ImiBhalo eNgcwele
Alima 2


Isahluko 2

U-Amiliki ufuna ukuba yinkosi futhi uyenqatshwa ngezwi labantu—Abalandeli bakhe bamenza inkosi—Ama-Amiliki alwa namaNefi futhi ayehlulwa—AmaLamani kanye nama-Amiliki ahlanganisa amabutho futhi ayehlulwa—U-Alima ubulala u-Amiliki. Cishe ngonyaka wama 87 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi kwenzeka ekuqaleni konyaka wesihlanu wokubusa kwabo kwaqala ukuba kube khona umbango phakathi kwabantu; ngokuba indoda ethile, eyayibizwa ngokuthi wu-Amiliki, iyindoda enobuqili obukhulu, yebo, indoda ehlakaniphile ngokuhlakanipha kwasezweni, ingomunye wenhlangano yaleyondoda eyabulala auGidiyoni ngenkemba, eyabulawa ngokomthetho—

2 Manje lo-Amiliki, ngobuqili bakhe, wayesedonsele kude abantu abaningi ukuthi bamlandele; ngisho abaningi kangangokuthi baqala ukuba namandla amakhulu; futhi baqala ukuzama ukuthi benze u-Amiliki ukuthi abe yinkosi phezu kwabantu.

3 Manje lokhu kwakwethusa ebantwini bebandla, futhi ngokunjalo nakubo bonke labo ababengahuhekanga ngokuboniswa ngu-Amiliki; ngokuba babazi ukuthi ngokomthetho wabo leyonto enjalo kwakufanele imiswe angezwi labantu.

4 Ngakho-ke, uma ngabe kwakungenzeka ukuthi u-Amiliki akwazi ukuzuza izwi labantu, njengomuntu owayegcwele inkohlakalo, awayengabephuca amalungelo abo kanye nezibusiso zebandla; ngokuba kwakuyinhloso yakhe ukuliqeda ibandla likaNkulunkulu.

5 Futhi kwenzeka ukuthi abantu babuthana ndawonye kulo lonke izwe, wonke umuntu ngokomqondo wakhe, noma ngabe babevumelana no-Amiliki noma babephikisana naye, ngokwamaqoqwana ehlukene, abenempikiswano enkulu kanye nemangalisayo imibango omunye nomunye.

6 Futhi ngaleyondlela nempela babuthana ndawonye bezozwakalisa amazwi abo mayelana nalolo daba; futhi abekwa phambi kwabehluleli.

7 Futhi kwenzeka ukuthi izwi labantu laphikisana no-Amiliki, ngalokho-ke akabekwanga ukuthi abe yinkosi phezu kwabantu.

8 Manje lokhu nempela kwenza injabulo enkulu ezinhliziyweni zalabo ababephikisana naye; kodwa u-Amiliki nempela wabaphehla labo ababemthanda ukuthi babathukuthelele labo ababengamthandi.

9 Futhi kwenzeka ukuthi baqoqana ndawonye, futhi nempela bamgcoba u-Amiliki ukuthi abe yinkosi yabo.

10 Manje ngesikhathi u-Amiliki esebekwe ukuthi abe yinkosi phezu kwabo wabayala ukuthi bathathele abafowabo izikhali; futhi lokhu wakwenza ukuze abenze babephansi kwakhe.

11 Manje abantu ba-Amiliki babehlukaniswa ngegama lika-Amiliki, bebizwa angama-Amiliki; kuthi insalela bese ibizwa bngamaNefi, noma abantu baNkulunkulu.

12 Ngakho-ke abantu bamaNefi babazi ngenhloso yama-Amiliki, ngakho-ke bazilungiselela ukuhlangabezana nabo; yebo, bazihlomisa ngezinkemba, nangocelemba, nangeminsalo, nangemicibisholo, nangamatshe, nangezihlilingi, kanye nangazo zonke izinhlobo azezikhali zempi, zalo lonke uhlobo.

13 Futhi ngaleyondlela babezilungiselele ukuhlangabezana nama-Amiliki ngesikhathi eza. Futhi kwakukhona izinduna ezikhethiwe, kanye nezinduna ezinkulu, kanye nezinduna ezinkulu kakhulu, njengokwesibalo sabo.

14 Futhi kwenzeka ukuthi u-Amiliki nempela wabahlomisa abantu bakhe ngazo zonke izinhlobo zezikhali zempi zalo lonke uhlobo; futhi naye wabeka ababusi kanye nabaholi phezu kwabantu bakhe, ukuthi babahole ukuthi bayolwa nabafowabo.

15 Futhi kwenzeka ukuthi ama-Amiliki aya phezu kwegquma i-Aminihu, elalingasempumalanga ayomfula iSidoni, owawugijima eduze bkwezwe iZarahemla, futhi lapho baqala ukulwa namaNefi.

16 Manje u-Alima, aengumahluleli omkhulu kanye nombusi wabantu baNefi, ngakho-ke wahamba wakhuphuka nabantu bakhe, yebo, kanye nezinduna zakhe, kanye nezinduna ezinkhulu, yebo, engumholi wamabutho akhe, ukuyobhekana nama-Amiliki empini.

17 Futhi baqala ukuwabulala ama-Amiliki egqumeni empumalanga eSidoni. Futhi nama-Amiliki alwa namaNefi ngamandla amakhulu, kangangokuthi abaningi bamaNefi bawa phambi kwama-Amiliki.

18 Nokho iNkosi yasiqinisa isandla samaNefi, kangangokuthi awabulala ama-Amiliki ngokubulala okukhulu, kangangokuthi aqala ababalekela.

19 Futhi kwenzeka ukuthi amaNefi nempela awaxosha ama-Amiliki lonke lolo-suku, futhi awabulala ngokubulala okukhulu, kangangokuthi aababulawa bama-Amiliki babeyimiphefumulo eyizinkulungwane eziyishumi nambili namakhulu amahlanu namashumi amathathu nambili; futhi kumaNefi kwakubulewe imiphefumulo eyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu amahlanu namashumi ayisithupha nambili.

20 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi u-Alima engasakwazi ukuwajaha ama-Amiliki wenza ukuthi abantu bakhe bagxumeke amatende abo aesigodini sikaGidiyoni, isigodi esaqanjwa ngo Gidiyoni owabulawa ngesandla sika bNehori ngenkemba; futhi kulesi sigodi nempela amaNefi agxumeka amatende awo ngalobo busuku.

21 Futhi u-Alima wathumela izinhloli ukuthi ziyilandele insalela yama-Amiliki, ukuze azi ngamasu kanye nangamaqhinga awo, ukuze ngalokho akwazi ukuthi azivikele ngokumelene nawo, ukuze aphephise abantu bakhe ekubhujisweni.

22 Manje labo ayebathumele ukuthi bayoqapha ikamu lama-Amiliki babebizwa ngokuthi ngoZeramu, no-Aminori, noManti, kanye noLimiheri; laba kwakuyibo abahamba nabantu babo ukuyoqapha ikamu lama-Amiliki.

23 Futhi kwenzeka ukuthi ngakusasa babuyela ekamu lamaNefi ngokushesha okukhulu, bemangele kakhulu, futhi benokwesaba okukhulu, bethi:

24 Bhekani, sililandele ikamu lama-aAmiliki, futhi ngokumangala kwethu okukhulu, ezweni lakwaMinoni, ngaphezu kwezwe lakwaZarahemla, endleleni eya ezweni lakwa bNefi, sibone impi enkulu kakhulu yamaLamani; futhi bhekani, ama-Amiliki asehlangene nawo;

25 Futhi sebephezu kwabafowethu kulelozwe; futhi bayaba balekela nemihlambi yezinkomo zabo, nabafazi babo, kanye nabantwana babo, beza ngasedolobheni lethu; futhi ngaphandle kokuthi senze masinyane bayalithatha idolobha lethu, futhi obaba bethu, nabafazi bethu, kanye nabantwana bethu bazobulawa.

26 Futhi kwenzeka ukuthi abantu baNefi bathatha amatende abo, bemuka baphuma esigodini sikaGidiyoni baya ngasedolobheni labo, okwakuyidolobha lakwa aZarahemla.

27 Futhi bheka, ngesikhathi bewela umfula iSidoni, amaLamani kanye nama-Amiliki, aayemaningi kangangokuthi ayecishe, abe, ngangezihlabathi zolwandle, atheleka phezu kwabo ukuthi ababulale.

28 Nokho, amaNefi aeqiniswe ngesandla seNkosi, ethandazile kakhulu kuyo ukuthi ibakhulule ezandleni zezitha zawo, ngakho-ke iNkosi nempela yakuzwa ukukhala kwawo, futhi yawaqinisa, futhi amaLamani kanye nama-Amiliki nempela awa phambi kwawo.

29 Futhi kwenzeka ukuthi u-Alima walwa no-Amiliki ngenkemba, ubuso nobuso; futhi balwa kakhulu, omunye nomunye.

30 Futhi kwenzeka ukuthi u-Alima, engumuntu kaNkulunkulu, aenokholo olukhulu, wakhala, ethi: O Nkosi, yiba nomusa futhi usindise impilo yami, ukuze ngisetshenziswe nguwe ukuze ngisindise futhi ngilondoloze laba bantu.

31 Manje ngesikhathi u-Alima esewashilo lamazwi waphinda walwa no-Amiliki; futhi waqiniswa, kangangokuthi wambulala u-Amiliki ngenkemba.

32 Futhi phezu kwalokho walwa nenkosi yamaLamani; kodwa inkosi yamaLamani yabaleka yaphindela emuva phambi kuka-Alima futhi yathumela abalindi bayo ukuthi balwe no-Alima.

33 Kodwa u-Alima, nabalindi bakhe, walwa nabalindi benkosi yamaLamani kwaze kwaba uyababulala futhi wabahlehlisa wabaphindisela emuva.

34 Futhi ngaleyondlela walishanela ibala, noma ngokuyikho usebe, olwalusentshonalanga yomfula iSidoni, elahla izidumbu zamaLamani ayebulewe emanzini aseSidoni, ukuze ngalokho abantu bakhe babe nendawo yokuwela futhi bayolwa namaLamani kanye nama-Amiliki entshonalanga yomfula iSidoni.

35 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi bonke sebewuwelile umfula iSidoni amaLamani kanye nama-Amiliki aqala ukubaleka phambi kwabo, naphezu kokuthi wona ayemaningi kangangokuthi ayengenakubalwa.

36 Futhi abaleka phambi kwamaNefi aya ngasehlane elalingasentshonalanga kanye nasenyakatho, aya kude ngale komngcele wezwe; futhi amaNefi nempela awajaha ngamandla awo onke, awabulala.

37 Yebo, ahlangatshezwa nhlangothi zonke, abulawa futhi ahlehliswa, kwaze kwaba ayahlakazeka entshonalanga, kanye nase nyakatho, kwaze kwaba afika ehlane, elalibizwa ngokuthi yiHermowunti; futhi kwakuyileyo nxenye yehlane eyayigcwele izilwane zasendle kanye nezilwane ezesabekayo.

38 Futhi kwenzeka ukuthi amaningi afela ehlane ngenxa yamanxeba awo, futhi ashwabadelwa yizo lezo zilwane kanye namanqe asemoyeni; futhi amathambo awo atholakele, futhi anqwatshelwe ndawonye phansi.