ImiBhalo eNgcwele
Helamani 16


Isahluko 16

AmaNefi akholwa uSamuweli abhabhadiswa nguNefi—USamuweli akabulaleki ngemicibisholo kanye nangamatshe amaNefi angaphendukile—Abanye baqinisa izinhliziyo zabo, futhi abanye babona izingelosi—Abangakholwa bathi akunamqondo ukukholwa kuKristu kanye nokuza Kwakhe eJerusalema. Cishe ngonyaka wesi 6 kuya kowoku 1 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje, kwenzeka ukuthi babe baningi abawezwa amazwi kaSamuweli, umLamani, awakhuluma ephezulu ezindongeni zedolobha. Futhi ngobuningi balabo abakholelwa ezwini lakhe bahamba bayofuna uNefi; futhi ngesikhathi sebemtholile bazivuma kuye izono zabo futhi bangaziphika, benesifiso sokuthi babhabhadiselwe eNkosini.

2 Kodwa ngobuningi balabo abangazange bakholelwe emazwini kaSamuweli bamthukuthelela; futhi bamkhanda ngamatshe ephezu kodonga, futhi phezu kwalokho abaningi bamdubula ngemicibisholo ngesikhathi emi phezu kodonga; kodwa uMoya weNkosi wawunaye, kangangokuthi abakwazanga ukumshaya ngamatshe abo futhi kanjalo nangemicibisholo yabo.

3 Manje ngesikhathi bebona ukuthi babengakwazi ukumshaya, kwaba khona abaningi kakhulu abakholelwa emazwini akhe, kangangokuthi bahamba baya kuNefi ukuze babhabhadiswe.

4 Ngokuba bheka, uNefi wayebhabhadisa, futhi ephrofetha, futhi eshumayela, ememezela ukuphenduka ebantwini, ebakhombisa izimpawu kanye nezibonakaliso, enza aizimangaliso phakathi kwabantu, ukuze bazi ukuthi uKristu kwase kufanele beze maduze—

5 Ebatshela ngezinto okwakufanele zenzeke masinyane, ukuze bazi futhi bakhumbule ngesikhathi sokuza kwazo ukuthi zazembuliwe kubo ngaphambilini, ngenhloso yokuthi bakholwe; ngakho-ke ngobuningi balabo abakholwa emazwini kaSamuweli baya kuye ukuze babhabhadiswe; ngokuba beza bephenduka futhi bezivuma izono zabo.

6 Kodwa iningi labo aliwakholwanga amazwi kaSamuweli; ngakho-ke ngesikhathi bebona ukuthi babengakwazi ukumshaya ngamatshe kanye nangemicibisholo yabo, bakhala ezinduneni zabo, bethi: Thathani lomuntu nimbophe, ngokuba bhekani unodeveli; futhi ngenxa yamandla kadeveli okuye asikwazi ukumshaya ngamatshe ethu kanye nangemicibisholo yethu; ngakho-ke mthatheni nimbophe, futhi nimsuse lapha.

7 Futhi ngesikhathi sebehamba ukuze bayombamba, bheka, wagxumela phansi esuka phezulu odongeni, futhi wabaleka waphuma ezweni labo, yebo, waze wafika ezweni lakubo, futhi waqala ukushumayela kanye nokuphrofetha phakathi kwabantu bakubo.

8 Futhi bheka, amaNefi awaphindanga ezwa ngaye; futhi zaba kanjalo-ke lezi zindaba zabantu.

9 Futhi waphela kanjalo-ke unyaka wamashumi ayisishiyagalombili nesithupha wokubusa kwabehluleli kubantu baNefi.

10 Futhi waphela kanjalo-ke nonyaka wamashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa wokubusa kwabehluleli, ingxenye eningi yabantu iqhubeka nokuzazisa kanye nokwenza ububi, futhi ingxenye encane ihamba ngokuqaphela phambi kukaNkulunkulu.

11 Futhi kwaphinde kwaba yilesi simo, nangonyaka wamashumi ayisishiyagalombili neyisishiyagalombili wokubusa kwabahluleli.

12 Futhi kwabakhona okuncane ukuguquka ezimweni zabantu, ngaphandle kokuthi abantu baqala ukuqina kakhulu ekwenzeni ububi, futhi benza okuningi kakhulu kwalokho okwakuphikisana nemiyalelo kaNkulunkulu, ngonyaka wamashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalolunye wokubusa kwabehluleli.

13 Kodwa kwenzeka ngonyaka wamashumi ayisishiyagalolunye wokubusa kwabehluleli, kwaba khona aizibonakaliso ezinkulu ezanikwa abantu, kanye nezimangaliso; futhi amazwi abaphrofethi baqala ukugcwaliseka.

14 Futhi aizingelosi zavela kubantu, izazi, futhi zamemezela kubo izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu; ngakho-ke ngalonyaka imibhalo engcwele yaqala ukugcwaliseka.

15 Nokho, abantu baqala ukuqinisa izinhliziyo zabo, bonke ngaphandle kwaleyo nxenye yabo eyayikholwa kakhulu, yamaNefi futhi kanjalo neyamaLamani, futhi baqala ukuthembela emandleni abo kanye anasekuhlakanipheni kwabo, bethi:

16 Ezinye zezinto baziqagele kahle, phakathi kweziningi kangaka; kodwa bheka, siyazi ukuthi yonke lemisebenzi emikhulu kanye nemangalisayo ngeke igcwaliseke, okwakhulunywa ngayo.

17 Futhi baqala ukuxoxisana kanye nokuphikisana, bethi:

18 aAkunamqondo ukuthi umuntu onjengoKristu uyoza; uma kunjalo, futhi eyiNdodana kaNkulunkulu, uBaba wezulu nomhlaba, njengoba kwakukhulunyiwe, kungani engenakuzibonakalisa kithi kanjalo nakulabo abayokube beseJerusalema na?

19 Yebo, kungani engenakuzibonakalisa kulelizwe kanjalo nasezweni laseJerusalema na?

20 Kodwa bhekani, siyazi ukuthi leli ayisiko elibi, eladluliselwa kithi ngobaba bethu, ukusenza ukuthi sikholwe entweni ethize enkulu futhi nemangalisayo eyokwenzeka, kodwa hhayi phakathi kwethu, kodwa ezweni elikude kakhulu, izwe esingalazi; ngalokho-ke bangasigcina singenalwazi, ngokuba ngeke sikwazi bukuzibonela ngamehlo ethu ukuthi ziyiqiniso.

21 Futhi, ngobuqili kanye nangobuciko obungaqondakali bomubi, benze izimfihlakalo ezithize ezinkulu esingenakuziqonda, eziyosigcina sisesimweni esibi ukuze sibe ngaphansi kwamazwi abo, futhi phezu kwalokho sibe ngaphansi kwabo, ngokuba sithembele kubo ukuthi basifundise izwi; futhi ngalendlela bayosigcina singenalwazi uma sizinikela kubo, izinsuku zonke zokuphila kwethu.

22 Futhi ziningi ezinye izinto abantu abazicabanga ezinhliziyweni zabo, ezaziwubuwula futhi aziyize; futhi babephazamisekile kakhulu, ngokuba uSathane wabaphehla ukuthi benze ububi njalonjalo; yebo, wayehamba ezulazula andisa amahemuhemu kanye nemibango ebusweni bonke bezwe, ukuze aqinise izinhliziyo zabantu ngokumelene nalokho okwakukuhle kanye nalokho okwakuzokwenzeka.

23 Futhi naphezu kwezimpawu kanye nezibonakaliso ezazenziwa phakathi kwabantu beNkosi, kanye nezimangaliso eziningi ababezenza, uSathane wathola ukubambelela okukhulu ezinhliziyweni zabantu ebusweni bonke bezwe.

24 Futhi waphela kanjalo-ke unyaka wamashumi ayisishiyagalolunye wokubusa kwabehluleli kubantu baNefi.

25 Futhi iphela kanjalo-ke incwadi kaHelamani, ngokombhalo kaHelamani kanye namadodana akhe.