ImiBhalo eNgcwele
Alima 54


Isahluko 54

U-Amoroni kanye noMoroni baxoxisana ngokushintshana ngeziboshwa—UMoroni ufuna ukuthi amaLamani ahoxise futhi ayeke ukuhlasela kwawo ngokubulala—U-Amoroni ufuna ukuthi amaNefi abeke phansi izikhali zawo futhi abe ngaphansi kwamaLamani. Cishe ngonyaka wama 63 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwenzeka ekuqaleni konyaka wamashumi amabili nesishiyagalolunye wabehluleli, ukuthi u-aAmoroni wathumela kuMoroni efisa ukuthi bashintshane ngeziboshwa.

2 Futhi kwenzeka ukuthi uMoroni wazizwa enokujabula okukhulu ngalesi sicelo, ngokuba wayekufuna ukudla okwakunikezwe ukuba kondliwe iziboshwa zamaLamani ukuthi kondle abantu bakhe; futhi phezu kwalokho wayebafuna abantu bakhe ukuze baqinise ibutho lakhe.

3 Manje amaLamani ayethathe abesifazane abaningi kanye nabantwana, futhi kwakungekho namunye owesifazane noma ingane phakathi kwazo zonke iziboshwa zikaMoroni, noma iziboshwa uMoroni ayezithathile; ngakho-ke uMoroni wasungula isu lokuthi athole iziboshwa zamaNefi eziningi kumaLamani kangangoba kwakungenzeka.

4 Ngakho-ke wabhala incwadi, futhi wayithumela ngenceku ka-Amoroni, yona kanye leyo eyayilethe incwadi kuMoroni. Manje lawa ngamazwi awabhalela u-Amoroni, ethi:

5 Bheka, Amoroni, ngikubhalele ngokuthize mayelana nalempi eniyiqhubayo ngokumelene nabantu bami, noma-ke aumfowenu ebelokhu eyiqhubile ngokumelene nabo, futhi enisazimisele namanje ukuthi niyiqhube emva kokufa kwakhe.

6 Bheka, ngizokutshela okuthile mayelana anokulunga kukaNkulunkulu, kanye nenkemba yentukuthelo yakhe enamandla onke, elengela kini ngaphandle kokuthi niphenduke futhi nibuyisele amabutho enu emazweni enu, noma ezweni okungelenu, okuyizwe lakwaNefi.

7 Yebo, bengizokutshela lezi zinto ukuba ubukwazi ukuzilalela; yebo, bengizokutshela mayelana naleso asihogo esibi esilindele ukwamukela bababulali abanjengawe kanye nomfowenu, ngaphandle kokuthi niphenduke futhi nihoxise izinhloso zenu zokubulala, futhi nibuyele namabutho enu emazweni enu.

8 Kodwa njengoba nake nazenqaba lezi zinto, futhi nalwa nabantu beNkosi, ngisho kanjalo-ke ngingalindela ukuthi nizokwenza lokho futhi.

9 Manje bheka, sikulungele ukuhlangana nani; yebo, futhi ngaphandle kokuthi nihoxise izinhloso zenu, bhekani, nizodonsela phansi intukuthelo yalowo Nkulunkulu enimenqabile, phezu kwenu, ngisho kuze kube sekubhujisweni kwenu nonke.

10 Kodwa, njengoba iNkosi iphila, amabutho ethu azokuza kini ngaphandle kokuthi nihoxe, futhi ngokushesha nizovakashelwa ngokufa, ngokuba sizowagcina amadolobha ethu kanye namazwe ethu; yebo, futhi sizoyigcina inkolo yethu kanye nendlela kaNkulunkulu wethu.

11 Kodwa bheka, kuyangicacela ukuthi ngikhuluma kuwe mayelana nalezi zinto ngeze; noma kuyangicacela ukuthi aungumntwana wesihogo; ngakho-ke ngizoyivala incwadi yami ngokukutshela ukuthi angizukushintshana ngeziboshwa, ngaphandle kombandela wokuthi uzokhulula indoda kanye nomkayo kanye nabantwana bayo, ngesiboshwa esisodwa; uma uzokwenza lokhu, ngizoshintshana nawe.

12 Futhi bheka, uma ningenakukwenza lokhu, ngizokuza kini namabutho ami, yebo, ngizohlomisa ngisho nabesifazane bami kanye nezingane zami, futhi ngizokuza ngilwe nani, futhi ngizonilandela ngisho nasezweni lenu, okuyizwe aeliyifa lethu lokuqala; yebo, futhi kuyoba yigazi ngegazi, yebo, impilo ngempilo; futhi ngizolwa nawe ngisho kuze kube uyabulawa ususwe ebusweni bomhlaba.

13 Bheka, ngithukuthele, futhi kanjalo nabantu bami; nifune ukusibulala, kepha thina sifune ukuzivikela kuphela. Kodwa bhekani, uma nifuna ukusibulala ngaphezu kwalokhu nathi sizofuna ukunibulala; yebo, futhi sizolifuna izwe lethu, izwe eliyifa lethu lokuqala.

14 Manje ngiyayivala incwadi yami. NginguMoroni; ngingumholi wabantu bamaNefi.

15 Manje kwenzeka ukuthi u-Amoroni, ngesikhathi eseyitholile lencwadi, wathukuthela; futhi wabhala enye incwadi eya kuMoroni, futhi lawa ngamazwi awabhala, ethi:

16 Ngingu-Amoroni, inkosi yamaLamani; ngingumfowabo ka-Amalikiya aenambulala. Bheka, ngizoliphindiselela igazi lakhe kini, yebo, futhi ngizokuza kini namabutho ami ngokuba angizesabi izinsongo zakho.

17 Ngokuba bheka, oyihlo bona abafowabo, kangangokuthi babaqhwanga ailungelo labo lokubusa ekubeni ngokomthetho okwakungelabo.

18 Manje bheka, uma ningabeka phansi izikhali zenu, bese niziletha ngaphansi kwalabo umbuso okungowabo ngokomthetho, uma kunjalo ngizokwenza ukuthi abantu bami babeke phansi izikhali zabo futhi bangabe besalwa nanini.

19 Bheka, ukhulume izinsongo eziningi kimi kanye nakubantu bami; kodwa bheka, asizesabi izinsongo zakho.

20 Noma kunjalo, ngizovuma ukuthi sitshintshane ngeziboshwa njengokwesicelo sakho, ngokuthokoza, ukuze ngigcinele abantu bami bempi ukudla; futhi sizoqhuba impi engeyikuphela, ukuze silethe amaNefi ngaphansi kwethu noma ashabalale nya.

21 Futhi mayelana nalowo Nkulunkulu othi simenqabile, bheka, asazi lutho ngalowo muntu; ngisho nani imbala; kodwa uma kungenzeka ukuthi kukhona umuntu onjalo, asazi lutho kodwa kungenzeka ukuthi usenzile thina nani.

22 Futhi uma kungenzeka ukuthi ukhona udeveli kanye nesihogo, bheka akanakunithumela yini lapho ukuthi niyohlala kanye nomfowethu enambulala, ophawule ngaye ukuthi uye endaweni enjalo na? Kodwa bheka lezi zinto azinamsebenzi.

23 Ngingu-Amoroni, futhi ngingowozalo luka aZoramu, oyihlo abamphoqa futhi bamkhipha ezweni laseJeruselema.

24 Futhi bheka manje, ngingumLamani onesibindi; bheka, lempi iqhutshelwa ukuthi iphindiselele ukoniwa kwabo, nokugcina futhi ibuyisele amalungelo abo ukuthi babuse, futhi ngiyayivala lencwadi yami eya kuMoroni.