ImiBhalo eNgcwele
Alima 31


Isahluko 31

U-Alima uhola umsebenzi wokuyobuyisa amaZoramu ahlubukile—AmaZoramu ayamphika uKristu, akholelwa emcabangweni wokukhethwa ongamanga, futhi adumisa ngemikhuleko ehleliwe—Abefundisi bagcwaliswa ngoMoya oyiNgcwele—Izinhlupheko zabo zigwinywa enjabulweni kaKristu. Cishe ngonyaka wama 74 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwenzeka ukuthi emva kokufa kukaKorihori, u-Alima esethole izindaba zokuthi amaZoramu ayephendukezela izindlela zeNkosi, futhi nokuthi uZoramu, owayengumholi wawo, wayehola izinhliziyo zabantu ukuthi azikhothamele bizithixo eziyizimungulu, inhliziyo yakhe yaqala cukugula ngenxa yobubi babantu.

2 Ngokuba kwakuyimbangela ayosizi olukhulu ku-Alima ukwazi ngobubi phakathi kwabantu bakhe; ngakho-ke inhliziyo yakhe yayilusizi kakhulu ngenxa yokuhlukana kwamaZoramu namaNefi.

3 Manje amaZoramu ayeseqoqane ndawonye ezweni ayelibiza ngokuthi yi-Antiyonumu, elalisempumalanga yezwe lakwaZarahemla, elaliseduzane komngcele wogu lolwandle, elaliseningizimu yezwe iJereshoni, futhi elaligudla ihlane eningizimu, lelo hlane elaligcwele amaLamani.

4 Manje amaNefi ayenokwesaba okukhulu ukuthi amaZoramu ayezongena esivumelwaneni namaLamani, futhi lokho kwakuzoba yimbangela yokulahlekelwa okukhulu kumaNefi.

5 Manje, njengoba aukushunyayelwa bkwezwi kwakujwayele kakhulu cukuholela abantu ekwenzeni lokho okwakulungile—yebo, kwakube nomphumela onamandla amakhulu emiqondweni yabantu kunenkemba, noma yini enye, eyayenzeke kubo—ngakho-ke u-Alima wacabanga ukuthi kwakufanelekile ukuthi bawazame amandla ezwi likaNkulunkulu.

6 Ngakho-ke wathatha u-Amoni, no-Aroni, kanye no-Omineri; kwathi uHimini yena wamshiya ebandleni eZarahemla; kodwa laba bokuqala abathathu wabathatha bahamba naye, futhi ngokunjalo no-Amuleki kanye noZeziromu, ababeseMeleki; futhi waphinde wathatha ababili bamadodana akhe.

7 Manje omdala emadodaneni akhe akamthathanga ukuthi ahambe naye, igama lakhe kwakungu aHelamani; kodwa amagama alabo ayebathathile bahamba naye kwakungo Shibiloni noKoriyantoni; lawa ngamagama alabo abahamba naye baya phakathi kwama bZoramu, ukuyoshumayela kuwo izwi.

8 Manje amaZoramu aayengavumelani nebandla esuka kumaNefi; ngakho-ke lake lashunyayelwa izwi likaNkulunkulu kubo.

9 Kodwa base abewele eziphosisweni ezinkulu, ngokuba babengasafuni ukuzama ukuthi bayigcine imiyalelo kaNkulunkulu, kanye nemithetho yakhe, njengokomthetho kaMose.

10 Futhi babengezukuphila ngezenzo zebandla, ukuthi baqhubeke ekukhulekeni kanye nasekunxuseni uNkulunkulu nsuku zonke, ukuthi bangangeni ekulingweni.

11 Yebo, ukuphetha, baziphendukezela izindlela zeNkosi ezikhathini eziningi kakhulu; ngakho-ke, ngalesi sizathu, u-Alima kanye nabafowabo bahamba baya ezweni ukuyoshumayela izwi kubo.

12 Manje, ngesikhathi sebefike ezweni, bheka, ngokumangala okukhulu bathola ukuthi amaZoramu ayesakhe amasinagoge, futhi nokuthi ayeqoqana ndawonye ngosuku olulodwa esontweni, okuwusuku ababelubiza ngokuthi wusuku lweNkosi; futhi ayekhonza ngendlela u-Alima nabafowabo ababengakaze nanini bayibone;

13 Ngokuba ayenendawo eyayakhiwe maphakathi nesinagoge labo, indawo yokuma, eyayiphakeme ngaphezulu kwekhanda; futhi iphezulu layo lalingenela umuntu oyedwa kuphela.

14 Ngakho-ke, lowo owayenesifiso asokukhonza kwakufanele ahambe aye phambili bese ema phezu kwaleyondawo, bese elula izandla zakhe azibhekise ngasezulwini, bese ekhala ngezwi elikhulu, ethi:

15 UNgcwele, ungcwele Nkulunkulu; siyakholwa ukuthi wena unguNkulunkulu, futhi siyakholwa ukuthi wena ungcwele, nokuthi wena wawungumoya, futhi nokuthi ungumoya, futhi nokuthi uyohlala ungumoya njalo.

16 Nkulunkulu oNgcwele, siyakholwa ukuthi wena usehlukanisile kubafowethu; futhi thina asikholelwa emasikweni abafowethu, adluliselwa kubo ngenxa yobungane boyise; kodwa siyakholwa ukuthi ausikhethile thina ukuthi sibe bngabantwana bakho abangcwele; futhi phezu kwalokho usambulele ukuthi ngeke kube khona Kristu.

17 Kodwa usefana nayizolo, namuhla, futhi naphakade; futhi ausikhethile ukuthi siyosindiswa, kuthi bonke abasizungezile bakhethelwe ukuthi balahlwe phansi esihogweni ngentukuthelo yakho; ngokuphathelene nalobu bungcwele, O Nkulunkulu, siyakubonga; futhi siyaphinda siyakubonga ukuthi usikhethile, ukuthi singaholelwa kude ngokulandela ubuphukuphuku bamasiko abafowethu, ababophela phansi ekukholweni kuKristu, okuholela izinhliziyo zabo ukuthi zibe kude nawe, Nkulunkulu wethu.

18 Futhi phezu kwalokho siyakubonga, O Nkulunkulu, ukuthi sikhethiwe futhi singabantu abangcwele. Amen.

19 Manje kwenzeka ukuthi emva kokuthi u-Alima nabafowabo kanye namadodana akhe sebeyizwile lemikhuleko, bamangala kakhulu.

20 Ngokuba bheka, wonke umuntu nempela waya phambili futhi washo yona leyo mikhuleko efanayo.

21 Manje leyondawo babeyibiza ngokuthi yiRamiyamtom, ngokuhunyushwa okwakuthiwa, yindawo yokuma engcwele.

22 Manje, kulendawo yokuma nempela bonke babenza umkhuleko ofanayo kuNkulunkulu, bembonga uNkulunkulu wabo ukuthi bona bakhethwa nguye, futhi nokuthi akabaholelanga kude balandela isiko labafowabo, futhi nokuthi izinhliziyo zabo azintshontshwanga ukuthi zikholelwe ezintweni ezizofika, ababengazi lutho ngazo.

23 Manje, emva kokuthi bonke abantu sebekwenzile ukubonga ngalendlela, babebuyela emakhaya abo, abengaphindi nanini bakhulume ngoNkulunkulu wabo futhi kuze kube baphinde baqoqana ndawonye futhi kuyo lendawo yokuma engcwele, ukuzokwenza ukubonga ngendlela yabo.

24 Manje ngesikhathi u-Alima ekubona lokhu inhliziyo yakhe ayadabuka; ngokuba wabona ukuthi babengabantu ababi futhi abanenkani; yebo, wabona ukuthi izinhliziyo zabo babezibeke kulo igolide, nakulo isiliva, kanye nakuzo zonke izinhlobo zezimpahla ezicolekileyo.

25 Yebo, futhi waphinde wabona ukuthi izinhliziyo zabo zase aziphakeme kangangoba base benokuqhosha okukhulu, nokuziqhenya.

26 Futhi waphakamisela izwi lakhe ezulwini, awakhala, ethi: O, kuyoze kube nini, O Nkosi, uvumela izinceku zakho ukuthi zihlale lapha ngaphansi enyameni, ukuthi zibone ububi obungaka phakathi kwabantwana babantu na?

27 Bheka, O Nkulunkulu, abakhala kuwe, kodwa futhi zibe izinhliziyo zabo zigcwele ukuzikhukhumeza. Bheka, O Nkulunkulu, bakhala kuwe ngemilomo yabo, bebe bbekhukhumele, ngisho bezizwa bebakhulu, ngezinto eziyize zezwe.

28 Bheka, O Nkulunkulu wami, izingubo zabo ezibizayo, kanye nezindandatho zabo ezincane, kanye nama abhengela abo, kanye nezinto zabo zokuhlobisa zegolide, kanye nazo zonke izinto zabo eziyigugu abahlotshiswe ngazo; futhi bheka, izinhliziyo zabo bazibeke kuzo, kodwa futhi bebe bekhala kuwe bethi—Siyakubonga, O Nkulunkulu, ngokuba singabantu abakhethiwe kuwe, bebe abanye bezolahleka.

29 Yebo, futhi bathi ubambulele ukuthi akuyikuba khona Kristu.

30 O Nkosi Nkulunkulu, kuyoze kube nini uvumela ukuthi ububi obunjena kanye nokungakholwa kube phakathi kwalabantu na? O Nkosi, unganginika yini amandla, ukuze ngikwazi ukuthi ngibubekezelele ubuthakathaka bami. Ngokuba ngibuthakathaka, futhi ububi obunjena phakathi kwalabantu benza ubuhlungu emphefumulweni wami.

31 O Nkosi, inhliziyo yami ilusizi kakhulu; ungawududuza yini umphefumulo wami akuKristu. O Nkosi, unganginika yini ukuthi ngibe namandla, ukuze ngizithwale ngesineke lezizinhlupheko ezizoza kimi, ngenxa yobubi balaba bantu.

32 O Nkosi, ungewududuze yini umphefumulo wami, futhi ungiphe impumelelo, futhi ngokunjalo nalaba engisebenza nabo abanami—yebo, u-Amoni, kanye no-Aroni, kanye no-Omineri, futhi ngokunjalo no-Amuleki kanye noZeziromu, futhi ngokunjalo anamadodana ami amabili—yebo, ngisho bonke laba ubungebaduduze, O Nkosi. Yebo, ubungeyiduduze yini imiphefumulo yabo kuKristu.

33 Ubungebanikeze yini ukuthi babe namandla, ukuze bazithwale izinhlupheko zabo eziyofika kubo ngenxa yobubi balaba bantu.

34 O Nkosi, aungesiphe yini ukuthi sibe nempumelelo ekubaletheni futhi kuwe kuKristu.

35 Bheka, O Nkosi, aimiphefumulo yabo iyigugu, futhi abaningi babo bangabafowethu; ngakho-ke, sinike, O Nkosi, amandla kanye nokuhlakanipha ukuze silethe laba, abafowethu, kuwe futhi.

36 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi u-Alima esewashilo lamazwi, awabeka bizandla zakhe phezu kwabo bonke labo ababenaye. Futhi bheka, ngesikhathi ebeka izandla zakhe phezu kwabo, bagcwaliswa ngoMoya oyiNgcwele.

37 Futhi emva kwalokho nempela bazehlukanisa omunye komunye, abengacabangi ngabo ukuthi bazodlani, noma bazophuzani, noma bazogqokani.

38 Futhi iNkosi yabanikeza ukuthi bangalambi, nokuthi bangomi; yebo, futhi yaphinde yabanika amandla, ukuthi bangabi anazinhlupheko noma ngabe zaluhlobo luni, ngaphandle kokuthi zigwinywe enjabulweni kaKristu. Manje lokhu kwaba njengomkhuleko ka-Alima; futhi lokhu ngenxa yokuthi wakhuleka bngokholo.