ImiBhalo eNgcwele
Alima 18


Isahluko 18

INkosi uLamoni icabanga ukuthi u-Amoni unguMoya oMkhulu—U-Amoni ufundisa inkosi ngeNdalo, ngokusebenza kukaNkulunkulu kubantu, kanye nangokukhululwa okuza ngoKristu—ULamoni uyakholwa futhi uwela phansi sengathi ufile. Cishe ngonyaka wama 90 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi kwenzeka ukuthi inkosi uLamoni wenza ukuthi izinceku zakhe zime phambili futhi zifakaze ngazo zonke izinto ezazizibonile mayelana naloludaba.

2 Futhi emva kokuthi sezifakazile zonke ngezinto ezazizibonile, futhi isithole ulwazi ngokwethembeka kuka-Amoni ekugcineni imihlambi yakhe, futhi ngokunjalo nangamandla akhe amakhulu ekulweni nalabo ababefuna ukumbulala, yamangala kakhulu, futhi yathi: Ngempela, lona ungaphezulu komuntu. Bhekani, ngabe lona akayena yini uMoya oMkhulu othumela izijeziso ezinkulu kangaka phezu kwalaba bantu, ngenxa yokubulala kwabo na?

3 Futhi zayiphendula inkosi, zathi: Noma ngabe unguMoya oMkhulu noma ungumuntu, asazi; kodwa yilokhu esikwaziyo, ukuthi aakanakubulawa yizitha zenkosi; futhi ngeke zihlakaze imihlambi yenkosi uma enathi, ngenxa yobungcweti bakhe kanye namandla amakhulu; ngakho-ke, siyazi ukuthi ungumngani enkosini. Manje, O nkosi, asikholwa ukuthi indoda ingaba namandla amakhulu kangaka, ngokuba siyazi ukuthi akanakubulawa.

4 Manje, ngesikhathi inkosi izwa lamazwi, yathi kuzo: Manje sengiyazi ukuthi unguMoya oMkhulu; futhi uze phansi ngalesi sikhathi ukuze avikele izimpilo zenu, ukuze anginganibulali njengoba ngenza kubafowenu. Manje lona nguMoya oMkhulu obaba bethu abakhuluma ngaye.

5 Manje lokhu kwakuyisiko likaLamoni, ayelithole kuyise, ukuthi kwakukhona auMoya oMkhulu. Nakuba babekholelwa kuye uMoya oMkhulu, babecabanga ukuthi noma ngabe yini ababeyenza yayilungile; nokho uLamoni waqala ukwesaba kakhulu, esaba ukuthi hleze wayenze okungalungile ngokubulala izinceku zakhe;

6 Ngokuba wayesebulele eziningi zazo ngenxa yokuthi abafowabo babehlakaze imihlambi yabo endaweni yamanzi; futhi, ngenxa yokuthi imihlambi yabo yahlakazwa babulawa.

7 Manje kwakuyinjwayelo yala maLamani ukuthi ame ngasemanzini aseSebu ukuze ahlakaze imihlambi yabantu, ukuze ngalokho aqhube eminingi eyayihlakazekele ezweni labo, lokhu kwakuwumkhuba wokuphanga phakathi kwabo.

8 Futhi kwenzeka ukuthi inkosi uLamoni wabuza ezincekwini zakhe, ethi: Iphi yona le ndoda enamandla amakhulu kangaka na?

9 Zathi kuyo: Bheka, ipha amahhashi akho. Manje inkosi yayikade iyale izinceku zayo, ngaphambi kwesikhathi sokuyophuzisa imihlambi yazo, ukuthi kufanele zilungise amahhashi kanye nezinqola zayo, ukuze ziyiyise ezweni lakwaNefi; ngokuba kwakukade kukhona idili elikhulu elalenziwe ezweni lakwaNefi, nguyise kaLamoni, owayeyinkosi phezu kwalo lonke lelozwe.

10 Manje ngesikhathi inkosi uLamoni izwa ukuthi u-Amoni wayelungisa amahhashi kanye nezinqola zayo yamangala kakhulu, ngenxa yokwethembeka kuka-Amoni, ithi: Ngempela akukaze kube khona nayinye inceku phakathi kwezinceku zami zonke eyake yethembeka kangaka njenga le ndoda; ngokuba ikhumbula ngisho yonke imiyalelo yami ukuthi iyenze.

11 Manje ngempela sengiyazi ukuthi lona nguMoya oMkhulu, futhi ngiyafisa ukuthi eze kimi, kodwa ngeke ngilinge.

12 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi u-Amoni esewalungisile amahhashi kanye nezinqola zenkosi kanye nezinceku zayo, wahamba waya enkosini, futhi wabona ukuthi ubuso benkosi babushintshile; ngakho-ke wayesezophindela emuva aphume aphele phambi kwayo.

13 Futhi enye yezinceku zenkosi yathi kuye, Rabana, okungukuthi, ngokuhunyushwa, onamandla noma nkosi enkulu, ngokubona ukuthi amakhosi abo ayenamandla; futhi ngalamagama yathi kuye: Rabana, inkosi inesifiso sokuthi uhlale.

14 Ngakho-ke u-Amoni waphendukela enkosini, wathi kuyo: Ngabe ufuna ukuthi ngikwenzeleni, O nkosi na? Inkosi ayimphendulanga isikhathi esingangehora, ngokwesikhathi sabo, ngokuba yayingazi ukuthi yayizothini kuye.

15 Futhi kwenzeka ukuthi u-Amoni waphinda wathi kuyo: Ngabe ufisani kimi na? Kodwa inkosi ayimphendulanga.

16 Futhi kwenzeka ukuthi u-Amoni, egcwaliswe ngoMoya kaNkulunkulu, ngakho-ke awayibona imicabango yenkosi. Futhi wathi kuyo: Ngabe kungenxa yokuthi uzwe ukuthi ngivikele izinceku zakho kanye nemihlambi yakho, futhi ngabulala abayisikhombisa babafowabo ngesihlilingi kanye nangenkemba, futhi nganquma izingalo zabanye, ukuze ngivikele imihlambi yakho kanye nezinceku zakho; bheka, ngabe yikho yini lokhu okwenza umangale na?

17 Ngithi kuwe, kwenziwa yini, ukuthi ukumangala kwakho kube kukhulu kangaka na? Bheka, ngingumuntu, futhi ngiyinceku yakho; ngakho-ke, noma ngabe yini oyifisayo elungile, ngizoyenza.

18 Manje ngesikhathi inkosi isizwe lamazwi, yamangala futhi, ngokuba yabona ukuthi u-Amoni wayekwazi aukubona imicabango yayo; kodwa naphezu kwalokho, inkosi uLamoni yawuvula umlomo wayo, yathi kuye: Ungubani na? Ngabe uyilowo Moya oMkhulu, bowazi izinto zonke na?

19 U-Amoni waphendula wathi kuyo: Angisiyena.

20 Futhi inkosi yathi: Uyazi kanjani pho imicabango yenhliziyo yami na? Ungakhuluma ngesibindi futhi ungitshele mayelana nalezi zinto; futhi uphinde ungitshele ukuthi kungamaphi amandla obulele ngawo futhi wanquma izingalo zabafowethu abahlakaza imihlambi yami—

21 Manje, uma ungangitshela mayelana nalezi zinto, noma ngabe yini oyifisayo ngizokunika; futhi uma kunesidingo, ngizokuqapha ngamabutho ami; kodwa ngiyazi ukuthi wena unamandla ngaphezu kwabo bonke; noma kunjalo, noma ngabe yini oyifuna kimi ngizokunikeza yona.

22 Manje u-Amoni ehlakaniphile, nokho engenabungozi, wathi kuLamoni: Uzowalalela yini amazwi ami, uma ngikutshela ukuthi lezi zinto ngizenza ngamaphi amandla na? Yilokhu engikufuna kuwe.

23 Futhi inkosi yamphendula, yathi: Yebo, ngizowakholwa wonke amazwi akho. Futhi ngalendlela wayibamba ngokuhlakanipha.

24 Futhi u-Amoni waqala ukukhuluma kuyo angesibindi, wathi kuyo: Uyakholelwa yini ukuthi ukhona uNkulunkulu na?

25 Yaphendula, yathi kuye: Angazi ukuthi lokho kusho ukuthini.

26 Emva kwalokho u-Amoni wathi: Uyakholelwa yini ukuthi kukhona uMoya oMkhulu na?

27 Yathi, Yebo.

28 Futhi u-Amoni wathi: Lona nguNkulunkulu. U-Amoni waphinda wathi kuyo: Uyakholelwa yini ukuthi lo Moya oMkhulu, onguNkulunkulu, wadala zonke izinto ezisezulwini kanye nezisemhlabeni na?

29 Yathi: Yebo, ngiyakholelwa ukuthi wadala zonke izinto ezisemhlabeni; kodwa angiwazi amazulu.

30 U-Amoni wathi kuyo: Amazulu yindawo lapho uNkulunkulu ehlala khona kanye nazo zonke izingelosi zakhe ezingcwele.

31 Inkosi uLamoni yathi: Ngabe angaphezulu komhlaba na?

32 U-Amoni wathi: Yebo, futhi ubuka phansi kubo bonke abantwana babantu; futhi uyazi yonke aimicabango kanye nezinjongo zenhliziyo; ngokuba ngesandla sakhe bonke badalwa kusukela ekuqaleni.

33 Futhi inkosi uLamoni yathi: Ngiyazikholelwa zonke lezi zinto osuzikhulumile. Ngabe wena uthunywe nguNkulunkulu na?

34 U-Amoni wathi kuyo: Mina ngingumuntu; futhi aumuntu ekuqaleni wadalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu, futhi ngithole ubizo ngoMoya wakhe oNgcwele ukuthi bngifundise ngalezi zinto kulaba bantu, ukuze balethwe olwazini lwalokho okulungile futhi nokuyiqiniso;

35 Futhi inxenye yalowo aMoya ihleli kimi, enginika bulwazi, futhi ngokunjalo namandla ngokokholo kanye nezifiso zami ezikuNkulunkulu.

36 Manje ngesikhathi u-Amoni esewashilo lamazwi, waqala ekudalweni komhlaba, futhi ngokunjalo nokudalwa kuka-Adamu, futhi wayitshela ngazo zonke izinto mayelana nokuwa komuntu, futhi awayilandisa futhi wabeka phambi kwayo imibhalo kanye bnemibhalo engcwele yabantu, okwakukhulunywe ngayo cngabaphrofethi, ngisho kwehla kuya phansi esikhathini leso uyise, uLehi, eshiya eJerusalema.

37 Futhi phezu kwalokho wabalandisa (ngokuba kwakuyinkosi kanye nezinceku zayo) lonke uhambo loyise ehlane, kanye nakho konke ukuhlupheka kwabo ngendlala kanye nangokoma, kanye noku khandleka kwabo, njalo njalo.

38 Futhi waphinde wabalandisa mayelana nokuhlubuka kukaLamani benoLemuweli, kanye namamadodana ka-Ishmayeli, yebo, konke ukuhlubuka kwabo wabaxoxela ngakho; futhi wabachazela ngayo yonke imibhalo kanye nemibhalo engcwele kusukela ngesikhathi uLehi esuka eJerusalema kwehla kuze kube sesikhathini samanje.

39 Kodwa lokhu akusikho konke; ngokuba wabachazela anangesu lokukhululwa, elalungiswa kusukela ekusekelweni somhlaba; futhi waphinde wabazisa mayelana nokuza kukaKristu, kanye nayo yonke imisebenzi yeNkosi wabazisa yona.

40 Futhi kwenzeka ukuthi emva kokuthi esezishilo zonke lezi zinto, futhi esezichazile enkosini, inkosi yawakholelwa wonke amazwi akhe.

41 Futhi yaqala ukukhala eNkosini ithi: O Nkosi, yiba nomusa; ngobuningi abomusa wakho obe nawo ebantwini baNefi, yiba nawo kimi, kanye nakubantu bami.

42 Manje, ngesikhathi isikushilo lokhu, yawela phansi, kwaba sengathi ifile.

43 Futhi kwenzeka ukuthi izinceku zayo zayithatha zayithwala zayisa kumkayo, futhi zayilalisa embhedeni wayo; yalala sengathi ifile isikhathi esingangezinsuku ezimbili kanye nobusuku obubili; futhi umkayo, kanye namadodana ayo, kanye namadodakazi ayo bayikhalela, ngendlela yamaLamani, balila kakhulu ngenxa yokulahleka kwayo.