ImiBhalo eNgcwele
Alima 47


Isahluko 47

U-Amalikiya usebenzisa inkohliso, ukubulala, kanye necebo eliyimfihlo ukuze abe yinkosi yamaLamani—Abahlubuki bamaNefi banobubi futhi banobudlova kakhulu kunamaLamani. Cishe ngonyaka wama 72 ngaphambi kokuzalwa kukaJesu Kristu.

1 Manje sizobuyela endabeni yethu ku-Amalikiya kanye nalabo aababaleka naye baya ehlane; ngokuba, bheka, wayethathe labo ababehambe naye, wakhuphukela bezweni lakwaNefi phakathi kwamaLamani, futhi nempela wawaphehla amaLamani ukuthi athukuthelele abantu baNefi, kangangoba inkosi yamaLamani yathumela isimemezelo kulo lonke izwe layo, phakathi kwabo bonke abantu bayo, ukuthi bahlangane ndawonye bahambe bayolwa namaNefi.

2 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi isimemezelo sesidluliselwe phambili phakathi kwabo besaba kakhulu; yebo, besaba ukungayithokozisi inkosi, futhi baphinde besaba ukuthi bayolwa namaNefi hleze balahlekelwe yizimpilo zabo. Futhi kwenzeka ukuthi babengafuni, noma inxenye enkulu yabo yayingafuni, ukulalela imiyalelo yenkosi.

3 Manje kwenzeka ukuthi inkosi yathukuthela ngenxa yokungalaleli kwabo; ngakho-ke yanika u-Amalikiya ubuholi kuleyo nxenye yebutho lakhe elaliyilalela imiyalelo yayo, futhi wamyala ukuthi ahambe ayobaphoqa ukuthi bahlome.

4 Manje bheka, lokhu kwakuyisifiso sika-Amalikiya; ngokuba wayeyindoda enobuqili obukhulu ekwenzeni ububi ngakho-ke walenza lelisu enhliziyweni yakhe lokuyikhipha esihlalweni sobukhosi inkosi yamaLamani.

5 Manje wayesethole ubuholi kulezo zinxenye zamaLamani ayeyisekela inkosi; futhi wazama ukuthi athole ukwemukelwa yilabo ababengalaleli; ngakho-ke wahamba waya endaweni eyayibizwa ngokuthi yi-aOnida, ngokuba yilapho kwakubalekele khona wonke amaLamani; ngokuba abona impi iza, futhi, ecabanga ukuthi yayizowabulala, ngakho-ke abalekela e-Onida, endaweni yezikhali.

6 Futhi abeka umuntu ukuthi abe yinkosi kanye nomholi wawo, egxilile emiqondweni yawo ngesinqumo esingaguquki sokuthi ayengenakuphoqelelwa ukuthi alwe namaNefi.

7 Futhi kwenzeka ukuthi abuthana ndawonye phezulu esicongweni sentaba eyayibizwa ngokuthi yi-Antipase, ukulungiselela impi.

8 Manje kwakungeyona inhloso ka-Amalikiya ukuthi alwe nawo njengokwemiyalelo yenkosi; kodwa bheka, kwakuyinhloso yakhe ukuthi athole ukwemukelwa ngamabutho amaLamani, ukuze azibeke ekhanda lawo futhi akhiphe inkosi esihlalweni sobukhosi bese ethatha umbuso.

9 Futhi bheka, kwenzeka ukuthi wenza amabutho akhe ukuthi agxumeke amatende awo esigodini esasiseduze nentaba i-Antipase.

10 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi sekuhlwile wathumela izithunywa ngasese ukuthi ziye entabeni i-Antipase, enesifiso sokuthi umholi walabo ababesentabeni, igama lakhe okwakunguLehonti, ehlele ezansi phansi kwentaba, ngokuba wayenesifiso sokukhuluma naye.

11 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi uLehonti ethola umyalezo akazange alokothe ahambe ehlele ezansi phansi kwentaba. Futhi kwenzeka ukuthi u-Amalikiya waphinda wathumela futhi okwesibili, enesifiso sokuthi ehle. Futhi kwenzeka ukuthi uLehonti akazange; futhi waphinda wathumela okwesithathu.

12 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi u-Amalikiya ethola ukuthi wayengakwazi ukuthola uLehonti ukuthi ehle entabeni, wakhuphukela entabeni, waya eduzane nenkambi kaLehonti; futhi waphinda wathumela okwesine umlayezo wakhe kuLehonti, enefiso sokuthi ehlele ezansi, futhi eze nabaqaphi bakhe.

13 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi uLehonti esehlele ezansi kanye nabaqaphi bakhe baya ku-Amalikiya, u-Amalikiya wayefisa ukuthi ehle namabutho akhe ngesikhathi sasebusuku, bese ezungeza lawo madoda ezinkanjini zawo inkosi eyayimnike ubuholi bawo, nokuthi yena uyobanika uLehonti, uma engamenza yena (u-Amalikiya) abe ngumholi wesibili phezu kwamabutho onke.

14 Futhi kwenzeka ukuthi uLehonti wehlela ezansi nabantu bakhe futhi babazungeza abantu ba-Amalikiya, ukuze kuthi ngaphambi kokuthi bavuke entathakusa yosuku babe sebezungezwe ngamabutho kaLehonti.

15 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi bebona ukuthi base bezungeziwe, bancenga u-Amalikiya ukuthi abavumele ukuthi bahlangane nabafowabo, ukuze bangabulawa. Manje lokhu kwakuyiyona kanye into u-Amalikiya ayeyifuna.

16 Futhi kwenzeka ukuthi wawanikela amadoda akhe, angokuphambene nomyalelo wenkosi. Manje lokhu kwakuyiyona into u-Amalikiya ayeyifisa, ukuze afeze amacebo akhe okukhipha inkosi esihlalweni sobukhosi.

17 Manje kwakuwusiko phakathi kwamaLamani, uma umholi wabo omkhulu ebulewe, kubekwe umholi wesibili abe ngumholi omkhulu.

18 Futhi kwenzeka ukuthi u-Amalikiya wenza ukuthi omunye wezinceku zakhe anikeze ubuthi kancane kancane kuLehonti, aze afe.

19 Manje, ngesikhathi uLehonti esefile, amaLamani abeka u-Amalikiya ukuthi abe ngumholi wawo kanye nomkhuzi wawo omkhulu.

20 Futhi kwenzeka ukuthi u-Amalikiya wahamba namabutho akhe (ngokuba wabe esezifezile izifiso zakhe) waya ezweni lakwaNefi, edolobheni lakwaNefi, okwakuyidolobha elikhulu.

21 Futhi inkosi yaphuma ukuyomhlangabeza kanye nabalindi bayo, ngokuba yona yayicabanga ukuthi u-Amalikiya wabe eseyifezile imiyalelo yayo, kanye nokuthi u-Amalikiya wabe eseyibuthele ndawonye impi enkulu kangaka ukuthi iyolwa namaNefi.

22 Kodwa bheka, ngesikhathi inkosi iphuma iyomhlangabeza u-Amalikiya wenza ukuthi izinceku zakhe zihambe phambili ziyoyihlangabeza inkosi. Futhi zahamba zakhothama phambi kwenkosi, sengathi ziyayihlonipha ngenxa yobukhulu bayo.

23 Futhi kwenzeka ukuthi inkosi yelula isandla sayo ukuthi ibaphakamise, njengoba kwakuwusiko lwamaLamani, njengophawu lokuthula, lolo siko ababeluthathe kumaNefi.

24 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi isimphakamisile owokuqala, bheka wayigwaza inkosi enhliziyweni; yawela phansi.

25 Manje izinceku zenkosi zabaleka; kwathi izinceku zika-Amalikiya zamemeza zikhala, zithi:

26 Bhekani, izinceku zenkosi ziyigwaze enhliziyweni, isiwile futhi sezibalekile; bhekani, wozani nizobona.

27 Futhi kwenzeka ukuthi u-Amalikiya wayala ukuthi amabutho akhe ahambe ayobona ukuthi kwenzekeni enkosini; futhi ngesikhathi sebefikile kuleyo ndawo, bayithola inkosi ilele emahluleni egazi layo, u-Amalikiya wenza sengathi uthukuthele, futhi wathi: Lowo oyithandayo inkosi, makaphumele obala, azixoshe izinceku zayo ukuze zibulawe.

28 Futhi kwenzeka ukuthi bonke labo ababeyithanda inkosi, ngesikhathi bezwa lamazwi, beza phambili futhi bazixosha izinceku zenkosi.

29 Manje ngesikhathi izinceku zenkosi zibona impi ilandela emva kwazo, zaba nokwesaba futhi, futhi zabalekela ehlane, zawelela ezweni lakwaZarahemla zayohlangana anabantu ba-Amoni.

30 Futhi kwathi impi leyo eyayikade izixosha yabuyela emuva, isizixoshe yehluleka; futhi ngaleyondlela u-Amalikiya, ngenkohliso yakhe, wazizuza izinhliziyo zabantu.

31 Futhi kwenzeka ukuthi ngakusasa wangena edolobheni lakwaNefi namabutho akhe, walithatha idolobha.

32 Manje kwenzeka ukuthi indlovukazi, ngesikhathi isizwile ukuthi inkosi ibulewe—ngokuba u-Amalikiya wayethumele isithunywa kuyo indlovukazi eyazisa ukuthi inkosi ibulewe yizinceku zayo, nokuthi uzixoshile ngempi yakhe, kodwa wehluleka, zibalekile—

33 Ngakho-ke, ngesikhathi indlovukazi isiwuzwile lombiko yathumela ku-Amalikiya, ifisa ukuthi abasindise abantu bedolobha; futhi phezu kwalokho yayifisa ukuthi eze kuyo; futhi phezu kwalokho yayifisa ukuthi afike nofakazi ukuthi bazofakaza mayelana nokufa kwenkosi.

34 Futhi kwenzeka ukuthi u-Amalikiya wathatha yona kanye leyo nceku eyayibulele inkosi, kanye nabo bonke labo ababenayo, bahamba baya kuyo indlovukazi, endaweni eyayihlezi kuyo; futhi bonke bafakaza kuyo ukuthi inkosi yayibulewe yizinceku zayo uqobo; futhi basho nokuthi: Zibalekile; ngabe lokhu akufakazi yini ngokumelene nazo na? Futhi ngalokho bayenelisa indlovukazi mayelana nokufa kwenkosi.

35 Futhi kwenzeka ukuthi u-Amalikiya wafuna ukuthandwa yindlovukazi, wayithatha wayenza umkakhe; futhi ngaleyondlela ngenkohliso yakhe, nangokusizwa yizinceku zakhe ezinobuqili, wawuthola umbuso; yebo, wemukelwa njengenkosi kulo lonke izwe, phakathi kwabo bonke abantu bamaLamani, aababexube amaLamani namaLemuweli ama-Ishmayeli, kanye nabo bonke abahlubuki bamaNefi, kusukela ekubuseni kukaNefi kwehla kuze kube yilesi sikhathi samanje.

36 Manje alabahlubuki, benemfundiso efanayo futhi benolwazi olufanayo lwamaNefi, yebo, futhi befundiswe bngolwazi olufanayo lweNkosi, nokho, kuyamangalisa ukusho, ukuthi kungekudala nje emva kokuhlubuka kwabo baba lukhuni kakhulu futhi cbangaba nakuphenduka, futhi baba yizinhlangunhlangu kakhulu, baba babi futhi baba nobudlova lakhulu kunamaLamani—bephuza ndawonye emasikweni amaLamani; bevumela ubuvila, kanye nazo zonke izinhlobo zezinengiso; yebo, bakhohlwa nya yiNkosi uNkulunkulu wabo.