ImiBhalo eNgcwele
Alima 37


Isahluko 37

Izingcwephe zethusi kanye neminye imibhalo engcwele kuyagcinwa ukuze kulethe abantu ensindisweni—AmaJarede abhujiswa ngenxa yobubi bawo—Izifungo kanye nezivumelwano zawo eziyimfihlo kufanele kungavezwa ebantwini—Bonisanani neNkosi ekwenzeni kwenu konke—Njengoba iLiyahona yaqondisa amaNefi, kanjalo nezwi likaKristu liholela abantu empilweni yaphakade. Cishe ngonyaka wama 74 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje, ndodana yami Helamani, ngiyakuyala ukuthi uthathe alemibhalo bebengiphathiswe yona;

2 Futhi phezu kwalokho ngiyakuyala ukuthi ugcine umbhalo walabantu, njengoba nami ngenzile, kulezi zingcwephe zikaNefi, futhi uzigcine zonke lezi zinto engizigcinile zingcwele, ngisho njengoba nami ngizigcinile; ngokuba akungenhloso yokuhlakanipha ukuthi zigcinwe.

3 Futhi lezi azingcwephe zethusi, eziqukethe lemiqopho, ezinemibhalo engcwele kuzo, ezinomlando wesizukulwane sokhokho bethu, kusukela ekuqaleni—

4 Bheka, kwaphrofethwa ngobaba bethu, ukuthi kumele zigcinwe futhi zidluliswe zehle kusukela esizukulwaneni kuya kwesinye, futhi zigcinwe zilondolozwe ngesandla seNkosi zize zihambe ziye kuzo zonke izizwe, imindeni, izilimi, kanye nakubantu, ukuze bazi angezimfihlakalo eziqukethwe kuzo.

5 Manje bheka, uma zigciniwe kufanele zihlale zikhazimula; yebo, futhi ziyohlala zikhazimula; yebo, futhi kanjalo nazo zonke izingcwephe eziqukethe leyo mibhalo engcwele.

6 Manje ungacabanga ukuthi lokhu engikwenzayo akuwubulima; kodwa bheka ngithi kuwe, ngezinto bezincane neziwubala kufezeka izinto ezinkulu; futhi amasu amancane ezikhathini eziningi ayazithobisa izihlakaniphi.

7 Futhi iNkosi uNkulunkulu isebenza angamasu ukuze ifeze izinhloso zayo ezinkulu futhi zaphakade; futhi bngamasu amancane kakhulu iNkosi ithobisa izihlakaniphi futhi isindise imiphefumulo eminingi.

8 Manje, kuze kube manje bekulokhu kuwukuhlakanipha kukaNkulunkulu ukuthi lezi zinto zilondolozwe; ngokuba bheka, aziyivulile imiqondo yalabantu, yebo, futhi zakholwisa abaningi ngamaphutha ezindlela zabo, futhi balethwa olwazini lukaNkulunkulu wabo ukuze kusindiswe imiphefumulo yabo.

9 Yebo, ngithi kuwe, aukuba kwakungave kungenxa yalezi zinto eziqukethwe yilemibhalo, ekulezi zingcwephe, u-Amoni kanye nabafowabo babengenakukwazi ukuthi bbakholwise izinkulungwane eziningi kangaka zamaLamani ngamasiko angalungile oyise; yebo, lemibhalo kanye cnamazwi abo abaletha ekuphendukeni; okungukuthi, yabaletha olwazini lweNkosi uNkulunkulu wabo, kanye nasekutheni bajabule ngoJesu Kristu uMkhululi wabo.

10 Futhi ngubani owaziyo mhlawumbe zingaba yindlela yokuletha eziningi izinkulungwane zabo, yebo, futhi kanjalo neziningi izinkulungwane zabafowethu abangontamolukhuni, amaNefi, okumanje aqinisa izinhliziyo zawo esonweni kanye nasebubini, ekutheni amazi uMkhululi wawo na?

11 Manje lezi zimfihlakalo azikembulwa ngokugcwele kimi; ngakho-ke ngizoma lapha.

12 Futhi kungaba kwenele uma ngingathi kuphela nje zilondolozelwe isizathu sokuhlakanipha, leso sizathu esaziwa nguNkulunkulu; ngokuba yena auyala ngokuhlakanipha kuyo yonke imisebenzi yakhe, futhi izindlela zakhe ziqondile, futhi indlela yakhe byinye naphakade.

13 O khumbula, khumbula, ndodana yami Helamani, ukuthi aiqine kanjani imiyalelo kaNkulunkulu. Futhi wathi: bUma uzoyigcina imiyalelo yami cuyophumelela ezweni—kodwa uma ungayigcini imiyalelo yakhe uyosuswa phambi kwakhe.

14 Manje khumbula, ndodana yami, ukuthi uNkulunkulu auziphathise wena lezi zinto, bezingcwele, azigcine zingcwele, futhi azozigcina futhi azilindolozele cisizathu sakhe sokuhlakanipha, ukuze akhombise amandla akhe ezizukulwaneni ezizayo.

15 Manje bheka, ngikutshela ngomoya wokuphrofetha, ukuthi uma uphambuka emithethweni kaNkulunkulu, bheka, lezi zinto ezingcwele ziyothathwa kuwe ngamandla kaNkulunkulu, futhi uyonikelwa kuSathane, ukuthi akuhlunge njengamakhoba emoyeni.

16 Kodwa uma ugcina imiyalelo kaNkulunkulu, futhi wenze ngalezi zinto ezingcwele njengoba iNkosi ikuyalile, (ngokuba kufanele unxuse eNkosini ngazo zonke izinto okufanele uzenze ngazo) bheka, akukho mandla asemhlabeni noma esihogo aangazithatha kuwe, ngokuba uNkulunkulu unamandla okugcwalisa onke amazwi akhe.

17 Ngokuba uyozigcwalisa zonke izethembiso zakhe ayozenza kuwe, ngokuba uzigcwalisile izethembiso zakhe azenza kobaba bethu.

18 Ngokuba wethembisa kubo ukuthi auyozilondoloza lezi zinto azilondolozele inhloso yakhe yokuhlakanipha, ukuze akhombise amandla akhe ezizukulwaneni ezizayo.

19 Manje bheka, inhloso eyodwa useyigcwalisile, ngisho ekubuyiselweni akwezinkulungwane eziningi zamaLamani olwazini lweqiniso; futhi uwakhombisile amandla akhe kubo, futhi kanjalo usayowakhombisa amandla akhe kubo babezizukulwane ezizayo; ngakho-ke ziyolondolozwa.

20 Ngakho-ke ngiyakuyala, ndodana yami Helamani, ukuthi ukhuthale ekuwagcwaliseni wonke amazwi ami, futhi nokuthi ukhuthale ekugcineni imiyalelo kaNkulunkulu njengoba ibhaliwe.

21 Manje, sengizokhuluma kuwe mayelana nalezo azingcwephe ezingamashumi amabili nane, ukuthi uzigcine, ukuze izimfihlakalo kanye nemisebenzi yobumnyama, kanye bnemisebenzi yabo yangasese, noma imisebenzi yangasese yalabo bantu ababhujisiwe, ivezwe kulaba bantu; yebo, konke ukubulala kwabo, kanye nobugebengu, kanye nokuphanga, kanye nabo bonke ububi kanye nezinengiso zabo, kungavezwa kulaba bantu; yebo, futhi nokuthi uzilondoloze lezi czihumushi.

22 Ngokuba bheka, iNkosi yabona ukuthi abantu bayo baqala ukusebenza ebumnyameni, yebo, besebenza ukubulala ngasese kanye nezinengiso; ngakho-ke iNkosi yathi, uma bengaphendukanga bayobhujiswa baphele ebusweni bomhlaba.

23 Futhi iNkosi yathi: Ngizolungiselela inceku yami uGazelema, aitshe, eliyokhanya ebumnyameni libe wukukhanya, ukuze ngibonise abantu bami ukuthi wubani ongisebenzelayo, nokuthi ngibabonise imisebenzi yabafowabo, yebo, imisebenzi yabo efihlakele, imisebenzi yabo yobumnyama, kanye nobubi babo kanye nezinengiso.

24 Manje, ndodana yami, lezi zihumushi zalungiselelwa ukuthi izwi likaNkulunkulu ligcwaliseke, alikhuluma, ethi:

25 aNgiyokwambula ebumnyameni ngiveze ekukhanyeni yonke imisebenzi yabo efihlakele kanye nezinengiso zabo; futhi ngaphandle kokuthi baphenduke bngiyobabhubhisa baphele nya ebusweni bomhlaba; futhi ngiyoziveza ekukhanyeni zonke izimfihlakalo kanye nezinengiso zabo, kuzo zonke izizwe eziyoba ngabanini balelizwe emva kwalokhu.

26 Manje, ndodana yami, siyabona ukuthi abazange baphenduke; ngakho-ke babhujisiwe, futhi kuze kube manje izwi likaNkulunkulu ligcwalisekile; yebo, izinengiso zabo ezifihlakele zikhishiwe ebumnyameni futhi zembulelwa thina.

27 Manje, ndodana yami, ngiyakuyala ukuthi uzigodle zonke izifungo zabo, kanye nezivumelwano zabo, kanye nezivumelwano zabo ngokuphathelene nezinengiso zabo ezifihlakele; yebo, kanye nazo zonke aizimpawu zabo kanye nezimangaliso zabo uyobafihlela labantu, ukuze bangazazi, funa mhlawumbe bawele ebumnyameni nabo futhi bese beyabhujiswa.

28 Ngokuba bheka, kukhona aisiqalekiso phezu kwalo lonke lelizwe, sokuthi ukubhujiswa kuyoza phezu kwabo bonke labo basebenzi bobumnyama, ngokwamandla kaNkulunkulu, uma sebevuthwe ngokupheleleyo; ngakho-ke ngifisa ukuthi labantu bangabhujiswa.

29 Ngakho-ke uyowafihla lamasu ayimfihlo aezifungo zabo kanye nezivumelwano zabo kulaba bantu, kuphela wububi babo kanye nokubulala kwabo kanye nezinengiso zabo oyobambulela zona; futhi uyobafundisa ukuthi bbabenyanye ububi obunjalo kanye nezinengiso kanye nokubulala; futhi phezu kwalokho uyobafundisa ukuthi labantu babhujiswa ngenxa yobubi babo kanye nezinengiso kanye nokubulala kwabo.

30 Ngokuba bheka, bababulala bonke abaphrofethi beNkosi abeza phakathi kwabo ukuzoshumayela kubo mayelana nobubi babo; futhi igazi lalabo ababa bulalayo nempela lakhala eNkosini uNkulunkulu wabo ukuphindiselelwa kulabo ababengababulali babo; futhi ngalendlela izehlulelo zikaNkulunkulu nempela zeza phezu kwalabasebenzi bobumnyama kanye namaqembu ayimfihlo.

31 Yebo, futhi liqalekisiwe izwe ingunaphakade naphakade kulabo basebenzi bobumnyama kanye namaqembu ayimfihlo, ngisho kuze kube bayabhujiswa, ngaphandle kokuthi baphenduke ngaphambi kokuthi bavuthwe ngokuphelele.

32 Manje, ndodana yami, khumbula amazwi engiwakhulume kuwe; ungabaniki lawo masu ayimfihlo labantu, kodwa ubafundise ukuthi abasizonde njalo isono kanye nobubi.

33 aShumayela kubo ukuphenduka, kanye nokholo eNkosini uJesu Kristu; bafundise ukuthi bazithobe futhi babe bmnene futhi bathobe ngenhliziyo; bafundise ukuthi bamelane nazo zonke cizilingo zikadeveli, ngokukholwa kwabo eNkosini uJesu Kristu.

34 Bafundise ukuthi bangalokothi bakhathale ukwenza imisebenzi emihle, kodwa ukuthi babe mnene futhi bathobe ngenhliziyo; ngokuba ngabanjalo abayothola aukuphumula emiphefumulweni yabo.

35 O, khumbula, ndodana yami, futhi ufunde aukuhlakanipha ebusheni bakho; yebo, funda ebusheni bakho ukugcina imiyalelo kaNkulunkulu.

36 Yebo, futhi akhala kuNkulunkulu ukuze uthole konke ukuphila kwakho; yebo, konke ukwenza kwakho makube seNkosini, futhi noma ngabe uyakuphi makube seNkosini; yebo, yonke imicabango yakho yiqondise eNkosini; yebo, uthando lwenhliziyo yakho malube seNkosini ingunaphakade.

37 aBonisana neNkosi kukho konke ukwenza kwakho, futhi iyokuqondisa ukuze uzuze; yebo, uma ulala phansi ebusuku lala phansi eNkosini, ukuze ikubheke ekulaleni kwakho; futhi uma uvuka ekuseni inhliziyo yakho mayigcwale bukubonga kuNkulunkulu; futhi uma uzenza lezi zinto, uyophakanyiswa ngosuku lokugcina.

38 Manje, ndodana yami, nginokuthize engifuna ukuthi ngikusho mayelana naleyonto obaba bethu abayibiza ngebhola, noma umqondisi—noma obaba bethu ababekubiza ngokuthi ayiLiyahona, ngokuhunyushwa okuthiwa, yinkombandlela; futhi iNkosi yayilungisa.

39 Futhi bheka, akekho namunye umuntu ongenza lokhu ngendlela yobuciko obungaka. Futhi bheka, yayilungiselelwe ukuthi ikhombise obaba bethu indlela okwakufanele bahambe ngayo ehlane.

40 Futhi nempela yabasebenzela njengoku akholwa kwabo kuNkulunkulu; ngakho-ke, uma babenokholo lokukholwa ukuthi uNkulunkulu wayengakwazi ukwenza lezo zinti zikhombe indlela okwakumele bahambe ngayo, bheka, kwakwenzeka; ngakho-ke babenalesi simangaliso, futhi kanjalo neziningi ezinye izimangaliso ezenzeka ngamandla kaNkulunkulu, usuku nosuku.

41 Nokho, ngenxa yokuthi lezo zimangaliso zazenzeka angezinto ezincane nempela zabakhombisa imisebenzi emihle kakhulu. Babevilapha, futhi bekhohlwa ukusebenzisa ukholo lwabo kanye nenkuthalo kwase kuthi leyo misebenzi emihle kakhulu yanqamuka, futhi ababange besaqhubeka ohambweni lwabo.

42 Ngakho-ke, bahlala ehlane, noma abazange besahamba indlela eqondile, futhi bahlushwa yindlala kanye nokoma, ngenxa yeziphambeko zabo.

43 Manje, ndodana yami, ngifuna ukuthi uqonde ukuthi lezi zinto akukhona ukuthi azinakho ukufana; ngokuba njengoba obaba bethu bavilapha ukuthi bayinake lenkombandlela (manje lezi zinto kwakungezesikhashana) abaphumelelanga; kunjalo-ke ngisho nangezinto ezingezikamoya.

44 Ngokuba bheka, kulula ukuthi ulinake aizwi likaKristu, eliyokukhombisa indlela eqondile eya entokozweni yaphakade, njengoba kwakunjalo kobaba bethu ukuthi bayinake lenkombandlela, eyayibakhombisa indlela eqondile eya ezweni lesethembiso.

45 Manje ngithi, ngabe akukho yini ukufana kulento na? Ngokuba njengoba nakanjani lomqondisi nempela aletha obaba bethu, ngokulandela indlela yakhe, ezweni lesethembiso, kanjalo namazwi kaKristu, uma silandela indlela yawo, asithwala asiyise ngale kwalesigodi sosizi siye ezweni elingcono kakhulu lesethembiso.

46 O ndodana yami, ungasivumeli ukuthi asivilaphe ngenxa yobulula bbendlela; ngokuba kwakunjalo nakobaba bethu; ngokuba yayilungiselwe bona kanjalo, ukuthi uma babengabheka cbabengaphila; kusenjalo ngisho nakithi. Indlela ilungisiwe, futhi uma singabheka singaphila ingunaphakade.

47 Manje, ndodana yami, bona ukuthi uyazinakekela lezi zinto ezingcwele, yebo, bona ukuthi ubheka kuNkulunkulu futhi uphile. Hamba uye kulaba bantu futhi umemezele izwi, futhi ube qotho. Ndodana yami, hamba kahle.