ImiBhalo eNgcwele
Alima 35


Isahluko 35

Ukushunyayelwa kwezwi kuqeda ubuqili bamaZoramu—Baxosha abaguqukayo, okuthi emva kwalokho bazihlanganisa nabantu baka-Amoni eJereshoni—U-Alima uyadabuka ngenxa yobubi babantu. Cishe ngonyaka wama 74 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwenzeka ukuthi emva kokuthi u-Amuleki eseqedile ukukhuluma lamazwi, basishiya isixuku futhi babuyela ezweni lakwaJereshoni.

2 Yebo, futhi nabo bonke abanye ayehamba nabo, emva kokuthi sebelishumayele izwi kumaZoramu, nabo babuyela ezweni lakwaJereshoni.

3 Futhi kwenzeka ukuthi emva kokuthi iningi lamaZoramu elalaziwa selike lahlangana ndawonye mayelana namazwi ayeshunyayelwe kubo, lathukuthela ngenxa yezwi, ngokuba nempela labuqeda aubuqili babo; ngakho-ke abafunanga ukuwalalela amazwi.

4 Futhi bathumela futhi baqoqela bonke abantu ndawonye kulo lonke izwe, futhi babonisana nabo mayelana nalawo mazwi ayekhulunyiwe.

5 Manje ababusi babo kanye nabaphristi babo kanye nabafundisi babo ababazisanga abantu mayelana nezifiso zabo; ngakho-ke bazitholela ngasese imibono yabantu.

6 Futhi kwenzeka ukuthi emva kokuthi sebeyitholile imibono yabo bonke abantu, labo ababewathanda lawomazwi ayekhulunywe ngu-Alima kanye nabafowabo baxoshwa bakhishelwa ngaphandle kwezwe; futhi babebaningi; futhi phezu kwalokho bawelela ezweni lakwaJereshoni.

7 Futhi kwenzeka ukuthi u-Alima kanye nabafowabo nempela babafundisa.

8 Manje abantu bamaZoramu babathukuthelela abantu bakwa-Amoni ababeseJereshoni, futhi umbusi omkhulu wamaZoramu, engumuntu omubi kakhulu, wathumela kubantu bakwa-Amoni efuna ukuthi babaxoshe babakhiphele ngaphandle kwezwe bonke labo ababebalekele ezweni labo.

9 Futhi wabasabisa ngeziningi izinsongo ngokumelene nabo. Manje abantu baka-Amoni abawesabanga amazwi abo; ngakho-ke abazange babaxoshe, kodwa nempela babemukela bonke abampofu bamaZoramu abeza kubo; futhi nempela ababondla, futhi nempela babembesa, futhi babanikeza imihlaba ukuthi ibe ngamafa abo; futhi babasiza ngokwezidingo zabo.

10 Manje lokhu nempela kwawaphehla amaZoramu ukuthi abathukuthelele abantu baka-Amoni, futhi aqala ukuhlangana namaLamani futhi bawaphehla nawo ukuthi abathukuthelele.

11 Futhi ngalendlela amaZoramu kanye namaLamani aqala ukwenza amalungiselelo empi ukuthi alwe nabantu baka-Amoni, futhi ngokunjalo namaNefi.

12 Waphela ngalendlela-ke unyaka weshumi nesikhombisa wokubusa kwabehluleli phezu kwabantu baNefi.

13 Futhi abantu baka-Amoni bemuka baphuma ezweni lakwaJereshoni, futhi bawelela ezweni lakwaMeleki, futhi banika amabutho amaNefi indawo esezweni lakwaJereshoni, ukuze alwe namabutho amaLamani kanye namabutho amaZoramu; futhi ngalendlela yaqala impi phakathi kwamaLamani kanye namaNefi, ngonyaka weshumi nesishiyagalombili wokubusa kwabehluleli; futhi alendaba yezimpi zabo izonikwa emva kwalokhu.

14 U-Alima, kanye no-Amoni, kanye nabafowabo, futhi ngokunjalo namadodana amabili ka-Alima babuyela ezweni lakwaZarahemla, emva kokuthi besetshenziswe nguNkulunkulu ukuletha aabaningi bamaZoramu ekuphendukeni; futhi ngobuningi balabo abalethwa ekuphendukeni baxoshwa baphuma ezweni labo; kodwa banamazwe angamafa abo ezweni lakwaJereshoni, futhi bathathe izikhali ukuthi bazivikele, kanye nabafazi babo, kanye nabantwana, kanye namazwe abo.

15 Manje u-Alima, ekhathazekile ngenxa yobubi babantu bakhe, yebo nangezimpi, kanye nangokuchitheka kwegazi, kanye nangengxabano eyayiphakathi kwabo; futhi eselimemezele izwi, noma esethumele ukuthi kumenyezelwe izwi, phakathi kwabo bonke abantu emadolobheni onke; futhi ebona ukuthi izinhliziyo zabantu zase ziqala ukuthi zibe lukhuni, futhi nokuthi base beqala ukuthi abacasuke ngenxa yokuqina kwezwi, inhliziyo yakhe yaba buhlungu kakhulu.

16 Ngakho-ke, wenza ukuthi amadodana akhe aqoqelwe ndawonye, ukuze awanike awonke ngamunye umyalelo wakhe, ngokwehlukana, mayelana nezinto eziphathelene nokulunga. Futhi sinayo indaba ngemiyalo yakhe, abanikeza yona ngokombhalo wakhe.