ImiBhalo eNgcwele
Alima 50


Isahluko 50

UMoroni uqinisa amazwe amaNefi—Bakha amadolobha amaningi amasha—Izimpi kanye nokubhujiswa kwehlela amaNefi ngezinsuku zobubi kanye nezinengiso zabo—UMoriyantoni kanye nabahlubuki bakhe behlulwa nguTeyankumi—UNefiha uyafa, futhi indodana yakhe uPahorani uthatha isihlalo sokwahlulela. Cishe ngonyaka wama 72 kuya kowama 67 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwenzeka ukuthi uMoroni akazange ayeke ukwenza amalungiselelo empi, noma ukuvikela abantu bakhe kumaLamani; ngokuba wenza ukuthi amabutho akhe aqale ekuqaleni konyaka wamashumi amabili wokubusa kwabehluleli, ukuthi kumele baqale ukumba izindunduma zomhlabathi bazungeze wonke amadolobha, kulo lonke izwe okwakungelamaNefi.

2 Futhi ngaphezulu kwalezindunduma zomhlabathi wenza ukuthi kube khona izingodo, yebo, imisebenzi yezingodo ezakhiwe zaba wubude obungangobomuntu, zizungeze amadolobha.

3 Futhi wenza ukuthi kuyo leyo misebenzi yezingodo kube khona uhlaka lwezikhonkwane olwalwakhiwe phezu kwezingodo lwazungeza; futhi zaziqinile futhi zizinde.

4 Futhi wenza ukuthi kwakhiwe imibhoshongo eyayibheke kuyo leyo misebenzi yezikhonkwane, futhi wenza ukuthi kwakhiwe izindawo zokuzivikela kuyo leyo mibhoshongo, ukuze amatshe kanye nemicibisholo yamaLamani ingabalimazi.

5 Futhi babezilungiselele ukuthi bakwazi ukujikijela amatshe bephezulu lapho, ngokuthanda kwabo kanye nangokwamandla abo, bambulale owayezozama ukusondela eduze kwezindonga zedolobha.

6 Ngalendlela-ke uMoroni nempela wazilungisa izinqaba ukulungiselela ukuza kwezitha zabo, kuwo wonke amadolobha azungeze ezweni lonke.

7 Futhi kwenzeka ukuthi uMoroni wenza ukuthi amabutho akhe ahambe aye ehlane elisempumalanga; yebo, futhi bahamba bayowaqhuba wonke amaLamani ayesehlane elisempumalanga bawayisa emazweni awo, ayeseningizimu yezwe lakwaZarahemla.

8 Futhi izwe lakwaNefi lalihamba ngendlela eqondile kusukela empumalanga yolwandle kuya entshonalanga.

9 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi uMoroni esewaqhube wonke amaLamani wawakhipha ehlane lasempumalanga, elalisenyakatho yamazwe okwakungawabo, wenza ukuthi abahlali ababesezweni lakwaZarahemla kanye nababesezweni elalizungezile ukuthi bahambe baye ehlane elisempumalanga, ngisho naseminceleni engasogwini lolwandle, balithathe lelozwe.

10 Futhi waphinda wabeka amabutho eningizimu, emingceleni yokwakungokwabo, futhi wabenza ukuthi bamise aizinqaba ukuze bavikele amabutho abo kanye nabantu babo ezandleni zezitha zabo.

11 Futhi ngaleyondlea wazinqamula zonke izinqaba zamaLamani ezazisehlane elisempumalanga, yebo, futhi kanjalo nasentshonalanga, eqinisa umngcele phakathi kwamaNefi namaLamani, phakathi kwezwe lakwaZarahemla nezwe lamaNefi, kusukela olwandle lwasentshonalanga, kuphikelele ngasesizalweni somfula iSidoni—amaNefi ezithathela lonke izwe elingasenyakatho, yebo, ngisho nalo lonke izwe elalingasenyakatho yezwe iNala, njengokuthanda kwabo.

12 Ngalendlela-ke uMoroni, kanye namabutho akhe, ayekhula nsukuzonke ngenxa yesiqiniseko sokuvikeleka imisebenzi yakhe eyasiletha kubo, nempela bafuna ukukuvimbela ukuqina kanye namandla amaLamani bawasuse aphele emazweni okungawabo, ukuze angabi namandla phezu kwamazwe abo.

13 Futhi kwenzeka ukuthi amaNefi aqala isisekelo sedolobha, futhi alibiza lelodolobha ngegama elithi iMoroni; futhi lalingasolwandle olungasempumalanga; futhi laliseningizimu ngasemnceleni walokho okungokwamaLamani.

14 Futhi phezu kwalokho baqala isisekelo sedolobha phakathi kwedolobha lakwaMoroni kanye nedolobha lakwa-Aroni, behlanganisa imincele yakwa-Aroni kanye neyakwaMoroni; futhi balibiza lelodolobha, noma lelozwe, ngegama elithi, iNefiha.

15 Futhi phezu kwalokho baqala ngawo kanye lowo nyaka ukwakha amadolobha amaningi enyakatho, elinye balakha ngandlela thize balibiza ngokuthi iLehi, elalisenyakatho ngaseminceleni yogu lolwandle.

16 Futhi waphela ngaleyondlela-ke unyaka wamashumi amabili.

17 Futhi babekulesi simo sokuphumelela abantu bakwaNefi ekuqaleni konyaka wamashumi amabili nanye wokubusa kwabehluleli kubantu bakwaNefi.

18 Futhi nempela baphumelela kakhulu, futhi banotha kakhulu; yebo, futhi nempela banda futhi bakhula baqina ezweni.

19 Futhi ngalendlela siyabona ukuthi zinomusa futhi zilunge kangakanani izenzo zeNkosi, ekugcwaliseni wonke amazwi ayo kubantwana babantu; yebo, singabona ukuthi amazwi ayo ayaqinisekiswa, ngisho nangalesi sikhathi, akhuluma ngaso kuLehi, ethi:

20 Ubusisiwe kanye nabantwana bakho; futhi bayobusiswa, kangangoba beyoyigcina imiyalelo yami bayophumelela kulelizwe. Kodwa khumbula, kangangoba bengezukuyigcina imiyalelo yami abayohlukaniswa neNkosi.

21 Futhi siyabona ukuthi lezi zethembiso ziqinisekisiwe ebantwini baNefi; ngokuba kwakungukuxabana kanye nemibango yabo, yebo, ukubulalana kwabo, ukuphanga kwabo, ukukhonza kwabo izithombe, ubufebe babo, kanye nezinengiso zabo, okwabakhona phakathi kwabo, okwaletha kubo izimpi kanye nokubulawa kwabo.

22 Futhi labo ababethembekile ekugcineni imiyalelo yeNkosi bakhululiwe ngezikhathi zonke, ngesikhathi izinkulungwane zabafowabo ababi bethunyelwe ekuthunjweni, noma bebulewe ngenkemba, noma belahlekelwe wukholo, futhi bahlangana namaLamani.

23 Kodwa bheka akukaze nanini kube khona aisikhathi esimnandi kanje phakathi kwabantu baNefi, kusukela ezinsukwini zikaNefi, njengasezinsukwini zikaMoroni, yebo, ngisho nangalesi sikhathi, onyakeni wamashumi amabili nanye wokubusa kwabehluleli.

24 Futhi kwenzeka ukuthi ngonyaka wamashumi amabili nambili wokubusa kwabehluleli nawo ngokunjalo waphela ngokuthula; yebo, futhi ngokunjalo nonyaka wamashumi amabili nantathu.

25 Futhi kwenzeka ukuthi ekuqaleni konyaka wamashumi amabili nane wokubusa kwabehluleli, kwakuyoba khona ukuthula phakathi kwabantu baNefi ukuba kwakungazange kube ngenxa ayombango owabakhona phakathi kwabo mayelana nezwe lakwaLehi, kanye nezwe lakwaMoriyantoni, ayehlangana emingceleni kaLehi; womabili ayesemingceleni ngasogwini lolwandle.

26 Ngokuba bheka, abantu okwakungabanini bezwe lakwaMoriyantoni nempela bafuna inxenye yezwe lakwaLehi; ngakho-ke kwaqala kwaba khona umbango oshisayo phakathi kwabo, kangangokuthi abantu bakwaMoriyantoni bathathela abafowabo izikhali, futhi babephokophele ukuthi bababulale ngenkemba.

27 Kodwa bheka, abantu ababengabanikazi bezwe lakwaLehi babalekela enkanjini kaMoroni, bayocela kuye usizo; ngokuba bheka babengekho ephutheni.

28 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi abantu bakwaMoriyantoni, ababeholwa yindoda igama layo okwakunguMoriyantoni, bethola ukuthi abantu bakwaLehi base bebalekele enkanjini kaMoroni, baba nokwesaba okukhulu hleze impi kaMoroni ize kubo futhi ibabulale.

29 Ngakho-ke, uMoriyantoni wakufaka ezinhliziyweni zabo ukuthi babaleke baye ezweni elalingasenyakatho, elalembozwe ngamachibi amakhulu amanzi, futhi balithathe kube ngelabo lelozwe elalingasenyakatho.

30 Futhi bheka, babengalifeza lelisu labo, (elaliyokuba yisizathu sokulila) kodwa bheka, uMoriyantoni eyindoda enolaka olukhulu, ngakho-ke ethukuthelele omunye wezincekukazi zakhe kakhulu, wawela phezu kwakhe wamshaya kakhulu.

31 Futhi kwenzeka ukuthi wabaleka, futhi weza enkanjini kaMoroni, futhi watshela uMoroni zonke izinto eziphathelene naloludaba, futhi kanjalo mayelana nezinhloso zabo zokubalekela ezweni elingasenyakatho.

32 Manje bheka, abantu ababesezweni iNala, noma ngokuyikho uMoroni, wesaba ukuthi babezolalela amazwi kaMoriyantoni futhi bahlangane nabantu bakhe, futhi ngaleyondlela wayezothola ukuthi abe ngumnini walezo zingxenye zezwe, lokho okwakuzoba nemiphumela enzima eyayizoba khona phakathi kwabantu baNefi, yebo, leyomiphumela eyayizoholela ekupheleni akwenkululeko yabo.

33 Ngakho-ke uMoroni wathumela ibutho, kanye nenkambi yalo, ukuthi bayonqanda abantu bakwaMoriyantoni, ukuthi bangabalekeli ezweni elingasenyakatho.

34 Futhi kwenzeka ukuthi abazange babanqande kwaze kwaba bafika eminceleni yezwe aiNcithakalo; futhi lapho babanqanda, ngasemzileni omncane owawuholeleka ngasolwandle uya ezweni elingasenyakatho, yebo, ngasolwandle, entshonalanga kanye nasempumalanga.

35 Futhi kwenzeka ukuthi ibutho elalithunywe nguMoroni, elaliholwa yindoda igama layo okwakunguTeyankumi, nempela lahlangana nabantu bakaMoriyantoni; futhi babenenkani kakhulu abantu bakwaMoriyantoni, (befunzelelwa ngububi bakhe kanye namazwi akhe athophayo) kangangokuthi impi yaqala phakathi kwabo, lapho uTeyankumi nempela wambulala uMoriyantoni futhi wayihlula impi yakhe, futhi wabathatha wababopha, futhi wabuyela enkanjini kaMoroni. Futhi yaphela ngalendlela iminyaka engamashumi amabili nane yokubusa kwabehluleli kubantu bakwaNefi.

36 Futhi babuyiselwa ngalendlela emuva abantu bakwaMoriyantoni. Futhi emva kwesivumelwano sabo sokugcina ukuthula babuyiselwa ezweni lakwaMoriyantoni, ubumbano lwenzeka phakathi kwabo kanye nabantu bakwaLehi; futhi baphinde babuyiselwa emazweni abo.

37 Futhi kwenzeka ukuthi ngawo lowo nyaka abantu bakwaNefi okwabuyiselwa ngawo ukuthula kubo, ukuthi uNefiha, umahluleli omkhulu wesibili, wafa, ekade ephethe isihlalo sokwahlulela ngobuqotho obukhulu phambi kukaNkulunkulu.

38 Nokho, wayenqabile ku-Alima ukuthi athathe imibhalo kanye nalezo zinto ezazaziswa ngu-Alima kanye noyise ukuthi zingezingcwele kakhulu; ngakho-ke u-Alima wazinikeza indodana yakhe, uHelamani.

39 Bheka, kwenzeka ukuthi indodana kaNefiha yabekwa ukuthi ithathe isihlalo sokwahlulela, esikhundleni sikayise; yebo, yabekwa ukuthi ibe wumahluleli omkhulu kanye nombusi wabantu, ngesifungo kanye nangesimiso esingcwele sokwahlulela ngokulunga, kanye nokugcina ukuthula kanye nenkululeko yabantu, kanye nokubanikeza amalungelo abo angcwele okukhonza iNkosi uNkulunkulu wabo, yebo, nokuthi isekele futhi igcine indlela kaNkulunkulu izinsuku zonke zayo, futhi ilethe ababi ukuthi bahlulelwe ngokwamacala abo.

40 Manje bheka, igama layo kwakunguPahorani. Futhi uPahorani nempela wasithatha isihlalo sikayise, futhi nempela waqala ukubusa kwakhe ekupheleni konyaka wamashumi amabili nane, kubantu baNefi.