ImiBhalo eNgcwele
Alima 56


Isahluko 56

UHelamani uthumela incwadi kuMoroni, elanda ngesimo sempi namaLamani—U-Antipasi kanye noHelamani bazuza ukunqoba okukhulu phezu kwamaLamani—Izinsizwa eziyizinkulungwane ezimbili ezingamadodana kaHelamani zilwa ngamandla amangalisayo, futhi akekho namunye kuzo obulawayo. Ivesi 1, cishe ngonyaka wama 62 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu; amavesi 2–19, cishe ngonyaka wama 66 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu; amavesi 20–57, cishe ngonyaka wama 65 kuya kowama 64 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwenzeka ekuqaleni konyaka wamashumi amathathu wokubusa kwabehluleli, ngosuku lwesibili enyangeni yokuqala, uMoroni wathola incwadi evela kuHelamani, eyayilandisa ngesimo sabantu kuleyo nxenye yezwe.

2 Futhi lawa ngamazwi awabhalayo, ethi: Mfowethu othandekayo kakhulu, uMoroni, eNkosini nasezinhluphekweni zempi yethu; bheka, mfowethu othandekayo, nginokuthize okufanele ngikutshele kona mayelana nempi yethu kulenxenye yezwe.

3 Bheka, amadodana aayizinkulungwane ezimbili zalabo bantu u-Amoni abaletha ebakhipha ezweni lakwaNefi—manje wazile ukuthi laba babengabozalo lukaLamani, owayeyindodana endala kababa uLehi;

4 Manje akudingekile ukuthi ngiphindaphinde kuwe mayelana namasiko abo noma ukungakholwa kwabo, ngokuba uyazi mayelana nazo zonke lezi zinto—

5 Ngakho-ke kuyangenelisa ukuthi ngikutshele ukuthi izinkulungwane ezimbili zalezi zinsizwa zithathe izikhali zazo zempi, zafuna ukuthi ngibe ngumholi wazo; futhi siphumele obala ukuze siyovikela izwe lethu.

6 Futhi nawe uyazi mayelana anesivumelwano oyise abasenza, sokuthi ngeke besazithatha izikhali zabo zempi ukuthi balwe nabafowabo ukuze bachithe igazi.

7 Kodwa onyakeni wamashumi amabili nesithupha, ngesikhathi bebona izinhlupheko zethu kanye nezinsizi zethu ngabo, base abezosephula leso sivumelwano ababesenzile bese bethatha izikhali zabo zempi ukuyosivikela.

8 Kodwa angibavumelanga ukuthi basephule lesi sivumelwano ababesenzile, ngokucabanga ukuthi uNkulunkulu wayezosiqinisa, kangangokuthi besingeke sisahlupheka kakhulu ngenxa yokugcwaliseka kwesifungo ababesenzile.

9 Kodwa bheka, nansi into eyodwa esingajabula ngayo kakhulu. Ngokuba bheka, ngonyaka wamashumi amabili nesithupha, mina, Helamani, nempela ngazihola lezi zinsizwa eziyizinkulungwane ezimbili ukuya edolobheni lakwaJudiya, ukuyosiza u-Antipasi, owawumbeke ukuthi abe ngumholi wabantu bakuleyo nxenye yezwe.

10 Futhi nempela ngawahlanganisa namadodana ami ayizinkulungwane ezimbili, (ngokuba afanelekile ukuthi abizwe ngamadodana) nempi ka-Antipasi, lawo mandla u-Antipasi awajabulela kakhulu; ngokuba bheka, ibutho lakhe lase lehlisiwe ngamaLamani ngoba amabutho awo ayesebulele isibalo esikhulu samadoda ethu, okuyisizathu sokuthi sikhale.

11 Nokho, singaziduduza ngalokhu, ukuthi bafele emzabalazweni wezwe labo kanye noNkulunkulu wabo, yebo, futhi abajabule.

12 Futhi amaLamani phezu kwalokho asegcine iziboshwa eziningi, zonke eziyizinduna ezinkulu, ngokuba akekho namunye amshiya ephila. Futhi sicabanga ukuthi kumanje ngalesi sikhathi zisezweni lakwaNefi; kunjalo uma zingabulawanga.

13 Manje lawa ngamadolobha amaLamani athole ubunini bawo ngokuchitha igazi labaningi bamadoda ethu anesibindi:

14 Izwe lakwaManti, noma idolobha lakwaManti, kanye nedolobha lakwaZeziromu, kanye nedolobha lakwaKumeni, kanye nedolobha lakwa-Antipara.

15 Futhi lawa ngamadolobha awathola ukuthi abe ngawabo ngesikhathi ngifika edolobheni lakwaJudiya; futhi ngathola u-Antipasi kanye namadoda akhe besebenza kanzima ngamandla abo onke ukuthi baliqinise lelidolobha.

16 Yebo, futhi babedangele ngokomzimba kanjalo nangokomoya, ngokuba babelwe ngesibindi emini futhi basebenza kanzima ngobusuku ukuze bawagcine amadolobha abo; futhi ngaleyondlela base behlupheke ngezinhlupheko ezinkulu ezinhlobonhlobo.

17 Manje babezimisele ukunqoba kulendawo noma bafe; ngakho-ke ngesizathu esihle ungakholwa wukuthi leli butho elincane engafika nalo, yebo, lalawo madodana ami, abanika amathemba amakhulu kanye nenjabulo enkulu.

18 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi amaLamani esebona ukuthi u-Antipasi wayesethole amandla amakhudlwana ebuthweni lakhe, aphoqeka ngemiyalelo ka-Amoroni ukuthi angalihlaseli idolobha lakwaJuda, noma azolwa nathi.

19 Futhi ngalendlela sabusiswa yiNkosi; ngokuba ukube ake eza kithi kulobu buthakathaka bethu mhlawumbe ayengalibulala ibutho lethu elincane; kodwa ngalendlela salondolozwa.

20 Ayalwa ngu-Amoroni ukuthi awagcine lawo madolobha ayesewathathile. Futhi waphela kanjalo-ke unyaka wamashumi amabili nesithupha. Ekuqaleni konyaka wamashumi amabili nesikhombisa sabe sesililungiselele idolobha lethu kanye nathi uqobo lwethu ukuthi sizivikele.

21 Manje sasifuna ukuthi amaLamani eze kithi; ngokuba sasingafuni ukuthi siwahlasele ezinqabeni zawo eziqinile.

22 Futhi kwenzeka ukuthi sabeka izinhloli ndawo zonke, ukuthi ziqaphe iminyakazo yamaLamani, ukuze angasidluli ebusuku noma emini ukuze ahlasele amanye amadolobha ethu ayengasenyakatho.

23 Ngokuba sasazi ukuthi kulawo madolobha babengaqinile ngokwanele ukuthi bahlangane nawo; ngakho-ke sasifuna, ukuthi uma nje engadlula ngakithi, ukuthi sitheleke phezu kwawo ngasemuva, futhi ngaleyondlela sinqwamane nawo ngemuva ngaso leso sikhathi ehlangatshezwa ngaphambili. Sasicabanga ukuthi singawanqoba; kodwa bheka, saphoxeka kulokhu kufisa kwethu.

24 Awazange alokothe adlule ngakithi nempi yawo yonke, noma nje badlule nenxenye, hleze bangabi namandla ngokwanele futhi bese behlulwa.

25 Futhi awazange alokothe ahambe ehle ayolwa nedolobha lakwaZarahemla; noma alokothe anqamule enhloko yeSidoni, ukuya edolobheni lakwaNefiha.

26 Futhi ngalendlela, ngamabutho awo, ayezimisele ukuthi awagcine lawo madolobha ayewathathile.

27 Manje kwenzeka ngenyanga yesibili yalonyaka, kwalethwa kithi ukudla okuningi kuvela koyise balawo madodana ami ayizinkulungwane ezimbili.

28 Futhi phezu kwalokho kwathunyelwa amadoda ayizinkulungwane ezimbili kithi evela ezweni lakwaZarahemla. Futhi ngaleyondlela sazilungiselela ngamadoda ayizinkulungwane eziyishumi, kanye nokudla kwawo, futhi kanjalo nokwabafazi bawo kanye nokwabantwana bawo.

29 Futhi amaLamani, ngalesi sizathu ngokubona amabutho ethu anda nsukuzonke, futhi nokudla kufika ukuzosisekela, aqala ukwesaba, futhi aqala ukuphuma, ukuyobona ukuthi kwakungena kwenzeka yini ukuthi ayovimbela ukuthola kwethu ukudla kanye namandla.

30 Manje ngesikhathi sibona ukuthi amaLamani ayeseqala ukungakhululeki ngalokhu, sasifuna ukwenza isu elalizofezeka kuwo; ngakho-ke u-Antipasi wayala ukuthi ngihambe phambili namadodana ami amancane siye edolobheni elingumakhelwane, kube sengathi sihambisa ukudla edolobheni elingumakhelwane.

31 Futhi kwakufanele sedlule eduze kwedolobha i-Antipara, kube sengathi siya edolobheni elingaphambili, eminceleni ngasogwini lolwandle.

32 Futhi kwenzeka ukuthi sahamba, sengathi sithwele ukudla kwethu, siya kulelo dolobha.

33 Futhi kwenzeka ukuthi u-Antipasi nempela wahamba nenxenye yempi yakhe, washiya abasalayo ukuthi bagcine idolobha. Kodwa akahambanga kwaze kwaba mina sengihambe phambili nempi yami encane, futhi saze safika eduzane nedolobha i-Antipara.

34 Manje, edolobheni i-Antipara kwakubekwe ibutho eliqine kakhulu lamaLamani; yebo, eliningi kakhulu.

35 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi esetshelwe yizinhloli zawo, eza nempi yawo ahamba aqonda kithi.

36 Futhi kwenzeka ukuthi nempela sawabalekela, saya ngase nyakatho. Futhi ngaleyondlela sasiliholela kude ibutho elinamandla amakhulu lamaLamani;

37 Yebo, ngisho kwaze kwaba yibanga elide kakhulu, kangangokuthi ngesikhathi ebona impi ka-Antipasi iwalandela, ngamandla ayo wonke, awajikelanga kwesokudla noma kwesokhohlo, kodwa aqhubeka nohambo lwawo ngendlela eqondile emva kwethu; futhi, njengoba sasicabanga, kwakuyinhloso yawo ukuthi asibulale ngaphambi kokuthi u-Antipasi awafice, ukuze angazungezwa ngabantu bethu.

38 Manje u-Antipasi, eyibona ingozi yethu, nempela walusheshisa uhambo lwempi yakhe. Kodwa bheka, kwakusebusuku; ngakho-ke awasificanga, ngokunjalo no-Antipasi akawaficanga; ngakho-ke sakanisa ngalobo busuku.

39 Futhi kwenzeka ukuthi ngaphambi kwentatha kusa, bheka, amaLamani ayesilandela. Manje sasingaqinile ngokwanele ukuthi silwe nawo; yebo, ngangingenakuvuma ukuthi amadodana ami amancane awele ezandleni zawo; ngakho-ke nempela saqhubeka nohambo lwethu, saya ehlane.

40 Manje awalokothanga ajikele kwesokudla noma kwesokhohlo hleze azungezwe; futhi nami angijikelanga kwesokudla noma kwesokhohlo hleze asifice, bese singakwazi ukumelana nawo, kodwa sibulawe, bese eshaya echitha; futhi ngenxa yalokho sabaleka lonke lolo suku sabalekela ehlane, ngisho kwaze kwaba mnyama.

41 Futhi kwaphinda kwenzeka ukuthi, ngesikhathi ukukhanya kokusa kufika sawabona amaLamani esephezu kwethu, futhi sawabalekela.

42 Kodwa kwenzeka ukuthi awasilandelanga kakhulu ngaphambi kokuthi ame; futhi kwakusekuseni ngosuku lwesithathu enyangeni yesikhombisa.

43 Manje, noma aficwa ngu-Antipusi asazanga, kodwa ngathi emadodeni ami: Bhekani, asazi noma amele ukuthi siwahlasele, ukuze asibambe ngogibe lwawo;

44 Ngakho-ke nithini, madodana ami, nizohamba yini niyowahlasela na?

45 Manje ngithi kuwe, mfowethu othandekayo uMoroni, angikaze nanini ngisibone aisibindi esikhulu kangaka, cha, hhayi phakathi kwawo wonke amaNefi.

46 Ngokuba njengoba ngangihlala ngibabiza ngamadodana ami (ngokuba bonke babe bancane kakhulu) ngisho nabo ngokunjalo bathi kimi: Baba, bheka uNkulunkulu wethu unathi, futhi ngeke avume ukuthi siwe; ngakho-ke masihambe; ngeke sibabulale abafowethu uma nabo bengasiyeka; ngakho-ke masihambeni, hleze bayihlule impi ka-Antipasi.

47 Manje babengakaze balwe, kodwa babengakwesabi ukufa; futhi babecabanga ikakhulukazi angenkululeko yoyise kunokucabanga ngezimpilo zabo; yebo, babefundiswe bngonina, ukuthi uma bengangabazi, uNkulunkulu wayeyobakhulula.

48 Futhi bangiphindaphindela amazwi onina, bethi: Asingabazi omama bethu babazi.

49 Futhi kwenzeka ukuthi nempela ngabuyela emuva nezinkulungwane zami ezimbili ngayokulwa nalamaLamani ayekade esilandela. Manje bheka, amabutho ka-Antipasi ayesewaficile, futhi impi embi kakhulu yabe isiqalile.

50 Impi ka-Antipasi isikhathele, ngenxa yohambo lwabo olude ngesikhathi esifushane kangaka, yayisizowela ezandleni zamaLamani; ukuba angibuyanga nezinkulungwane zami ezimbili ayezoyifeza inhloso yawo.

51 Ngokuba u-Antipasi wayesewile ngenkemba, kanye nabaningi babaholi bakhe, ngenxa yokukhathala kwabo, okwakwenziwe wuhambo lwabo olwalushesha—ngakho-ke abantu bakwa-Antipasi, bedidekile ngenxa yokuwa kwabaholi babo, baqala ukuhlehlela emuva ngaphambi kwamaLamani.

52 Futhi kwenzeka ukuthi amaLamani ama isibindi, aqala futhi ukubahubha; futhi ngesikhathi amaLamani ebahubha ngomfutho omkhulu uHelamani watheleka emva kwawo nezinkulungwane zakhe ezimbili, futhi waqala ukuwabulala kakhulu, kangangokuthi impi yonke yamaLamani yema futhi yaphendukela kuHelamani.

53 Manje ngesikhathi abantu ba-Antipasi bebona ukuthi amaLamani ayesephendukile, babuthela ndawonye abantu babo baphinda beza ngemuva kwamaLamani.

54 Manje kwenzeka ukuthi thina, bantu baNefi, abantu ba-Antipasi, nami kanye nezinkulungwane zami ezimbili, sawazungeza amaLamani, sawabulala; yebo, kangangokuthi aphoqeleka ukuthi anikele izikhali zawo zempi futhi kanjalo nawo uqobo lwawo njengeziboshwa zempi.

55 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi esezinikezele kithi, bheka, ngazibala lezo zinsizwa ezazikade zilwa nami, nginokwesaba hleze eziningi zazo zazibulewe.

56 Kodwa bheka, ngokujabula kwami okukhulu, kwakungekho ngisho anamunye umphefumulo owawuwele phansi; yebo, futhi zazilwe sengathi zazinamandla kaNkulunkulu; yebo, awekho amadoda aziwayo ake alwa ngamandla amangalisa kangaka; futhi nangamandla amakhulu kangaka awela phezu kwamaLamani, kangangokuthi awesabisa; futhi ngalesi sizathu amaLamani azinikela njengeziboshwa zempi.

57 Futhi njengoba sasingenayo indawo yeziboshwa zethu, ukuthi sizigade ukuze zingahlangani namabutho amaLamani, ngakho-ke sazithumela ezweni lakwaZarahemla, kanye nenxenye yalawo madoda ayengabulawanga ka-Antipasi, kanye nazo; kwathi abasalayo ngabathatha futhi ngabahlanganisa nezinsizwa zami zama-aAmoni, futhi sathatha uhambo lwethu saphindela emuva edolobheni lakwaJudiya.