ImiBhalo eNgcwele
Alima 51


Isahluko 51

Abantu benkosi bafuna ukushintsha umthetho futhi babeke inkosi—UPahorani kanye nabantu abathanda inkululeko basekelwa yizwi labantu—UMoroni uphoqa abantu benkosi ukuthi bavikele izwe labo noma babulawe—U-Amalikiya kanye namaLamani bathumba amaningi amadolobha aqinisiwe—UTeyankumi ududula uhlaselo lwamaLamani futhi ubulala u-Amalikiya esetendeni lakhe. Cishe ngonyaka wama 67 kuya kowama 66 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwenzeka ekuqaleni konyaka wamashumi amabili nanhlanu wokubusa kwabehluleli kubantu bakwaNefi, sebemise ukuthula phakathi kwabantu baLehi kanye nabantu baMoriyantoni mayelana namazwe abo, futhi sebeqale unyaka wamashumi amabili nanhlanu ngokuthula;

2 Nokho, abakugcinanga isikhathi eside ukuthula okuphelele ezweni, ngokuba kwaqala ukuthi kube khona umbango phakathi kwabantu mayelana nomahluleli omkhulu uPahorani; ngokuba bheka, kwakukhona inxenye yabantu ababenesifiso sokuthi izigaba ezithile ezimbalwa zomthetho kumele ziguqulwe.

3 Kodwa bheka, uPahorani akazange afune noma avume ukuthi umthetho uguqulwe; ngakho-ke, akazange abalalele labo ababethumele amazwi abo nezicelo mayelana nokuguqulwa komthetho.

4 Ngakho-ke, labo ababenesifiso sokuthi umthetho uguqulwe bamthukuthelela, futhi bafisa ukuthi angabe esaba umahluleli omkhulu ezweni; ngakho-ke kwaqubuka impikiswano eshisayo mayelana naloludaba, kodwa akubanga khona ukuchitheka kwegazi.

5 Futhi kwenzeka ukuthi labo ababenesifiso sokuthi uPahorani asuswe esihlalweni sokwahlulela babebizwa ngokuthi ngabantu benkosi, ngokuba babefisa ukuthi umthetho uguqulwe ngendlela yokuthi baketule umkhandlu ophetheyo okhululekile futhi bese bebeka inkosi ezweni.

6 Futhi labo ababenesifiso sokuthi uPahorani ahlale ewumahluleli omkhulu ezweni bazithathela igama elithi ngabantu abathanda inkululeko; futhi ngalendlela kwaba khona uqhekeko phakathi kwabo, ngokuba abantu abathanda inkululeko babefungile noma babenze isivumelwano sokuthi bagcine amalungelo abo kanye nenzuzo yenkolo yabo ngomkhandlu ophetheyo okhululekile.

7 Futhi kwenzeka ukuthi loludaba lombango wabo lwaxazululwa ngezwi labantu. Futhi kwenzeka ukuthi izwi labantu lavumelana nabantu abathanda inkululeko, futhi uPahorani wasigcina isihlalo sokwahlulela, lokho okwaletha injabulo enkulu phakathi kwabafowabo baPahorani futhi ngokunjalo nabaningi babantu abathanda inkululeko, futhi ababathulisa abantu benkosi, kangangoba ababange besalokotha nakancane bayiphikise kodwa baphoqeleka ukuthi bayigcine indlela yenkululeko.

8 Manje labo ababevumelana namakhosi kwakuyilabo aababengabasemakhosini ohlanga, futhi babefuna ukuthi babe ngamakhosi; futhi babesekelwa yilabo ababefuna amandla kanye negunya phezu kwabantu.

9 Kodwa bheka, lesi kwakuyisikhathi esibucayi sokuthi kube khona imibango enjena phakathi kwabantu baNefi; ngokuba bheka, u-Amalikiya wayesephindile futhi waphehla izinhliziyo zabantu bamaLamani ngokumelene nabantu bamaNefi, futhi wayeseqoqela ndawonye amabutho kuzo zonke izinxenye zezwe lakhe, futhi ewahlomisa, futhi elungiselela impi ngakho konke ukukhuthala; ngokuba awayefungele ukuliphuza igazi likaMoroni.

10 Kodwa bheka, sizobona ukuthi isethembiso sakhe asenza wayegagamele; noma kunjalo wazilungiselela kanye namabutho akhe ukuthi beze bazolwa namaNefi.

11 Manje amabutho akhe ayengasemaningi kakhulu njengakuqala, ngenxa yezinkulungwane eziningi ezazibulewe ngesandla samaNefi; kodwa naphezu kokulahlekelwa kwabo okukhulu, u-Amalikiya waqoqela ndawonye ibutho elikhulu ngokumangalisayo, kangangokuthi akesabanga ukwehlela ezansi ezweni lakwaZarahemla.

12 Yebo, ngisho no-Amalikiya uqobo lwakhe nempela wehlela ezansi, ehola amaLamani. Futhi kwakusonyakeni wamashumi amabili nanhlanu wokubusa kwabehluleli; futhi kwakungaso kanye leso sikhathi lapho base beqale ukuzixazulula izindaba zabo zemibango mayelana nomehluleli omkhulu, uPahorani.

13 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi labantu ababebizwa ngokuthi ngabantu benkosi sebezwile ukuthi amaLamani ayeza ehlela ezansi ukuzolwa nabo, bajabula ezinhliziyweni zabo; futhi benqaba ukuthatha izikhali, ngokuba babemthukuthelele kakhulu umahluleli omkhulu, futhi ngokunjalo anabantu abathanda inkululeko, kangangokuthi abafunanga ukuthatha izikhali ukuthi bavikele izwe labo.

14 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi uMoroni ekubona lokhu, futhi phezu kwalokho ebona ukuthi amaLamani ayeseza eminceleni yezwe, wathukuthela kakhulu ngenxa yenkani yalabo bantu ayekade esebasebenzele ngokukhuthala okukhulu ukubavikela; yebo, wathukuthela kakhulu; umphefumulo wakhe wawugcwele intukuthelo ngenxa yabo.

15 Futhi kwenzeka ukuthi wathumela isicelo, ngezwi labantu, kumphathi wezwe, efisa ukuthi asifunde, futhi amnike amandla okuphoqelela labo bahlubuki ukuthi bavikele izwe labo noma-ke ababulale.

16 Ngokuba kwakungumsebenzi wakhe wokuqala ukuthi aqede lemibango enjena kanye nokungezwani phakathi kwabantu; ngokuba bheka, kuze kube manje lokhu kwakuyikho okwabangela konke ukonakala kwabo. Futhi kwenzeka ukuthi lokhu kwavunyelwa njengokwezwi labantu.

17 Futhi kwenzeka ukuthi uMoroni wayala ukuthi ibutho lakhe lihambe liyokulwa nalabo bantu-benkosi, ukuthi badonsele phansi ukuzikhukhumeza kwabo kanye nesithunzi sabo futhi babalinganise nomhlabathi, noma kungenjalo bathathe izikhali futhi basekele indlela yenkululeko.

18 Futhi kwenzeka ukuthi amabutho nempela ahamba ayolwa nabo; futhi nempela akudonsela phansi ukuzikhukhumeza kwabo kanye nesithunzi sabo, kangangokuthi ngesikhathi bephakamisa izikhali zabo zempi ukuthi balwe nabantu baMoroni babulawa, futhi balinganiswa nomhlabathi.

19 Futhi kwenzeka ukuthi babeyizinkulungwane ezine labo abahlubuki ababulawa ngenkemba; futhi labo baholi babo ababengabulawanga empini bathathwa baphonswa etilongweni, ngokuba sasingekho isikhathi sokuqulwa kwamacala abo ngalesi sikhathi.

20 Futhi insalela yalabo bahlubuki, kunokuthi ithelwe phansi othulini ngenkemba, yavumela isibonakalo senkululeko, futhi yaphoqwa ukuthi isiphakamise aisibonakaliso senkululeko emibhoshongweni yabo, kanye nasemadolobheni abo, futhi ithathe izikhali ivikele izwe labo.

21 Futhi ngalendlela uMoroni wabaqeda abantu benkosi kangangokuthi kwakungasekho namunye owayaziwa ngaleli gama labantu benkosi; futhi ngalendlela wayiqeda inkani kanye nokuziqhenya kwalabo bantu ababezibiza ngabasemakhosini ohlanga; kodwa babekwa phansi ukuthi bazithobe njengabafowabo, futhi balwele inkululeko yabo ngesibindi ekuthunjweni.

22 Bheka, kwenzeka ukuthi ngesikhathi auMoroni esaqeda izimpi kanye nemibango phakathi kwabantu bakhe uqobo, futhi ebafaka phansi kokuthula kanye nempucuko, futhi esenza imithetho yokulungiselela impi namaLamani, bheka amaLamani ayesengenile ezweni lakwaMoroni, elalisemingceleni ngasogwini lolwandle.

23 Futhi kwenzeka ukuthi amaNefi ayesedolobheni lakwaMoroni ayengenawo amandla ngokwanele; ngakho-ke u-Amalikiya nempela wawakhipha, ebulala amaningi. Futhi kwenzeka ukuthi u-Amalikiya walithatha idolobha, yebo, wathatha nazo zonke izinqaba zawo.

24 Futhi labo ababaleka baphuma edolobheni lakwaMoroni baya edolobheni lakwaNefiha; futhi phezu kwalokho abantu basedolobheni lakwaLehi babuthana ndawonye, futhi benza amalungiselelo, futhi babekulungele ukuthi bamelane namaLamani empini.

25 Kodwa kwenzeka ukuthi u-Amalikiya akafunanga ukuwavumela amaLamani ukuthi ahambe aye edolobheni lakwaNefiha ukuyolwa, kodwa wawagcina ezansi ngasogwini lolwandle, eshiya amadoda kuwo wonke amadolobha ukuthi aligcine futhi alivikele.

26 Futhi waqhubeka ngalendlela, ethatha amaningi amadolobha, idolobha lakwaNefiha, nedolobha lakwaLehi, nedolobha lakwaMoriyantoni, nedolobha lakwa-Omineri, nedolobha lakwaGide, kanye nedolobha lakwaMuleki, wonke ayeseminceleni empumalanga ngasogwini lolwandle.

27 Futhi amaLamani awathola ngalendlela, ngobuqili buka-Amalikiya, amadolobha amaningi kangaka, ngamabutho abo angabaleki, wonke ayeqiniswe kakhulu ngendlela ayokuqiniswa kukaMoroni; wonke enza ukuthi amaLamani abe nezinqaba eziqinile.

28 Futhi kwenzeka ukuthi ahamba aya eminceleni yezwe iNala, ebalekisa amaNefi ayephambi kwawo futhi ebulala amaningi.

29 Kodwa kwenzeka ukuthi ahlangabezana noTeyankumi, aowayebulele uMoriyantoni futhi owayekade enqande abantu bakhe ekubalekeni kwakhe.

30 Futhi kwenzeka ukuthi wamnqanda no-Amalikiya, njengoba ayesehamba nebutho lakhe elikhulu ukuze athathe izwe iNala, futhi ngokunjalo nezwe elingasenyakatho.

31 Kodwa bheka wahlangabezana nembibizane ngokunqwamana noTeyankumi kanye nabantu bakhe, ngokuba babengamaqhawe amakhulu; ngokuba ngayinye indoda kaTeyankumi nempela yayiwedlula amaLamani ngamandla abo kanye nangobuciko bokulwa, kangangokuthi nempela bawahlula amaLamani.

32 Futhi kwenzeka ukuthi nempela bawahlupha, kangangokuthi bawabulala kwaze kwaba mnyama. Futhi kwenzeka ukuthi uTeyankumi kanye nabantu bakhe bagxumeka amatende abo eminceleni yezwe iNala; kwathi u-Amalikiya wagxumeka amatende akhe emingceleni yosebe lolwandle ngasogwini lolwandle, futhi abalekiswa ngalendlela.

33 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi sebufikile ubusuku, uTeyankumi kanye nenceku yakhe ngesinyenyela bahamba ngobusuku, baya enkanjini ka-Amalikiya; futhi bheka, ubuthongo babubagabhile ngenxa yokukhathala kwabo okukhulu, okwakwenziwe yimisebenzi kanye nokushisa kosuku.

34 Futhi kwenzeka ukuthi uTeyankumi wahamba ngesinyenyela ngasese wangena etendeni lenkosi, futhi wayihlaba ngentshumentshu enhliziyweni yayo; futhi nempela wayibulala inkosi khona manjalo kangangokuthi akazivusanga izinceku zayo.

35 Futhi waphinda wabuyela futhi ngasese enkanjini yakhe, futhi bheka, abantu bakhe babelele, futhi wabavusa wabatshela zonke izinto ayesezenzile.

36 Futhi wenza ukuthi amabutho akhe azilungiselele, hleze amaLamani ayesevukile futhi esezoza kubo.

37 Futhi waphela ngalendlela-ke unyaka wamashumi amabili nanhlanu wokubusa kwabehluleli kubantu baNefi; futhi zaphela ngalendlela-ke izinsuku zika-Amalikiya.