ImiBhalo eNgcwele
Alima 8


Isahluko 8

U-Alima uyashumayela futhi ubhabhadisa eMeleki—Uyenqatshwa e-Amoniha futhi uyashiya—Ingelosi imyala ukuthi abuyele khona futhi amemezele ukuphenduka kubantu—Wemukelwa ngu-Amuleki, futhi bobabili bayashumayela e-Amoniha. Cishe ngonyaka wama 82 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwenzeka ukuthi u-Alima wabuya aezweni lakwaGidiyoni, emva kokuthi esefundise abantu bakwaGidiyoni izinto eziningi ezingenakubhalwa, eselumisile uhlelo lwebandla, njengoba ayenzile ngaphambili ezweni lakwaZarahemla, yebo, wabuyela emzini wakhe eZarahemla ukuze ayoziphumuza ekusebenzeni ayekwenzile.

2 Futhi waphela kanjalo-ke unyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwabehluleli phezu kwabantu baNefi.

3 Futhi kwenzeka ekuqaleni konyaka weshumi wokubusa kwabehluleli phezu kwabantu baNefi, ukuthi u-Alima wemuka kuleyondawo futhi wathatha uhambo lwakhe wawelela ezweni lakwaMeleki, entshonalanga ayomfula iSidoni, entshonalanga ngasemingceleni yehlane.

4 Futhi waqala ukufundisa abantu ezweni lakwaMeleki angokohlelo olungcwele lukaNkulunkulu, ayebizwe ngalo; futhi waqala ukufundisa abantu kulo lonke izwe lakwaMeleki.

5 Futhi kwenzeka ukuthi abantu beza kuye bephuma emingceleni yonke yezwe elalingasehlane. Futhi babhabhadiswa kulo lonke lelozwe;

6 Kwathi uma eseqedile umsebenzi wakhe kwaMeleki wahamba kuleyondawo, futhi wahamba uhambo lwezinsuku ezintathu waya ngasenyakatho yezwe lakwaMeleki; futhi wafika edolobheni elalibizwa ngokuthi i-Amoniha.

7 Manje kwakuyisiko labantu baNefi ukuthi babize amazwe abo, namadolobha abo, kanye nezigodi zabo, yebo, ngisho zonke izigodi zabo ezincane, ngegama lalowo wokuqala owayewathathile; futhi kwaba kanjalo nangezwe lakwa-Amoniha.

8 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi u-Alima esefike edolobheni lakwa-Amoniha waqala ukushumayela izwi likaNkulunkulu kubo.

9 Manje uSathane awayesezilawule kakhulu izinhliziyo zabantu basedolobheni lakwa-Amoniha; ngakho-ke abafunanga ukuwalalela amazwi ka-Alima.

10 Nokho u-Alima awasebenza kakhulu emoyeni, bezabalaza noNkulunkulu cngokuthandaza okukhulu, ukuze athele uMoya wakhe phezu kwabantu ababe kulelidolobha; ukuze futhi amvumele ukuthi ababhabhadisele ekuphendukeni.

11 Nokho, baziqinisa izinhliziyo zabo, bethi kuye: Bheka, siyazi ukuthi ungu-Alima; futhi siyazi ukuthi ungumphristi omkhulu phezu kwebandla owalisungula ezingxenyeni eziningi zezwe, ngokwesiko lakho; futhi asibona abebandla lakho, futhi asikholelwa emasikweni awubuwula njengalawa.

12 Futhi siyazi ukuthi ngenxa yokuthi asibona abebandla lakho siyazi ukuthi awunamandla phezu kwethu; futhi unike isihlalo sokwahlulela ku aNefiha; ngakho-ke awuyena umahluleli omkhulu phezu kwethu.

13 Manje ngesikhathi abantu sebekushilo lokhu, futhi bamelana namazwi akhe onke, futhi bamthuka, bamphimisela ngamathe, futhi benza ukuthi axoshwe edolobheni labo, wemuka kuleyondawo wathatha uhambo lwakhe waya ngasedolobheni elalibizwa ngokuthi yi-Aroni.

14 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi esahamba eya kuleyondawo, umzimba wakhe ushone phansi ngenxa yosizi, aehlupheke kakhulu futhi edabukile emphefumulweni, ngenxa yobubi babantu ababesedolobheni lwakwa-Amoniha, kwenzeka ngesikhathi u-Alima umzimba wakhe usashone phansi ngenxa yosizi, bheka bingelosi yenkosi yavela kuye, ithi:

15 Ubusisiwe, Alima; ngakho-ke, phakamisa ikhanda lakho futhi uthokoze, ngokuba unesizathu esikhulu sokuthi uthokoze; ngokuba uthembekile ekugcineni imiyalelo kaNkulunkulu kusukela ngesikhathi uthola umyalezo wakho wokuqala kuye. Bheka, nginguye lowo aowawuletha kuwe.

16 Futhi bheka, ngithunywe ukuthi ngizokuyala ukuthi uphindele edolobheni lakwa-Amoniha, futhi uphinde ushumayele kubantu balelo dolobha; yebo, shumayela kubo. Yebo, yithi kubo, ngaphandle kokuthi baphenduke iNkosi uNkulunkulu aizobabhubhisa.

17 Ngokuba bheka, benza imizamo ngalesi sikhathi ukuze baqede inkululeko yabantu bakho, (ngokuba isho kanje iNkosi) lokho okuphambene nemithetho, kanye nezahlulelo, kanye nemiyalo eyinike abantu bayo.

18 Manje kwenzeka ukuthi emva kokuthi u-Alima esewutholile umyalezo wakhe ovela engelosini yeNkosi wabuyela ngokushesha ezweni lakwa-Amoniha. Futhi wangena edolobheni ngenye indlela, yebo, ngendlela eyayingase ningizimu yedolobha lakwa-Amoniha.

19 Futhi ngesikhathi engena edolobheni wayeselambile, futhi wathi endodeni: Ungayipha yini inceku ethobekileyo kaNkulunkulu okuthile ukuba idle na?

20 Futhi lendoda yathi kuye: NgingumNefi, futhi ngiyazi ukuthi ungumphrofethi ongcwele kaNkulunkulu, ngokuba uyindoda aingelosi engitshele ngayo embonweni yathi: Uyomamukela. Ngakho-ke, hamba nami siye endlini yami futhi ngizokunika inxenye yokudla kwami; futhi ngiyazi ukuthi uzoba yisibusiso kimi kanye nasemzini wami.

21 Futhi kwenzeka ukuthi lendoda yamemukela emzini wayo; futhi lendoda yayibizwa ngokuthi ngu-aAmuleki; yaletha isinkwa kanye nenyama yakubeka phambi kuka-Alima.

22 Futhi kwenzeka ukuthi u-Alima wadla isinkwa wasutha; futhi awambusisa u-Amuleki kanye nomuzi wakhe, futhi wabonga kuNkulunkulu.

23 Futhi emva kokuthi esedlile futhi esesuthi wathi ku-Amuleki: Ngingu-Alima, angingumphristi omkhulu ebandleni likaNkulunkulu kulo lonke izwe.

24 Futhi bheka, ngibizwe ukuthi ngishumayele izwi likaNkulunkulu phakathi kwabo bonke laba bantu, ngokomoya wokwambulelwa kanye nokuphrofetha; futhi bengikulelizwe futhi abangamukelanga, kepha abangikhiphele ngaphandle futhi besengizolifulathela lelizwe ingunaphakade.

25 Kepha bheka, ngiyalwe ukuthi kufanele ngiphinde ngibuyele futhi ngiphrofethe kulaba bantu, yebo, futhi ngifakaze ngokumelene nabo mayelana nobubi babo.

26 Manje, Amuleki, ngenxa yokuthi ungiphile ukudla futhi wangingenisa, ubusisiwe; ngokuba bengingolambileyo, ngokuba ngizilile izinsuku eziningi.

27 Futhi u-Alima wahlala izinsuku eziningi no-Amuleki ngaphambi kokuthi aqale ukushumayela kubantu.

28 Futhi kwenzeka ukuthi abantu nempela bakhula kakhulu ebubini babo.

29 Futhi izwi lafika ku-Alima, lithi: Hamba; futhi uphinde usho encekwini yami u-Amuleki, ukuthi makahambe aphrofethe kulaba bantu, athi—aPhendukani, ngokuba isho kanjalo iNkosi, ngaphandle kokuthi niphenduke ngizobavakashela laba bantu entukuthelweni yami; yebo, futhi angiyikulususa ulaka lwami kubo.

30 Futhi u-Alima wahamba, futhi ngokunjalo no-Amuleki, phakathi kwabantu, ukuyomemezela amazwi kaNkulunkulu kubo; futhi bagcwaliswa ngoMoya oyiNgcwele.

31 Futhi baba anamandla abanikwa wona, kangangokuthi babengeke bavalelwe emgodini oyitilongo; noma kube lula ukuthi umuntu ababulale; nokho abazange bawasebenzise bamandla abo kwaze kwaba ngesikhathi beboshwa ngezibopho bephonswa etilongweni. Manje, lokhu kwenziwa ukuze iNkosi ikhombise amandla ayo kubo.

32 Futhi kwenzeka ukuthi bahamba baqala ukushumayela kanye nokuphrofetha kubantu, ngokukamoya kanye namandla iNkosi eyayibanike wona.