ImiBhalo eNgcwele
Alima 45


Indaba yabantu baNefi, kanye nezimpi kanye nokungezwani kwabo, ngezinsuku zikaHelamani, ngokombhalo kaHelamani, awugcina ezinsukwini zakhe.

Itholakala ezahlukweni 45 kuya ku 62.

Isahluko 45

UHelamani uyawakholwa amazwi ka-Alima—U-Alima uphrofetha ngokonakala kwamaNefi—Uyalibusisa futhi uyaliqalekisa izwe—U-Alima kungenzeka ukuthi wathathwa nguMoya wenyuka, ngisho njengoMose—Ukungezwani kuyanda eBandleni. Cishe ngonyaka wama 73 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Bheka, manje kwenzeka ukuthi abantu baNefi babejabule kakhulu, ngoba iNkosi yayiphinde yabakhipha futhi ezandleni zezitha zabo; ngakho-ke bayibonga iNkosi uNkulunkulu wabo; yebo, futhi abazila kakhulu, bakhuleka kakhulu, futhi bamkhonza uNkulunkulu ngenjabulo enkulu kakhulu.

2 Futhi kwenzeka ngonyaka weshumi nesishiyagalolunye wokubusa kwabehluleli phezu kwabantu baNefi, ukuthi u-Alima weza endodaneni yakhe uHelamani wathi kuyo: Uyawakholwa yini amazwi engiwakhulume kuwe mayelana analeyomibhalo egciniwe na?

3 UHelamani wathi kuye: Yebo, ngiyawakholwa.

4 U-Alima waphinda wathi: Uyakholwa yini kuJesu Kristu, ozoza na?

5 Yena wathi: Yebo, ngiyawakholwa wonke amazwi owakhulumile.

6 U-Alima waphinda wathi kuye: aUzoyigcina yini imiyalelo yami na?

7 Yena wathi: Yebo, ngizoyigcina imiyalelo yakho ngayo yonke inhliziyo yami.

8 Emva kwalokho u-Alima wathi kuye: Ubusisiwe; futhi iNkosi aizokuphumelelisa kulelizwe.

9 Kodwa bheka, nginokuthile engizoku aphrofetha kuwe; kodwa lokho engikuphrofetha kuwe ungakwembuli; yebo, lokhu engikuphrofetha kuwe akuyikwambulwa, ngisho kuze kube isiphrofetho siyagcwaliseka; ngakho-ke bhala lamazwi engizowakhuluma.

10 Futhi nanka amazwi: Bheka, ngiyabona ukuthi bona kanye labantu, amaNefi, ngokomoya wokwambulelwa okimi, aeminyakeni engamakhulu amane kusukela ngaleso sikhathi uJesu Kristu ayoziveza ngaso kubo, bbayoncishelwa wukukholwa.

11 Yebo, futhi ngaleso sikhathi bayobona izimpi kanye nomashayabhuqe bezifo, yebo, indlala kanye nokuchitheka kwegazi, ngisho kuze kube abantu baNefi abayaphela nya—

12 Yebo, futhi lokhu ngenxa yokuthi bayoncishelwa wukukholwa futhi bawele emisebenzini yobumnyama, kanye anasezinengisweni kanye nakuzo zonke izinhlobo zobubi; yebo, ngithi kuwe, ngenxa yokuthi bayokona sebe nokukhanya okukhulu kangaka kanye nolwazi olungaka, yebo, ngithi kuwe, kusukela ngalolo suku, ngisho nesizukulwane sesine asiyikudlula sonke ngaphambi kokuthi lobu bubi obukhulu bufike.

13 Futhi ngesikhathi lolo suku olukhulu lufika, bheka, isikhathi siyobe sesiseduze ukuthi labo manje, noma inzalo yalabo manje ababalwa phakathi kwenzalo yabantu baNefi, aabaseyikubalwa phakathi kwabantu baNefi.

14 Kodwa lowo oyosala, futhi angabulawa ngalolo suku olukhulu nolwesabekayo, auyobalwa phakathi kwamaLamani, futhi uyokuba njengawo, bonke, ngaphandle nje kwabambalwa abayobizwa ngabafundi beNkosi; futhi amaLamani ayobazingela ngisho bbaze baphele nya. Manje, ngenxa yobubi, lesisiphrofetho siyogcwaliseka.

15 Manje kwenzeka ukuthi emva kokuthi u-Alima esezishilo lezi zinto kuHelamani, wambusisa, futhi ngokunjalo namanye amadodana akhe; futhi phezu kwalokho wawubusisa umhlaba angenxa yabalungileyo.

16 Futhi wathi: Isho kanje iNkosi uNkulunkulu—aLiyoqalekiswa izwe, yebo, lelizwe, liqalekiselwe zonke izizwe, imindeni, izilimi, kanye nabantu, okuyobangela imbubhiso, yabenza ububi, uma sebevuthwe ngokuphelele; futhi njengoba sengishilo kuyoba njalo; ngokuba lesi yisiqalekiso kanye bnesibusiso sikaNkulunkulu phezu kwalelizwe, ngokuba iNkosi ayinakusibuka isono cisivumele ngisho nakancane.

17 Manje, ngesikhathi u-Alima esewashilo lamazwi walibusisa aibandla, yebo, bonke labo ababezokuma baqine okholweni kusukela ngaleso sikhathi kuya phambili.

18 Futhi ngesikhathi u-Alima esekwenzile lokhu wemuka waphuma ezweni lakwaZarahemla, kwaba sengathi uya ezweni lakwaMeleki. Futhi kwenzeka ukuthi akuphindanga kuzwakale lutho ngaye; mayelana nokufa kwakhe noma ukungcwatshwa kwakhe asikwazi.

19 Bheka, yilokhu esikwaziyo, ukuthi wayeyindoda elungile; futhi amahemuhemu agcwala izwe lonke ebandleni ukuthi wathathwa nguMoya wenyuka, noma awangcwatshwa ngesandla seNkosi, ngisho njengoMose. Kodwa bheka, imibhalo engcwele ithi iNkosi yamthatha uMose yamletha kuyo; futhi siyacabanga ukuthi ngokunjalo isimemukele no-Alima emoyeni, yamletha kuyo; ngakho-ke, ngenxa yalesi sizathu asazi lutho mayelana nokufa kanye nokungcwatsha kwakhe.

20 Manje kwenzeka ekuqaleni konyaka weshumi nesishiyagalolunye wokubusa kwabehluleli phezu kwabantu baNefi, ukuthi uHelamani wahamba ngaphakathi kwabantu ukuze amemezele izwi kubo.

21 Ngokuba bheka, ngenxa yezimpi zabo namaLamani kanye nokungezwani okuningi okungasho lutho kanye nokuphazamiseka okwakuphakathi kwabantu, kwabonakala kufanelekile ukuthi aizwi likaNkulunkulu limenyezelwe phakathi kwabo, yebo, futhi nokuthi kulungiswe ibandla lonke.

22 Ngakho-ke, uHelamani kanye nabafowabo baqhubeka nokumisa ibandla ezweni lonke, yebo, kuwo wonke amadolobha ezweni lonke okwakungelabantu baNefi. Futhi kwenzeka ukuthi babeka abaphristi kanye nabafundisi kulo lonke izwe, phezu kwawo wonke amabandla.

23 Manje kwenzeka ukuthi emva kokuthi uHelamani kanye nabafowabo sebebeke abaphristi kanye nabafundisi emabandleni kwavuka aukungezwani phakathi kwabo, futhi abafunanga ukulalela amazwi kaHelamani kanye nabafowabo;

24 Kodwa bakhula ekuziqhenyeni, bephakeme ezinhliziyweni zabo, ngenxa ayengcebo yabo eningi kakhulu; ngakho-ke bakhula banotha bemehlweni abo, futhi abafunanga ukulalela amazwi abo, ukuthi bahambe ngobuqotho phambi kukaNkulunkulu.