ImiBhalo eNgcwele
Helamani 11


Isahluko 11

UNefi uvumisa iNkosi ukuthi ilethe indlala esikhundleni sempi yabo—Abantu abaningi bayafa—Bayaphenduka, futhi uNefi uncenga iNkosi ukuba bathole imvula—UNefi kanye noLehi bathola eziningi izambulo—Abaphangi baGadiyantoni bayazibeka ezweni. Cishe ngonyaka wama 20 kuya kowesi 6 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwenzeka ngonyaka wamashumi ayisikhombisa nambili wokubusa kwabehluleli ukuthi imibango yakhula, kangangokuthi kwaba khona izimpi kulo lonke izwe phakathi kwabo bonke abantu baNefi.

2 Futhi kwakuyileli aqembu eliyimfihlo labaphangi elaliqhubeka nalomsebenzi wembubhiso kanye nenkohlakalo. Futhi lempi yaqhubeka wonke lowo nyaka; futhi yaphinda yaqhubeka nangonyaka wamashumi ayisikhombisa nantathu.

3 Futhi kwenzeka ukuthi ngalonyaka uNefi wakhala eNkosini, ethi:

4 O Nkosi, ungavumi ukuthi labantu babulawe ngenkemba; kodwa O Nkosi, esikhundleni salokhu yenza kube khona aindlala ezweni, ukuze ibaphehlele ekukhumbuleni iNkosi uNkulunkulu wabo, futhi mhlawumbe bazophenduka futhi babuyele kuwe.

5 Futhi lokho kwenzeka, njengokwamazwi kaNefi. Futhi kwaba khona indlala enkulu ezweni, phakathi kwabo bonke abantu baNefi. Futhi ngenxa yalokho ngonyaka wamashumi ayisikhombisa nane indlala yaqhubeka, futhi umsebenzi wokubulala ngenkemba nempela waphela kodwa kwaba kubi kakhulu ngendlala.

6 Futhi lomsebenzi wembubhiso nempela waphinda waqhubeka nangonyaka wamashumi ayisikhombisa nanhlanu. Ngokuba umhlaba washaywa kangangoba woma, futhi awuzange ukukhiphe okusanhlamvu ngesikhathi salokho okusanhlamvu; futhi umhlaba wonke washaywa, ngisho naphakathi kwamaLamani futhi kanjalo naphakathi kwamaNefi, kangangokuthi bashaywa ngendlela yokuthi bafa ngezinkulungwane kulezo zingxenye zezwe ezazinobubi obukhulu.

7 Futhi kwenzeka ukuthi abantu babona ukuthi base bezofa ngenxa yendlala, futhi baqala aukukhumbula iNkosi uNkulunkulu wabo; futhi baqala bawakhumbula amazwi kaNefi.

8 Futhi abantu baqala ukuncenga abehluleli babo abakhulu kanye nabaholi babo, ukuthi bathi kuNefi: Bheka, siyazi ukuthi wena ungumuntu kaNkulunkulu, ngakho-ke khala eNkosini uNkulunkulu wethu ukuthi ayisuse kithi lendlala, hleze wonke aamazwi owawakhuluma mayelana nokubhujiswa kwethu afezeke.

9 Futhi kwenzeka ukuthi abehluleli nempela basho kuNefi, njengokwamazwi ababenesifiso sawo. Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi uNefi esebona ukuthi abantu base bephendukile futhi nempela bazithoba ngezingubo zamasaka, wakhala futhi eNkosini ethi:

10 O Nkosi, bheka labantu baphendukile; futhi sebelishanelile iqembu likaGadiyantoni phakathi kwabo kangangokuthi selize laphela nya, futhi sebewagqibile amasu alo ayimfihlo phansi.

11 Manje, O Nkosi, ngenxa yalokhu kuthobeka kwabo ungayisusa yini intukuthelo yakho, bese wenza intukuthelo yakho yaneliswe ngokubhujiswa kwalabo bantu ababi ovele usubabulele.

12 O Nkosi, ungayisusa yini intukuthelo yakho, yebo, intukuthelo yakho enkulu kakhulu, futhi wenze ukuthi lendlala iphele kulelizwe.

13 O Nkosi, ungangizwa yini, futhi wenze ukuthi kwenzeke njengokwamazwi ami, futhi uthumele aimvula ebusweni bomhlaba, ukuze ukhiphe izithelo zawo, kanye nokusanhlamvu kwawo ngesikhathi sokusanhlamvu.

14 O Nkosi, wawezwa aamazwi ami ngesikhathi ngithi, Makube khona indlala, ukuze umashayabhuqe wenkemba uphele; futhi ngiyazi ukuthi, ngisho nangalesi sikhathi, uzowezwa amazwi ami, ngokuba wathi: Uma labantu bephenduka ngizobasindisa.

15 Yebo, O Nkosi, futhi uyabona ukuthi sebephendukile, ngenxa yendlala kanye nomashayabhuqe kanye nembubhiso eze kubo.

16 Manje, O Nkosi, ungayisusa yini intukuthelo yakho, ubalinge futhi ukuthi bayokusebenzela na? Futhi uma kunjalo, O Nkosi, ungababusisa ngokwamazwi akho owashilo.

17 Futhi kwenzeka ukuthi ngonyaka wamashumi ayisikhombisa nesithupha iNkosi nempela yayisusa intukuthelo yayo kubantu, futhi yenza ukuthi aimvula ine emhlabeni, kangangokuthi wazikhipha izithelo zawo ngesikhathi sezithelo zawo. Futhi kwenzeka ukuthi nempela wakukhipha okusanhlamvu kwawo ngesikhathi sokusanhlamvu kwawo.

18 Futhi bheka, abantu bathokoza futhi bamdumisa uNkulunkulu, futhi ubuso bonke bezwe bagcwala injabulo; futhi abazange besafuna nanini ukumbulala uNefi, kodwa bamthatha anjengomphrofethi omkhulu, kanye nomuntu kaNkulunkulu, onamandla amakhulu kanye negunya alinikeziwe elivela kuNkulunkulu.

19 Futhi bheka, uLehi, umfowabo, wayengekho ngisho anakancane ngemva kwakhe ngokwezinto eziphathelene nokulunga.

20 Futhi ngalendlela kwenzeka ukuthi abantu baNefi baqala ukuphumelela futhi ezweni, futhi baqala ukwakha izindawo zabo ezase zichithiwe, futhi baqala ukuzalana futhi banda, kwaze kwaba bagcwala ubuso bezwe, ngasenyakatho kanye nangaseningizimu, kusukela olwandle olusentshonalanga kuya olwandle olusempumalanga.

21 Futhi kwenzeka ukuthi unyaka wamashumi ayisikhombisa nesithupha waphela ngokuthula. Futhi unyaka wamashumi ayisikhombisa nesikhombisa waqala ngokuthula; futhi aibandla nempela landa lagcwala ubuso bezwe lonke; futhi inxenye enkulu yabantu, amaNefi kanye namaLamani, baba ngabe bandla; futhi baba nokuthula okukhulu kakhulu ezweni; futhi waphela kanjalo-ke unyaka wamashumi ayisikhombisa nesikhombisa.

22 Futhi baphinda baba nokuthula ngonyaka wamashumi ayisikhombisa nesishiyangalombili, ngaphandle kwemibango emincane mayelana namaphuzu ezimfundiso ezazibekwe phansi ngabaphrofethi.

23 Futhi ngonyaka wamashumi ayisikhombisa nesishiyagalolunye kwaqala ukuthi kube khona ukungezwani okukhulu. Kodwa kwenzeka ukuthi uNefi noLehi, kanye nabaningi babazalwane babo ababazi mayelana namaphuzu ayiqiniso ezimfundiso, bethola anezambulo eziningi nsuku zonke, ngakho-ke bashumayela kubantu, kangangokuthi bakuqeda ukungezwani kwabo kuwo lowo nyaka.

24 Futhi kwenzeka ukuthi ngonyaka wamashumi ayisishiyangalombili wokubusa kwabehluleli kubantu baNefi, kwabakhona idlanzana elithize lamambuka elalisuka kubantu baNefi, okwase kuyiminyaka lahamba laya kumaLamani, futhi lazibiza ngamaLamani, futhi kanjalo nedlanzana elithize okwakungabe nzalo yangempela yamaLamani, bephehlelwe entukuthelweni yiwo, noma yilawo mambuka, ngakho-ke basusa impi nabafowabo.

25 Futhi babebulala futhi bephanga; futhi emva kwalokho babephindela emuva ezintabeni, futhi beya ehlane kanye nasezindaweni ezifihlakele, becasha ukuze bangatholakali, bethola nsuku zonke ukwengezwa esibalweni sabo, kangangoba kwakubakhona abahlubuki ababe hamba beya kubo.

26 Futhi ngenxa yalokhu ngokuhamba kwesikhathi, yebo, ngisho ngesikhathi esingeminyaka mingaki, base beyiqembu elikhulu kakhulu labaphangi; futhi bawacwaninga wonke amasu ayimfihlo kaGadiyantoni; futhi ngalendlela baba ngabaphangi baGadiyantoni.

27 Manje bheka, labaphangi benza inxushunxushu enkulu, yebo, ngisho nokonakaliswa okukhulu phakathi kwabantu baNefi, futhi kanjalo naphakathi kwabantu bamaLamani.

28 Futhi kwenzeka ukuthi kwadingeka ukuthi uqedwe lomsebenzi wokonakaliswa; ngakho-ke bathumela ibutho lamadoda anamandla ehlane kanye nasezintabeni ukuyofuna leli qembu labaphangi, futhi libulawe.

29 Kodwa bheka, kwenzeka ukuthi ngawo kanye lowo nyaka baqhutshwa baphindiswa emuva ngisho nasemazweni abo. Futhi waphela kanjalo-ke unyaka wamashumi ayisishiyangalombili wokubusa kwabehluleli kubantu baNefi.

30 Futhi kwenzeka ekuqaleni konyaka wamashumi ayisishiyangalombili nanye bahamba futhi bayolwa naleliqembu labaphangi, futhi babulala abaningi; futhi kanjalo nabo bavakashelwa ngokubhujiswa okukhulu.

31 Futhi baphoqeleka ukuthi baphume futhi ehlane nasezintabeni babuyele emazweni abo, ngenxa yesibalo esikhulu kakhulu salabo baphangi abase begcwele ezintabeni kanye nasehlane.

32 Futhi kwenzeka ukuthi waphela kanjalo-ke lonyaka. Futhi labaphangi baqhubeka nokwanda futhi bakhula baqina, kangangokuthi bawahlakaza wonke amabutho amaNefi, futhi kanjalo nawamaLamani; futhi badala ukwesaba okukhulu kubantu ebusweni bezwe lonke.

33 Yebo, ngokuba babevakashela izinxenye eziningi zezwe, futhi benza ukonakaliswa okukhulu kakhulu kubantu; yebo, bebulala abaningi, futhi bethwala abanye beyobathumbela ehlane, yebo, futhi ikakhulukazi abafazi babo kanye nabantwana babo.

34 Manje lobubi obungaka, obeza ebantwini ngenxa yobubi babo, kwabaphehlela futhi ekukhumbuleni iNkosi uNkulunkulu wabo.

35 Futhi waphela kanjalo-ke unyaka wamashumi ayisishiyangalombili nanye wokubusa kwabehluleli.

36 Futhi ngonyaka wamashumi ayisishiyangalombili nambili baqala futhi abayikhohlwa iNkosi uNkulunkulu wabo. Futhi ngonyaka wamashumi ayisishiyangalombili nantathu baqala bakhula baqina ebubini. Futhi ngonyaka wamashumi ayisishiyangalombili nane abazange bazilungise izindlela zabo.

37 Futhi kwenzeka ngonyaka wamashumi ayisishiyangalombili nanhlanu bakhula beya ngokuqina ekuziqhenyeni kwabo, kanye nasenkohlakalweni yabo; futhi ngalendlela base bevuthelwa ukubhujiswa futhi.

38 Futhi waphela kanjalo-ke unyaka wamashumi ayisishiyangalombili nanhlanu.