ImiBhalo eNgcwele
Alima 33


Isahluko 33

UZenoshe wafundisa ukuthi abantu kumele bakhuleke futhi bakhonze kuzo zonke izindawo, futhi nokuthi izahlulelo ziyasuswa ngenxa yeNdodana—UZenoki wafundisa ukuthi umusa unikwa ngenxa yeNdodana—UMose waphakamisa ehlane isibonakaliso seNdodana kaNkulunkulu. Cishe ngonyaka wama 74 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje emva kokuthi u-Alima esewakhulumile lamazwi, bathumela kuye benesifiso sokwazi ukuthi ngabe kumele bakholwe akuNkulunkulu oyedwa yini, ukuze bathole lesi sithelo ayekhulume ngaso, noma ukuthi bangayitshala kanjani bimbewu, noma izwi lelo ayekhulume ngalo, ayethe kufanele litshalwe ezinhliziyweni zabo; noma bangaqala kanjani ukusebenzisa ukholo lwabo.

2 Futhi u-Alima wathi kubo: Bhekani, nithe aanikwazi ukukhonza uNkulunkulu wenu ngoba niyaxoshwa emasinagogeni enu. Kodwa bhekani, ngithi kini, uma nicabanga ukuthi aninakumkhonza uNkulunkulu, niduke kakhulu, futhi kufanele nicwaninge bimibhalo engcwele; uma nicabanga ukuthi yiyo eyanifundisa lokhu, aniyiqondi.

3 Niyakhumbula nifunda lokho auZenoshe, umphrofethi wasendulo, akusho mayelana nokukhuleka noma bukukhonza na?

4 Ngokuba wathi: Unesihawu, O Nkulunkulu, ngokuba uwuzwile umkhuleko wami, ngisho noma bengisehlane; yebo, waba nesihawu ngesikhathi ngikhuleka mayelana nalabo ababe ayizitha zami, futhi nempela wababhekisa kimi.

5 Yebo, O Nkulunkulu, futhi waba nesihawu kimi ngesikhathi ngikhala kuwe angisensimini yami; ngesikhathi ngikhala kuwe emkhulekweni wami, futhi nempela wangizwa.

6 Futhi phezu kwalokho, O Nkulunkulu, ngesikhathi ngiya endlini yami wangizwa emkhulekweni wami.

7 Futhi ngesikhathi ngiya aekhosombeni lami, O Nkosi, futhi ngikhuleka kuwe, nempela wangizwa.

8 Yebo, unesihawu kubantwana bakho uma bekhala kuwe, ukuthi bazwiwe nguwe hhayi ngabantu, futhi uzobezwa.

9 Yebo, O Nkulunkulu, ube nesihawu kimi, futhi wakuzwa ukukhala kwami phakathi kwamabandla akho.

10 Yebo, futhi phezu kwalokho ungizwile ngesikhathi angikhishelwe ngaphandle futhi ngidelelwa yizitha zami; yebo, nempela wakuzwa ukukhala kwami, futhi wazithukuthelela izitha zami, futhi nempela wazivakashela ngentukuthelo yakho ngembhubhiso esheshayo.

11 Futhi nempela wangizwa ngenxa yezinhlupheko zami kanye nobuqotho bami; futhi kungenxa yeNdodana yakho ukuthi ube nesihawu ngalendlela kimi, ngakho-ke ngizokhala kuwe kuzo zonke izinhlupheko zami, ngokuba ukujabula kwami kukuwe; ngokuba wena uzisusile izahlulelo zakho kimi, ngenxa yeNdodana yakho.

12 Manje u-Alima wathi kubo: Niyayikholwa yini leyo amibhalo engcwele eyabhalwa yibo abasendulo na?

13 Bhekani, uma niyikholwa, kufanele nikukholwe okwashiwo ngu aZenoshe; ngokuba, bhekani wathi: Uzisusile izahlulelo zakho ngenxa yeNdodana yakho.

14 Manje bhekani, bafowethu, ngizonibuza ukuthi niyifundile yini imibhalo engcwele na? Uma niyifundile, ningangakholwa kanjani eNdodaneni kaNkulunkulu na?

15 Ngokuba aakubhaliwe ukuthi uZenoshe yedwa owakhuluma ngalezi zinto, kodwa no bZenoki ngokunjalo naye wakhuluma ngalezi zinto—

16 Ngokuba bhekani, wathi: Ubathukuthelele, O Nkosi, laba bantu, ngenxa yokuthi abawuqondi umusa wakho obanike wona ngenxa yeNdodana yakho.

17 Manje, bafowethu, niyabona ukuthi umphrofethi wesibili wasendulo ufakazile ngeNdodana kaNkulunkulu, futhi ngenxa yokuthi abantu abakwazanga ukuwaqonda amazwi akhe abamkhanda ngamatshe waze wafa.

18 Kodwa bhekani, lokhu akusikho konke; laba akubona kuphela abakhulumile mayelana neNdodana kaNkulunkulu.

19 Bhekani, wakhuluma ngayo no aMose; yebo, futhi bhekani bisibonakaliso csaphakanyiswa ehlane, ukuthi lowo oyosibheka angaphila. Futhi abaningi nempela babheka futhi baphila.

20 Kodwa bancane abaqonda ngencazelo yalezo zinto, futhi lokhu kwakungenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo. Kodwa babebaningi ababelukhuni kakhulu kangangokuthi ababhekanga, ngakho-ke bafa. Manje isizathu sokuthi bangabheki yingoba babengakholwa ukuthi asasingabaphilisa.

21 O bafowethu, uma beningaphiliswa ngokubheka nje ngamehlo enu ukuze niphile, beningena kubheka ngokushesha na, noma beningancamela ukuqinisa izinhliziyo zenu ngokungakholwa na, futhi nivilaphe, ukuthi ningabheki ngamehlo enu, ukuze nife na?

22 Uma kunjalo, usizi luyoza kini; kodwa uma kungenjalo, phonsani amehlo enu futhi aniqale ukukholwa eNdodaneni kaNkulunkulu, ukuthi izofika izokhulula abantu bayo, futhi nokuthi iyohlupheka futhi ife ukuze bihlawulele izono zabo; futhi nokuthi iyophinda civuke kwabafileyo, okuyofeza duvuko, ukuze bonke abantu bame phambi kwayo, ukuze behlulelwe ngosuku lokugcina kanye nolokwahlulelwa, engokwemisebenzi yabo.

23 Manje, bafowethu, ngifisa ukuthi anilitshale lelizwi ezinhliziyweni zenu, futhi ngesikhathi seliqala ukukhukhumala londleni kanjalo ngokholo lwenu. Futhi bhekani, liyokuba yisihlahla, besiyokhula kini sibe wukuphila okuphakade. Futhi ngaleso sikhathi sengathi uNkulunkulu anganinika ukuthi cimithwalo yenu ibe lula, ngenjabulo yeNdodana yakhe. Futhi ngisho konke lokhu ningakwenza uma nje nithanda. Amen.