ImiBhalo eNgcwele
Alima 63


Isahluko 63

UShibiloni futhi kamuva noHelamani baphatha imibhalo engcwele—AmaNefi amaningi ahamba aya ezweni elingasenyakatho—UHagoti wakha imikhumbi, ehamba olwandle olungasentshonalanga—UMoroniha wehlula amaLamani empini. Cishe ngonyaka wama 56 kuya kowama 52 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi kwenzeka ekuqaleni konyaka wamashumi amathathu nesithupha wokubusa kwabehluleli kubantu bakwaNefi, ukuthi auShibiloni wathatha lezo bzinto ezingcwele ezazilethwe kuHelamani ngu-Alima.

2 Futhi wayeyindoda elungile, futhi nempela wahamba ngobuqotho phambi kukaNkulunkulu; futhi waqaphela ukuthi enze okuhle njalonjalo, ukuthi ayigcine imiyalelo yeNkosi uNkulunkulu wakhe; futhi wenza kanjalo nomfowabo.

3 Futhi kwenzeka ukuthi uMoroni naye wafa. Futhi waphela kanjalo-ke unyaka wamashumi amathathu nesithupha wokubusa kwabehluleli.

4 Futhi kwenzeka ukuthi ngonyaka wamashumi amathathu nesikhombisa wokubusa kwabehluleli, kwabakhona iqembu elikhulu lamadoda, elalingabalelwa ngisho ezinkulungwaneni ezinhlanu namakhulu amane amadoda, nabafazi bawo kanye nezingane zawo, ahamba aphuma ezweni lakwaZarahemla aya ezweni aelalingasenyakatho.

5 Futhi kwenzeka ukuthi uHagoti, eyindoda eyayifuna njalo ukwazi okufihlakeleyo, ngakho-ke wazakhela umkhumbi omkhulu kakhulu, eminceleni yezwe iNala, ngasezweni iNcithakalo, futhi wawungenisa olwandle olusentsholanga, angasesiqintaneni esincane esasiholeleka ezweni elingasenyakatho.

6 Futhi bheka, kwakukhona abaningi bamaNefi abangena kuwo futhi nempela bahamba nokudla okuningi impela, futhi kanjalo nabesifazane abaningi kanye nezingane; futhi bathatha indlela yabo eya ngasenyakatho. Futhi waphela kanjalo-ke unyaka wamashumi amathathu nesikhombisa.

7 Futhi ngonyaka wamashumi amathathu nesishiyagalombili, lendoda yakha eminye imikhumbi. Futhi umkhumbi wokuqala nempela wabuya, futhi abaningi abanye abantu nempela bangena kuwo; futhi nabo ngokunjalo bathatha ukudla okuningi, futhi baphinda bahamba baya ezweni elingasenyakatho.

8 Futhi kwenzeka ukuthi akuphindanga kwezwakala ngabo. Futhi sicabanga ukuthi baminza ekujuleni kolwandle. Futhi kwenzeka ukuthi omunye umkhumbi nawo wahamba; futhi ukuthi lowo waya kuphi asazi.

9 Futhi kwenzeka ukuthi ngalonyaka kwabakhona abantu abaningi abahamba baya ezweni aelingasenyakatho. Futhi waphela kanjalo-ke unyaka wamashumi amathathu nesishiyagalombili.

10 Futhi kwenzeka ngonyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye wokubusa kwabehluleli, uShibiloni naye wafa, futhi uKoriyantoni wayesehambe waqhubekela ezweni elingasenyakatho ngomkhumbi, ukuze ahambise ukudla kubantu ababehambe baya kulelozwe.

11 Ngakho-ke kwadingeka ukuthi uShibiloni adlulise lezo zinto ezingcwele, ngaphambi kokufa kwakhe, endodaneni ka aHelamani, eyayibizwa ngokuthi nguHelamani, eyayiqanjwe ngegama likayise.

12 Manje bheka, yonke leyo amiqopho eyayiphethwe nguHelamani yabhalwa futhi yathunyelwa phakathi kwabantwana babantu kulo lonke izwe, ngaphandle kwalezo zinxenye u-Alima ayebayale ngazo ukuthi bzingembulwa.

13 Nokho, lezi zinto kwakufanele zigcinwe zingcwele, futhi azidluliswe zehle zisuka esizukulwaneni kuya kwesinye; ngakho-ke, ngalonyaka, zabe zinikezwe uHelamani, ngaphambi kokufa kukaShibiloni.

14 Futhi kwaphinde kwenzeka ngawo lo nyaka ukuthi kwabakhona abanye abahlubuki ababehambe baya kumaLamani; futhi aphinda aphehlwa ukuthi awathukuthelele amaNefi.

15 Futhi kuwo kanye lowo nyaka ehla nebutho eliningi kakhulu ukuzolwa nabantu ba aMoroniha, noma nempi kaMoroniha, lapho ashaywa futhi aqhutshwa aphindiselwa emuva futhi emazweni awo, elahlekelwe kakhulu.

16 Futhi waphela kanjalo-ke unyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye wokubusa kwabehluleli kubantu bakwaNefi.

17 Futhi yaphela kanjalo-ke indaba ka-Alima, kanye noHelamani indodana yakhe, futhi kanjalo noShibiloni, owaye yindodana yakhe.