ImiBhalo eNgcwele
Alima 4


Isahluko 4

U-Alima ubhabhadisa izinkulungwane zabaphendukayo—Ububi bungena eBandleni, futhi inqubekela phambili yeBandla iyavimbeleka—UNefiha ubekwa ukuthi abe ngumahluleli omkhulu—U-Alima, njengomphristi omkhulu, uzinikela ebufundisini. Cishe ngonyaka wama 86 kuya kowama 83 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwenzeka ngonyaka wesithupha wokubusa kwabehluleli phezu kwabantu baNefi, akuzange kube khona mibango nazimpi aezweni lakwaZarahemla;

2 Kodwa abantu babekhathazekile, yebo, bekhathazeke kakhulu ngenxa ayokulahlekelwa ngabafowabo, futhi ngokunjalo nangenxa yokulahlekelwa yimihlambi yezimvu kanye nemihlambi yezinkomo zabo, futhi ngokunjalo nangenxa yokulahlekelwa ngamasimu okusanhlamvu abo, ayenyathelwe ngezinyawo onakaliswa ngamaLamani.

3 Futhi zazizinkulu kakhulu izinkathazo zabo kangangokuthi yonke imiphefumulo yayinesizathu sokukhala; futhi babekholelwa ukuthi kwakuyizahlulelo zikaNkulunkulu ezazithunyelwe kubo ngenxa yenkohlakalo yabo kanye nezinengiso zabo; ngalokho-ke bavuselwa ekukhumbuleni umsebenzi wabo.

4 Futhi baqala ukumisa ibandla ngokugcwele; yebo, futhi abaningi ababhabhadiswa emanzini aseSidoni futhi bahlanganiswa nebandla likaNkulunkulu; yebo, babhabhadiswa ngesandla sika-Alima, owayegcotshwe ukuthi abe bngumphristi omkhulu kubantu bebandla, ngesandla sikayise u-Alima.

5 Futhi kwenzeka ngonyaka wesikhombisa wokubusa kwabehluleli kwabakhona cishe abantu abayizinkulungwane ezintathu namakhulu amahlanu abazihlanganisa anebandla likaNkulunkulu futhi babhabhadiswa. Futhi waphela ngalendlela unyaka wesikhombisa wokubusa kwabehluleli phezu kwabantu baNefi; futhi kwaba khona ukuthula njalo ngaso sonke leso sikhathi.

6 Futhi kwenzeka ngonyaka wesishiyagalombili wokubusa kwabehluleli, ukuthi abantu bebandla baqala baba nokuziqhenya, ngenxa ayengcebo yabo eningi, kanye bnosilika wabo ocolekile, nelineni yabo elukiwe ecolekileyo, futhi nangenxa yemihlambi yabo yezimvu kanye nemihlambi yabo yezinkomo eminingi, negolide labo, nesiliva labo, kanye nazo zonke izinto eziyigugu, ababezithole ngokusebenza kwabo; futhi kuzo zonke lezi zinto baphakama ngenxa yokuzibona kwabo, ngokuba baqala ukugqoka izingubo ezibizayo.

7 Manje lokhu kwakuyisizathu sokukhathazeka okukhulu kuka-Alima, yebo, futhi nakwabaningi abantu u-Alima aayebagcobe ukuthi babe ngabafundisi, nabaphristi, kanye namagosa ebandleni; yebo, abaningi babo babedabuke kakhulu ngenxa yobubi ababebubona ukuthi basebuqale ukuba khona phakathi kwabantu.

8 Ngokuba babona futhi babuka ngosizi olukhulu ukuthi abantu bebandla baqala ukuthi abaphakame ngenxa yokuzibona kwabo, kanye nokuthi babeke izinhliziyo zabo engcebweni kanye nasezintweni eziyize zezwe, futhi nokuthi baqala ukuthi babe nokwedelela, omunye komunye, futhi baqala ukuthi bahluphe labo bababengakholwa njengokwentando nangokwesifiso sabo.

9 Futhi ngenxa yalokho, ngalonyaka wesishiyagalombili wokubusa kwabehluleli, kwaqala ukuthi kube khona aimibango emikhulu phakathi kwabantu bebandla; yebo, kwabakhona bumhawu, nokuphikisana, nenzondo, nokuhluphana, kanye nokuziqhenya, ngisho okudlula ukuzikhukhumeza kwalabo okwakungebona abebandla likaNkulunkulu.

10 Futhi yaphela kanjalo-ke iminyaka eyisishiyagalombili yokubusa kwabehluleli; futhi ububi bebandla babuyisikhubekiso esikhulu kulabo okwakungebona bebandla; futhi ngalendlela ibandla laqala ukwehluleka enqubekeleni yalo phambili.

11 Futhi kwenzeka ukuthi ekuqaleni konyaka wesishiyagalolunye, u-Alima wabubona ububi bebandla, futhi waphinde wabona ukuthi aisibonelo sebandla saqala ukuthi siholele labo ababengakholwa kusuka ebubini obuthize kuya kobunye ububi, ngalendlela beletha ukonakala kwabantu.

12 Yebo, wabona ukungalingani okukhulu phakathi kwabantu, abanye beziphakamisa ngokuziqhenya kwabo, bebukela phansi abanye, befulathela aabadingayo nabanqunu nalabo bababelambile, nalabo ababomile, kanye nalabo ababegula futhi behluphekile.

13 Manje lokhu kwakuyisizathu esikhulu sezililo phakathi kwabantu, abanye bezehlisa, besiza labo ababemi bedinga ukusizwa yibo, anjengokunika lokho abanakho kwabampofu kanye nabadingayo, bepha abalambile, futhi bebekezelela zonke izinhlobo bzezinkathazo, cngenxa kaKristu, okufanele eze njengokomoya wesiphrofetho;

14 Bebheke phambili kulolo suku, ngaleyo ndlela abegcina ukuthethelelwa kwezono zabo; begcwaliswe bngenjabulo enkulu ngenxa yokuvuka kwabafileyo, ngokwentando kanye namandla kanye nokukhululwa kukaJesu Kristu ezibophweni zokufa.

15 Manje kwenzeka ukuthi u-Alima, esezibonile izinkathazo zabalandeli baNkulunkulu abathobekile, kanye nokuhlushwa okwakubekwe phezu kwabo yinsalela yabantu bakhe, futhi ebona konke aukungalingani kwabo, waqala ukuba nosizi olukhulu; nokho uMoya weNkosi awumshiyanga.

16 Futhi wakhetha indoda ehlakaniphile eyayiphakathi kwamagosa ebandla, wayinika amandla anjengokwezwi labantu, ukuthi ibe namandla okuthi ishaye bimithetho ngokwemithetho eyayinikeziwe, futhi nokuthi iyisebenzise ngokobubi kanye namacala abantu.

17 Manje igama lalendoda kwakunguNefiha, futhi yakhethwa ukuthi ibe angumahluleli omkhulu; futhi yahlala esihlalweni sokwahlulela ukuthi ihlulele futhi iphathe abantu.

18 Manje u-Alima akayinikezanga isikhundla sokuthi ibe ngumphristi omkhulu phezu kwebandla, kodwa wasigcina kuye lesi sikhundla sokuba ngumphristi omkhulu; kodwa isihlalo sokwahlulela wasinikezela kuNefiha.

19 Futhi lokhu wakwenza ukuze ayena uqobo ahambe phakathi kwabantu bakhe, noma phakathi kwabantu baNefi, ukuze ashumayele bizwi likaNkulunkulu kubo, ukuze cabaphehle ukuthi dbakhumbule umsebenzi wabo, futhi nokuthi akudonsele phansi, ngezwi likaNkulunkulu, konke ukuzikhukhumeza nobuqili kanye nayo yonke imibango eyayiphakathi kwabantu bakhe, engayiboni enye indlela yokuthi ababuyise ngaphandle kokuthi abacindezele ngokunikeza eubufakazi obumsulwa ngokumelene nabo.

20 Futhi ngenxa yalokho ekuqaleni konyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwabehluleli phezu kwabantu baNefi, u-Alima wanika isihlalo sokwahlulela ku aNefiha, futhi yena wazinikela ngokuphelele bebuphristini obukhulu bohlelo olungcwele lukaNkulunkulu, ngokufakaza ngezwi, ngokomoya wokwambulelwa kanye nowokuphrofetha.