ImiBhalo eNgcwele
Alima 55


Isahluko 55

UMoroni uyenqaba ukushintshana ngeziboshwa—Abalindi bamaLamani bayengwa ngokuthi badakwe, futhi iziboshwa zamaNefi ziyakhululwa—Idolobha lakwaGide lithathwa ngaphandle kokuchitha igazi. Cishe ngonyaka wama 63 kuya kowama 62 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi uMoroni esethole lencwadi wathukuthela kakhulu, ngoba wayazi ukuthi u-Amoroni wayenolwazi oluphelele angenkohliso yakhe; yebo, wayazi ukuthi u-Amoroni wayazi ukuthi kwakungesona isizathu esilungile esasimenze aqhube impi ngokumelene nabantu baNefi.

2 Futhi wathi: Bheka, ngeke ngishintshane ngeziboshwa no-Amoroni ngaphandle kokuthi ahoxise lenhloso yakhe, njengoba ngichazile encwadini yami; ngokuba ngeke ngivume ukuthi abe namanye amandla ngaphezulu kwalawa anawo.

3 Bheka, ngiyayazi indawo lapho amaLamani eqaphe khona abantu bami ababathathile babenza iziboshwa; futhi njengoba u-Amoroni engezukungivumela ngokwencwadi yami, bheka, ngizokwenza kuye njengokwamazwi ami; yebo, ngizofuna ukufa phakathi kwabo baze bacele uxolo.

4 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi uMoroni esewashilo lamazwi, wenza ukuthi kwenziwe uphenyo phakathi kwamadoda akhe, ukuze mhlawumbe athole indoda eyayiwuzalo lukaLamani phakathi kwabo.

5 Futhi kwenzeka ukuthi bamthola oyedwa, igama lakhe okwakunguLamani; futhi awayengomunye wezinceku zenkosi eyayibulewe ngu-Amalikiya.

6 Manje uMoroni wenza ukuthi uLamani kanye nedlanzana elincane lamadoda akhe bahambe baye kubaqaphi ababeqaphe amaNefi.

7 Manje amaNefi ayeqashelwe edolobheni lakwaGide; ngakho-ke uMoroni wabeka uLamani futhi wenza ukuthi idlanzana elincane lamadoda lihambe naye.

8 Futhi ngesikhathi sekuhlwile uLamani waya kubaqaphi ababeqaphe amaNefi, futhi bheka, bambona eza bambingelela, kodwa wathi kubo: Ningesabi; bhekani, ngingumLamani. Bhekani, seqile kumaNefi, futhi alele; bhekani sithathe iwayini labo seza nalo.

9 Manje ngesikhathi amaLamani ezwa la mazwi amemukela ngenjabulo; athi kuye: Sinikeni iwayini lenu, ukuze siphuze; siyathokoza ukuthi niphathe iwayini ngokuba sikhathele.

10 Kodwa uLamani wathi kubo: Masiligcine elinye iwayini lethu size siyolwa namaNefi. Kodwa le nkulumo yabenza ukuthi bafise kakhulu ukuliphuza iwayini;

11 Ngokuba, bathi: Sikhathele, ngakho-ke masiliphuze leliwayini, futhi sekuyothi emva kwesikhashana nje bese sisithola isabelo sewayini lethu, eseliyosiqinisa ukuze siyolwa namaNefi.

12 Futhi uLamani wathi kubo: Ningenza njengokwezifiso zenu.

13 Futhi kwenzeka ukuthi nempela baliphuza iwayini ngokukhululeka; futhi lalinambitheka kamnandi, ngakho-ke baliphuza ngokukhululeka okukhulu; futhi lalinamandla, kade lilungiselwe ukuthi libe namandla.

14 Futhi kwenzeka ukuthi baliphuza bathokoza, kwathi emva kwesi khashana nje base bedakwe bonke.

15 Manje ngesikhathi uLamani kanye nabantu bakhe bebona ukuthi bonke base bedakiwe, futhi sebesebuthongweni obujulile, babuyela kuMoroni bayomtshela zonke izinto ezazenzekile.

16 Manje lokhu kwenzeka njengecebo likaMoroni. Futhi uMoroni wayesewalungiselele amadoda akhe ngezikhali zempi; futhi wahamba waya edolobheni iGide, ngesikhathi amaLamani esebuthongweni obujulile futhi edakiwe, wafike waphonsa izikhali zempi eziboshweni, kangangokuthi zonke zahloma;

17 Yebo, ngisho nabesifazane babo, kanye nabo bonke abantwana babo, ngobuningi balabo ababengakwazi ukusebenzisa izikhali zempi, ngesikhathi uMoroni ehlomisa zonke lezo ziboshwa; zonke lezo zinto zenziwa ngokuthula okukhulu.

18 Kodwa ukuba babewavusile amaLamani, bheka ayedakiwe futhi amaNefi ayengawabulala.

19 Kodwa bheka, lokhu kwakungesona isifiso sikaMoroni; wayengakuthokozeli ukubulala noma aukuchitha igazi, kodwa wayethokozela ukusindisa abantu bakhe ekonakalisweni; futhi ngalesi sizathu wayengenakuletha kuye ukwahlulelwa ngokungalungi, wayengenakuwela phezu kwamaLamani awabulale edakiwe.

20 Kodwa wayesezifezile izifiso zakhe; ngokuba wayesezihlomisile lezo ziboshwa zamaNefi ezazingaphakathi kwezindonga zedolobha, futhi wayesezinike amandla okuthatha lezo zinxenye ezazingaphakathi kwezindonga.

21 Futhi emva kwalokho wenza ukuthi lawo madoda ayenawo ahlehle ibangana phakathi kwabo, bese ezungeza amabutho amaLamani.

22 Manje bheka lokhu kwenzeka ngesikhathi sasebusuku, kangangokuthi ngesikhathi amaLamani evuka ekuseni abona ukuthi ayesezungezwe ngamaNefi ngaphandle, futhi iziboshwa zawo zase zihlomile ngaphakathi.

23 Futhi ngalendlela abona ukuthi amaNefi ayesenamandla phezu kwawo; futhi kulezizimo athola ukuthi kwakungasadingekile ukuthi alwe namaNefi; ngakho-ke izinduna zawo ezinkulu zafuna izikhali zabo zempi, futhi zaziletha phambili zaziphonsa phansi ezinyaweni zamaNefi, zizicelela umusa.

24 Manje bheka, lokhu kwakuyisifiso sikaMoroni. Wawathatha wawenza iziboshwa zempi, futhi walithatha idolobha, wenza ukuthi zonke iziboshwa zikhululwe, ezazingamaNefi; futhi nempela zahlangana nebutho likaMoroni, futhi zafaka amandla amakhulu ebuthweni lakhe.

25 Futhi kwenzeka ukuthi wenza ukuthi amaLamani, ayewabophile, ukuthi aqale aumsebenzi wokuqinisa izinqaba ndawo zonke nedolobha iGide.

26 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi eseliqinisile idolobha iGide, njengokwezifiso zakhe, wenza ukuthi iziboshwa zakhe zithathwe ziyiswe edolobheni iNala; futhi phezu kwalokho waliqapha lelo dolobha ngebutho elinamandla amakhulu.

27 Futhi kwenzeka ukuthi, naphezu kwawo wonke amacebo angasese amaLamani, azigcina futhi azivikela zonke iziboshwa ayezithathile, futhi phezu kwalokho awugcina wonke umhlaba kanye nalezo zindawo ayesebuye azithatha.

28 Futhi kwenzeka ukuthi amaNefi aqala ukunqoba futhi, aphinda afuna amalungelo kanye namathuba awo.

29 Izikhathi eziningi amaLamani azama ukubazungeza ebusuku, kodwa kulemizamo alahlekelwa yiziboshwa eziningi.

30 Futhi izikhathi eziningi azama ukunikeza elinye lamawayini abo kumaNefi, ukuze bawabulale ngobuthi noma ngokuwadakisa.

31 Kodwa bheka, amaNefi ayengaphuzi aukuyikhumbula iNkosi uNkulunkulu wawo kulesi sikhathi sawo sokuhlupheka. Ayengenakuzifaka ogibeni; yebo, awaliphuzanga iwayini lawo, ngaphandle kokuthi kuqala balinikeze ezinye zeziboshwa zamaLamani.

32 Futhi ngalendlela babeqaphele ukuthi kungabibikho buthi abangafakelwa bona; ngokuba uma iwayini labo lalingaba nobuthi kumLamani lalingaba nobuthi futhi nakumNefi; futhi babuhlola ngalendlela bonke utshwala bawo.

33 Manje kwenzeka ukuthi kwaba nesidingo sokuthi uMoroni enze amalungiselelo okuhlasela idolobha iMoriyantoni; ngokuba bheka, amaLamani, ngokwemisebenzi yawo, ayeseliqinisile idolobha iMoriyantoni laze laba yinqaba eqine kakhulu.

34 Futhi ayeqhubeka nokuletha amabutho amasha kulelo dolobha, futhi kanjalo nezabelo ezintsha sokudla.

35 Futhi waphela kanjalo-ke unyaka wamashumi amabili nesishiyagalolunye wokubusa kwabehluleli kubantu baNefi.