ImiBhalo eNgcwele
Alima 7


Amazwi ka-Alima awakhuluma kubantu eGidiyoni, ngokombhalo wakhe uqobo.

Atholakala esahlukweni 7.

Isahluko 7

UKristu uyozalwa nguMariya—Uyoxegisa izibopho zokufa futhi athwale izono zabantu Bakhe—Labo abaphendukayo, ababhabhadiswayo, futhi abagcina imiyalelo bayoba nokuphila okuphakade—Ukungcola akunakulidla ifa lombuso kaNkulunkulu—Ukuzithoba, ukholo, ithemba, kanye nesihe kuyadingeka. Cishe ngonyaka wama 83 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Bhekani bafowethu abathandekayo, ngokubona ukuthi ngivunyelwe ukuthi ngize kini, ngakho-ke ngizozama ukuthi angikhulume nani ngolimi lwami; yebo, ngomlomo wami uqobo, ngokubona ukuthi kungokokuqala ukuthi ngikhulume nani ngamazwi omlomo wami, bengibekwe besihlalweni sokwahlulela ngokuphelele, benginomsebenzi omningi kangangokuthi angikwazanga ukuza kini.

2 Futhi ngisho nami bengingenakuza namanje ngalesi sikhathi ukuba bekungekhona ukuthi isihlalo sokwahlulelwa asinikezwe omunye, ukuthi abuse esikhundleni sami; futhi iNkosi ngomusa omkhulu ingivumele ukuthi ngize kini.

3 Futhi bhekani, ngize nginethemba elikhulu kanye nesifiso esikhulu sokuthi ngithole ukuthi nizithobile phambi kukaNkulunkulu, futhi nokuthi niqhubekile ekuwunxuseni umusa wakhe, ukuthi ngithole ukuthi beningenacala phambi kwakhe, ukuthi ngithole ukuthi beningekho esimweni esibucayi esesabekayo abafowethu abaseZarahemla ababekuso.

4 Kepha libusisiwe igama likaNkulunkulu, ngokuba unginikile ukuthi ngazi, yebo, unginikile injabulo enkulu kakhulu yokwazi ukuthi baphinde bamiswa ngendlela yokulunga kwakhe.

5 Futhi ngiyethemba, ngokukaMoya kaNkulunkulu okimi, ukuthi ngizothokoza ngani futhi; nokho angifisi ukuthi injabulo yami ngani ize ngendlela yezinkathazo eziningi kangaka kanye nosizi engiluzwile ngabafowethu baseZarahemla, ngokuba bhekani, injabulo yami iza ngabo emva kokudlula ezinkathazweni eziningi kanye nosizi.

6 Kepha bhekani, ngiyethemba ukuthi nina anikho esimweni sokungakholwa okukhulu njengoba abafowenu babekuso; ngiyethemba ukuthi nina aniphakeme ngenxa yokuzibona kwenu; yebo, ngiyethemba ukuthi anizibekanga izinhliziyo zenu engcebweni kanye nasezintweni eziyize zezwe; yebo, ngiyethemba ukuthi anikhonzi aizithixo, kodwa nikhonza buNkulunkulu weqiniso nophilayo, futhi nibheke phambili ekuthethelelweni kwezono zenu okuzoza, ngokholo olungapheli.

7 Ngokuba bhekani, ngithi kini kukhona izinto eziningi ezizoza; futhi bhekani, kukhona into eyodwa ebaluleke kakhulu kunazo zonke ezinye—ngokuba bhekani, aisikhathi asisekude kakhulu sokuthi uMkhululi aphile futhi afike phakathi kwabantu bakhe.

8 Bhekani, angisho ukuthi uyofika phakathi kwethu ngesikhathi sokuphila kwakhe emzimbeni wakhe ofayo; ngokuba bhekani, uMoya akazange asho kimi ukuthi lokhu kuyoba njalo. Manje mayelana nalokhu angazi; kodwa yilokhu engikwaziyo, ukuthi iNkosi uNkulunkulu inamandla okwenza zonke izinto ezingokwezwi layo.

9 Kodwa bhekani, uMoya usho lokhu kimi, uthi: Khala kulaba bantu, uthi—aPhendukani, futhi nilungise indlela yeNkosi, futhi nihambe ezindleleni zayo, eziqondile; ngokuba bhekani, umbuso wezulu ususondele, futhi iNdodana kaNkulunkulu biyeza phezu kobuso bomhlaba.

10 Futhi bhekani, aiyozalwa ngu bMariya, eJerusalema cokuyizwe lokhokho bethu, yena deyintombi, isitsha esiyigugu nesikhethiweyo, eyogubuzelwa futhi eikhulelwe ngamandla kaMoya oyiNgcwele, futhi iveze indodana, yebo, ngisho iNdodana kaNkulunkulu.

11 Futhi iyohamba, izwe ubuhlungu anezinkathazo kanye nezilingo zalo lonke uhlobo; futhi lokhu ukuze kugcwaliseke izwi elithi iyothwala ubuhlungu nezifo zabantu bayo.

12 Futhi iyothwala aukufa, ukuze ixegise izibopho zokufa ezibophe abantu bayo, futhi iyothwala ubuthakathaka babo, ukuze izibilini zayo zigcwaliswe ngesihawu, ngokwasenyameni, ukuze yazi ngokwasenyameni ukuthi bingabasiza kanjani abantu bayo ngokobuthakathaka babo.

13 Manje uMoya awazi zonke izinto; nokho iNdodana kaNkulunkulu ihlupheka ngokwasenyameni ukuze bithwale izono zabantu bayo, ukuze isule iziphambeko zabo ngokwamandla okubakhulula kwayo; manje bhekani, lokhu ngubufakazi obukimi.

14 Manje ngithi kini kufanele niphenduke, futhi anizalwe kabusha; ngokuba uMoya uthi uma ningazalwanga kabusha aninakulidla ifa lombuso wasezulwini; ngakho-ke wozani futhi nibhabhadiselwe ekuphendukeni, ukuze nihlanzwe ezonweni zenu, ukuze nibe nokholo kuyo iMvana kaNkulunkulu, esusa izono zomhlaba, enamandla okusindisa nokuhlanza kukho konke ukungalungi.

15 Yebo, ngithi kini wozani futhi ningesabi, nibeke eceleni zonke izono, okulula ukuthi azinihaqe, ezinibophela phansi ekonakalisweni, yebo, wozani nize phambili, nimkhombise uNkulunkulu wenu ukuze nizimisele ukuphenduka ezonweni zenu futhi ningene esivumelwaneni naye sokuthi nigcine imiyalelo yakhe, nifakaze ngalokho kuye ngalolusuku ngokuthi nihambe niye emanzini ombhabhadiso.

16 Futhi lowo owenza lokhu, futhi agcine imiyalelo kaNkulunkulu kusukela manje kuya phambili, yena kanye lowo uyokhumbula ukuthi mina ngithi kuye, yebo, uyokhumbula ukuthi ngithe kuye, uyoba nokuphila okuphakade, ngokobufakazi bukaMoya oyiNgcwele, ofakaza kimi.

17 Manje bafowethu abathandekayo, ngabe niyakholwa yini yilezi zinto na? Bhekani, ngithi kini, yebo, ngiyazi ukuthi niyazikholwa; futhi indlela engazi ngayo ukuthi niyazikholwa kungesibonakaliso sikaMoya esikimi. Manje ngenxa yokuthi ukholo lwenu luqinile mayelana nalokho, yebo, mayelana nezinto engizikhulumile, kukhulu ukujabula kwami.

18 Ngokuba njengoba ngishilo kini kusukela ekuqaleni, ukuthi nginesifiso esikhulu ukuthi nina ningabi sesimweni esibucayi njengabafowenu, ngisho kanjalo ngithole ukuthi izifiso zami zigcwalisekile.

19 Ngokuba ngiyabona ukuthi nisezindleleni zokulunga; ngiyabona ukuthi nisendleleni eniholela embusweni kaNkulunkulu; yebo, ngiyabona ukuthi nenza aizindlela zakhe ziqonde.

20 Ngiyabona ukuthi nazisiwe, ngobufakazi bezwi lakhe, ukuthi akanaku ahamba ezindleleni ezimazombe; noma ashintshe kulokho akushilo; noma abe nesithunzi nje sokujika esuka kwesokunene eya kwesokhohlo, noma asuke kulokho okulungile aye kulokho okungalungile; ngakho-ke, indlela yakhe yinye nanini nanini.

21 Futhi akahlali aemathempelini angengcwele; futhi ukungcola noma yini enye engahlanzekile ayinakwamukeleka embusweni kaNkulunkulu; ngakho-ke ngithi kini isikhathi siyofika, yebo, futhi siyokuba ngosuku lokugcina, lapho lowo bongcolile eyosala ekungcoleni kwakhe.

22 Manje bafowethu abathandekayo, ngikhulume lezi zinto kini ukuze nginivusele emsebenzini wenu kuNkulunkulu, ukuze nihambe ngokungabi nacala phambi kwakhe, ukuze nihambe ngokohlelo olungcwele lukaNkulunkulu, enamukelwe ngalo.

23 Manje ngifisa ukuthi anizithobe, futhi nizibeke phansi nibe mnene; nifundiseke kalula; nigcwale ukubekezela kanye nokuqina; nizithibe kuzo zonke izinto; nikhuthale ekugcineni imiyalelo kaNkulunkulu ngazo zonke izikhathi; nicela noma ngabe yini eniyidingayo, okukamoya kanye nokwenyama; ngaso sonke isikhathi nibuyisele ukubonga kuNkulunkulu ngazo zonke izinto enizitholayo.

24 Futhi qinisekani ukuthi aninokholo, nethemba, kanye nesihe, futhi uma kunjalo niyokhula njalo ekwenzeni imisebenzi emihle.

25 Futhi sengathi iNkosi inganibusisa, futhi igcine izingubo zenu zingenabala, ukuze ekugcineni nilethwe ukuthi nihlale phansi no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, kanye nabaphrofethi abangcwele ababekade bekhona kusukela ekudabukeni komhlaba, izingubo zenu azingenabala ngisho njengezingubo zabo zingenabala, embusweni wasezulwini ningabe nisaphumela ngaphandle nanini.

26 Manje bafowethu abathandekayo, ngikhulume lamazwi kini njengokukaMoya ofakaza kimi; futhi umphefumulo wami uyathokoza kakhulu, ngenxa yokukhuthala okukhulu kanye nokulalela enikunike amazwi ami.

27 Manje, sengathi aukuthula kukaNkulunkulu kungaba phezu kwenu, naphezu kwemizi kanye nemihlaba yenu, naphezu kwemihlambi yezimvu nemihlambi yezinkomo zenu, kanye nakho konke eninakho, abafazi benu kanye nabantwana benu, ngokokholo lwenu kanye nangokwemisebenzi emihle, kusukela ngalesi sikhathi kuya phambili naphakade. Ngikhulume kanjena. Amen.