ImiBhalo eNgcwele
Moroni 8


Isahluko 8

Ukubhabhadiswa kwabantwana abancane kuyisinengiso esibi—Abantwana abancane bayaphila kuKristu ngenxa yeNhlawulo—Ukholo, ukuphenduka, ubumnene kanye nokuthoba kwenhliziyo, ukwamukela uMoya oyiNgcwele, kanye nokubekezela kuze kube sekugcineni kuholela ensindisweni. Cishe ngonyaka weNkosi wama 401 kuya kowama 421.

1 Incwadi akababa uMormoni, angibhalela yona mina, Moroni; futhi wangibhalela yona masinyane nje emva kokubizelwa kwami ebufundisini. Futhi wangibhalela ngalendlela, ethi:

2 Ndodana yami ethandekayo, Moroni, ngiyajabula kakhulu ukuthi iNkosi yakho uJesu Kristu ibilokhu ikukhumbula, futhi yakubizela ebufundisini bayo, kanye nasemsebenzini wayo ongcwele.

3 Ngiyakukhumbula njalo emikhulekweni yami, njalo ngikhuleka kuNkulunkulu uBaba egameni loMntwana wakhe oNgcwele, uJesu, ukuthi, angobuhle bakhe obungapheliyo kanye bnomusa, akugcine ekubekezeleni kokholo egameni lakhe kuze kube sekugcineni.

4 Manje, ndodana yami, sengikhuluma kuwe mayelana nalokho okungikhathaza kakhulu; ngokuba kuyangikhathaza ukuthi kube khona aimpikiswano equbukayo phakathi kwenu.

5 Ngokuba, uma ngifunde iqiniso, bekulokhu kukhona impikiswano phakathi kwenu mayelana nokubhabhadiswa kwabantwana benu abancane.

6 Manje, ndodana yami, ngifisa ukuthi nisebenze ngenkuthalo, ukuze leliphutha elibi lisuswe phakathi kwenu; ngokuba, kungalesi sizathu ukuthi ngibhale lencwadi.

7 Ngokuba masinyane emva kokuthi sengizizwile lezi zinto ngani ngibuze eNkosini mayelana naloludaba. Futhi aizwi leNkosi lifike kimi ngamandla kaMoya oyiNgcwele, lithi:

8 Lalela amazwi kaKristu, uMkhululi wakho, iNkosi yakho kanye noNkulunkulu wakho. Bheka, ngeza emhlabeni hhayi ukuzobiza abalungile kepha izoni ukuthi ziphenduke; aabaphilayo abadingi nyanga, kepha labo abagulayo; ngalokho-ke, babantwana abancane cbamsulwa, ngokuba abakwazi ukwenza disono; ngalokho-ke isiqalekiso sika-eAdamu sisusiwe kubo ngenxa yami, ukuthi singabi namandla phezu kwabo; futhi umthetho fwokusoka usuqediwe ngenxa yami.

9 Futhi kungalendlela uMoya oyiNgcwele owembula ngayo izwi likaNkulunkulu kimi; ngalokho-ke, ndodana yami ethandekayo, ngiyazi ukuthi kuyinhlekisa embi phambi kukaNkulunkulu, ukuthi nibhabhadise abantwana abancane.

10 Bheka ngithi kuwe yilento ozoyifundisa—ukuphenduka kanye nombhabhadiso kulabo okufanele abaziphendulele kanye nakulabo asebekwazi ukwenza isono; yebo, fundisa abazali ukuthi kufanele baphenduke futhi babhabhadiswe, futhi bazithobe bnjengabantwana babo abancane, futhi bonke bayosindiswa kanye nabantwana babo.

11 Futhi aabantwana babo abancane abakudingi ukuphenduka, noma umbhabhadiso. Bheka, ukubhabhadiswa kungokokuphenduka ukugcwalisa imiyalelo ngokwanele ukuba bkuthethelelwe izono.

12 Kepha aabantwana abancane bayaphila kuKristu, ngisho kusukela ekusekelweni komhlaba; uma kungenjalo, uNkulunkulu unguNkulunkulu wobandlululo, futhi kanjalo noNkulunkulu oguqukayo, futhi bobheka ubuso babantu; ngokuba bangakanani abantwana abancane asebafa ngaphandle kombhabhadiso!

13 Ngalokho-ke, uma abantwana abancane bengenakusindiswa ngaphandle kombhabhadiso, laba-ke kufanele ukuthi baya esihogweni esingapheliyo.

14 Bheka ngithi kuwe, lowo ocabanga ukuthi abantwana abancane badinga umbhabhadiso, usenyongweni ebabayo kanye nasezibophweni zobubi; ngokuba akanalo aukholo, nathemba, nasihe; ngalokho-ke, uma engafa ngesikhathi esakholelwa yilokho, kufanele aye phansi esihogweni.

15 Ngokuba kuwububi obesabekayo ukucabanga ukuthi uNkulunkulu angasindisa ingane eyodwa ngenxa yombhabhadiso, bese kuthi enye kufanele ilahleke ngenxa yokuthi ingawutholanga umbhabhadiso.

16 Maye kulabo abayophendukezela izindlela zeNkosi ngalendlela, ngokuba bayolahleka ngaphandle kokuthi baphenduke. Bheka, ngikhuluma ngesibindi, anginegunya elivela kuNkulunkulu; futhi angesabi ukuthi umuntu angenzani; ngokuba buthando olupheleleyo cluxosha konke ukwesaba.

17 Futhi ngigcwele aisihe, esiwuthando lwaphakade; ngalokho-ke, bonke abantwana bayefana kimi, ngalokho-ke, babantwana abancane ngibathanda ngothando olupheleleyo; futhi bonke bayefana futhi bahlanganyela ensindisweni.

18 Ngokuba ngiyazi ukuthi uNkulunkulu akayena uNkulunkulu obandlululayo, noma umuntu oguqukayo; kepha aakaguquki kusuka kulo blonke iphakade kuya kulo lonke iphakade.

19 aAbantwana abancane abakwazi ukuphenduka; ngalokho-ke, kuwububi obesabekayo ukuphika umusa omsulwa kaNkulunkulu kubo, ngokuba bonke bayaphila kuye ngenxa byomusa wakhe.

20 Futhi lowo othi abantwana abancane badinga umbhabhadiso uphika umusa kaKristu, futhi uyenza ize ainhlawulo yakhe kanye namandla okukhulula kwakhe.

21 Maye kwabanjalo, ngokuba basengozini yokufa, ayesihogo, kanye bnokuhlushwa okungapheliyo. Ngikukhuluma ngesibindi; uNkulunkulu ungiyalile. Walaleleni lamazwi futhi niwanake, kungenjalo ayokuma ngokumelene nani cesihlalweni sokwahlulela sikaKristu.

22 Ngokuba bheka bonke abantwana abancane abayaphila kuKristu, futhi kanjalo nabo bonke labo abangena bmthetho. Ngokuba amandla cokukhululwa eza kubo bonke labo abangenamthetho; ngalokho-ke, lowo ongalahliwe ngecala, noma lowo ongekho ngaphansi kokulahlwa ngecala, akanakuphenduka; futhi kwabanjalo umbhabhadiso awusizi ngalutho—

23 Kepha kuyinhlekisa phambi kukaNkulunkulu, ukuphika umusa kaKristu, kanye namandla kaMoya wakhe oyiNgcwele, kanye nokubeka ithemba aemisebenzini efile.

24 Bheka, ndodana yami, lento akufanele ibe khona; ngokuba aukuphenduka kungokwalabo abangaphansi kokulahlwa ngecala kanye nabangaphansi kwesiqalekiso somthetho ophuliweyo.

25 Futhi izithelo zokuqala azokuphenduka bngumbhabhadiso; futhi umbhabhadiso uza ngokholo ekugcwaliseni imiyalelo; futhi ukugcwalisa imiyalelo kuletha cukuthethelelwa kwezono;

26 Futhi ukuthethelelwa kwezono kuletha aubumnene, kanye nokuthobeka kwenhliziyo; futhi ngenxa yobumnene kanye nokuthobeka kwenhliziyo kuza ukuvakashelwa ngu bMoya oyiNgcwele, cuMduduzi ogcwalisa dngethemba kanye nango ethando olupheleleyo, uthando olubekezela fngenkuthalo gekukhulekeni, kuze kufike isikhathi sokugcina, lapho bonke habangcwele beyohlala noNkulunkulu.

27 Bheka, ndodana yami, ngizophinda ngikubhalele futhi uma ngingaphumanga masinyane ukuyolwa namaLamani. Bheka, aukuzikhukhumeza kwalesi sizwe, noma abantu bamaNefi, sekubangele ukubhujiswa kwabo ngaphandle kokuthi baphenduke.

28 Bakhulekele, ndodana yami, ukuze ukuphenduka kuze kubo. Kepha bheka, ngiyesaba hleze uMoya useyekile aukusebenza kubo; futhi kulengxenye yezwe bafuna ukubeka phansi wonke amandla kanye negunya elivela kuNkulunkulu; futhi bbaphika uMoya oyiNgcwele.

29 Futhi emva kokuphika ulwazi olukhulu kangaka, ndodana yami, kufanele babhubhe masinyane, ukuze kungcwaliseke iziphrofetho ezakhulunywa ngabaphrofethi, kanjalo namazwi omSindisi wethu uqobo lwakhe.

30 Sala kahle, ndodana yami, ngize ngikubhalele, noma sihlangane futhi. Amen.