ImiBhalo eNgcwele
Alima 26


Isahluko 26

U-Amoni uthokoza eNkosini—Abakholwayo baqiniswa yiNkosi futhi banikezwa ulwazi—Ngokholo abantu bangaletha izinkulungwane zabantu ekuphendukeni—UNkulunkulu unawo wonke amandla futhi uqonda zonke izinto. Cishe ngonyaka wama 90 kuya kowama 77 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje, lawa ngamazwi ka-Amoni kubafowabo, asho kanje: Banewethu kanye nabafowethu, bhekani ngithi kini, sikhulu kangakanani isizathu esinaso ukuthi sithokoze; ngokuba sake sacabanga nje ngesikhathi asisuka ezweni lakwaZarahemla ukuthi uNkulunkulu wayezobe esesinike izibusiso ezinkulu kanjena na?

2 Manje, ngiyabuza, yiziphi izibusiso ezinkulu asinike zona na? Ningasho na?

3 Bhekani, ngizoniphendulela; ngokuba abafowethu, amaLamani, babesebumnyameni, yebo, ngisho nasemhhumeni wobumnyana, kodwa bhekani, abaningi kangakanani abalethwa ukuthi babone ukukhanya okumangalisayo kukaNkulunkulu! Futhi lokhu kuyisibusiso esinikwe sona, ukuthi sibe bngabasetshenziswa nguNkulunkulu ukuthi senze lomsebenzi omkhulu.

4 Bhekani, aizinkulungwane zawo ziyathokoza, futhi sebelethwe esibayeni sikaNkulunkulu.

5 Bhekani, ainsimu yayisivuthiwe, futhi nibusisiwe, ngokuba nempela nilifakile bisikela, futhi navuna ngamandla enu, yebo, bonke ubude bosuku nisebenzile; futhi bhekani isibalo csezithungu zenu! Futhi ziyobuthelwa ezinqolobaneni, ukuze zingonakali.

6 Yebo, aziyikushaywa yisichotho ngosuku lokugcina, yebo, noma zibhengulwe yizishingishane; kodwa ngesikhathi aisichotho sifika ziyobuthelwa ndawonye endaweni yazo, ukuze isichotho singakwazi ukungena kuzo; yebo, futhi ngeke ziqhutshwe yimimoya eyesabekayo ziye nomaphi lapho isitha siyozithwala siziyise khona.

7 Kodwa bhekani, zisezandleni zeNkosi ayesivuno, futhi zingezayo; futhi biyozivusa ngosuku lokugcina.

8 Libusisiwe igama likaNkulunkulu wethu; amasihlabelele kulo udumo lwakhe, yebo, bmasilibonge igama lakhe elingcwele, ngokuba usebenza ukulunga ingunaphakade.

9 Ngokuba ukuba besingaphumanga ezweni lakwaZarahemla, laba babafowethu abathandeka kakhulu, abasithande kakhulu kangaka, bebeyobe namanje besahlushwa ayinzondo ngokumelene nathi, yebo, futhi phezu kwalokho bebeyoba ngabantu abangaziwa kuNkulunkulu.

10 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi u-Amoni esewashilo lamazwi, umfowabo u-Aroni wamsola, ethi: Amoni, ngiyesaba ukuthi ukujabula kwakho kuzokuholela ekuziqhayiseni.

11 Kodwa u-Amoni wathi kuye: aAngiziqhayisi ngawami amandla, noma ngokwani ukuhlakanipha; kodwa bheka, binjabulo yami igcwele, yebo, inhliziyo yami iyachichima yinjabulo, futhi ngizothokoza kuNkulunkulu wami.

12 Yebo, ngiyazi ukuthi angilutho; ngokwamandla ami ngibuthakathaka; ngakho-ke aanginakuziqhayisa ngokwami, kodwa ngizoziqhayisa ngoNkulunkulu wami, ngokuba bngamandla akhe ngingenza zonke izinto; yebo, bheka, eziningi izimangaliso sizenzile kulelizwe, esiyolidumisa igama lakhe ngazo ingunaphakade.

13 Bhekani, zingakanani izinkulungwane zabafowethu azikhululile ebuhlungwini abesihogo; futhi zilethwe ukuthi bzihlabelele uthando lwenkululeko, futhi lokhu ngenxa yamandla ezwi lakhe elikithi, ngakho-ke asinaso yini isizathu esikhulu sokujabula na?

14 Yebo, sinesizathu sokumdumisa ingunaphakade, ngokuba unguNkulunkulu oPhakeme Kakhulu, futhi ukhulule abafowethu aemaketangeni esihogo.

15 Yebo, babezungezwe ngubumnyana obungapheliyo kanye nokonakaliswa; kodwa bhekani, ubalethe aekukhanyeni okungapheliyo kwakhe, yebo, ensindisweni engapheliyo; futhi bazungezwe ngothando lwakhe oluningi olungenakulinganiswa; yebo, futhi thina sibe ngabasetshenziswa nguye ekwenzeni lomsebenzi omkhulu futhi nomangalisayo.

16 Ngakho-ke, amasithokoze, yebo, bsizothokoza eNkosini; yebo, sizothokoza, ngokuba injabulo yethu igcwele; yebo, sizomdumisa uNkulunkulu wethu ingunaphakade: Bhekani, ngubani ongathokoza kakhulu eNkosini na? Yebo, ngubani ongakhuluma kakhulu ngamandla akhe amakhulu, kanye cnangesihawu sakhe, kanye nangokuba nenhliziyo ende kwakhe kubantwana babantu na? Bhekani, ngithi kini, anginakusho ngisho okuncane engikuzwayo.

17 Ngubani owayecabanga ukuthi uNkulunkulu wethu wayengaba nesihawu esikhulu kangaka sokuthi asihlwithe esimweni sethu esesabekayo, sokona, kanye nesingcolile na?

18 Bhekani, sasihamba ngisho nangentukuthelo, ngokwesabisa okukhulu ukuze asibhubhise ibandla lakhe.

19 O pho, kungani engasisanga ekonakalisweni okwesabekayo, yebo, kungani engayiyekelanga inkemba yokulunga kwakhe iwele phezu kwethu, futhi asilahlele ekuphelelweni yithemba kwaphakade na?

20 O, umphefumulo wami, cishe kuba sengathi, uyanyamalala ngalowo mcabango. Bhekani, akakusebenzisanga ukulunga kwakhe phezu kwethu, kodwa ngesihawu sakhe esikhulu wasiwelisa kulelo agebe lokufa kanye nosizi lwaphakade, ngisho kwaze kwaba sekusindisweni kwemiphefumulo yethu.

21 Manje bhekani, bafowethu, ngumuphi aumuntu wemvelo okhona owaziyo ngalezi zinto na? Ngithi kini, akekho namunye bozaziyo lezi zinto, ngaphandle kwabadabukile ngokona.

22 Yebo, lowo aophendukayo futhi asebenzise bukholo, futhi aveze imisebenzi emihle, futhi akhuleke njalo-njalo engaphezi—konjalo kunikwa ukwazi cizimfihlakalo zikaNkulunkulu; yebo, konjalo kuyonikwa ukuthi ambulelwe izinto ezingakaze zambulwe nanini; yebo, futhi kuyonikwa konjalo ukuthi alethe izinkulungwane zemiphefumulo ekuphendukeni, ngisho nanjengoba nathi sinikeziwe ukuthi sibuyise labafowethu ekuphendukeni.

23 Manje anikhumbuli yini, bafowethu, ukuthi sathi uma sithi kubafowethu ezweni lakwaZarahemla, siyahamba sikhuphukela ezweni lakwaNefi, ukuthi siyoshumayela kubafowethu amaLamani, basihleka usulu na?

24 Ngokuba bathi kithi: Nicabanga ukuthi ningaletha amaLamani ekwazini iqiniso na? Nicabanga ukuthi ningakwazi ukukholwisa amaLamani ngokungalungi akwamasiko oyise, njengoba bengabantu babangontamo lukhuni abanjena; abanhliziyo zabo zithokoza ekuchithekeni kwegazi; izinsuku zabo abazichitha ebubini obukhulu kakhulu; izindlela zabo okuyizindlela zomoni kusukela ekuqaleni na? Manje bafowethu, niyakhumbula ukuthi lolu kwakuwulimi lwabo.

25 Futhi phezu kwalokho bathi: Masibathathele izikhali silwe nabo, ukuze sibabulale kanye nobubi babo baphele nya ezweni, ngaphandle kwalokho bazosehlula futhi basibulale.

26 Kodwa bhekani, bafowethu abathandekayo, thina seza ehlane hhayi ngenhloso yokuzobulala abafowethu, kodwa ngenhloso yokuthi mhlawumbe singasindisa eminye emibalwa imiphefumulo yabo.

27 Manje ngesikhathi izinhliziyo zethu sezishone phansi, futhi cishe sasesizophindela emuva, bhekani, iNkosi ayasiduduza, futhi yathi: Hambani niye phakathi kwabafowenu, amaLamani, futhi nizithwale bngokubekezela cizinhlupheko zenu, futhi ngiyoninika impumelelo.

28 Manje bhekani, sifikile, futhi besindawo zonke phakathi kwabo; futhi sibekezelile ekuhluphekeni kwethu, futhi sihlupheke ngokuntula konke; yebo, sihambe umuzi nomuzi, sithembele emseni wezwe—hhayi emseni wezwe kuphela kodwa nasemseni kaNkulunkulu.

29 Futhi singenile ezindlini zabo futhi sabafundisa, futhi sibafundisile emigwaqweni yabo; yebo, futhi sibafundisile phezu kwamagquma abo; futhi ngokunjalo singenile nasemathempelini abo kanye nakumasinagoge abo futhi sabafundisa; kodwa sixoshiwe, sahlekwa usulu, saphimiselwa ngamathe, sashaywa ezihlathini zethu; futhi sikhandwe nangamatshe, futhi sathathwa saboshwa ngezintambo eziqinile, saphonswa etilongweni; kodwa ngamandla kanye nokuhlakanipha kukaNkulunkulu sikhululiwe futhi.

30 Futhi sizwe zonke izinhlobo zokuhlupheka, futhi konke lokhu, ukuze mhlawumbe sibe yisu lokusindisa umphefumulo othile; futhi sasicabanga ukuthi ainjabulo yethu ingagcwala uma mhlawumbe singaba yisu lokusindisa abanye.

31 Manje bhekani, singabuka futhi sizibone izithelo zemisebenzi yethu; futhi ngabe zincane na? Ngithi kini, Cha, aziningi; yebo, futhi singafakaza ngobuqotho babo, ngenxa yothando lwabo kubafowabo futhi ngokunjalo nakithi.

32 Ngokuba bhekani, bancama aukunikela ngezimpilo zabo kunokuthi bathathe impilo yesitha sabo; futhi bbazingcwabile izikhali zabo zempi ekujuleni komhlaba, ngenxa yothando lwabo kubafowabo.

33 Manje bhekani ngithi kini, ngabe lwake lwaba khona uthando olungaka ezweni lonke na? Bhekani, ngithi kini, Cha, alukaze lube khona, ngisho naphakathi kwamaNefi.

34 Ngokuba bhekani, wona ayengabathathela abafowabo izikhali; babengeke bavume ukuthi babulawe. Kodwa bhekani bangaki abalaba ababeke phansi izimpilo zabo; futhi siyazi ukuthi bahambile baya kuNkulunkulu wabo, ngenxa yothando lwabo kanye nokuzonda kwabo isono.

35 Manje ngabe asinaso yini isizathu sokuthokoza na? Yebo, ngithi kini, akukaze kube khona bantu abake baba nesizathu esikhulu kangaka sokuthokoza njengathi, selokhu kwadabuka umhlaba; yebo, futhi injabulo yami ithathekile, ngisho nasekuziqhayiseni kuNkulunkulu wami; ngokuba aunamandla onke, ukuhlakanipha konke, kanye nokwazi konke; buqonda zonke izinto, futhi cunguMuntu onesihawu, ngisho kuze kube sekusindisweni, kulabo abayophenduka futhi bakholwe egameni lakhe.

36 Manje uma lokhu kungukuziqhayisa, nami ngokunjalo ngizoziqhayisa; ngokuba lokhu kuyimpilo yami kanye nokukhanya kwami, injabulo yami kanye nensindiso yami, kanye nokukhululwa kwami osizini lwaphakade. Yebo, libusisiwe igama likaNkulunkulu wami, obelokhu ebanakekele laba bantu, aabayigatsha lesihlahla sika-Israyeli, futhi ebelikade lilahlekile emzimbeni walo ezweni elingaziwa; yebo, ngithi, libusisiwe igama likaNkulunkulu wami, obekade elokhu esinakekele thina, bmihambima ezweni elingaziwa.

37 Manje bafowethu, siyabona ukuthi uNkulunkulu unakekela bonke aabantu, noma ngabe bangaba kuliphi izwe; yebo, uyababala abantu bakhe, futhi izibilini zakhe zesihawu zisemhlabeni wonke. Manje lokhu kuyinjabulo yami, kanye nokubonga kwami okukhulu; yebo, futhi ngiyombonga uNkulunkulu wami ingunaphakade. Amen.