ImiBhalo eNgcwele
Alima 10


Isahluko 10

ULehi ungowozalo lukaManase—U-Amuleki ulandisa ngomyalo wengelosi wokuthi anakekele u-Alima—Imithandazo yabalungile yenza ukuthi abantu basindiswe—Izazimthetho ezingalungile kanye nabehluleli babeka isisekelo sokubhujiswa kwabantu. Cishe ngonyaka wama 82 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje lawa angamazwi u-bAmuleki awashumayela kubantu ababesezweni lakwa Amoniha, ethi:

2 Ngingu-Amuleki; ngiyindodana kaGidona, owayeyindodana ka-Ishmayeli, owayengowozalo luka-Aminadi; futhi kwakunguye kanye lowo Aminadi owahumusha umbhalo owawusodongweni lwethempeli, owawubhalwe ngomunwe kaNkulunkulu.

3 Futhi u-Aminadi wayengowozalo lukaNefi, owayeyindodana kaLehi, owaphuma ezweni laseJerusalema, owayengowozalo luka aManase, owayeyindodana ka bJosefa cowathengiswa eGibithe ngesandla sabafowabo.

4 Futhi bhekani, phezu kwalokho ngingumuntu ongenalo idumela elincane phakathi kwabo bonke labo abangaziyo; yebo, futhi bhekani, nginezihlobo eziningi kanye anabangani, futhi phezu kwalokho ngizuze ingcebo eningi ngenxa yokusebenza kwami.

5 Nokho, emva kwakho konke lokhu, bengingazange ngazi kakhulu ngezindlela zeNkosi, anangezimfihlakalo zayo kanye nangamandla ayo amangalisayo. Ngithe bengingakaze ngazi kakhulu ngalezi zinto; kodwa bhekani, ngiyaphazama, ngokuba ngizibonile eziningi izimfihlakalo zayo kanye namandla ayo amangalisayo; yebo, ngisho nasekulondolozweni kwezimpilo zalaba bantu.

6 Nokho, nempela ngayenza lukhuni inhliziyo yami, ngokuba angabizwa izikhathi eziningi futhi bangilalelanga; ngakho-ke ngangazi mayelana nalezi zinto, kepha ngangingathandi ukwazi; ngakho-ke ngaqhubeka ngivukela uNkulunkulu, ebubini benhliziyo yami, ngisho kwaze kwaba wusuku lwesine lwalenyanga yesikhombisa, esonyakeni weshumi wokubusa kwabehluleli.

7 Ngesikhathi ngihamba ngiyobona isihlobo esiseduze kakhulu, bheka aingelosi yeNkosi yavela kimi yathi: Amuleki, buyela emzini wakho, ngokuba uzokupha umphrofethi weNkosi ukudla; yebo, indoda engcwele, engumuntu okhethiweyo kaNkulunkulu; ngokuba bizilile izinsuku eziningi ngenxa yezono zalaba bantu, futhi ilambile, cuzoyamukela emzini wakho futhi uyiphe ukudla, futhi iyokubusisa wena kanye nomuzi wakho; futhi isibusiso seNkosi siyohlala phezu kwakho kanye nomuzi wakho.

8 Futhi kwenzeka ukuthi ngalilalela izwi lengelosi, ngabuyela emzini wami. Ngesikhathi ngihamba ngisondela lapho ngayithola aleyondoda ingelosi eyayithe kimi: Uzoyamukela endlini yakho—futhi bhekani kwakuyiyo kanye lendoda ebikade ikhuluma kini mayelana nezinto zikaNkulunkulu.

9 Futhi ingelosi yathi kimi aingumuntu ongcwele; ngalokho-ke ngiyazi ukuthi ingumuntu ongcwele ngenxa yokuthi kwashiwo yingelosi kaNkulunkulu.

10 Futhi phezu kwalokho, ngiyazi ukuthi izinto efakaze ngazo ziyiqiniso; ngokuba bhekani ngithi kini, njengoba iNkosi iphila, ngisho kanjalo ithumele aingelosi yayo ukuthi izambule lezi zinto kimi; futhi lokhu ikwenze ngesikhathi lo-Alima behlezi emzini wami.

11 Ngokuba bhekani, auwubusisile umuzi wami, ungibusisile nami, kanye nabesifazane abasemzini wami, kanye nabantwana bami, kanye nobaba kanye nomndeni wami; yebo, ngisho nazo zonke izihlobo zami uzibusisile, futhi isibusiso seNkosi sihlale phezu kwethu, njengokwamazwi awakhulumile.

12 Manje, ngesikhathi u-Amuleki esewakhulumile lamazwi abantu baqala ukumangala, bebona ukuthi kwakukhona aofakazi abangaphezulu koyedwa abebefakaza ngezinto ababebekwa icala ngazo, futhi ngokunjalo nangezinto ezazizokwenzeka, njengokukamoya wesiphrofetho owawukubo.

13 Nokho, kwakukhona abanye phakathi kwabo ababecabanga ukubabuza, ukuze angamasu obuqili babo bababambe emazwini abo, ukuze bathole ubufakazi obuphikisana nabo, ukuze babayise kubahluleli babo ukuze behlulelwe ngokomthetho, futhi nokuthi babulawe noma baphonswe etilongweni, ngokwamacala ababezokwenza kubukeke sengathi banawo noma bafakaze ukuphikisana nabo.

14 Manje kwakuyilawo madoda ayefuna ukubabulala, aayeyizazimthetho, ayeqashiwe noma ebekwe ngabantu ukuthi asebenzise umthetho esikhathini sabo sokuthetha amacala, noma ekuthethweni kwamacala abantu phambi kwabehluleli.

15 Manje lezi zazimthetho zazifunde ngabo bonke ubuciko kanye nobuqili babantu; futhi lokhu kwakuzozenza ukuthi zibe nekhono emsebenzini wazo.

16 Futhi kwenzeka ukuthi baqala ukumbuza u-Amuleki, ukuze ngalokho bamenze aphambanise amazwi akhe, noma aphikisane namazwi okufanele awakhulume.

17 Manje babengazi ukuthi u-Amuleki wayenokwazi ngesu labo. Kodwa kwenzeka ngesikhathi beqala ukuthi bambuze, awayibona imicabango yabo, futhi wathi kubo: O nina enibabi kanye bnesizukulwane esonakeleyo, nina zazimthetho kanye nabazenzisi, ngokuba nibeka isisekelo sikadeveli; ngokuba nibeka cizicupho kanye nezithiyo ukuze nibambe abangcwele baNkulunkulu.

18 Nibeka izinhlelo ukuthi aniphambanise izindlela zabalungile, futhi nehlisele intukuthelo kaNkulunkulu phezu kwamakhanda enu, ngisho nasekubhujisweni okupheleleyo kwalaba bantu.

19 Yebo, washo kahle uMosiya, owayeyinkosi yethu yokugcina, ngesikhathi esezodlulisa umbuso, engenamuntu wokumnikeza wona, enza ukuthi laba bantu baziphathe ngokwamazwi abo—yebo, washo kahle ukuthi uma isikhathi sifika sokuthi izwi lalaba bantu alikhethe ububi, okungukuthi, uma isikhathi sifika sokuthi laba bantu bawele esiphambekweni, bayobe sebekulungele ukubhujiswa.

20 Manje ngithi kini iNkosi yehlulela kahle ngobubi benu; ngezizathu ezinhle iyakhala kulaba bantu, ngezwi alezingelosi zayo ithi: Phendukani, phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.

21 Yebo, ngezizathu ezinhle iyakhala, ngezwi lezingelosi zayo ithi; aNgizoza ngehlele phakathi kwabantu bami, ngokulunga kanye nangokwahlulela okuhle ezandleni zami.

22 Yebo, futhi ngithi kini ukuba kwakungekhona ukuthi kwakungenxa ayemithandazo yabalungile, okumanje bakulelizwe, ngabe manje senavakashelwa ngokubhujiswa okupheleleyo; nokho bekungeyikuba ngokwe bzikhukhula, njengoba kwenzeka kubantu ngezinsuku zikaNowa, kodwa bekuyokuba ngendlala, nangomashayabhuqe, kanye nangenkemba.

23 Kodwa kungenxa ayemithandazo yabalungile ukuthi niyasindiswa; manje, uma nizobaxosha abalungile phakathi kwenu uma kunjalo iNkosi ayizukusigodla isandla sayo; kodwa entukuthelweni yayo eyesabekayo izokuza ngokumelene nani; ngaleso sikhathi niyoshaywa ngendlala, nangomashayabhuqe, kanye nangenkemba; futhi leso bsikhathi sesiseduze ngaphandle kokuthi niphenduke.

24 Manje kwenzeka ukuthi abantu bamthukuthelela kakhulu u-Amuleki, futhi bamemeza kakhulu, bethi: Lendoda ithuka imithetho yethu elungile, kanye nezazimthetho zethu ezihlakaniphileyo esizikhethile.

25 Kodwa u-Amuleki welula izandla zakhe, futhi wamemeza kakhulu kubo, ethi: O nina sizukulwane esibi nesonakeleyo, kungani uSathane elawula izinhliziyo zenu na? Kungani nizinikela kuye ukuze abe namandla phezu kwenu, ukuthi aaphuphuthekise amehlo enu, ukuze ningawaqondi amazwi akhulunywayo, ngokweqiniso lawo na?

26 Ngokuba bhekani, ngabe ngike ngafakaza yini ngaphikisana nomthetho wenu na? Aniqondi; nithi ngikhulume ngaphikisana nomthetho wenu; kodwa angizange, kodwa ngikhulume ngawuvuna umthetho wenu, ukuze nilahlwe ngecala.

27 Manje bhekani, ngithi kini, isisekelo sokubhujiswa kwalaba bantu sesiqala ukubekwa ngokungalungi kwe azazimthetho zenu kanye nabehluleli benu.

28 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi u-Amuleki esewakhulumile lamazwi abantu bamemeza kakhulu bephikisana naye, bethi: Manje sesiyazi ukuthi lendoda ingumntwana kadeveli, ngokuba aisikhohlisile; ngokuba ikhulume yaphikisana nomthetho wethu. Manje ithi ayizange ikhulume iphikisane nawo.

29 Futhi phezu kwalokho, yedelele izazimthetho zethu, kanye nabehluleli bethu.

30 Futhi kwenzeka ukuthi izazimthetho zakubeka ezinhliziyweni zazo ukuze zizikhumbule lezi zinto ngokumelene naye.

31 Futhi kwakukhona oyedwa phakathi kwabo ogama lakhe kwakunguZeziromu. Manje waba ngowokuqala aukubeka icala u-Amuleki kanye no-Alima, yena engomunye wezihlakaniphi phakathi kwabo, enamabhizinisi amaningi awenzayo phakathi kwalaba bantu.

32 Manje injongo yalezi zazimthetho kwakungukuthola inzuzo; futhi zayithola inzuzo njengokusebenza kwazo.