ImiBhalo eNgcwele
Alima 53


Isahluko 53

Iziboshwa zamaLamani zisetshenziswa ukuqinisa idolobha iNala—Ukungezwani phakathi kwamaNefi kwenza ukuthi amaLamani anqobe—UHelamani uthatha isikhundla sokukhuzwa kwezinsizwa eziyizinkulungwane ezimbili ezingamadodana abantu ba-Amoni. Cishe ngonyaka wama 64 kuya kowama 63 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi kwenzeka ukuthi nempela babeka abalindi phezu kweziboshwa zamaLamani, futhi nempela baziphoqa ukuthi zihambe ziyongcwaba abafileyo bazo, yebo, futhi ngokunjalo nabafileyo bamaNefi ababebulewe; futhi uMoroni wabeka amadoda phezu kwazo ukuthi aziqaphe ngesikhathi zenza umsebenzi wazo.

2 Futhi uMoroni wahamba waya edolobheni lakwaMuleki noLehi, futhi wathatha isikhundla sokuphathwa kwedolobha wasinika uLehi. Manje bheka, lo Lehi wayeyindoda eyayikade inoMoroni esikhathini esiningi sezimpi zakhe zonke; futhi wayeyindoda aeyayifana noMoroni, futhi babethokoza ngokuphepha komunye nomunye; yebo, babethandana omunye nomunye, futhi bethandwa ngabantu bonke baNefi.

3 Futhi kwenzeka ukuthi emva kokuthi amaLamani eseqedile ukungcwaba abafileyo babo futhi ngokunjalo nabafileyo bamaNefi, ahanjiswa aphindiselwa emuva ezweni iNala; futhi uTeyankumi, ngemiyalelo kaMoroni, wenza ukuthi aqale ukusebenza ambe umsele azungeze izwe, noma idolobha, iNala.

4 Futhi wenza ukuthi akhe audonga lwamapulangwe osebeni olungaphakathi lomsele; futhi akhiphe ukungcola emseleni akuphonse ngale kodonga lwamapulangwe; futhi benza ukuthi amaLamani asebenze ngalendlela kuze kube ayalihaqa idolobha iNala alizungeza ngodonga oluqinile lwamapulangwe kanye nomhlabathi, okwakufinyelela phezulu kakhulu.

5 Futhi lelidolobha laba yinqaba eqine kakhulu emva kwalokho; futhi kulelidolobha baziqapha iziboshwa zamaLamani; yebo, ngisho nangaphakathi kodonga ababenze ukuthi zilwakhe ngezandla zazo uqobo. Manje uMoroni wayephoqelekile ukuthi enze amaLamani ukuthi asebenze, ngoba kwakulula ukuthi aqashwe ngesikhathi esemsebenzini wawo; futhi wayefisa ukuba namabutho akhe onke uma ehlasela amaLamani.

6 Futhi kwenzeka ukuthi uMoroni ngalendlela wayesethole ukunqoba kwelinye lamabutho amakhulu amaLamani, futhi esethole ubunini bedolobha lakwaMuleki, elalingelinye lezinqaba zamaLamani ezaziqinile ezweni lakwaNefi; futhi ngalendlela wayesakhe inqaba eqinile ukuthi agcine iziboshwa zakhe.

7 Futhi kwenzeka ukuthi akazange esenza mizamo nanini yokulwa namaLamani kulowo nyaka, kodwa nempela wasebenzisa abantu bakhe ukulungiselela impi, yebo, kanye nokwenza izinqaba eziqinile zokuvimbela amaLamani, yebo, futhi kanjalo nokukhulula abafazi babo kanye nabantwana babo endlaleni kanye nasekuhluphekeni, kanye nokunikeza ukudla amabutho akhe.

8 Manje kwenzeka ukuthi amabutho amaLamani, olwandle olusentshonalanga, eningizimu, ngesikhathi uMoroni engekho ngenxa yesenzo sangasese sokuhlubuka phakathi kwamaNefi, okwadala ukungezwani phakathi kwabo, kwenza ukuthi awazuze ngandlela thize amaNefi, yebo, kangangokuthi ayesethole ubunini bamadolobha awo amaningi kuleyo nxenye yezwe.

9 Ngakho-ke ngenxa yobubi phakathi kwabo, yebo, ngenxa yokungezwani kanye nesenzo sangasese sokuhlubuka phakathi kwabo bazithola sebesezimweni eziyingozi kakhulu.

10 Manje bheka, nginento ethize okumele ngiyisho mayelana anabantu ba-Amoni, labo, ekuqaleni, ababengamaLamani; kodwa ngo-Amoni kanye nabafowabo, noma-ke ngamandla kanye nangezwi likaNkulunkulu, base bbephendukele eNkosini; futhi balethwa ezansi ezweni lakwaZarahemla, futhi kusukela ngaleso sikhathi selokhu bavikelwa ngamaNefi.

11 Futhi ngenxa yesifungo sabo bavinjelwa yiso ukuthi bathathele abafowabo izikhali; ngokuba babenze isifungo sokuthi ananini abaseyikulichitha igazi futhi; futhi ngokwesifungo sabo babeyofa; yebo, babeyozivumela ukuthi bawele ezandleni zabafowabo, ukuba kwakungekona ukuthi kwakungenxa yesihawu kanye nothando olukhulu u-Amoni kanye nabafowabo ababenalo ngabo.

12 Futhi ngalesi sizathu balethwa ezweni lakwaZarahemla; futhi selokhu abavikelwa ngamaNefi njalo.

13 Kodwa kwenzeka ukuthi ngesikhathi bebona ingozi, kanye nezinhlupheko eziningi kanye nezinsizi amaNefi ayezithwalela bona, bathinteka ngesihawu futhi ababanesifiso sokuthatha izikhali ukuthi bavikele izwe labo.

14 Kodwa bheka, ngesikhathi sebezothatha izikhali zempi zabo, behlulwa wukuvunyiswa nguHelamani kanye nabafowabo, ngokuba base abezosephula bisifungo ababesenzile.

15 Futhi uHelamani wayesaba hleze ngokwenze njalo balahlekelwe yimiphefumulo yabo; ngakho-ke bonke labo ababengene kulesi sivumelwano baphoqeleka ukuthi babuke abafowabo bedlula kanzima ezinhluphekweni zabo, ezimweni zabo eziyingozi ngalesi sikhathi.

16 Kodwa bheka, kwenzeka ukuthi babenamadodana amaningi, ayengangenanga esivumelwaneni sokuthi awanakuzithatha izikhali zawo zempi ukuze azivikele ezitheni zawo; ngakho-ke abuthana ndawonye ngalesi sikhathi, ngobuningi balabo ababengakwazi ukuzithatha izikhali, futhi bazibiza ngokuthi bangamaNefi.

17 Futhi bangena esivumelwaneni sokuthi balwele inkululeko yamaNefi, yebo, ukuthi bavikele izwe ngokunikela ngezimpilo zabo; yebo, ngisho nabo benza isivumelwano sokuthi abasoze balahle ainkululeko yabo, kodwa bayokulwa zikhathi zonke ukuvikela amaNefi kanye nabo ekuboshweni.

18 Manje bhekani, kwakukhona izinkulungwane ezimbili zalezo zinsizwa, ezangena kulesi sivumelwano futhi zathatha izikhali zazo zempi ukuvikela izwe lazo.

19 Manje bheka, njengoba zazingakaze nanini ziwamise kabi amaNefi, manje ngalesi sikhathi zaba wusizo olukhulu; ngokuba zathatha izikhali zazo zempi, futhi zafuna ukuthi uHelamani abe ngumholi wazo.

20 Futhi bonke babeseyizi nsizwa, futhi babengamaqhawe amakhulu angokwesibindi, futhi ngokunjalo nangokwamandla kanye nangokusebenza; kodwa bheka, lokhu kwakungekona kuphela—babengamadoda bayeneqiniso ngaso sonke isikhathi kukho konke ababephathiswe kona.

21 Yebo, babengamadoda aneqiniso futhi anobuqotho, ngokuba babefundiswe ukuthi bayigcine imiyalelo kaNkulunkulu kanye anokuhamba ngokulunga phambi kwakhe.

22 Manje kwenzeka ukuthi uHelamani nempela wazihola aizinsizwa zakhe eziyizinkulungwane ezimbili zamasosha, wayosekela abantu eminceleni yezwe eningizimu ngasolwandle olusentshonalanga.

23 Futhi waphela ngalendlela-ke unyaka wamashumi amabili nesishiyagalombili wokubusa kwabehluleli kubantu baNefi.