleli bayichaza indaba kubantu, futhi bakhala kakhulu ngokumelene noNefi, bethi: Bhekani, siyazi ukuthi loNefi kufanele ukuthi uvumelane nothile ukuthi abulale umahluleli, futhi emva kwalokho ukuze akumemezele kithi, ukuze asiphendulele okholweni lwakhe, ukuze aziphakamise ukuthi abe ngumuntu omkhulu, okhethwe nguNkulunkulu, kanye nomphrofethi.

17 Manje bhekani, sizoyithola lendoda, futhi izolivuma icala layo futhi isitshele ngombulali wangempela womahluleli.

18 Futhi kwenzeka ukuthi labo abahlanu bakhululwa ngosuku lomngcwabo. Nokho, babasola abehluleli ngamazwi ababewakhulumile ngokumelene noNefi, futhi baphikisana nabo ngamunye ngamunye, kangangokuthi babehlula.

19 Nakuba kunjalo, benza ukuthi uNefi athathwe aboshwe futhi alethwe phambi kwesixuku, futhi baqala ukumbuza ngezindlela ezahlukene ukuze bamdide, ukuze bambeke icala ukuze abulawe—

20 Bethi kuye: Wenze uzungu nothile; ngubani lomuntu obulele na? Manje sitshele, futhi ulivume icala lakho; bethi, Bheka nansi imali; futhi phezu kwalokho sizokuvumela uphile uma ungasitshela, futhi usivume leso sivumelwano osenze nalowo.

21 Kodwa uNefi wathi kubo: O aziwula, nina eningasokiwe ngokwenhliziyo, nina zimpumputhe, futhi nina bbantu abangontamo lukhuni, ngabe niyazi yini ukuthi kuyoze kube nini iNkosi uNkulunkulu wenu inivumela ukuthi niqhubeke nalendlela yenu yokona na?

22 O kumele niqale nihhewule futhi anikhale, ngenxa yokubhujiswa okukhulu kulesi sikhathi okunihlalele, ngaphandle kokuthi niphenduke.

23 Bhekani nithi ngivumelene nomuntu ukuthi abulale uSezoramu, umahluleli wethu omkhulu. Kodwa bhekani, ngithi kini, lokhu kungenxa yokuthi ngifakaze kini ukuze nazi mayelana nalento; yebo, ukuthi kube njengobufakazi kini, ukuthi ngempela ngiyazi ngenkohlakalo kanye nangezinengiso eziphakathi kwenu.

24 Futhi ngenxa yokuthi ngenze lokhu, senithi ngivumelene nomuntu ukuthi enze lento; yebo, ngenxa yokuthi nginikhombise lesi sibonakaliso seningithukuthelele, futhi senifuna ukungibulala.

25 Manje bhekani, ngizonikhombisa esinye isibonakaliso, bese ngibona ukuthi ngokuphathelene nalento nizofuna ukungibulala yini.

26 Bhekani ngithi kini: Hambani niye endlini kaSeyantumi, aongumfowabo kaSezoramu, nifike nithi kuye—

27 Ngabe uNefi, ozenza umphrofethi, lona ophrofetha ngobubi obungaka mayelana nalabantu, uvumelene yini nawe, ukuthi umbulale uSezoramu, ongumfowenu na?

28 Bhekani, uzothi kini, Cha.

29 Futhi niyothi kuye: Umbulele yini umfowenu na?

30 Futhi uyokuma enokwesaba, futhi engazi ukuthi uzothini. Futhi bhekani, uyophika kini; futhi uyokwenza sengathi wethukile; nokho, uyothi kini akanacala.

31 Kodwa bhekani, niyomhlola, futhi niyothola igazi esiketini sezingubo zakhe.

32 Futhi senikubonile lokhu, niyokuthi: Liphumaphi leligazi na? Ucabanga ukuthi asazi ukuthi yigazi lomfowenu leli na?

33 Futhi emva kwalokho uyothuthumela, futhi uyobukeka ephaphathekile, sengathi ukufa sekufike kuye.

34 Futhi emva kwalokho niyothi: Ngenxa yalokhu kwesaba kanye nalokhu kuphaphatheka okusebusweni bakho, bheka, siyazi ukuthi unecala.

35 Futhi emva kwalokho ukwesaba okukhulu kuyomfikela; futhi emva kwalokho uyovuma kini, futhi angabe esaphika ukuthi nguyena obulele.

36 Futhi emva kwalokho uyosho kini, ukuthi mina, Nefi, angazi lutho mayelana naloludaba ngaphandle kokuthi lunikezwe kimi ngamandla kaNkulunkulu. Futhi emva kwalokho niyokwazi ukuthi ngingumuntu othembekile, futhi nokuthi ngithunyelwe kini nguNkulunkulu.

37 Futhi kwenzeka ukuthi bahamba bayokwenza, ngisho njengoba uNefi ebatshelile. Futhi bheka, amazwi ayewakhulumile ayeyiqiniso; ngokuba njengokwalawo mazwi nempela waphika; futhi phezu kwalokho njengokwalawo mazwi nempela wavuma.

38 Futhi walethwa ukuthi azozivumela ukuthi nguye uqobo lwakhe owayengumbulali, kangangokuthi labo abahlanu bakhululwa, futhi kanjalo noNefi.

39 Futhi kwaba khona abathile abangamaNefi abakholelwa emazwini kaNefi; futhi kwakukhona abanye futhi, abakholwa ngenxa yobufakazi balabo abayisihlanu, ngokuba baphenduka ngesikhathi besetilongweni.

40 Manje kwaba khona abanye phakathi kwabantu, abathi uNefi wayengumphrofethi.

41 Futhi kwaba khona abanye abathi: Bhekani, ungunkulunkulu, ngokuba ngaphandle kokuthi engunkulunkulu ubengeke azazi zonke lezi zinto. Ngokuba bhekani, usitshele imicabango yezinhliziyo zethu, futhi phezu kwalokho wasitshela izinto; futhi usesazise umbulali wangempela womahluleli wethu omkhulu.