ImiBhalo eNgcwele
Moroni 10


Isahluko 10

Ubufakazi beNcwadi kaMormoni buza ngamandla kaMoya oyiNgcwele—Izipho zikaMoya zabelwa abathembekileyo—Izipho zomoya njalo zihambisana nokholo—Amazwi kaMoroni akhuluma esuka othulini—Wozani kuKristu, pheleliswani Kuye, futhi ningcwelise imiphefumulo yenu. Cishe ngonyaka weNkosi wama 421.

1 Manje mina, Moroni, sengibhala okuthile njengoba ngibona kukuhle kimi; futhi ngibhalela abafowethu, aamaLamani; futhi ngifuna ukuthi bazi ukuthi sekudlule iminyaka engaphezulu kwamakhulu amane namashumi amabili selokhu isibonakaliso sokuza kukaKristu sanikwa.

2 Futhi asengiyayivala lemibhalo, emva kokuthi sengikhulume amazwi ambalwa ngendlela yokunikhuthaza.

3 Bhekani, ngizonikhuthaza ukuthi ngesikhathi senizifunda lezi zinto, uma kungukuhlakanipha kuNkulunkulu ukuthi nizifunde, ukuthi nikhumbule ukuthi iNkosi ibe nesihawu esingakanani kubantwana babantu, kusukela ekudalweni kuka-Adamu kwehle kuze kube yisikhathi lapho niyozithola khona lezi zinto, futhi anizindle ngazo bezinhliziyweni zenu.

4 Futhi ngesikhathi senizithola lezi zinto, ngizonikhuthaza ukuthi anibuze kuNkulunkulu, uBaba waPhakade, egameni likaKristu, ukuthi ngabe lezi zinto bziliqiniso na; futhi uma niyobuza cngeqiniso, dnangenhloso okuyiyo, eninokholo kuKristu, fuyolibonakalisa giqiniso lazo kini, ngamandla kaMoya oyiNgcwele.

5 Futhi ngamandla kaMoya oyiNgcwele aningalazi biqiniso lazo zonke izinto.

6 Futhi noma ngabe yini enhle ilungile futhi iyiqiniso; ngalokho-ke, akukho lutho oluhle oluphika uKristu, kepha kuyavuma ukuthi unguye.

7 Futhi ningazi ukuthi unguye, ngamandla kaMoya oyiNgcwele; ngalokho-ke ngizonikhuthaza ukuthi ningawaphiki amandla kaNkulunkulu; ngokuba usebenza ngamandla, angokokholo lwabantwana babantu, ngokufanayo namhlanje nakusasa, futhi zikhathi zonke.

8 Futhi phezu kwalokho, ngizonikhuthaza, bafowethu, ukuthi ningaziphiki aizipho zikaNkulunkulu, ngokuba ziningi; futhi zivela kuye kanye lowo Nkulunkulu. Futhi bziningi izindlela lezi zipho ezinikwa ngazo; kepha nguye kanye lowo Nkulunkulu osebenza yonke indawo ezintweni zonke; futhi zinikwa ngezibonakaliso zikaMoya kaNkulunkulu kubantu, ukuba bazuze.

9 Ngokuba bhekani, akomunye kunikwe ngoMoya kaNkulunkulu, ukuthi bafundise izwi lokuhlakanipha;

10 Futhi komunye, ukuthi afundise izwi lolwazi ngoMoya ofanayo;

11 Futhi komunye, aukholo olukhulu kakhulu; futhi komunye, izipho bzokuphilisa ngalowo Moya ofanayo;

12 Futhi phezu kwalokho, komunye, ukuthi enze aizimangaliso ezinkulu;

13 Futhi phezu kwalokho, komunye, ukuthi aphrofethe mayelana nazo zonke izinto;

14 Futhi phezu kwalokho, komunye, ukuthi abone izingelosi kanye nemimoya esebenzelayo;

15 Futhi phezu kwalokho, komunye, zonke izinhlobo zezilimi;

16 Futhi phezu kwalokho, komunye, ukuhunyushwa kwezilimi kanye nezinhlobonhlobo azezilimi.

17 Futhi zonke lezi zipho ziza ngoMoya kaKristu; futhi ziza kuwo wonke umuntu ngamunye, njengoba ethanda.

18 Futhi ngizonikhuthaza, bafowethu abathandekayo, ukuthi nikhumbule ukuthi azonke izipho ezihle zivela kuKristu.

19 Futhi ngizonikhuthaza, bafowethu abathandekayo, ukuthi nikhumbule ukuthi auyefana izolo, namhlanje, naphakade, futhi nokuthi zonke lezi zipho esengikhulume ngazo, ezingezikamoya, aziyikuphela nanini, ngisho uma nje umhlaba usamile, kuphela bngokungakholwa kwabantwana babantu.

20 Ngalokho-ke, kufanele kube khona aukholo; futhi uma kufanele kube khona ukholo kufanele futhi kube khona ithemba; futhi uma kufanele kube khona ithemba kufanele futhi kube khona isihe.

21 Futhi ngaphandle kokuthi nibe anesihe aninakukwazi ukuthi nisindiswe embusweni kaNkulunkulu; futhi aninakukwazi ukuthi nisindiswe embusweni kaNkulunkulu uma ningenalo ukholo; futhi aninakukwazi uma ningenalo ithemba.

22 Futhi uma ningenalo ithemba kufanele ukuthi niphele inhliziyo; futhi ukuphela inhliziyo kuza ngenxa yobubi.

23 Futhi uKristu nempela wathi kobaba bethu: aUma ninokholo ningenza zonke izinto ezifanele kimi.

24 Manje sengikhuluma kini nonke mikhawulo yomhlaba—ukuthi uma usuku lufika lapho amandla kanye nezipho zikaNkulunkulu ziyophela phakathi kwenu, kuyoba angenxa byokungakholwa.

25 Futhi maye kubantwana babantu uma kunjalo; ngokuba akuyikuba bikho anamunye owenza okuhle phakathi kwenu, cha noyedwa. Ngokuba uma kungaba khona oyedwa phakathi kwenu owenza okuhle, uyosebenza ngamandla kanye nangezipho zikaNkulunkulu.

26 Futhi maye kulabo abayosusa lezi zinto bese befa, ngokuba abafela bezonweni zabo, futhi abanakusindiswa embusweni kaNkulunkulu; futhi ngikhuluma lokhu njengokwamazwi kaKristu; futhi angiqambi manga.

27 Futhi ngiyanikhuthaza ukuthi nizikhumbule lezi zinto; ngokuba isikhathi siyeza ngokushesha lapho niyokwazi ukuthi angiqambi manga, ngokuba niyongibona esihlalweni sikaNkulunkulu; futhi iNkosi uNkulunkulu iyothi kini: Ngabe angiwashongo yini aamazwi ami kini, ayebhalwe yilendoda, njengalowo bokhala ekwabafileyo, yebo, ngisho nanjengalowo okhuluma cesothulini na?

28 Ngisho lezi zinto ukuze ngigcwalise iziphrofetho. Futhi bhekani, ziyophuma emlonyeni kaNkulunkulu waphakade; futhi izwi lakhe aliyohamba ngamandla izizukulwane ngezizukulwane.

29 Futhi uNkulunkulu uyonikhombisa, ukuthi lokhu engikubhalile kuyiqiniso.

30 Futhi phezu kwalokho ngizonikhuthaza ukuthi anize kuKristu, futhi nibambelele kuzo zonke izipho ezinhle, futhi bningasithinti isipho esibi, noma into engahlanzekile.

31 Futhi avuka, usukume othulini, O Jerusalema; yebo, futhi gqoka izingubo zakho ezinhle, O Ndodakazi yase bSiyoni; futhi cuqinise dizikhonkwane zakho futhi wandise imingcele yakho ingunaphakade, ukuze ungabe eusaphanjaniswa nanini, ukuze izivumelwano zikaBaba waPhakade azenza kuwe, O ndlu ka-Israyeli, zigcwaliseke.

32 Yebo, awozani kuKristu, futhi bnipheleliswe kuye, futhi ningakuvumeli konke okungahambisani noNkulunkulu; futhi uma ningezuku kuvumela okungahambisani noNkulunkulu, futhi cnithande uNkulunkulu ngamandla enu onke, ngengqondo kanye nangokuqina kwenu, uma kunjalo umusa wakhe unanele, ukuze ngomusa wakhe nipheleliswe kuKristu; futhi uma dngomusa kaNkulunkulu nipheleliswa kuKristu, ngeke nanini niwaphike amandla kaNkulunkulu.

33 Futhi phezu kwalokho, uma ngomusa kaNkulunkulu niphelelisiwe kuKristu, futhi ningawaphiki amandla akhe, uma kunjalo aseningcwelisiwe kuKristu ngomusa kaNkulunkulu, ngokuchitheka bkwegazi likaKristu, okusesivumelwaneni sikaBaba kangangoba ckuthethelelwa izono zenu, ukuze nibe dngcwele, ningabi nabala.

34 Manje sengiyavalelisa kini nonke, salani kahle. Masinyane ngizohamba angiyophumula beparadesi likaNkulunkulu, kuze kuthi cumoya wami kanye nomzimba kuphinde dkuhlangane futhi, futhi ngize ngikhishwe nginqobile eemoyeni, ukuze ngihlangane nani phambi fkwesihlalo esithokozisayo sika gJehova omkhulu, huMahluleli waPhakade wabaphilayo kanye nabafileyo. Amen.

Isiphetho